Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 6/15 kk. 26-28
  • Ukwanda KoMbuso Ezweni Lababusi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwanda KoMbuso Ezweni Lababusi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Izihlokwana
  • Usizi Lomhlaba Olukhulu Lwesibili
  • Ukwanda Kwamuva
  • Ukubonakaliswa Kobunye Bezizwe Zonke
  • Ukwanda KoMbuso Kuyaqhubeka
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 6/15 kk. 26-28

Ukwanda KoMbuso Ezweni Lababusi

UMA ubheka ibalazwe leYurophu ePhakathi, uyophawula ukuthi phansi kweAlps kunezwe elincane lase-Austria, elithatha indawo engamakhilomitha-skwele ayizi-83 850 kuphela. Leli kwakuyizwe okwazalelwa kulo uJohann Strauss, inkosi yewaltz. Lapha abantu bamangaliswa ukudansa kwamahhashi akhuliswe kahle okuthiwa amaLippizaner. Futhi lapha kwake kwaba yikomkhulu loMbuso omkhulu weAustria neHungary, owawubusa phezu kweBohemia neMoravia, izingxenye zeltaly, iPoland, iRomania neYugoslavia.

Lowombuso umane usuyinkumbulo nje namuhla, kodwa wawusekhona ngo-1911 lapho uCharles Taze Russell, umongameli wokuqala weWatch Tower Society, evakashela iVienna futhi isikhungo sokunyathelisa esikuleyondawo sanyathelisa ngokuvelele inkulumo yakhe. Wawusekhona eminyakeni emithathu kamuva lapho othile eyisa khona izindaba ezinhle.

UMax Freschel wayengumJuda kamuva owaziwa ngokuthi uMaxwell Friend. Uyabhala: ‘Lapho uJ. F. Rutherford, owayezoba umongameli wesibili weWatch Tower Society, esivakashela, wangibuza ukuthi ngingathanda yini ukuthunyelwa embusweni weAustria neHungary ukuze ngisakaze izindaba ezinhle zoMbuso wobuMesiya phakathi kwamaJuda amaningi ahlala lapho. Ngasemukela ngenjabulo lesimemo futhi ngaya ePrague ekuqaleni kuka-1914. Ngemva kwalokho ngaya eVienna. Kwakunabantu abane kuphela ababenezikhokhelo zeNqabayokulinda yesiNgisi eVienna. Ngabavakashela ngokuphindaphindiwe ukuze ngikhuthaze isithakazelo sabo eZwini likaNkulunkulu.’

Nokho, kamuva, ngalowonyaka, umntwana oyindlalifa waseAustria wabulawa, futhi iYurophu yahileleka eMpini yeZwe I. IMibuso Emikhulu, kuhlanganise nombuso weAustria neHungary, yahlulwa empini, futhi uMbuso omkhulu weAustria neHungary wahlakazeka. Ekuhlakazekeni kwawo, kwavela irepublic of Austria ekhuluma isiJalimane.

Nokho, ngokwesiprofetho seBhayibheli, ngalesosikhathi kwakumelwe kuzalwe esinye “isizwe,” isizwe esingokomoya esasiyoba namalungu kuwo wonke umhlaba. (Isaya 66:8) Njengoba “lesisizwe” saqala ukusakaza izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu manje owawusumisiwe phakathi kwazo zonke izizwe, ithonya lawo lezwakala ngokushesha eAustria.

