Ukumemezela Izindaba Ezinhle EDonegal
“BEKUJABULISA!” “Kumnandi!” Lawomazwi ezwakala eqenjini labantu abayi-120 ababesuka eBrithani beya eDonegal, izwe elisenyakatho-ntshonalanga Ireland. Cha, babengezona izihambi ezibuka amazwe ezazixoxa ngalokho ezikubonile. Kwakungamadoda, abesifazane, nabantwana ababehambe ngezindleko zabo siqu ukuyohlanganyela amathemba abo ekusasa nabantu baseNtshonalanga Donegal.
Njengoba kunoFakazi BakaJehova abayi-19 kuphela phakathi kwabantu abayizi-120 000 baseDonegal, abantu abaningi kulendawo babengakaze bahanjelwe ngoFakazi iminyaka eminingi. Ngakho-ke. leliqembu elikhulu lezivakashi lazithathela ngokuzithandela umsebenzi wokumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ogwini oluhle lweAtlantic eDonegal.
OFakazi abakulendawo babenze okuningi ukuze balungiselele ukufika kwaleliqembu. Abambalwa babehambe amakhilomitha angamakhulukhulu ukuze badwebe ibalazwe layo yonke indawo, babukeze kabusha amabalazwe endawo, futhi banikeze umgwaqo ngamunye inombolo ukuze kamuva utholakale kalula. Khona-ke, indawo yahlukaniswa yaba izingxenye ezincane, ngayinye inezindlu cishe ezingama-400. Ngalesosikhathi eBrithani, labo ababezothatha uhambo babematasatasa nawabo amalungiselelo—beqiniseka ngokuthi into yokuhamba, indawo yokuhlala, nenani elanele lezincwadi zeBhayibheli kuyoba khona.
Usuku lokuhamba eBrithani lwangoMgqibelo, ngoJune 8, 1985. Entathakusa yangalolosuku, bahlangana ndawonye bonke futhi baya esikhumulweni sezindiza. Ngokushesha, base befikile eBelfast, eNtshonalanga Ireland. Khona-ke bahlakazeka baya emabhasini amancane ayezoba indlela yabo yokuhamba phakathi namasonto amabili alandelayo. Ngemva kokunqamula eNtshonalanga Ireland nokujabulela umusa weBandla laseLondonderry, bawela umngcele base behlukana, baya ezindaweni ababezabelwe kusengaphambili ezingxenyeni ezintathu ezihlukene eDonegal. Bemukelwa kanjani?
Abantu Bendawo Bayasabela
Abantu baseDonegal banobungane nomusa, futhi lokhu kwenza kwaba lula ukukhuluma nabo. Iningi labo labuza imibuzo, futhi kwakuyinjabulo ukuvula iBhayibheli bese ukhomba ezimpendulweni zalo ezicacile. Kwakumnandi futhi ukuphumelela ukushiya izincwadi zeBhayibheli kulabo abebebuze imibuzo ukuze bandise ulwazi lwabo lapho izivakashi zingasekho.
Omunye unkosikazi owayehlala endlini esepulazini elikude wamemela oFakazi ababili ekhaya lakhe. Wavuma ngokushesha ukuthi izimo zezwe zaziqhubeka ziba zimbi futhi wabachazela ukuthi abantu abaningi kulendawo babengase bangabaze ukungenisa izihambi ezindlini zabo ngenxa yokwanda okusheshayo kobugebengu endaweni eyayikade iyingosi engenamsindo nenokuthula yaseIreland. Abantu abadala abaningi baye bashaywa futhi baphangwa amaqembu ezelelesi ezizulazula kulendawo. Ngakho kungani amemela oFakazi endlini yakhe? Ngoba babebukeka “beqotho.”
Lapho lenkosikazi ibona ukuthi isiprofetho sikaJesu ngezinsuku zokugcina sasigcwaliseka, amehlo ayo acwazimula, futhi agcwala izinyembezi lapho ezwa ngethemba lovuko. (Mathewu 24 isahluko 24; Luka isahluko 21) Umyeni wakhe wayeseneminyaka engama-20 afa. Ngokujabula wemukela incwadi Ungaphila Phakade Epharadesi Emhlabeni futhi wacela ukuthi othile azame ukubuya futhi.
Loluhlobo lokuhlangenwe nakho lwaqhubeka luphindaphindeka. Enye insizwa yabonisa ukungabaza okuningi ngokuba khona kukaNkulunkulu. Yathi, “Uma uNkulunkulu ekhona ngempela, kungani kunobubi obungaka?” OFakazi ababevakashile bayibonisa ukuthi ngokushesha uNkulunkulu wayezongenela ezindabeni zomuntu futhi axazulule izinkinga eziningi ebeziyikhathaza. Yabacela ukuba baphinde babuye bazobona abazali bayo. Lapho oFakazi bekwenza lokho, bashiya incwadi Ungaphila Phakade ukuze imikhaya uzitholele izimpendulo emibuzweni yawo eyengeziwe.
Omunye owesifazane osemusha wayekhathazekile, ngoba wayefelwe indodana yakhe eneminyaka emine emasontweni ambalwa edlule. Wakhuthazwa kakhulu ukwaziswa okunikezwe encwadini Ungaphila Phakade, ikakhulukazi ngokuchaza kwayo ithemba lovuko. Ngenxa yakho konke ukuhlupheka okubangwe ukufa kwendodana yakhe, wakungabaza ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela. Kodwa lapho imibhalo ebonisa isimo nethemba ngabafileyo isifundiwe, umbono wakhe washintsha. Ngani? Ngoba wabona ukuthi indodana yakhe yayisekuthuleni, ilele ekufeni ngethemba lovuko.—UmShumayeli 9:5, 10; Johane 5:28, 29.
OFakazi ababili abavakashile bahambela esikoleni, futhi uthisha wabamemela endlini yokufundela eyayigcwaliswe abafundi abasebancane abangama-30. Ngokujabula uthisha wemukela incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli futhi watshela abafundi: “Namuhla ntambama sizokuzwa indaba evela kulencwadi.” Kamuva, njengoba iqembu loFakazi lalidla ukudla kwasemini endaweni eseduze nesikole, abanye abafundi beza ukuzobabingelela. Abanye othisha ababili beza ukuzobona ukuthi kwakwenzekani, nabo futhi, bazemukela ngenjabulo iziboniselo zalencwadi.
Kamuva ngalolosuku, omunye woFakazi wahlangana nomfana eneminyaka eyi-11 futhi wambuza: “Wake wezwa yini ngoFakazi BakaJehova?” “Yebo,” kusho umfana, “ngizwe ngabo namuhla esikoleni.” Khona-ke wacela incwadi eyodwa Yezindaba ZeBhayibheli. Kamuva futhi, endlini lapho umama ayenqabe incwadi Ungaphila Phakade, umntwana omncane wakulelokhaya wakhuluma ngencwadi Yezindaba ZeBhayibheli ayeyibone esikoleni. Ngakho umama wayamukela leyoncwadi.
Kubantu Balo Lonke Uhlobo
Kwelinye ikhaya, oFakazi abavakashile babonisa owesifazane osegugile imifanekiso esencwadini Ungaphila Phakade. Lenkosikazi yathi eyayikudinga kakhulu kwakuyiBhayibheli. Ngakho laboFakazi bakujabulela ukumnikeza iNew World Translation of the Holy Scriptures. Lapho isineBhayibheli, inkosikazi yakuthokozela futhi ukuba nencwadi yokufunda iBhayibheli. Yatshela izivakashi zayo ukuthi yayizwile ngokuba khona koFakazi kulendawo futhi yayithandazele ukuba sengathi babengayivakashela futhi bayilethele iBhayibheli. Manje yaba nomuzwa wokuthi umthandazo wayo wawuphenduliwe.
Insizwa eseminyakeni yayo yama-30 yamemela oFakazi ababili ekhaya layo. Ngemva kwengxoxo engokomBhalo emfushane, yathi: “Mhlawumbe ngeke nikujabulele ukuzwa ukuthi ngingubani. Ngingumpristi.” OFakazi bathi bayokujabulela ukukhuluma naye, lapho-ke umpristi wababuza imibuzo eminingi ngezinkolelo zabo. Lapho ebuza ngokusetshenziswa kwegama elithi Jehova, izivakashi zakujabulela ukumnikeza incwajana ethi IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade. Wemukela futhi nencwadi Ungaphila Phakade, ngokuqinisekile eyayizomsiza ekuphenduleni imibuzo yakhe eminingi.
Kwenye indawo, omunye uFakazi wahlangatshezwa insizwa eyayimuzwe exoxa ngeBhayibheli nesisebenzi esamukela izihambi ehhotela. Yaphakamisa imibuzo enjengokuthi, “Kungani izwe lisenxushunxushwini engaka?” UFakazi wakujabulela kakhulu ukuhlanganyela lokho ayekufunde eBhayibhelini ngalokhu futhi wamlandisa ngakho. Futhi yayingubani leyonsizwa? Umpristi owayezophumula kuleyondawo.
