Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 5/15 kk. 15-20
  • Ukuthola Injabulo Ezwini LikaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthola Injabulo Ezwini LikaJehova
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hlakulela Isimo Esihle Sengqondo
  • Sebenza Ukuze Unqobe Izinkinga
  • Isidingo Sokuzindla
  • Ukufunda Kuyavuza
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Ukutadisha—Kuyavuza Futhi Kuyajabulisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Landela Isibonelo Samakhosi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Thuthukisa Indlela Otadisha Ngayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 5/15 kk. 15-20

Ukuthola Injabulo Ezwini LikaJehova

“Ubusisiwe [“uyajabula,” NW] umuntu . . . okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova.”—IHUBO 1:1, 2.

1. Obani abaye babelwa ukufundisa abanye “okwambuliweyo” nguJehova?

NJENGOBA “okwambuliweyo” kubaluleke kangaka ukuze sisindiswe, ngokuvamile uJehova uye wabela abantu abathembekile ukuba babe abafundisi beqiniso elambuliwe. (Duteronomi 29:29) KwaIsrayeli, lengxenye yayifezwa abapristi namaLevi. (Levitikusi 10:8-11; 2 IziKronike 35:3) Abazali abangamaIsrayeli, nabo, babebafundisa abantwana babo. (Duteronomi 11:19; IzAga 6:20) Ekhulwini lokuqala C.E., abadala abamiswe ngokufanelekile babekhonza njengabafundisi ebandleni lamaKristu agcotshiwe, futhi abazali abangamaKristu babekhuthazwa ukuba bafundise; abantwana babo. (Efesu 6:4; 1 Thimothewu 3:2; 2 Thimothewu 2:2) Ngokungaphezulu, umKristu ngamunye wayenomthwalo wemfanelo wokwenza izinto ezambuliweyo zikaJehova zaziwe kulabo ababesengaphandle kwebandla lobuKristu.—IzEnzo 1:8.

2. Ingabe kwanele ukuthembela kwabanye ukuba basifundise iZwi likaJehova? Chaza.

2 Kodwa ingabe kwanele ukuthembela kwabanye ukuba basifundise iZwi likaNkulunkulu? Cha. Ngamunye wethu unomthwalo wemfanelo womuntu siqu wokuba atadishe “okwambuliweyo” nguJehova. Ngalokho, umhubi wabhalela amaIsrayeli ayekanye nawo: “Uyajabula umuntu . . . okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova.” (IHubo 1:1, 2) Ngokufanayo, umphostoli uPetru wakhuthaza abakhulekeli ayekanye nabo, eloba: “Langazelelani ubisi olungokomoya [“lwezwi,” NW] olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube-ngukusindiswa.”—1 Petru 2:2.

3. Kudingani ukuthambekela okungokwemvelo kwabaningi ngasekutadisheni?

3 Ukubheka kanjani ukutadisha iBhayibheli? Uma uba khona njalo emihlanganweni yobuKristu, ngokungangabazeki uzwa izingxoxo eziningi ezinhle ezisekelwe eBhayibhelini. Futhi uma ‘wakhulela eqinisweni,’ njengoba kusho abanye, akungabazeki ukuthi abazali bakho bakufundisa okuningi “okwambuliweyo” nguJehova. Kodwa ngaphandle kwalokho, ingabe wena siqu uyalitadisha iBhayibheli? Ngokusobala umhubi wayelujabulela lolohlobo lokutadisha, kodwa mhlawumbe wena ngokwakho awukutholi kulula, uma kunjalo, awuwedwa. Iqiniso lokuthi uPetru waphefumlelwa ukuba akhuthaze amaKristu ayekholwa kanye nawo ukuba ‘alangazelele . . . izwi’ kusikisela ukuthi isifundo somuntu siqu sasingeke sizenzekele ngokwemvelo kwabaningi. Kodwa singafunda ukusijabulela. Kanjani?

4. Isiphi isibonelo esibonisa ukuthi isifundo somuntu siqu singaba esikhangayo?

4 Nokho, kuthiwani uma ubutshelwa ukuba umbe umgodi ojulile emhlabathini? Ngaphandle uma ngokwemvelo ungumuntu othanda ukwenza umsebenzi onzima, wamandla, ubungeke uwulangazelele lomsebenzi. Kodwa kuthiwani uma ubutshelwa ukuthi kunengcebo egqitshwe phansi? Manje umsebenzi wokumba ubungeke ubonakale ungumshikashika! Ungase ube ngojabulisayo, njengoba ubheke phambili ekuvubukuleni ingcebo egqitshiwe. Ngokufanayo, ngisho noma ungeyena umuntu otadishayo ngokwemvelo, ukutadisha kungathakazelisa futhi kuze kujabulise uma unesimo esihle sengqondo. Futhi kunezindlela zokuhlakulela lesimo sengqondo.

Hlakulela Isimo Esihle Sengqondo

5, 6. Chaza ezinye zezibusiso ezingenakufaniswa esizithola ngeZwi likaJehova elambuliwe.

5 Okokuqala, kumelwe siyikhumbule njalo ingcebo esinayo eBhayibhelini. Umphostoli uPawulu wathi: “Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu!” (Roma 11:33) Izinjongo zikaJehova, ezambulwa kancane kancane ezinkulungwaneni zeminyaka, ziyesabeka, zisivulela ithemba elimangalisa njengokuqiniseka kwalo. Iseluleko sokuphila uJehova aye wenza salotshwa eBhayibhelini siyoletha umphumela ngaso sonke isikhathi lapho sisetshenziswa. (2 Thimothewu 3:16) Akumangalisi ukuthi umhubi wahuba: “Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.”—IHubo 119:130.

6 Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liqukethe imiqondo kaNkulunkulu, futhi ngokuqonda lemiqondo, sisondela kuye. (Jakobe 4:8) Futhi, sithunywe ukuba sifundise abanye ukuba babe abafundi bakaJesu. (Mathewu 28:19, 20) Njengoba iBhayibheli liyithuluzi lethu eliyinhloko kulomsebenzi, sidinga ukulitadisha ukuze silisebenzise kahle. (Efesu 6:17; 2 Thimothewu 2:15) Okokugcina, ukugcwalisa ingqondo yethu ngemiqondo esekelwe eBhayibhelini kuyasivikela, kusisiza ukuba sihambe ebuqothweni bethu futhi sigweme ukungabaza okwenza ukholo lube buthaka nemiqondo engalungile.—IzAga 4:5, 6; 20:7; Filipi 4:8.

7, 8. Ngokuqondene ‘nokwambuliweyo,’ kungani namuhla sibusiswe ngokwengeziwe kunezinceku zikaNkulunkulu zesikhathi esidlule?

7 Cabangela, futhi, ukuthi namuhla sinamandla “okuqonda kanye nabangcwele bonke okungububanzi, nobude, nokuphakama, nokujula” kweqiniso ngendlela izinceku zikaNkulunkulu ezazingakwazi ukwenza ngayo esikhathini esidlule. (Efesu 3:14-18) Kodwa khumbula, uAbrahama washiya umuzi wakubo futhi waphila ukuphila kwakhe ematendeni nakuba ayengeke akubone ukugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu ekuphileni kwakhe. (Heberu 11:8-10) Futhi uDaniyeli wanxusa ukuqonda imibono ayeyibonile kodwa watshelwa ukuthi: “Amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube-sesikhathini sokugcina [“sokuphela,” NW].” (Daniyeli 12:8, 9) Namuhla, sekuyisikhathi eside yavela iNzalo uAbrahama ayeyilangazelela. Manje, siphila “esikhathini sokuphela” lapho kuye kwenezelwa khona okuningi kwalokho uDaniyeli akubona ekuqondeni kwethu “okwambuliweyo.”

8 Umphostoli uPetru waloba: “Ngayo leyonsindiso babefunisisa bephenyisisa abaprofethi ababeprofetha ngomusa obuzakuza kinina, . . . abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezozinto enishunyayezwa zona manje . . . izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.” (1 Petru 1:10, 12) Njengoba manje uJehova eye wakhanyisa izinto eziningi kangaka labo baprofethi bakuqala ababelangazelela ukuzazi, masiwazise ngempela lamaqiniso futhi singawathathi kalula.

9, 10. Iziphi izibonelo okumelwe zisisize sibone inkululeko abaningi bethu abanayo ukuze bahlanganyele esifundweni seBhayibheli somuntu siqu?

9 Ukuze sibe nesimo esihle sengqondo, kumelwe sazi indlela abathile okuye kwadingeka ukuba balwe kanzima ngayo ukuze batadishe iBhayibheli. Ngosuku lukaWilliam Tyndale, kwakuyicala nganoma yiliphi iNgisi ukuthengisa, ukuthenga, noma ukufunda inguqulo yemiBhalo yesiGreki ngolimi lwalo. UJohn Foxe, umshumayeli ongumPuritan, wekhulu le-16 leminyaka, wabika lokho okwenzeka lapho umProthestani owayesanda kuphenduka entshontsha amaBhayibheli ewayisa eSpain. Wakhashelwa futhi washiswa esigxotsheni, futhi abangama-800 balabo abathenga lawomaBhayibheli baboshwa. Abangamashumi amabili bosiwa ngokoqobo. Abanye bagwetshelwa ukudilikelwa yijele, bashaywa obala, noma bagwetshwa intambo. Kwadedelwa abambalwa.

