Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 6/15 kk. 15-20
  • ‘Hlwanyela Kakhulu, Uvune Kakhulu’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Hlwanyela Kakhulu, Uvune Kakhulu’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlwanyela Kakhulu Ngesifundo SeBhayibheli
  • Ukuhlwanyela Kakhulu Ngokuba Khona Emihlanganweni
  • Ukuhlwanyela Kakhulu Ngemithandazo Yethu
  • Ukuhlwanyela Kakhulu Ngenkonzo Yethu
  • Ukuhlwanyela Kakhulu Ebuhlotsheni Bomkhaya
  • Yiba Umvuni Wezinzuzo!
  • Ingabe Uhlwanyela Kakhulu?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Ukuhlwanyela Kakhulu Kunezibusiso Eziningi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Hlwanyela Ukulunga, Uvune Umusa KaNkulunkulu Wothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Hlwanyela Kakhulu Ukuze Uvune Kakhulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 6/15 kk. 15-20

‘Hlwanyela Kakhulu, Uvune Kakhulu’

“Ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.”—2 KORINTE 9:6.

1. Kungani uJehova uNkulunkulu engumuntu othokoza kakhulu kunabo bonke endaweni yonke?

UNKULUNKULU wethu uJehova “unguNkulunkulu othokozayo.” Akungabazeki ukuthi esinye isizathu siwukuthi unguMuphi ongagodli. iNdodana yakhe, uJesu Kristu, yachaza: “Kunenjabulo enkulu ngokupha kunangokwamukela.” (1 Thimothewu 1:11; IzEnzo 20:35, NW) Akekho oke wapha ngaphezu kukaJehova—kusukela aletha iNdodana yakhe ezelwe yodwa, uLizwi, kuze kube yilesikhathi samanje. Ngakho ngokungangabazeki ungumuntu othokoza kakhulu kunabo bonke endaweni yonke.

2, 3. (a) Kungaziphi izindlela uNkulunkulu .aye wahlwanyela kakhulu ngazo? (b) Kungani kungathiwa uJehova uye wavuna futhi usazovuna kakhulu?

2 Isimiso esicishe sifane nalesi sivezwe kweyesi-2 Korinte 9:6: “Ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.” Yeka indlela uJehova aye wahlwanyela kakhulu ngayo ngemisebenzi yakhe yokudala! iZwi lakhe likhuluma ngamakhulu ezigidi zezidalwa zomoya. (IsAmbulo 5:11) Phawula futhi imithala engenakubalwa esemazulwini agcwele izinkanyezi, ngamunye unezinkulungwane zezigidi zezinkanyezi. Lapho sibheka lomhlaba, yeka izinhlobonhlobo ezingenakubalwa zezinto, eziphilayo nezingaphili, ezadalwa uJehova uNkulunkulu! Ngokuqinisekile ‘umhlaba ugcwele izidalwa zakhe.’ (IHubo 104:24) Ngokungaphezulu, yeka indlela asiphe kakhulu ngayo ezingqondweni zethu, ezinzweni zethu, nasemizimbeni yethu! Ngokuqinisekile ‘senziwa ngokwesabekayo.’—IHubo 139:14.

3 Akukho kungabaza ngakho, uJehova uNkulunkulu uye wahlwanyela kakhulu. Lokhu akunjalo emisebenzini yakhe yendalo kuphela kodwa futhi nasekusebenzelaneni kwakhe nezidalwa zakhe zasemhlabeni. Nokho, ingabe uye wavuna kakhulu? Ngempela kunjalo! Ngayiphi indlela? Ngokuthi esikhathini esidlule, manje, nasesikhathini esizayo uzoba nezidalwa eziningi kakhulu ezihlakaniphile ezimkhonza ngothando. Ukwenza kwazo kanjalo kujabulisa inhliziyo kaJehova, ikakhulukazi njengoba kubonisa uDeveli osolayo engumqambimanga.—IzAga 27:11.

4. Isimiso esikweyesi-2 Korinte 9:6 siye sasetshenziswa kanjani ngazo zonke izikhathi, kuhlanganise nasesikhathini sethu?

4 IBhayibheli liqukethe ubufakazi obuningi bokuthi, kusukela kuLizwi, izinceku eziningi ezithembekile zikaJehova uNkulunkulu ngokufanayo ziye zahlwanyela kakhulu luthi zavuna kakhulu. Lokhu kunjengoba kumelwe kube njalo, njengoba izimiso zikaJehova zisebenza ngazo zonke izikhathi futhi kuwo wonke umuntu. Ngakho-ke, isimiso sokuhlwanyela singabonakala sisebenza ekuphileni kwakho.

5, 6. (a) Yiziphi izitha ezenza kube nzima ngathi ukuhlwanyela kakhulu? (b) Yini okumelwe sizimisele ukuyenza, futhi kuziphi izici zenkonzo yethu engcwele?

5 Nakuba imiBhalo igcwele izizathu nezibonelo zokuhlwanyela kwethu kakhulu, akuyona neze into elula ukuyenza. Kungani? Ngoba sinezitha ezintathu eziphikisana ngokunamandla nokwenza kwethu kanjalo. Okokuqala. sinokuthambekela kwethu siqu kobugovu esakuzuza njengefa. KuGenesise 8:21 siyafunda: “Imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.” IZwi likaNkulunkulu futhi lisazisa ukuthi inhliziyo yomuntu iyakhohlisa futhi imbi. (Jeremiya 17:9) Okwesibili, kumelwe silwisane nokucindezela kwezwe elibi, elisemandleni omubi. (1 Johane 5:19) Okwesithathu, uDeveli ngokwakhe olungele ukusigwinya uma singaqaphile.—1 Petru 5:8.

6 Ingabe uhlala uziqaphele njalo lezozitha ezintathu? Ngenxa yalabaphikisi, kumelwe sikukhuthalele ‘ukuzwa iseluleko, samukele ukulaywa, ukuze sihlakaniphe ekugcineni.’ (IzAga 19:20) Eqinisweni, kumelwe senze njengoba kwenza umphostoli uPawulu, ‘sitube imizimba yethu, siyenze izigqila,’ funa silahlekelwe ekugcineni. (1 Korinte 9:27) Isimiso sokuthi uma sihlwanyela kakhulu siyovuna kakhulu sisebenza kuzo zonke izici ezihlukahlukene zenkonzo engcwele bonke ofakazi bakaJehova abangamaKristu abahlanganyela kuzo. Yebo, kungakhathaliseki ukuthi sibheka kuphi, sithola ukuthi lesimiso siyasebenza: esifundweni sethu somuntu siqu, ekubeni khona kwethu emihlanganweni, emithandazweni , ekufakazeni kwethu okuhleliwe nokokwethukela, nasebuhlotsheni bethu bomkhaya.

Ukuhlwanyela Kakhulu Ngesifundo SeBhayibheli

7, 8. (a) Ukuze sihlwanyele kakhulu ngesifundo seBhayibheli somuntu siqu, yini okumelwe sibe nayo? (b) Yimiphi imigomo okumelwe sizibekele yona, futhi singayifinyelela kanjani?

7 Ukuze sibe yizikhonzi zikaJehova uNkulunkulu ezikhiqizayo, okokuqala kumelwe sihlwanyele kakhulu esifundweni seBhayibheli somuntu siqu. Kumelwe sifune ukuba nesifiso esijulile sokudla okungokomoya. siqaphela ukuthi asiphili ngezinto ezibonakalayo kuphela. Ngenxa yayo yonke iminako nemisebenzi yokuphila kwansuku zonke esicindezelayo, kudinga umzamo ophapheme ukuba sisiqaphele ngempela isidingo sethu esingokomoya. (Mathewu 13:19) Ngokuqinisekile kuyoba okuhle ngathi ngokwethu ukuba sibe nokwazisa umhubi ayenakho ngeZwi likaNkulunkulu lapho ebhala: “Ngithokoza ngezwi lakho njengozuza impango enkulu.”—IHubo 119:162.

8 Usizo lwangempela kulokhu liwukulalela kwethu iseluleko ‘sokubhekisisa ukuthi sihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, sithengisise isikhathi.’ (Efesu 5:15, 16) Ungase ufune ngisho nokuzihlola kulendaba. Zibuze: Ingabe ngihlela izindaba zami ukuze ngizinike isikhathi sokufunda umagazini ngamunye weNqabayokulinda nePhaphama! njengoba uphuma? Kuthiwani ngeYearbook, nangezinye izincwadi esizithola emihlanganweni emikhulu? Ngokuvamile singase singalitholi ihora noma amabili okufunda lokhu, kodwa ngokuba abaqaphile singathola imizuzu embalwa lapha nalaphaya ukuze sifunde isahluko seBhayibheli noma isihloko sikamagazini. AmaKristu amaningi ahlela ukuba avuke kusasele imizuzu eyi-10 noma eyi-15 ngaphambi kwesikhathi sokuvuka usuku ngalunye ukuze afunde lapho esaphaphame kakhudlwana. Amanye athola ukuthi angafunda okuningi lapho ehamba ngezinto zokuhamba zomphakathi. Kuthiwani ngawe?

9. Kukanjani singavuna kakhulu ngesifundo seBhayibheli somuntu siqu?

9 Ngokuhlwanyela kakhulu ngalezindlela, singaba nethemba futhi lokuvuna kakhulu. Kanjani? Ngokuthi siyoba nokholo oluqine ngokwengeziwe, ithemba elikhazimulayo, nesimo sengqondo sokujabula nesifanele. Ngaphezu kwalokho, siyohlonyiswa kangcono ukuba sifakaze kwabanye. Siyokwazi ukuba nengxenye engxoxweni eyakhayo nokusiza abafowethu lapho ithuba livuma. Phawula lokho umphumela ongase ube yikho kweyoku-1 Thimothewu 4:15, 16.

Ukuhlwanyela Kakhulu Ngokuba Khona Emihlanganweni

10. Kumelwe sibe yini isimo sethu ngemihlangano yethu?

10 Ungase ubuze: Ingabe lesimiso sokuvuna kakhulu uma sihlwanyela kakhulu benza futhi ekubeni khona kwethu emihlanganweni yebandla? Ngokuqinisekile! Kumelwe sizizwe njengomhubi uDavide lapho ethi: “ Ngajabula lapho bethi kimi: Masiye endlini kaJehova.” Yebo, kumelwe sizizwe sidonselwa ukuba sihlangane nabazalwane bethu.—IHubo 122:1.

11, 12. Kukanjani singahlwanyela futhi sivune kakhulu ngokuba khona emihlanganweni yethu?

11 Kudingani lokho kithi? Kusho ukuba khona njalo nangokwethembeka emihlanganweni yethu eyisihlanu yamasonto onke, singavumeli ukuba isimo sezulu esingesibi kangako noma ukugula okungokomzimba okungasho lutho kube yizaba zokuhlala ekhaya. Kukaningi kangakanani lapho sithola ukuthi isimo sezulu—esishisayo noma esibandayo, esinemvula noma esingenamvula—siphazamisa ukuba khona kwethu emihlanganweni? Nokho, lapho kunezihibe eziningi okumelwe sizinqobe ukuze sibe khona, uJehova uyosinikeza izibusiso eziningi. Singahlwanyela kakhulu futhi ngokufika kusasele isikhathi ukuze sibe nezingxoxo ezikhuthazayo ngaphambi kokuba imihlangano iqale, bese sisala ngemva kwayo ngenjongo efanayo. Ingabe wena ngokwakho uhlangabezana kangakanani nalokhu? Ingabe kumelwe uzame ukuhlwanyela kakhulu ngokwengeziwe? Ukulungiselela kahle iSifundo seNqabayokulinda neminye imihlangano nakho kuhilelekile. Isizathu salokhu siwukuba singase sihlwanyele kakhulu ngokuphendula njengoba ithuba lisivumela.

12 Kungaziphi izindlela esingathembela ekuvuneni kakhulu ngazo kulokhu? Asinakukwazi ukusho amazwi akhuthazayo thina ngokwethu sibe singakhuthazekile; asinakududuza umphefumulo odangeleyo izinhliziyo zethu zibe zingajabulile. Yebo, asinakuphendula emihlanganweni ukholo lwethu lube lungaqini ngamaqiniso esiwakhulumayo. Kulula: “Umphefumulo ephanayo uyakukhuluphaliswa; ophuzisayo uyakuphuziswa naye.”—IzAga 11:25.

Ukuhlwanyela Kakhulu Ngemithandazo Yethu

13, 14. Singakwenza kanjani (a) ukuhlwanyela kakhulu, (b) ukuvuna kakhulu, ngemithandazo yethu?

13 Isimiso esingokomBhalo sokuhlwanyela kakhulu siyasebenza futhi emithandazweni yethu siqu. Ingabe imithandazo yethu ayishintshi, inobuciko, iyaphindaphindwa, noma ingabe ngempela isuka enhliziyweni? Ingabe ayihlanganisi izicelo kuphela kodwa nokudumisa okusuka enhliziyweni nokubonga, futhi ngezinye izikhathi ukunxusa? Ingabe silithatha ngokungathi sina ilungiselelo eliyigugu lomthandazo? Ingabe sithululela izinhliziyo zethu kuBaba wethu wasezulwini? Noma ingabe imithandazo yethu siyisho ngokushesha, ngezinye izikhathi sizizwe simatasatasa kakhulu ngisho nokuba singathandaza? ImiBhalo yamaKristu yesiGreki ibonisa ukuthi umthandazo wawuvelele ekuphileni kukaJesu Kristu nomphostoli uPawulu.—Luka 6:12, 13; Johane 17:1-26; Mathewu 26:36-44; Filipi 1:9-11; Kolose 1:9-12.

14 Izinga esihlwanyela kakhulu ngalo ngemithandazo yethu, singathembela ukuthi siyovuna kakhulu ngokwalelozinga ngokuyiphendula kukaJehova nangokuba kwethu nobuhlobo obuhle naye. Imithandazo yemikhaya idonsela amalungu eduze nalowo othandazayo. Masikhumbule futhi amazwi kaJesu akuMathewu 7:7: “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.”

Ukuhlwanyela Kakhulu Ngenkonzo Yethu

15. Kukuphi ikakhulukazi lapho kungenzeka khona ukuba sijabulele ukuhlwanyela nokuvuna kakhulu?

15 Mhlawumbe akukho lapho isihloko sethu sisobala khona kakhulu ngaphezu kwalapho siphathelene nokufakaza kwethu. Ngokusobala, uma singanikela isikhathi esengeziwe kukho, ngokunokwenzeka siyovuna ngokwengeziwe ngokuhlangenwe nakho okuthakazelisayo, izimpindelo ezikhiqizayo, nezifundo zeBhayibheli zasemakhaya ezikhiqizayo, kuphumele ezincwadini eziphilayo zokusincoma.—2 Korinte 3:2.

16, 17. (a) Yini edingekayo kithi ukuze sihlwanyele kakhulu ngenkonzo yasensimini? (b) Imiphi imiphumela esingayilindela ngokwenza kanjalo?

16 Nokho, ukuhlwanyela kakhulu ngenkonzo yasensimini, akuyona indaba yobuningi kuphela kodwa futhi eyezinga. Sifuna “ukuvutha emoyeni” lapho sihlanganyela enkonzweni. (Roma 12:11) Kumelwe sikhulume nabantu ngokukhululeka, sinobuso obumamatheka ngendlela yobungane. Lokho kuyasebenza kungakhathaliseki ukuthi sisendlini ngendlu noma sihlanganyela emsebenzini wokufakaza emgwaqweni. Uma itholakala ngolimi lwethu, incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo, ewusizo lwethu olusha lokufakaza kufanele isisize sonke sifaneleke kangcono, futhi kanjalo sikhiqize ngokwengeziwe, sivune okwengeziwe esikhathini nasemandleni esiwasebenzisa enkonzweni.

17 Futhi ingabe ukuhlwanyela kakhulu ngenkonzo yasensimini akusho yini futhi ukuba siqaphele ukuphawula lapho esiye sathola khona isithakazelo? Okuhlanganiswe nalokho kuwukwamukela kwethu isibopho sokubuyela futhi sihlakulele lesosithakazelo kuze kube yilapho siqalisa isifundo seBhayibheli sasekhaya uma kunokwenzeka. Ngaphezu kwalokho, kumelwe sinakekele ukuba sakhe ngezinto ezingashi. Lokhu kusho ukuthi sifundise ngendlela ekholisayo, kodwa futhi enozwela nokuhlakanipha, sisebenzise ikhono ekwenzeni abafundi beBhayibheli ukuba baveze indlela abazizwa ngayo ngezimiso zeBhayibheli. ngokuhlwanyela kakhulu kulezici singathembela ekuvezeni ubuntu bobuKristu obuyokwazi ukumelana nokuhlasela kukaSathane nesimiso sakhe sezinto.—1 Korinte 3:12-15.

Ukuhlwanyela Kakhulu Ebuhlotsheni Bomkhaya

18. Yisiphi iseluleko okumelwe sisikhumbule ngokuqondene nobuhlobo bethu bomkhaya?

18 Isimiso esingokwasezulwini sokuthi sivuna ngokwendlela esihlwanyela ngayo siyasebenza ngokufanayo nasemkhayeni. Lapha singakhumbula amazwi kaJesu akuLuka 6:38: “Yiphani. khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”

19. Amadoda nabafazi bangahlwanyela kakhulu kanjani futhi bazuze ngalokho?

19 Amadoda nabafazi banamathuba amaningi okuhlwanyela kakhulu ngezenzo zokucabangela ezinothando nezingenabugovu! Umphostoli uPawulu unikeza iseluleko esihle kwabase-Efesu 5:22, 23. Siza ufunde lamavesi lapho usacabanga ngendlela wena ongahlwanyela kakhulu ngayo. Ngezinga inkosikazi engumKristu ezithoba ngeqiniso, ibambisane, futhi isekele ngalo, ngokunokwenzeka iyovuna kakhulu ngokwalelozinga. Ngaziphi izindlela? Ngothando olufudumele nolunokwazisa lomyeni wayo, ashukumiseleke ukuba ayithande njengomzimba wayo. Ngokufanayo, izinga indoda engumKristu ezikhandla ngalo ukuze ibonise ukucabangela okukhuthazwa kweyoku-1 Petru 3:7 nothando olungenabugovu oluqokonyiswe kwabase-Efesu 5:28, 29, ingathembela ekutheni iyovuna ngokwalelozinga ngokuthobeka komkayo nokusekela kwakhe kokwethembeka.

20. Ukuhlwanyela kakhulu kungasetshenziswa kanjani ekukhuliseni abantwana, futhi kube namiphi imiphumela?

20 Futhi akumelwe singawunaki umthwalo wethu wemfanelo ekukhuliseni abantwana bethu ngezeluleko neziqondiso zikaJehova. (Efesu 6:4) Eqinisweni, lokhu kuza ngaphambi kweminye imisebenzi namalungelo angokwasezulwini. Ngokudabukisayo, lesi isimiso abazali abathile abangamaKristu abaye bangasinaka. Ngakolunye uhlangothi, abazali kumelwe bazimisele ukudela izinjabulo nokuzithokozisa ngenxa yenhlalakahle engokomzwelo nengokomoya yabantwana babo, basebenzise isikhathi esanele benabo futhi bababonise uthando. Ngakolunye uhlangothi, abazali kumelwe babonise ukuqina. Bayelulekwa: “Yilaye indodana yakho, iyakukuphumuza, yebo, iyakuthokozisa umphefumulo wakho.” Hlwanyelani ngalezindlela, khona ngokunokwenzeka niyovuna kakhulu ngokuba nibe nabantwana abagcina ubuqotho abanihloniphayo nabazizwa besondelene nani.—IzAga 29:17.

Yiba Umvuni Wezinzuzo!

21, 22. Kungaziphi izindlela ezihlukene esingahlwanyela futhi sivune kakhulu ngazo ngenkonzo yethu engcwele nangobuhlobo bethu bomkhaya?

21 Ngakho-ke, siyabona ukuthi isimiso sokuthi sivuna ngokwendlela esihlwanyela ngayo sisebenza kuzo zonke izici zobuKristu. Uma sihlwanyela kakhulu ngesifundo seBhayibheli somuntu siqu, siyovuna ukholo oluqinile, ikusasa eliqhakazile, nokulungela inkonzo yethu. Uma sihlwanyela ngemihlangano yethu, ukholo lwethu luyoqiniswa futhi siyoqinisa ukholo lwabanye. Uma sihlwanyela kakhulu ngemithandazo yethu, siyovuna ubuhlobo obuhle noBaba wethu wasezulwini futhi imithandazo yethu iphendulwe. Futhi uma sihlwanyela kakhulu ngokufakaza kwethu, siyozuza thina ngokwethu, futhi singathemba ukuthi siyoba nezincwadi zokusincoma esingaziveza ngenxa yemizamo yethu.

22 Ngokufanayo, masingalokothi sikhohlwe ukuthi lesimiso siyasebenza ebuhlotsheni bethu bomkhaya. Ngokuhlwanyela kakhulu ngokucabangela kothando nangezenzo ezingenabugovu, thina njengamadoda, abafazi, abazali, noma abantwana singathemba ukuthi siyovuna ukuphila komkhaya okugcwele ubudlelwane obunomvuzo nokuhlangenwe nakho. Kuyonikeza futhi ubufakazi obuhle kwabangaphandle, kuncome indlela yethu yokuphila.

23. Senza kahle ngokulalela siphi iseluleko?

23 Ngakho ufakazi kaJehova ongumKristu ngamunye makazibuze: Ingabe ngingahlwanyela kakhulu ngokwengeziwe? Amazwi kaPawulu akweyoku-1 Thesalonika 4:1 afaneleka ngokuphelele: “Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, njengalokho nihamba kanjalo, manivame kakhulu kulokho.” Yebo. ngempela, sonke masizame ukuhlwanyela kakhulu ngokwengeziwe ukuze sivune kakhulu ngokwengeziwe, kube udumo kuJehova futhi kube yisibusiso kithi nakubazalwane bethu.

Amaphuzu Okubukeza

◻ UJehova uNkulunkulu ulibonisa kanjani iqiniso elitholakala kweyesi-2 Korinte 9:8?

◻ Yini ongayenza ukuze uvune kakhulu ngokuqondene nesifundo seBhayibheli nemihlangano yobuKristu?

◻ Kukanjani ungahlwanyela futhi uvune kakhulu ngokuphathelene nenkonzo yasensimini?

◻ Yiziphi izinyathelo eziwusizo ezingasiza umkhaya wakho ukuba uhlwanyele futhi uvune kakhulu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela