Ukuqondisisa Izindaba
IAIDS—Ukuthola Umvuzo
Isikhungo Samazwe Sokuvikela Izifo saseU.S. sithi isilinganiso sezindleko ezisetshenziswa esibhedlela usuku ngalunye ekwelapheni iziguli eziphethwe iAIDS ziyi-R1 660—ziphindwa kabili kulezi ezisetshenziselwa kwezinye iziguli. Futhi ochwepheshe bathi sezizonke izindleko zokwelapha isiguli ngasinye zingase zilinganiselwe emarandini angaphezu kwezi-R200 000. Lokhu kanye nenani elikhula kakhulu lezisulu zeAIDS ezifuna ukwelashwa kukhungathekisa izikhulu zezibhedlela kanye nezomshuwalense.
Inhlangano Yezibhedlela ZaseMelika ibiza ukusakazeka okusheshayo kweAIDS ngokuthi “ibhomu elicushiwe” lezibhedlela zesizwe, njengoba izindleko zedollar zizofinyelela ngokushesha izinkulungwane zezigidi unyaka ngamunye. Esinye isikhulu somshuwalense wokuphila saxwayisa: “Ngikubheka njengokungase kube yingozi enkulu kakhulu ngokwezimali amabhizinisi emishuwalense yempilo nokuphila ake abhekana nayo kulelizwe.” Ubani ongabhekana nalomthwalo omkhulu kakhulu ngokwezimali?
Eziningi izisulu zeAIDS zingongqingili futhi ziyimihuqa yemilaliso, okuthi ngendlela yazo yokuphila yokuzitika zizilethele izifo. Kodwa akuzona ezikhokhayo. Kunalokho, izikhulu zikahulumeni nezomshuwalense zibonisa ukuthi abanemishuwalense nabakhokha intela bayophoqelelwa ukuba bathwale lomthwalo ngokukhokhiswa intela ephakeme. Ngokungaphezulu, uhla lomhleli weNew York Post lwaphawula, “izidingo zemfundo, zezokulondeka komphakathi nezezimali zizolimala.”
Izisulu zeAIDS eziye zathola lesifo ngenxa yendlela yazo yokuphila kungenzeka ekuqaleni azizange zikunake ukuziphatha okuhle okungokweBhayibheli ukuze zizithethelele ngesimo sazo sokuzanelisa. Yeka ukuthi zazingagwema ubuhlungu obungakanani nezindleko okumelwe zikhokhwe ngabanye! Nokho, akunakuba osekuphuze kakhulu nganoma ubani onjalo ukuba manje aphendukele ezindinganisweni eziphefumlelwe zeBhayibheli zokuziphatha okuhle ezivela kulowo “okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.”—Isaya 48:17.
Ukuthula Nokulondeka—Ingabe Kuseduze?
Umbhalo owaziwayo osodongeni lwesakhiwo seZizwe Ezihlangene ufundeka kanje: “Bayakukhanda izinkemba zabo zibengamakhuba, nemikhonto yabo ibengocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” Zinethemba lokubonisa izithelo ekugcwaliseni lawomazwi angokwesiprofetho, iZizwe Ezihlangene ziye zabiza u-1986 ‘njengoNyaka Wokuthula Wezizwe Zonke.’ Ingabe sikhona isizathu sokukholelwa ukuthi iUN iyophumelela emgomweni wayo ewufungele njengombheki ozishoyo “wokuthula nokulondeka kwezizwe zonke?”
Noma ikuphi iUN engakwenza ngokuqondene nesimemezelo esiseduze ‘sokuthula nokulondeka,’ noma ikuphi ukuthula okwenziwe umuntu ngokuqinisekile kusekelwe esisekelweni esintengantengayo. (1 Thesalonika 5:3) Izindleko ezichithelwa ekwakhiweni kwezikhali manje kuthiwa zisondela emarandini ayisigidi sezigidi ezintathu unyaka ngamunye emhlabeni wonke. Kusukela ngeMpi Yezwe II, izindleko zokwakha izikhali zenuzi, ngaphandle kwezikhali ezivamile, ziye zalinganiselwa emarandini ayisigidi sezigidi ezintathu kuya kwezine—okuyimali eyayingenakulindelwa neze lapho iUN ifuna kulwelwe ukuthula nokulondeka kwezwe! Eqinisweni, uVernon Walters, inxusa laseU.S. leZizwe Ezihlangene lithi, “iZizwe Ezihlangene ziye zaqhelelana kude nomgomo wazo njengenhlangano yokuxazulula iziphithiphithi,” eqeda amathemba alabo abakholelwa ukuthi iUN ingenza okwengeziwe kunalokho esikwenzile ekuxazululeni iziphithiphithi.
Nakuba kunjalo, amazwi abhaliwe acashunwe ngenhla kuIsaya 2:4 ayogcwaliseka—kodwa hhayi ngo-1986, noma ngasiphi isikhathi, ngemizamo yenhlangano eyenziwe umuntu. Kunalokho, ukuthula kwangempela nokulondeka kuyolethwa ngokushesha uhulumeni wasezulwini, umholi wawo ongabonakali ‘oyiNkosi yokuthula’ yangempela.—Isaya 9:6, 7.
Ukuziphindisela Ngenuzi—Ingabe OkukaNkulunkulu?
Ingabe ukusetshenziswa kwezikhali zenuzi ekuphindiseleni kubahlaseli benuzi kungabhekwa njengokulungile? Yebo, kusho iFree Church yaseScotland kumagazini wayo wamuva, iThe Monthly Record. Lesihloko sabika ukuthi ukuziphindisela okunjalo kungase eqinisweni kusho “ukwehliswa ngokomthetho kolaka lukaNkulunkulu” ngenxa “yegunya laphezulu lokwehlisela ulaka kokubi,” Umagazini iRecord uthi futhi ubufakazi babo buhlanganisa isimemezelo sesahlulelo sikaNkulunkulu ‘kulesosizwe . . . esiyogalela kuqala empini yenuzi.’
Kuyiqiniso ukuthi kuyoba “nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu.” (Isaya 61:1, 2) Kodwa impindiselo kaNkulunkulu ezizweni ezigcwele ukulwa iyoba ngesikhathi nangendlela ayikhethayo. Kunokuba kube ulaka lwezizwe zomhlaba, kuyoba ‘ulaka lukaNkulunkulu oluyoletha imbubhiso kwababhubhisa umhlaba.’ Kanjani? Ngokuthumela “iNkosi yamakhosi,” iNkosi uJesu Kristu, ukuba ‘yahlulele futhi ilwe ngokulunga.’ UMbuso wayo wasezulwini “uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso.”—IsAmbulo 11:18; 19:11-21; Daniyeli 2:44.