10 Ngokufanayo, ezikhathini zanamuhla ngezinye izikhathi oFakazi BakaJehova kuye kwadingeka ukuba batadishe iBhayibheli bebhekene nezingozi ezibulalayo. Lapho besemakamu okuhlushwa noma emajele, baye bazifaka engozini yokujeziswa noma ukufa ukuze bathole iBhayibheli. Esinye isithunywa sevangeli, siboshwe sodwa ngenxa yokholo lwaso, sasibhala phansi yonke imibhalo esasiyikhumbula bese sihlolisisa amavesi eBhayibheli acashuniwe ezinhlwini ‘zenkolo’ zamaphephandaba. Eminyakeni eminingi, leyo kwakuwukuphela kwendlela esasithola ngayo iBhayibheli. Yebo, lapho iBhayibheli livikelwe, amaKristu azama ngazo zonke izindlela ukulifunda. Ingabe thina kumelwe sikuvilaphele, uma ezikhathini eziningi, kudingeka silule nje isandla silithathe endaweni yezincwadi?

11. Ingabe iqiniso lokuthi okunye ukwaziswa kuxoxwa ngakho ngokuphindaphindiwe kumelwe lisenze singakukhathaleli ukutadisha iBhayibheli?

11 Abanye baye bathi bangayiphendula imibuzo ekumagazini weNqabayokulinda ngaphandle kobunzima obukhulu ngoba okunye ukwaziswa kuyaphindaphindwa. Ngakho-ke abasiboni isidingo sesifundo somuntu siqu. Labo bakubhekela phansi ukubaluleka kokuphindaphinda. Umhubi wayezithanda izikhumbuzo zikaJehova, nathi kumelwe sizithande. (IHubo 119:119, NW) Khumbula, izwe liyaqhubeka lisigidlabeza ngemibono efanayo yokuziphatha okubi, neyokuthanda izinto ezibonakalayo. Ngakho sidinga ukuqinisa izingqondo zethu zimelane nayo ngezikhumbuzo eziphindaphindwayo ezingokweBhayibheli.

Sebenza Ukuze Unqobe Izinkinga

12. Nikeza okunye ukusikisela okuwusizo kokunqoba inkinga yokuthola isikhathi sokutadisha iBhayibheli.

12 Umuntu onesimo esihle sengqondo ngasekutadisheni iBhayibheli ngokuvamile uyoyithola indlela yokutadisha, kodwa lokhu kungase kungabi lula. Kungase kube nezinkinga okumelwe zinqotshwe. Ngokwesibonelo, sisithola nini isikhathi sokutadisha iBhayibheli kulokhu kuphila kwanamuhla okumatasatasa? Isinyathelo sokuqala sokuxazulula lenkinga siwukuqaphela ukuthi ukutadisha iBhayibheli kudingekile. Njengenkonzo yasensimini nokuba khona emihlanganweni. (1 Thimothewu 4:15) Khona-ke singahlola imisebenzi yethu yansuku zonke ukuze sikwenze. Abanye bayakwazi ukutadisha lapho besezintweni zokuhamba zomphakathi. Abanye balalela amarekhodi okufundwa kweBhayibheli lapho beshayela noma besebenza endlini. Kunalabo abatadisha phakathi nekhefu labo lokudla kwasemini emsebenzini. Abanye bavuka ekuseni kakhudlwana futhi batadishe isikhashana ngaphambi kokuba kuqale imisebenzi yosuku noma basebenzise isikhathi betadisha ebusuku ngemva kokuba izingane sezilele. Ngokuvamile kudingeka ukuba sithenge isikhathi kweminye imisebenzi—mhlawumbe ngisho nasesikhathini sokuphumula—ukuze sitadishe. (Kolose 4:5) Kodwa ngokushesha abaningi bathola ukuthi abazidingi kakhulu lezozinhlobo zokuphumula ngoba ukutadisha ngokwakho kuyabaphumuza.

