Ingabe Iso Lakho “Lihle”?
“Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke.”—MATHEWU 6:22.
1. Kungani kungathiwa iso liyisimangaliso sendalo ehlakaniphile?
NGOKUVAMILE ukubona kubhekwa njengenzwa eyigugu nebaluleke kakhulu kunazo zonke—ikakhulukazi yilabo abangasaboni. Ososayensi basitshela ukuthi umzuzwana ngamunye izingxenyana zokukhanya eziyisigidi sezigidi eziyishumi zidlula ezinhlamvini zamehlo ethu. Njengoba zifika endaweni ethatha umfanekiso wezinto ezibonwayo, zimukelwa amangqamuzana ayizigidi eziyikhulu amise okothi namise okwezinhlamvu zephayini. Eshukunyiswe ukukhanya, lamangqamuzana emizwa aqala ukuthumela izimpawu ezisheshayo ebuchosheni. Lapho, ingxenye enkulu yemizwa eyizigidi eziyizinkulungwane eziyikhulu iqala ukuhlunga lokho okusanda kwemukelwa futhi inqume okumelwe kwenziwe ngakho. Konke lokhu kwenzeka ngengxenyana nje yomzuzwana. Ngempela, iso liyisibonelo esesabekayo sesimangaliso sendalo ehlakaniphile.—IHubo 139:14.
2. Isiphi isici sokubona esiseyinkinga kososayensi?
2 Nakuba kukuningi okwaziwa ososayensi ngokusebenza kweso nobuchopho, abazi lutho ngendlela nesizathu sokusabela kwethu kulokho esikubonayo. Ngokwesibonelo, akuqondakali ngokugcwele ukuthi kungani omunye umuntu ekhetha okubomvu kunokuluhlaza kuyilapho omunye engase akhethe okuluhlaza kunokubomvu, noma kungani imibala ehlukahlukene isithonya ngezindlela ezihlukahlukene. Abukaziwa ubuhlobo obuphakathi kokubona nokwenza. Kodwa uJehova, uMenzi weso, neNdodana eyisisebenzi esikanye naye. uJesu Kristu, bayazi kahle inkimbinkimbi yeso elingokwenyama, futhi bayayazi indlela iso elithonya ngayo izenzo zethu nokuphila kwethu.
“Isibani Somzimba”
3. Kukanjani iso ‘liyisibani somzimba’?
3 UJesu wathi “isibani somzimba yiso.” (Mathewu 6:22) Isibani sisisebenzisela ukukhanyisa indawo emnyama ukuze sazi lapho sikhona, indlela okumelwe senze ngayo, lapho kumelwe siye khona, njalonjalo. Ngokusenza sibone ukukhanya, amehlo ethu enza umsebenzi ofanayo nowesibani. Asenza sibe seduze kakhulu nomhlaba esizungezile futhi senze izenzo zokuhlakanipha neziqondile kunokuba siphumputheke, sikhubeke, futhi ngokunokwenzeka sizilimaze.
4. Isimo seso sisithinta kanjani?
4 Nokho, izinga lokuba kweso yisibani somzimba lixhomeke ikakhulukazi esimweni seso. Ngenxa yalesizathu, uJesu waqhubeka wathi: “Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke. Kepha uma iso lakho lilibi, uzakuba mnyama umzimba wakho wonke. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, ubumnyama bukhulu kangakanani.” (Mathewu 6:22, 23) Kulokhu singalibona ithonya elikhulu lokuhle noma lokubi iso elinalo kuyo yonke inkambo yethu yokuphila.
Ithonya Leso
5. Iso lahileleka ngaliphi izinga ekulingeni kukaSathane uEva?
5 Cabangela indaba yowesifazane wokuqala, uEva. Izinga iso elathonya ngalo izenzo zakhe lingabonakala endabeni yeBhayibheli yokuhlangana kwakhe noMkhohlisi, uSathane uDeveli. (2 Korinte 11:3; 1 Thimothewu 2:14) USathane wasikisela ukuthi ‘amehlo akhe ayeyovuleka’ uma wayengase angawunaki umthetho kaNkulunkulu futhi athathe adle isithelo ‘somuthi wokwazi okuhle nokubi.’ Wasabela kanjani? IBhayibheli liyasitshela: “Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka [“uyalangazeleleka,” NW] emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile [“uyafiseleka,” NW] ekuhlakaniphiseni.” Wavumela amehlo akhe agxila kokuthile akwenqatshelwe. Lokho kwakuwukulisebenzisa kabi ngamabomu iso. Waba yini umphumela? “Wathatha izithelo zawo, wadla.”—Genesise 2:17; 3:4-6.
6. Iso lethu lizithonya kanjani izenzo zethu?
6 Ngokungangabazeki uEva wayengaqali ukubona “umuthi wokwazi okuhle nokubi” noma isithelo sawo. Kodwa kwakwenzeka okuthile okuhlukile. Manje wabonakala ‘ungokuthile okulangazelekayo emehlweni nokufiselekayo ekuhlakaniphiseni.’ Ngokuvamile ukulangazelela nesifiso akuzona izimfanelo zeso kodwa ezenhliziyo. Kodwa lokho iso elikubonayo kuhlakulela ukulangazelela nesifiso senhliziyo, kangangokuthi kungase kulandele isinyathelo. Endabeni kaEva, isinyathelo esinjalo saholela emiphumelweni edabukisayo ngaye nangendoda yakhe uAdamu, kanye nangayo yonke inzalo yabo yesikhathi esizayo, kuhlanganise nathi namuhla.—Roma 5:12; Jakobe 1:14, 15.
7. Iso lalihileleke kanjani emzamweni kaSathane wesithathu wokudukisa uJesu, futhi waba yini umphumela?
7 Nokho, singacabangela isibonelo sikaJesu Kristu ukuze sibonise ukuthi kungenzeka ukuvimbela noma iliphi ithonya lokubi elingase libangelwe yiso. Nalapha, uMlingi ofanayo, uSathane, wayehilelekile. Emzamweni wakhe wesithathu wokuhlubula uJesu ekwenzeni intando kaNkulunkulu, “uSathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo.” Phawula ukuthi uSathane akazange amane asho ngomlomo nje ukuthi wayenganikeza uJesu yonke imibuso nenkazimulo yezwe uma wayengamkhulekela. “Wamkhombisa” lezizinto, esebenzisa kabi ithonya elinamandla leso. Nokho, ngenxa yokuthi iso likaJesu alizange liphambukiswe kodwa laligxiliswe kakhulu ebuhlotsheni bakhe noYise wasezulwini, uJehova. waphumelela ekulweni necebo likaSathane lobuqili.—Mathewu 4:8-10.
8. Iziphi izifundo esingazifunda ezibonelweni zikaEva noJesu?
8 Yini esingayifunda kulezibonelo ezingenhla? Okokuqala, ukuthi lokho esigxilisa amehlo ethu kukho kungahlakulela izifiso ezinhle noma ezimbi zenhliziyo yethu. Lokhu kungaholela esenzweni esiyoletha isibusiso noma inhlekelele kithina nakwabanye. Okwesibili, kusobala ukuthi iso liyithuluzi uSathane alisebenzisayo ekukhohliseni izisulu zakhe. Kuwo wonke “amacebo” uSathane awasebenzisayo ukuze adukise isintu, lokhu kusebenzisa kwakhe iso kubonakala kungelinye lalawo anamandla amakhulu.—2 Korinte 2:11.
9. USathane uyikhuthaza kanjani “inkanuko yamehlo” namuhla?
9 Namuhla, uSathane usasebenzisa isu elifanayo emacebweni akhe okuhlubukisa bonke abantu ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Ngokusebenzisa ubucwebecwebe nobukhazikhazi bezwe, uSathane ukhuthaza “inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila.” (1 Johane 2:16) Lokhu kubonakala ngokukhanyayo emacebweni ezokukhangisa asetshenziswa yizwe lezentengiselwano. Akulona yini iqiniso ukuthi ukukhangisa okuphumelela kakhulu yilokho okuheha amehlo? Izinkulungwane zamabhodi okukhangisa amibalabala nanezimpawu ezibenyezelayo, imifanekiso ekhazimulayo yomagazini namaphephandaba, imidlalo yeTV yobuqili—nezinkulungwane zezigidi zamarandi ezichithwa ekukhiqizeni lokhu—konke kufakazela iqiniso lokuthi umqondo wokukhangisa uwukushukumisa “inkanuko yamehlo” yomthengi.
10. Yini ngempela ekhuthazwa yizwe lezentengiselwano?
10 Nakuba ukukhangisa okuningi kungase kungakwenzi ube nesifiso, okuwubuqili ngokwengeziwe yiqiniso lokuthi lokhu kukhangisa eqinisweni akutusi nje izinto umuntu azithenge kodwa futhi indlela yokuphila, Ngokuvamile imikhiqizo ikhangiswa njengesetshenziswa abantu abayizikhulu, abanogazi, abajabulayo, futhi abahle kakhulu. Iphuzu liwukuthi uma umthengi esebenzisa lowomkhiqizo, ngokuzenzekelayo ‘indlela yakhe yokuphila’ iyofana nenye yalamaqembu. Abakhangisi bayazi ukuthi lapho umuntu amukela indlela ethile yokuphila, akunzima ukumphoqelela ukuba amukele izimpahla ezihambisana nayo. Ngokucabangela lokhu, yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kanjani ukuba amaKristu azinikezele agcine iseluleko esitholakala kumaHeberu 13:5! Lapho siyafunda: “Ukwenza kwenu makungabi-okokufisa imali; yaneliswani ngeninakho.”
Ukugcina Iso “Lilihle,” ‘Lingelibi’
11. Chaza igama elithi “lilihle” nelithi “lilibi” enkulumweni kaJesu yeso.
11 Njengoba nsuku zonke sibhekene nochungechunge olunjalo lweziphazamiso ezikhanga amehlo, singasibona ngokusobala ngokwengeziwe isizathu esenza uJesu Kristu wasiyala ukuba sigcine iso lethu “lilihle” ‘lingelibi.’ (Mathewu 6:22, 23) Kusho ukuthini lokho? Igama elithi “lilihle” lapha lihunyushwe egameni lesiGreki elithi ha·plousʹ, ngokuyisisekelo elisho ukuba mqondo munye noma ukuzinikela enjongweni eyodwa. Ngakolunye uhlangothi, elithi “lilibi” lithi po·ne·rosʹ ngesiGreki sakuqala futhi lisho okubi, okungenalusizo, okunengekayo. Ngakho, ‘iso elihle,’ kunokuba liphazanyiswe noma lidukiswe yikho konke okwenzekayo, ligxilisa ukunakekela kwalo entweni eyodwa kuphela. Ngokuphambene, ‘Iso elibi’ liyakhohlisa, linobuqili, liyahaha, futhi likhangwa yizinto ezingacacile.
12. Bukeza futhi uchaze umongo wengxoxo kaJesu.
12 Kodwa iso kumelwe ligxile kuphi ukuze ‘umzimba wonke ukhanye’? Ukucabangela umongo kuzosisiza sithole impendulo. Emavesini andulelayo, uJesu wayekhuluma ‘ngengcebo emhlabeni nengcebo ezulwini.’ Wathi “lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba-khona lapho.” Khona-ke, ngemva kokuxoxa ngeso, waphinda wagcizelela isidingo sokubonisa ukuba nenjongo eyodwa, ethi: “Akakho ongakhonza amakhosi amabili,” uNkulunkulu neNgcebo. Emavesini alandelayo, wanikeza iseluleko ngombono womuntu wezidingo zansuku zonke futhi waphetha ngalesiyalo: “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.”—Mathewu 6:19-34.
13. Kumelwe siligxilise kuphi iso lethu ukuze ‘umzimba wethu wonke akhanye’? Ngani?
13 Sitholani kukho konke lokhu? Lapha uJesu ukhuluma ngemigomo ekuphileni, ephawula ubuze bokuphishekela izinto ezibonakalayo nesibusiso sokuhlakulela isithakazelo ezintweni ezingokomoya. Ngokusobala, usitshela ukuthi ngokugxilisa amehlo ethu ezithakazelweni zoMbuso kuphela, ‘uzakukhanya umzimba wethu wonke.’ Ngani? Ngoba uma ukwenza intando kaNkulunkulu sikwenza umgomo wethu ekuphileni, siyofuna ukubonisa izindaba ezinhle ezikhazimulayo kuzo zonke izici zokuphila kwethu. Asinakulangazelela ikusasa elikhazimulayo kuphela kodwa futhi singakhululeka ezintweni zomshoshaphansi nezomgunyathi ezikhiqizwa ukuphila okugxile eminakweni yobugovu.—2 Korinte 4:1-6.
14. Ukugxilisa komuntu iso lakhe engcebweni ebonakalayo kuphumela kanjani ‘ebumnyameni’?
14 Umphostoli uPawulu wawagcizelela amazwi kaJesu lapho echaza: “Abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.” (1 Thimothewu 6:9) Lawomazwi ngempela anengqondo! Izindaba zikhuluma ngamalungu esishayamthetho, ongqongqoshe, amajaji, abanikazi bamabhange, izikhulu zomthetho, nabanye abaye batholakala bekhwabanisa imali, “efinyelela okungenani isilinganiso samadollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezingama-200 ngonyaka” eUnited States kuphela, njengoba kulandisa omunye umbiko. ‘Isilingo nesihibe’ sokuba siye senza abantu abaningi abebehlonishwa babayizinswelaboya nezigebengu. Ngempela, sifuna ukugwema ‘ukushona ekufeni nasekubhujisweni,’ sithole ‘ubumnyama’ uJesu axwayisa ngabo.—Bheka izAga 23:4, 5.
15, 16. (a) Iyiphi enye “inkanuko yamehlo” okumelwe siyigweme? (b) Ubungasisebenzisa kanjani iseluleko esikuzAga 27:20 engxoxweni yethu?
15 Nokho, ingabe labo ababhekene nengozi yokuhamba ebumnyameni yilabo kuphela abagxilisa iso labo ekucebeni? Cha, ngoba “inkanuko yamehlo” ihlanganisa futhi nezinye izinto eziningi. Khumbula amazwi kaJesu kuMathewu 5:28: “Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.” Ngokuqinisekile, leso sixwayiso singasebenza futhi ekuvumeleni komuntu amehlo akhe ukuba agxile entweni eklanyelwe ukuvusa ngokungafanelekile izinkanuko nezifiso.
16 UJesu wakhuluma futhi ngokukhathazeka ngokudla, ukuphuza, nokwembatha. (Mathewu 6:25-32) Nakuba lezizinto zidingekile, isifiso eseqile sokufuna njalo okwamuva, okuhle kakhulu, okuthandwa kakhulu, singenza ingqondo nenhliziyo yethu kube yizigqila. (Roma 16:18; Filipi 3:19) Ngisho nasekuzilibaziseni, izinto esizithandayo, imidlalo, ukuziqeqesha, njalonjalo, kumelwe silondoloze ukulinganisela okuhle futhi siqaphele ukubanjwa yizimfashini zezwe. Kuzo zonke lezici, kungaba kuhle ngathi ukukhumbula amazwi ahlakaniphile atholakala kuzAga 27:20: “Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi, namehlo omuntu awasuthi.” Ngempela, sidinga ukuzithiba ukuze singazifaki engozini engokomoya lapho sizama ukwanelisa amehlo ethu.
Izibusiso Zokugcina Iso “Lilihle”
17. Ukugcina iso “lilihle” kuye kwabasiza kanjani abanye baphishekela izithakazelo zoMbuso?
17 Labo abaye bagcina iso labo “lilihle” futhi baligxilisa ngokuphelele eMbusweni kaNkulunkulu nasezithembisweni zakhe baye bathola izibusiso eziningi ezivela kuJehova. Okuhlangenwe nakho kwabantu abavela kuwo wonke umhlaba kanye nabavela kuzo zonke izizinda zokuphila kukubonisa kahle lokhu. Cabangela lezibonelo:
“Ngesikhathi ngikhonza endaweni lapho indingeko inkulu khona eColombia, eNingizimu Melika, kwakumelwe ngiphile cishe ngomholo ka-R200 ngenyanga. Ngase ngiqalile ukuphayona, kodwa ekuqaleni kwenyanga, ngawa ngaphuka iqakala. Konke enganginakho kwaphelela ezindlekweni zokwelapha, futhi ngangingenakuyithola enye imali ngaphambi kokuphela kwenyanga. Ngangingakalinikeleli iHholo LoMbuso, kodwa ukuba ngangiyinikela imali yalo, ngangingenakuba nayo imali yokuthenga ukudla ngesonto elilandelayo. Ngemva kokucabanga ngalendaba izinsuku ezimbalwa, nganquma ukuthi kumelwe ngiyikhokhe imali yehholo, ngakho ngayifaka ebhokisini lomnikelo. Ekuseni ngosuku olulandelayo, ngathola incwadi evela kudade waseUnited States owangivakashela eColombia. Encwadini yakhe wafaka imali yaseColombia eyayisale ngesikhathi engivakashela. Yayilingana nse naleyo engangiyifake ebhokisini.”
NgoLwesibili ntambama kushisa, uKi, onomtholampilo eTaechun, eKorea, wamenywa ayesebenza nabo abathathu ukuba bayochitha leyontambama olwandle. Nakuba lomqondo wawulinga, uKi wayazi ukuthi ukuba wayehamba, wayezobe engakabuyi ngesikhathi seSifundo Sencwadi Sebandla ngalobobusuku. Ngakho wasenqaba lesosimemo. Ngemizuzwana emibalwa kamuva, labantu abathathu babuyiselwa emtholampilo—befile! Ngokushesha ngemva kokusuka emtholampilo bahlangabezana nengozi yomgwaqo embi kakhulu. Lesenzakalo samdabukisa uKi kodwa wayejabula ngokuthi ukubambelela kwakhe emkhubeni omuhle ayewuhlakulele eminyakeni edlule kwasindisa ukuphila kwakhe.—Heberu 10:24, 25.
18. Abancane bangafundiswa kanjani ukugcina iso labo “lilihle”?
18 Ngisho nabancane bangafundiswa ukugcina amehlo abo egxile ezithakazelweni zoMbuso, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa:
“Lapho izivakashi ezimbili zisitshela ukuthi abazalwane basemabandleni amathathu asePhilippines banikela ngamadollar ayi-1000 ibandla ngalinye—okuyimali enkulu kubo—ukuze bakhe kabusha iHholo labo LoMbuso elalishisiwe, mina nomyeni wami sanquma ukuba nathi sinikele. Kuthiwani ngezingane zethu ezine, ezazisukela kwenezinyanga ezine kuya kweneminyaka eyisithupha? Njalo ngesonto lapho umyeni wami ehola, ingane ngayinye wayeyithengela idollar lesiliva. Umyeni wami wayehlukanisa lemali ukuze ingane ngayinye ibone ukuthi inamalini. Sasizitshela nezinye izinto ezazike zacabanga ukuzithenga ngemali. Kodwa impendulo yayifana ngaso sonke isikhathi zazifuna ukunikela imali kubazalwane.” Izingane zathumela incwadi elula namadollar azo angama-99. Loluthando nokuphana kwabashukumisa kakhulu abazalwane ePhilippines kangangokuthi kwabaningi kwehla izinyembezi lapho kufundwa incwadi.
19. Singaqiniseka ngekusasa elikhazimulayo uma siwagcina ekuphi amehlo ethu?
19 “Amehlo akho mawabheke phambili, nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho.” (IzAga 4:25) Yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kanjani ngathi ukugcina lesoseluleko futhi singavumeli amehlo ethu azule, bese sidukiswa! “Bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi-njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,” kuxwayisa uPawulu, “nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.” Wabuye wanxusa: “Qondani okuyintando yeNkosi.” (Efesu 5:15-17) Ngokwenza kanjalo, siyoqiniseka ngokuthi siyophumelela ukugcina iso lethu “lilihle,” futhi singabheka phambili ngethemba esikhathini esizayo esikhazimulayo—ukuphila okuphakade esimisweni esisha sezinto esithenjisiwe sikaNkulunkulu.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 4:17, 18.
Ungachaza?
◻ Kukanjani iso ‘liyisibani somzimba’?
◻ Iso lethu lizithonya kanjani izenzo njengoba kubonakala esibonelweni sikaEva noJesu?
◻ USathane uyivusa ngaziphi izindlela “inkanuko yamehlo” namuhla?
◻ Yini okumelwe siyenze ukuze sigcine iso lethu “lilihle”
◻ Kumelwe siwagxilise kuphi amehlo ethu manje?
[Isithombe ekhasini 12]
Lokho esingagxilisa amehlo ethu kukho kungahlakulela isifiso senhliziyo