Ngaphandle komsebenzi ovamile wokuya endlini ngendlu. amanye amathuba ayesetshenziswa ukuze kukhulunywe nabantu balo lonke uhlobo. Endaweni eyayisezintabeni, elinye lamabhasi amancane lama eceleni komgwaqo ukuze abanye abagibeli bakwazi ukugqoka izicathulo ezilungele uhambo olunqamula ixhaphozi okumbiwa kulo amasoyi nokukhuluma neqembu lamadoda ayesika futhi enqwabelanisa amasoyi ayezoba ngamalahle asebusika. Elinye iqembu lama endaweni enhle eyayiseceleni kwechibi elisuka entabeni ehlathini. Emotweni eseduze kwakulele isisebenzi sendlu kagesi esasijabulela ukuba sodwa phakathi nesikhathi saso sokudla kwasemini. Ukuthula kwaso kwaphazanyiswa, kodwa sajabulela ingxoxo eqabulayo futhi seza emhlanganweni owawulungiselelwe iqembu ngaleyontambama.
Enye indoda yayihamba ngogandaganda wayo lapho uFakazi eyimisa futhi ebuza ukuthi yayinayo imizuzwana embalwa yokukhuluma. Yayinesifiso esinamandla sokukhuluma ngeBhayibheli, ikakhulukazi ngokuqondene ‘nezikhathi ezinzima’ esiphila kuzo. (2 Thimothewu 3:1-5) Isithakazelo sayo savuswa ngamandla lapho iboniswa imifanekiso esencwadini Ungaphila Phakade. Lendoda yakujabulela ukuzwa ukuthi lencwadi yayingasetshenziselwa izingxoxo zomkhaya zeBhayibheli futhi yathi yayizoqalisa ukuyisebenzisa ngokushesha ukuze ifundise izingane zayo eziyisithupha.
Izikhonzi ezishisekayo eziyizivakashi zobudala obuhlukahlukene, kanye neqembu elincane loFakazi laseDonegal, zinesizathu esihle sokujabulela imizamo yazo. Phakathi namasonto amabili okuhambela kwezivakashi, basebenzisa amahora ayizi-5 767 bekhuluma nabanye ngeBhayibheli. Bahambisa izincwadi namaBhayibheli okuyi-1 613, nomagazini beNqabayokulinda nePhaphama! abayizi-2 611. Abanye abaninikhaya bayazisa ngokukhethekile incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ebhalwe ngolimi lwesi-Irish.
Kwakungezona izimfundiso ezingenakuphikiswa noma ukuba nomuzwa wokuthi balungile okwaletha oFakazi abayizivakashi eDonegal. Kunalokho, babefuna ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabantu okungenzeka ukuthi abazange bawathole amathuba amaningi okuzizwa ngenxa yokuhlala endaweni ekude. Likhulumela uhambo lwesikhathi esidlule olufanayo, elinye iphephandaba lakulendawo labiza labo abahlanganyela kulomsebenzi ngokuthi “izinkonjane.” Ngokusobala, lokhu kwakusikisela ukuthi babefikele inkathi yasehlobo kuphela futhi babezohamba ngokushesha. Kodwa ‘lezozinkonjane’ noma abanye abafana nazo, bayobuya bazosiza abantu abanhliziyo ziqotho ukuze bathole ulwazi oluqondile ngezithembiso ezimangalisayo zeBhayibheli. Eqinisweni, abanye ababenengxenye ekushumayeleni ohambweni lwesikhathi esidlule manje sebeyizakhamuzi zase Donegal.
“Eqinisweni kuye kwaba uhambo oluhle kakhulu.” Lokho kwakuphakathi kwezinkulumo zokwazisa nezenjabulo ezazishiwo ngabanye ababehlanganyele ohambweni. Babona ukuba neqiniso kwesaga seBhayibheli esithi: “Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa; ophuzisayo uyakuphuziswa naye.” (IzAga 11:25) Yebo, kwakuyisibusiso esikhulu ukuhlanganyela emzamweni okhethekile wokushumayela izindaba ezinhle eDonegal. Ingabe nawe ungahlanganyela yini enkonzweni efanayo eya kuJehova enikeza umvuzo engxenyeni yensimu yakho eyizwe manje esikulungele ukuvuna okukhulu?
[Amabalazwe/Isithombe ekhasini 29]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
DONEGAL
NORTHERN IRELAND
Londonderry
Belfast
IRELAND
[Ibalazwe]
EUROPE
ATLANTIC OCEAN
[Isithombe]
Bakujabulela ukumemezela izindaba ezinhle eDonegal
[Isithombe ekhasini 30]
Ukufakaza endlini ngendlu enyakatho-ntshonalanga Ireland