UJoseph Ehm, uthisha womculo eDeutsch-Wagram, ngaseVienna, wezwa isigijimi futhi wakuqaphela ukunkeneza kweqiniso leBhayibheli. Akubanga isikhathi eside ngaphambi kokuba aqale ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye. Ngonyaka olandelayo, ngo-1921, omunye umuntu ethakazelayo eAustria, uFranz Ganster, umgcini wamabhuku eKlagenfurt, wathola izincwadi ezivela eSwitzerland. Ngesikhathi esifanayo, umlimi waseAustria EseNhla, uSimon Riedler, wathola incwajana ivela kumngane wakhe eLinz. Kanjalo, isiqalo esincane senziwa. Ihhovisi legatsha elincane leWatch Tower Bible and Tract Society eliseAustria lamiswa eVienna ngo-1923. Imbewu yeqiniso yayiwele emhlabathini ovundile futhi yaqala ukukhula. Ngo-1937, kwakunezisebenzi ezingama-549 ezazisakaza izindaba ezinhle.

Usizi Lomhlaba Olukhulu Lwesibili

Nokho, phakathi nalenkathi kwaqaliswa ezinye izici ezaziyoba nethonya eliyinhlekelele futhi ezaziyokwenza iAustria iphinde ivelele ezenzakalweni zomhlaba. Ngo-1938 ukubhikisha kwezizwe nemibango yezombangazwe kwenza kwaba nokwenzeka ngongqongqoshe waseJalimane owazalelwa eAustria, uAdolf Hitler, ukuba angenise izwe lakhe lokuzalwa eMbusweni omusha waseJalimane. Lokhu kwavunyelwa ngevoti lesizwe futhi kwasekelwa isigungu sababhishobhi abangamaKatolika bakuleyondawo. Kodwa ngokushesha kwaletha izinkinga koFakazi BakaJehova eAustria.

Ngenxa yokungathathi-hlangothi kwabo, oFakazi abaningi baseAustria manje bafakwa emakamu okuhlushwa. IDie Geschichte des Konzentrationslagers Mauthausen (Umlando Wekamu Lokuhlushwa LaseMauthausen), eyalandiswa kuqala nguFranz Jonas, owayengumongameli weFederal Republic yaseAustria, ithi: “Kwakukhona iqembu labantu eKamu Lokuhlushwa LaseMauthausen ababeshushiswa ngenxa yezizathu ezingokwenkolo kuphela: amalungu ehlelo ‘labaFundi BeBhayibheli Abaqotho,’ noma ‘oFakazi BakaJehova.’ . . . Ukwenqaba kwabo isifungo sokwethembeka kuHitler nokwenqaba kwabo ukunikela noma iluphi uhlobo lwenkonzo yezempi umphumela engokwezombangazwe wenkolelo yabo kwakuyisizathu esenza bashushiswa.”

Ukwanda Kwamuva

UkuBusa kukaHitler “kweminyaka eyi-1 000” kwathatha iminyaka embalwa, futhi lapho kuwa, lomhlambi othembekile wezinceku zikaNkulunkulu eziqotho wazuza kabusha inkululeko yawo. UAlois Moser oneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, owachitha iminyaka esemakamu okuhlushwa, uxoxa ngosuku lokukhululwa kwakhe ngo-1945: “OFakazi abangama-230 abavela ezizweni eziyishumi babehlangene emahlashaneni aseduze neSchwerin, eMecklenburg. Sabonisa injabulo yenhliziyo yethu enokubonga ezwini lesinqumo elithi: ‘Sonke thina esingoFakazi BakaJehova sithumela imikhonzo yethu esuka enhliziyweni kubantu bakaJehova abathembekile besivumelwano nakubangane babo emhlabeni wonke . . . Senza isinqumo esiqinile sokuthi sinesifiso esisodwa kuphela, ngemva kokuba sesibone ubufakazi obungapheli besivikelo nokukhululwa okumangalisayo kuzo zonke izinkulungwane zezimpi lokuhlupheka phakathi nesikhathi sokuhlala kwethu emgodini wengonyama—sokukhonza uJehova neNkosi yakhe uJesu Kristu ngokubonga okusuka ekujuleni nangenhliziyo ezimisele nejabulayo kuze kube phakade.’”

Esikhathini esingangonyaka kamuva, abadumisi bakaJehova abangama-730 babika umsebenzi wabo. Eminyakeni emibili ngemva kwalokho kwaba nabayi-1 551, futhi kusukela lapho ukwanda kuye kwaqhubeka njalo. Umsebenzi wokushumayela ezinkulungwaneni eziningi zezisebenzi ezisuka kwamanye amazwe nawo uye waveza imiphumela. IAustria manje isinamaqembu amaKristu akhuluma isiHungary, isiNgisi, isiPolish, isiRomania. iSipanish, isiTurkey, nesiArabia, kanye namabandla ayo angama-229 akhuluma isiJalimane nayi-16 akhuluma isiSerbo-Croatian. Namuhla, oFakazi BakaJehova sebengaphezu kwezi-15 000, kodwa abanye abantu abaningi bakhangwa amandla ezindaba ezinhle. Ngakho, abayizi-27 502 bahlangana ngo-1985 ekukhumbuleni kwaminyaka yonke ukufa kukaJesu Kristu. Ngempela, ‘omncane uye waba yinkulungwane.’—Isaya 60:22.

Ukubonakaliswa Kobunye Bezizwe Zonke

Umumo wezwe laseAustria wenza kwaba nokwenzeka ngoFakazi abavela eGreece, eYugoslavia, ePoland, eHungary, naseTurkey ukuba bayihlanganyele khona imihlangano ejabulisayo phakathi neminyaka yamuva. Ngo-1981 kwakungumbukwane ovusa amadlingozi emhlanganweni wesigodi “Wokwethembeka EMbusweni,” lapho oFakazi baseAustria besukuma ezihlalweni zabo nabazalwane babo abavela eYugoslavia, ePoland, naseHungary ukuba baphethe umhlangano ngengoma ejabulisayo yokudumisa uJehova.

Ngo-1982 oFakazi eAustria baphinda bamukela abazalwane babo abavela eHungary emhlanganweni waseVienna. Owayengumgijimi waseVienna watshela oFakazi ababehlangene ukuthi wayeziqeqeshela imidlalo kuyo kanye leyonkundla okwakwenzelwa kuyo umhlangano, nokuthi umncintiswano wokugcina ahlanganyela kuwo wawumelene neqembu laseHungary. Kamuva, uFakazi waseHungary weza ehhovisi lomhlangano futhi walandisa ukuthi naye, ngokufanayo, wayengumgijimi. Umncintiswano wakhe wokugcina wabagijimi wawumelene neqembu laseAustria. Manje lamaKristu amabili awasancintisani. Agijima ndawonye emncintiswaneni wobuKristu wokuphila okuphakade.—Heberu 12:1.

Ukwanda KoMbuso Kuyaqhubeka

Abantu bezizinda ezihlukahlukene, kanye nabemibono ehlukahlukene engokwezombangazwe nengokwenkolo, baye baqaphela ukuthi akukho sigungu sababhishobhi noma umbuso wobushiqela noma umbuso wentando yeningi oyokwazi ukuletha ikhambi elihlala njalo ezinkingeni zesintu. Lokhu kuqaphela kuye kwaphumela ekukhuleni okwanda njalo kwezinhlu zalabo abaqaphela uMbuso kaNkulunkulu njengento engokoqobo nabazithoba ngenhliziyo yonke kuloMbuso njengezikhonzi ezithembekile. OFakazi BakaJehova eAustria bayoqhubeka bezama ngentshiseko ukuletha izindaba ezinhle zoMbuso kuzo zonke izinhlobo zabantu. Sonke lesikhathi, kulelizwe lababusi, bona ngokwabo babeka phambili lowohulumeni okubusa kwawo okunenzuzo “kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.”—IHubo 72:8.

[Ibalazwe ekhasini 26]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

WEST GERMANY

CZECHOSLOVAKIA

AUSTRIA

HUNGARY

YUGOSLAVIA

ITALY

THE ALPS

SWITZERLAND

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela