Ukuqondisisa Izindaba
ISonto Njengomshoshozeli Ongokombangazwe
Eqhubeka obala, amasonto eLobukholwa ngobudlwangudlwangu azifaka ezimpikiswaneni ezinkulu zezombangazwe. Esihlokweni esikhulu esasithi “Ukusuka Epulpiti Ukuya Emgwaqweni,” iThe Toronto Star yaseCanada yaqondisa ukunakekela “esibalweni esandayo sezibonelo zokugxambukela [okungokwezombangazwe] kwabaholi besonto.” Umlobi uJack Cahill waphawula ukuthi iSonto lamaRoma Katolika “laba nengxenye ehlasimulisayo ekugumbuqelweni kukaFerdinand Marcos ePhilippines” nasekuqedeni ukubusa kukaJean-Claude Duvalier eHaiti. UCahill wanezela: “ENingizimu Afrika, umBhishobhi Omkhulu waseSheshi uDesmond Tutu . . . namanye amalungu abefundisi baye batshela uhulumeni ukuthi bayoyikhuthaza imihlangano yokukhuluma nombuso” ngendaba yobandlululo.
Abanye babheka imihlangano enjalo njengesenzo esifanelekile sobuKristu lapho ifuna inguquko kuhulumeni noma emithethweni engathandwa. Nakuba kuyiqiniso ukuthi uJesu Kristu wathuma abalandeli bakhe emigwaqweni, kwakungekhona ukuze basize ekuletheni izinguquko ezingokwezombangazwe. Kunalokho, baya ezindaweni zeningi nasezindlini zabantu ukuba bamemezele uMbuso wasezulwini njengalokho okuyobusisa isintu. (Mathewu 10:5-7; 24:14) Lapho uJesu Kristu ebekwa icala ngemisebenzi yezombangazwe—ezenza inkosi—wabonisa ngokusobala ukuthi imisebenzi enjalo kwakungamelwe ilindelwe kuye noma kubalandeli bakhe. Watshela lowo owayemehlulela ukuthi “umbuso wami awusiwo owalelizwe.” Ekuvumelaneni nalokhu, abalandeli beqiniso bakaJesu ngaso sonke isikhathi baye bathatha ukuma kokungathathi-hlangothi ezindabeni zezombangazwe ngoba wayethe ngabo: “Abasiyo ingxenye yalelizwe.”—Johane 18:36; Johane 17:14, NW.
IHail Mary Iyenqatshwa
Isinyathelo samuva esingakaze sibonwe sikamongameli waseBrazil, uJose Sarney, sokuvala ukubukiswa kwebhayisikobho eyimpikiswano iHail Mary savusa izikhalo kokubili ngaphakathi nangaphandle kweSonto lobuKatolika. UmBhishobhi Mauro Morelli wathi, “Ngiyaphika ukuthi iSonto lobuKatolika kumelwe linxuse ukuba uMbuso uthathe izinyathelo zokuvikela ukholo, njengoba lenza ngesikhathi sokuHlolwa kwalo.” Futhi iphini likahulumeni uEduardo Matarazzo Suplicy wakhononda ngokuthi umongameli waseBrazil ‘wayenqotshwa ukucindezela kweqembu lesonto elibambelele emasikweni.’ “Siye saphindela ekuhlanganisweni kwealtare nesihlalo sobukhosi,” kubhala uprofesa weYunivesithi yaseCampinas uRoberto Romano ephephandabeni iFolha de S. Paulo. “Kuye kwenzeka ngaphandle kokuba kwenziwe isivumelwano esiqondile, njengasendabeni yeLateran Treaty noMussolini nelmperial Concordat noHitler. Cha, konke kuye kwenzeka ngasese emahhovisi kahulumeni avalwe iminyango.”
Amasu anjalo okucindezela kwenkolo nendlela abasabela ngayo kuwo asikhumbuza incazelo ekhanyayo yeBhayibheli yowesifazane ongokwenkolo onjengesifebe ongokomfanekiso “onombuso phezu kwamakhosi omhlaba.” Lithi, lababusi ekugcineni ‘bayakusizonda isifebe, basenze incithakalo, sibe-yize, . . . basishise ngomlilo, basiqede.”—IsAmbulo 17:1, 2, 15-18.
“Izizathu Zolaka”
Encwadini yakhe entsha ethi Raisons de la colère (Izizathu Zolaka), isazi sezolimo esingumFulentshi esaziwayo uRené Dumont unengwa yilokho akubiza ngokuthi “ukwehluleka okuphelele” ‘kwempucuko yethu elawulwa umkhiqizo.’ Incwadi eyabukezwa kuLe Monde yansuku zonke yaseParis izifushanisa ngalendlela izibonelo ezashiwo uDumont: “Ukuze kuhlangatshezwane nesidingo esikhulu sokunyathelisa, unyaka ngamunye iCanada igawula imithi eminingi kunaleyo engayitshala; iSoviet Union iye yasebenzisa ngokwedlulele izingxenye ezimbili kwezintathu zomhlabathi wayo oyilimayo. Futhi ngisho neFrance kubikwa ukuthi ‘iqeda umhlabathi wayo ovundile, owakhiwa omanyolo nokutshalwa kokudla kwezilwane emakhulwini amaningi eminyaka,’ ngokusebenzisa imithi esikhundleni semiquba engokwemvelo.”
Futhi uDumont usola izizwe ezinezimboni ‘ngokuphendukezela’ leplanethi ngokusaphaza nokwabiwa kokudla okungaqondiswa kahle, enezela: “Umnotho womhlaba siye sawuqondisa kabi kangangokuthi sifanelwe ukulahlekelwa ukuba kwethu sezikhundleni eziphezulu.” Uthi isibonelo saseNtshonalanga sentuthuko “siye sawulimaza umnotho waMazwe Asathuthuka” futhi siye senza abantu basuka ekuthuthukeni ngokwezolimo baya “emadolobheni amabi ngokushaqisayo” aye avela ezizweni ezingathuthukile.
Uma izimo ezinjalo zinikeza “izizathu zolaka” kubantu ababona ingozi kusengaphambili, lezici kumelwe zinikeze isizathu solaka kangakanani kuLowo owadala leplanethi? Ngakho iBhayibheli ngokwesiprofetho lichaza isikhathi esiza ngesivinini lapho imisebenzi yesintu eyonakalisayo iyoletha ‘ulaka lukaNkulunkulu,’ lumbangele ukuba ‘abhubhise ababhubhisa umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.