13. Singasizwa kanjani ukuba sigxile kulokho esikutadishayo?

13 Abanye bathola ukugxilisa ingqondo kuyinkinga. Kunzima ngabo ukuyeka ukucabanga ngezinkinga zansuku zonke futhi bagxile ekutadisheni iBhayibheli. Umthandazo ungasiza ekunqobeni lokhu. Ngaphambi kokuba uqalise ukutadisha, kungani ungabongi uJehova ngezinto aye wazembula futhi umcele ukuba akusize ugxile kuzo futhi uqonde ukubaluleka kwazo? (Filipi 4:6; 2 Thimothewu 2:7) Umthandazo onjalo usekuvumelaneni okugcwele nentando kaJehova ngathi. (1 Johane 5:14) Ukuziqeqesha, nakho, kuyimfuneko, ikakhulukazi ekuqaleni. (1 Korinte 9:25) AbaseBereya babelihlola nsuku zonke iZwi likaNkulunkulu. (IzEnzo 17:10, 11) Baba yisibonelo esihle. Ukutadisha njalo, ngokushesha kuyoba okuthakazelisayo, futhi ngokunokwenzeka uzokulangazelela, kungadingeki ukuba uziphoqelele ukuze ukwenze.

14. Kungani indawo enokuthula ifiseleka lapho senza isifundo somuntu siqu?

14 Indawo efanelekile iyasiza futhi ekukwenzeni ugxilise ingqondo. Ulsaka wayeya endle lapho efuna ukuzindla—lapho kungekho khona umsindo wasemathendeni. (Genesise 24:63) Kuyiqiniso, akuthina sonke esingayithola indawo yokutadisha engenazo iziphazamiso njengendawo esehlane evulekile, kodwa ngokuvamile singazinciphisa iziphazamiso ezisizungezile. Ukutadisha phambi kwethelevishini evuliwe noma umsakazo onomsindo obekwe kwenye indawo ngeke kube nezithelo kakhulu—noma kuthakazelise—kunokutadishela endaweni ethulile. Asinakuzibalekela njalo iziphazamiso, kodwa ngokuqinisekile abaningi bethu okungenani bangalithola igumbi elingenamsindo lokutadisha,

15. Iziphi ezinye izindlela zokuzuza ulwazi lweBhayibheli?

15 Kungase kube nenye inkinga: Abanye bangase bangayazi indlela yokutadisha. Ikakhulukazi kulezinsuku, akunakuthathwa kalula ukuthi izingane zikufunda esikoleni ukutadisha, futhi labo asebenesikhathi eside baphuma esikoleni kungenzeka abasenawo umkhuba wokutadisha. Kodwa, eqinisweni, ukutadisha akunzima kangako. Kungafana nje nokufunda izihloko ezikuthakazelisayo encwadini iAid to Bible Understanding noma ukufunda IBhayibheli Lezikhombo leNew World Translation. Ukulalela amakhasethi eBhayibheli noma ukulandela isimiso sokucwaninga somuntu siqu kungezinye izindlela zokutadisha. Uke wazama yini ukudlulisa nje amehlo komagazini abadala beNqabayokulinda noma iPhaphama! futhi ufunde izihloko ezikuthakazelisayo? Kuyiqiniso, lokhu akukhona ukutadisha kokugxilisa ingqondo, kodwa kuyosiza ekwakheni injabulo yakho eZwini likaJehova.

16. Kumelwe ibe yini injongo yethu ekutadisheni isifundo seNqabayokulinda samasonto onke?

16 Kodwa kuthiwani ngokutadisha okuhlelekile, ngokwesibonelo njengalapho, ulungiselela isifundo seNqabayokulinda samasonto onke? Ngokutadisha okunjalo, kudingeka umfundi abe nomgomo engqondweni. Luhlobo luni lomgomo? Endabeni yokulungiselela isifundo seNqabayokulinda, kumelwe afune ukuzuza ngokugcwele ‘ekudleni okufika ngesikhathi sakho’ okulungiselelwe ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo’ futhi kumelwe afise ukusiza abanye ngezimpendulo zakhe emhlanganweni. (Mathewu 24:45) Angakwenza kanjani lokhu? Azikho izimiso, kodwa nakhu ukusikisela:

17, 18. (a) Nikeza okunye ukusikisela ngendlela umfundi angalungiselela ngayo isifundo seNqabayokulinda samasonto onke. (b) Nikeza okunye ukusikisela oye wakuthola kuwusizo esifundweni somuntu siqu. (Bheka umbhalo waphansi.)

17 Okokuqala, sifunde sonke isihloko, mhlawumbe ngokushesha ngemva kokuthola INqabayokulinda yakho. Lokho kufunda nje kungase kuthathe imizuzu engama-20, kodwa kuyosinikeza umqondo ophelele wamaphuzu ayinhloko kanye nephuzu elikhulunyelwa kulesosihloko. Lapho isikhathi sokusitadisha ngokuzimisela lesosihloko sifika, hlala phansi leBhayibheli nepeni noma nohlobo oluthile lokubeka uphawu. Khona-ke, funda isigaba sokuqala ngokunakekela, uqaphele amaphuzu akhulunyelwayo nendlela imiqondo evezwa ngayo. Bheka noma imiphi imibhalo ebekiwe kodwa engacashuniwe esigabeni futhi ubone ukuthi uyasiqonda yini isizathu sokubekwa kwayo. Ngemva kwalokho, funda umbuzo wesigaba ubone ukuthi uyayazi yini impendulo. Uma usuyitholile impendulo, dwebela amagama ambalwa esigabeni azokukhumbuza impendulo lapho useSifundweni seNqabayokulinda. Ungase uthande futhi ukubhala eceleni kafushane amaphuzu ngemibhalo oyihlolile, amaphuzu othanda ukuwahlola ngokwengeziwe, njalonjalo.

18 Uma ususiqedile sonke isihloko ngalendlela, bheka imibuzo esebhokisini lokufundisa ekupheleni kwesihloko futhi ubone ukuthi uwatholile yini amaphuzu ayinhloko. Uma kukhona noma imiphi imibuzo ongakwazi ukuyiphendula, phenya esihlokweni ukuze uzitholele impendulo ngokwakho. Uma lokhu ukwenze ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kwesifundo seNqabayokulinda samasonto onke, ungase ukuthole kukuhle ukudlulisa amehlo esihlokweni ngosuku lwesifundo ukuze uvuselele ingqondo yakho ngendaba.a

Isidingo Sokuzindla

19. Ukuzindla kungasisiza kanjani ukuba sakhe uthando ngeZwi likaJehova?

19 Khumbula ukuthi ukutadisha kumelwe kuhlanganise ukuzindla. Ukutadisha ngaphandle kokuzindla kufana nokudla ngaphandle kokugaya. Ngakho-ke, zindla ngalokho okutadishayo. Zama ukukuhlobanisa nezinye izinto ozaziyo. Kukuthinta kanjani ukuphila kwakho? Ungakusebenzisa kanjani ekusizeni abanye? (IzAga 15:28) Funda ukunaka imininingwane. Khuluma nabanye ngalokho okufundayo. Hlanganyela nabanye okusha ekutholile. (IzAga 27:17) Lokhu, nakho, kuyokwakha injabulo oyithola eBhayibhelini.

20. Chaza ukwazisa okujulile iNkosi uDavide eyaba nakho ngeZwi likaJehova elambuliwe.

20 INkosi uDavide yayilazisa ngokuvelele iZwi likaJehova. Yaloba: “Umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo; ukufakaza kukaJehova kuqinisile, kuhlakaniphisa oyisiwula. Imiyalo kaJehova ilungile, ijabulisa inhliziyo; umyalezo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo. Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi kuze kube-phakade; imithetho kaJehova iyiqiniso, ilungile yonke. Inxanelekile kunegolide, kunegolide elihlanzekileyo eliningi; imnandi kunezinyosi, kunoju lwamakhekheba.”—IHubo 19:7-10.

21. Yiziphi izibusiso esiyozivuna uma sihlakulela uthando loqobo ‘ngokwambuliweyo’ nguJehova?

21 Ngokulandela iseluleko sehubo lokuqala, nokulitadisha njalo iBhayibheli, nawe, ngokufanayo, uyoba naloluhlobo lokwazisa ‘ngokwambuliweyo’ nguJehova. Lokhu, futhi, kuyokuholela ekujabuleleni isibusiso esithenjiswe umuntu okuthokoza kwakhe kuseZwini likaJehova kulelohubo: “Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, ethela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba-nenhlanhla kukho. . . . UJehova uyayazi indlela yabalungileyo.”—IHubo 1:3, 6.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukusikisela ngezinye izici zokutadisha nendlela yokulungiselela izinkulumo, bheka incwadi yeWatch Tower ethi Incwadi Yokuchasisa Isikole SeNkonzo Esingokwasezulwini.

Ubungachaza Kanjani?

◻ Kungani kunganele ukuthembela nje kwabanye ukuba basifundise iZwi likaNkulunkulu?

◻ Yiziphi izibusiso esiyozithola ngokutadisha iBhayibheli?

◻ Singatholakala kanjani isikhathi sokutadisha iBhayibheli?

◻ Yiluphi olunye usizo lokuzindla lapho sitadisha?

◻ Kumelwe ube yini umgomo wethu lapho silungiselela isifundo seNqabayokulinda?

[Isithombe ekhasini 17]

Abantu baye bafa ngenxa yokufunda iBhayibheli

[Izithombe ekhasini 18]

Kumelwe sisithole isikhathi sokucabangela iZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwethu okumatasatasa

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela