Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 7/15 kk. 28-31
  • Umoya Wokuphayona Usheshisa Isivuno SasePhilippines

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umoya Wokuphayona Usheshisa Isivuno SasePhilippines
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Izihlokwana
  • Umoya Wokuphayona Usiza Ekukhuleni
  • Ukulungiselela Ukuphayona
  • Ukukhonza Enkonzweni Yesikhathi Esigcwele Nakuba Eyimpumputhe
  • Inkonzo Yesikhathi Esigcwele Njengomsebenzi Wokuziphilisa
  • Abasha Nabadala Bahlanganyela Ngokuzithandela
  • Ukujabulela Intuthuko Eyenziwe
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 7/15 kk. 28-31

Umoya Wokuphayona Usheshisa Isivuno SasePhilippines

UMA wawuseManila emuva ngo-1935 futhi ufuna ukuthintana noFakazi BakaJehova, kwakuyodingeka ukuba ufune ikamelo elincane eliku-1134 Rizal Avenue. Lapho, abantu abacishe babe ngama-20 babehlangana njalo ukuba batadishe iBhayibheli. Lelokamelo kwakuyihhovisi lokuqala legatsha leWatch Tower Society ePhilippines.

Namuhla, edolobheni laseManila, kunamabandla oFakazi BakaJehova ayi-103 nabamemezeli boMbuso abangaphezu kwezi-9 000! Ngokufanayo, eminyakeni engama-50 edlule babengekho oFakazi eDolobheni laseDavao, eliseningizimu yePhilippines. Manje kulelodolobha kunabangaphezu kwabayizi-2 800 abasemabandleni angama-41.

Ukwanda kulamadolobha amabili ayinhloko kuyingxenye yobufakazi bokuthi laboFakazi bokuqala babephila ngokuvumelana negama labo. (Isaya 43:10-12) Baye banwebela umsebenzi wabo wokushumayela nokufundisa kulo lonke elasePhilippines. Ngokuhlola ishadi elilapha, ungabona izithelo zokwenza abafundi kobuKristu phakathi nengxenye yekhulu leminyaka edlule. Yini esheshisa ukukhula ensimini yasePhilippines?

Umoya Wokuphayona Usiza Ekukhuleni

Ukuba oFakazi bokuqala abangamaFilipino abazange babe nomoya wokushisekela ukuphayona, kwakuyoba okungenakwenzeka ukufinyelela amakhulu abantu abahlala eziqhingini ngezindaba ezinhle. Lowomoya usekhona. Ngokwesibonelo, umbiko wangoFebruary 1986 ubonisa ukuthi, ngaphezu kwamaphayona akhethekile angama-758, kunezikhonzi ezingamaphayona avamile eziyizi-9 090 ezikhonza kulo lonke elasePhilippines. Lokhu kwakungaphezu kwenani eliphindwe kabili lababebike eminyakeni emibili nje edlule! NgoApril 1985, abayizi-26 630—ingxenye eyodwa kwezintathu yoFakazi BakaJehova bakulelozwe—babehlanganyela ohlotsheni oluthile lomsebenzi wokushumayela wesikhathi esigcwele.

Yebo, abantu bakaJehova ePhilippines banomuzwa wokuphuthuma kwezikhathi. Lokhu kubashukumisela ukuba basebenzise isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka beshumayela futhi befundisa omakhelwane babo iZwi likaNkulunkulu. Ngokungangabazeki, uzoba nesithakazelo sokwazi indlela abanye abahlela ngayo izimo zabo ukuze bangenele inkonzo yesikhathi esigcwele futhi uzothanda ukwazi ngokuhlangenwe nakho okuhle abakujabulelayo.

Ukulungiselela Ukuphayona

UFelipe Ventura waseBinalonan, ePangasinan, wayesebenzise iminyaka eyi-13 yobusha bakhe enkonzweni yesikhathi esigcwele ngaphambi kokuba abe nomkhaya. Njengoba abantwana bakhe babekhula, wafisa ukubuyela emsebenzini wokuphayona, kodwa isifo sikashukela sabangela elinye iso lakhe ukuba lingaboni. Khona-ke eminyakeni emine edlule waba yimpumputhe ngokuphelele. Naphezu kwalokhu, uFelipe, wakwazi ukuqhubeka nebhizinisi lakhe ukuze ondle umkhaya, futhi ngosizo lomkakhe nabantwana wakwazi ukuhlela isikhathi sakhe ukuze aphinde abe yiphayona ngoApril 1, 1985. Naphezu kokukhubazeka kwakhe, wahlanganyela emsebenzini wendlu ngendlu ngosizo lwendodana yakhe, eyayimfundela imibhalo yeBhayibheli. Umzalwane uVenture uqhuba futhi izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziningana futhi ungumdala omisiwe ebandleni. Enye indodana yakhe nayo ikhonza njengephayona elivamile, futhi indodakazi yakhe iba iphayona elisizayo isikhathi ngasinye.

UClodualdo Quiohilag, umdala waseBinan, eLaguna, wayeyiphayona futhi engumbonisi ojikelezayo ngawo-1960 kwaze kwaba yilapho yena nomkakhe bethola umntwana. Kodwa, njengoba esho, “Uma usuke wanambitha injabulo yenkonzo yesikhathi esigcwele, ngokuvamile uba nesifiso sayo.” Ngakho-ke nakuba ayephumelela ebhizinisini futhi ejabulela ukuphila okunethezekile nomkakhe nendodakazi yakhe, akazange akubheke lokhu njengokuyinjongo yakhe yangempela ekuphileni. Uthi: “Konke enginakho bekungaba yize uma iphupho lami osekunesikhathi eside ngilazisa lokubuyela enkonzweni yesikhathi esigcwele lingabanga ngokoqobo.” Ukuze abe yiphayona, wanciphisa umsebenzi wakhe webhizinisi waba yingxenye yosuku kuphela, esebenzisa izikhathi zasekuseni enkonzweni yasensimini. Iphupho lakhe laba ngokoqobo ngo-October 1, 1984, lapho aqala ukukhonza njengephayona elivamile. Nakuba iholo lakhe liyingxenye yalelo ayelithola, izindleko zakhe futhi zinciphile. Manje umkakhe usehlanganyela naye emsebenzini wamaphayona avamile, futhi indodakazi yakhe ikhonza njengephayona elisizayo isikhathi ngasinye.

Ukukhonza Enkonzweni Yesikhathi Esigcwele Nakuba Eyimpumputhe

Ngenxa yokungenwa isimungumungwane saseJalimane, uPantaleon Tatoy wayelokhu eyimpumputhe kusukela eneminyaka emithathu ubudala. Ngo-1972 wezwa iqiniso okokuqala futhi waqala ukutadisha incwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. Lokhu kwamsiza ngokushesha ukuba anqobe ukuba kwakhe umlutha kagwayi nowotshwala, futhi wabonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngobhapathizo ngoJuly 29, 1973.

Lapho uPantaleon eshumayela okokuqala komakhelwane bakhe, udadewabo omdala wamthethisa: “Ungaba kanjani ngumfundisi uyimpumputhe futhi unebhulukwe elilodwa kuphela?” Kodwa lokhu akuzange kumdumaze. Njengoba ayeyazi kahle indawo eyayiseduze nakubo, wahamba yedwa futhi washumayela iqiniso komakhelwane bakhe. Ngo-1984 wajabulela ukuba akwazi ukusiza umzala wakhe nomshana wakhe ukuba bafunde iqiniso, futhi babhapathizwa ngoSeptember ngalowonyaka.

UPantaleon uye futhi wakwazi ukuqhuba isifundo seBhayibheli nabashana bakhe abangamawele, uLorna noLuz, bobabili abayizithulu. Ingabe iphayona eliyimpumputhe lifunda kanjani nabantu abanjalo? Ngokusizwa umsizi, usebenzisa kakhulu imifanekiso esezincwadini. Lapho echaza iqiniso, umzala wakhe uRoquina uhumushela lokho akushoyo enkulumweni eyenziwa ngezandla kulamawele. ULorna noLuz babhapathizwa ngoApril 20, 1985, naphezu kokukhubazeka kwabo okukhulu. Ngokuphathelene noPantaleon, ngemva kokukhonza njengephayona elisizayo unyaka, wamiswa njengephayona elivamile ngoMarch 1, 1985.

Inkonzo Yesikhathi Esigcwele Njengomsebenzi Wokuziphilisa

Ekuthwesweni iziqu kwabafundi besikole esiphakeme, umfundi othile wathi kuFakazi ayefunda naye: “Njalo uma ngibuza abantu bakini ukuthi bazokwenzani ngemva kokuthweswa iziqu, bonke bathi, ‘Ubuphayona.’ Yini leyo?” UFakazi osemusha wamchazela ukuthi babuyini ubuphayona. Lomfundi ayefunda naye waba nesithakazelo futhi wavuma ukuba nesifundo seBhayibheli. futhi naye, ngokushesha waba nomgomo wokuba yiphayona.

Abanye baye bathola ukuthi izifundo zasekholiji azizenelisi izidingo zomuntu ezingokomoya. EBohol, udade osemusha okwase kungunyaka wakhe wokugcina ekholiji wathola ukuthi wayenesikhathi sokuphayona lapho ngesikhathi esifanayo eqedela izifundo zakhe. Kamuva, waya eSikoleni SeNkonzo Samaphayona futhi wathi ikholiji lalingenakuqhathaniswa nalesikole nenjabulo ayeyithola enkonzweni yesikhathi esigcwele ayeyenzela uJehova. Manje usekhonza njengephayona lapho kunendingeko enkulu yabashumayeli.

Abasha Nabadala Bahlanganyela Ngokuzithandela

Incwadi yamaHubo yabikezela ukuthi ezinsukwini zamandla oMbuso abantu bakaNkulunkulu ‘bayozinikela ngenjabulo.’ Kuthiwa futhi ‘izinsizwa nezintombi, namaxhegu nabafana’ bayodumisa igama likaJehova. (IHubo 110:3; 148:12, 13) Lokhu ngokuqinisekile kuye kwaba njalo phakathi kwabantu bakaNkulunkulu ePhilippines.

Ekubaleni kokugcina, abayi-1 159, noma amaphesenti ayi-13, balabo abangenele inkonzo yamaphayona avamile ePhilippines babengaphansi kweminyaka engama-20 ubudala. Yeka injabulo okuyiyo ukubona abasha abanjengalaba ‘bekhumbula ngokungenabugovu uMdali wabo ezinsukwini zobusha babo’ kunokuba bakuchithele eminakweni yobugovu noma yezwe!—UmShumayeli 12:1.

Abathile abaqala inkonzo yesikhathi esigcwele besebasha manje sebeyaguga kodwa balokhu bekhonza ngokuthembeka. UMzalwane uLeodegario Barlaan nomkakhe uNatividad baqala ukuphayona ngoApril 1, 1938. Badlula eminyakeni enzima yempi futhi baye bakhonza ezikhundleni eziningi, kuhlanganise nasemsebenzini wokujikeleza. Manje uMzalwane uBarlaan uneminyaka engama-72 futhi yena nomkakhe basakhonza ngentshiseko njengamaphayona akhethekile eDolobheni laseSan Carlos, ePangasinan.

Abanye baye baqala inkonzo yesikhathi esigcwele sebebadala futhi baqhubeka nayo baze baguga. Ngokwesibonelo, uLeoncio Sabandal waqala ukuphayona eneminyaka engama-52 futhi namanje useyiphayona elikhethekile eminyakeni engama-92. Yena nomkakhe baye basiza abantu abayi-118 ukuba banikezele ukuphila kwabo kuJehova. Ngokufanayo, uCipriano Sepulveda, Sr., waqala ukuphayona ngesikhathi eneminyaka engama-72 ubudala futhi waba yiphayona elivamile kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1985 eseneminyaka engama-88. UPaula Mariano waqala ukuphayona eneminyaka engama-71 ubudala futhi usesenkonzweni yesikhathi esigcwele naphezu kokukhubazeka eminyakeni engama-88. Yeka izibonelo eziqotho zokholo nokuzinikela laba nabanye asebekhulile abayizo!

Ukujabulela Intuthuko Eyenziwe

Uma ubheka emuva engxenyeni yekhulu leminyaka edlule, isibusiso sikaJehova emizamweni yenkuthalo yoFakazi bakhe siye saba sobala. Kusukela kwabambalwa ngo-1935, yeka injabulo okwakuyiyo ukubona abayizi-88 113 behlanganyela enkonzweni yasensimini ngoFebruary 1986. Ibandla elilodwa elincane laseRizal Avenue eManila manje seliye lakhula laba amabandla ayizi-2 454 kulo lonke izwe, ahlelwe aba yizifunda eziyi-120.

Futhi kuthiwani ngamathemba esikhathi esizayo? Isibonakaliso esikhuthazayo siyinani elivelele lababakhona ekugujweni komkhosi weSikhumbuzo ngoApril 4, 1985 labayizi-268 526—inani eliphindwe kathathu enanini loFakazi abakulelizwe. Ngokungaphezulu, ngoFebruary 1986, izifundo zeBhayibheli eziyizi-63 248 zaqhutshwa nabantu abathakazelayo! Futhi ngokungangabazeki ukukhula okuqhubekayo kuyobonakala ngesibusiso nokuvunyelwa okuvela kuJehova.

Siyajabula ngokuthi uJehova uye wenza umsebenzi owaqalwa ofakazi bakhe bokuqala abagcotshiwe kuleziqhingi eminyakeni engama-50 edlule wathela kakhulu. Ngesibusiso nokuqondisa kwakhe, kungumgomo wabantu bakhe ePhilippines ukuqhubeka bandisa umsebenzi wabo wokushumayela nokufundisa ezinsukwini ezizayo.

[Ishadi ekhasini 29]

Iminyaka engamashumi ayisihlanu yokwanda koFakazi baseFilipino

1935 20

1940 222

1950 10,055

1960 31,608

1970 54,789

1980 61,164

1986 88,113

[Ibalazwe ekhasini 28]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

The Philippines

San Carlos

Manila

Biñan

Zamboanga

Davao

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela