Ingabe Uyakhumbula
Ingabe uke wabacabangela ngokunakekela omagazini bamuva beNqabayokulinda? Uma kunjalo, cishe uyokukhumbula okulandelayo:
◻ UJesu walibonisa ngokwezinga elingakanani uthando lwakhe ngesintu?
Washiya ngokuzithandela ikhaya lasezulwini lokuthula nokulondeka ukuba eze azodla, alale, futhi ajwayelane nesintu esinezifo nesifayo. Ngemva kwalokhu, uJesu ngokuzithandela wanikela ngomzimba wakhe wobuntu ophelele ukuze alungiselele isihlengo ngokwenzuzo yesintu. (Mathewu 20:28)—12/15, amakhasi 3, 4.
◻ Yiziphi izinzuzo zomuntu siqu ezitholwa umKristu ohlakulela ukuzithiba?
UmKristu uzuza inhlonipho enkulu ngokubonisa ukuzithiba. Futhi, ujabulela ukuthula nenjabulo enkulu ebuhlotsheni bomkhaya, bebandla, kanye nobansuku zonke. Ngaphezu kwakho konke, ukuzithiba kumsiza ukuba akhe ubuhlobo obuhle noMdali wakhe futhi azibonakalise njengomKristu weqiniso.—12/15, ikhasi 24.
◻ Kumelwe sibe yini isisusa esiyinhloko ekuboniseni umoya wokungenisa izihambi?
Nakuba kwanelisa ukuzwa amazwi okubonga avela kwabanye nokuqaphela ukuthi imizamo yethu iyaziswa, sifuna ukubonisa umoya wokungenisa izihambi ikakhulukazi ngoba kuyinto enhle neyothando yokwenziwa. Ngaphezu kwalokho, ukwenza kwethu kanjalo kujabulisa uJehova uNkulunkulu.—1/15, ikhasi 22.
◻ Umgibeli wehhashi elimhlophe, ochazwe kusAmbulo 6:2, akuthinta kanjani ukuphila kwakho?
UJesu ungumgibeli wehhashi elimhlophe, futhi waqala ukugibela kwakhe kwasezulwini ngo-1914. Ebikezela ukuthi abantu babeyothinteka kanjani ngokubusa kwakhe, wathi: “Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo . . . ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi, imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.” Namuhla, sonke isintu siyahlukaniswa, futhi indlela esabela ngayo esigijimini soMbuso iyosho ukuphila noma ukufa ngawe. (Mathewu 25:31-33; 24:14)—1/15, ikhasi 6.
◻ Yiziphi izindlela uJehova aduduza naqinisa ngazo izinceku zakhe?
UJehova ududuza futhi aqinise izinceku zakhe ngomoya wakhe ongcwele. (1 Petru 4:12-14) Uziduduza futhi ngokuphendula imithandazo yazo. (Filipi 4:6, 7) Ngaphezu kwalokho, iZwi likaNkulunkulu lingumthombo emkhulu wenduduzo, liqinisa izinceku zakhe ngokuthi akukho okungenzeka kuzo uJehova angakuboni noma angenakukulawula.—2/1, ikhasi 19.
◻ Iyini imbubhiso ebikezelwe eBhayibheli?
Iwukungenela okukhethwe uNkulunkulu ezindabeni zesintu.—2/15 ikhasi 7.
◻ Isho ukuthini inkulumo kaJesu ekuJohane 6:53 ethi ‘ukuphila phakathi kwenu?’
KuJohane isahluko 6, uJesu ufanisa ‘ukuphila okuphakade’ ‘nokuphila phakathi kwenu,’ okungukuthi, ukungena ekugcineni kukho kanye ukuphila okugcwele. ‘Umhlambi omncane’ wezindlalifa zoMbuso uyakuthola lokhu ekuvuselweni kwawo emazulwini, futhi “ezinye izimvu” ziyokuthola ngemva kokuphela kokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kukaKristu Jesu. (IsAmbulo 20:4, 5)—2/15, ikhasi 19.
◻ Isiphi isimiso esigcizelelwe kuyo yonke incwadi kaNehemiya esiyisifundo kithi namuhla?
Isimiso siwukuthi “uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo.” (IHubo 127:1) Namuhla, kukho konke esikwenzayo, siyophumelela kuphela uma sinesibusiso sikaJehova.—2/15 ikhasi 26.
◻ Yini eyaqinisa uJobe phakathi novivinyo lwakhe, futhi lokhu kungasisiza kanjani namuhla?
UJobe wayeqiniseka ngokuthi lokhu kuphila akukhona ukuphela kwakho. (Jobe 14:13-15) Sinalokhu kuqiniseka namuhla, kokuthi uJehova uyovusa izinceku zakhe ezithembekile, kungasisiza ukuba sibhekane nanoma iluphi uvivinyo uSathane angaluletha kithi. (Heberu 6:10; 11:6)—3/1, ikhasi 20.
◻ Isiphi isifundo abazali abangasifunda emphumelweni wesono sikaDavide noBati-Sheba?
UJehova wabonisa umusa kuDavide ngenxa yesivumelwano soMbuso, kanjalo evumela yena noBati-Sheba ukuba baqhubeke bephila. Nokho, umkhulumeli kaJehova wathi kubo: “Ngokuba ngalesosenzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.” (2 Samuweli 12:14) Lokhu kumelwe kugcizelele kubazali ukuthi ukuziphatha kwabo kungabathinta kakhulu abantwana babo.—3/15, ikhasi 31.
◻ Yini edingekile uma umuntu ezoba yilungu elamukelekayo loFakazi BakaJehova?
Lowo muntu kumelwe azemukele zonke izimfundiso zeBhayibheli, kuhlanganise nezinkolelo ezingokomBhalo ezitholakala koFakazi BakaJehova kuphela.—4/1, ikhasi 31.
◻ Uma imicabango engalungile ifika njalo engqondweni yethu, yini okumelwe siyenze?
Kumelwe singayivumeli ingqondo yethu ukuba izindle ngalemicabango emibi. Ukuze sithole usizo ekwenzeni lokhu, kumelwe siye ngokushesha kuJehova ngomthandazo, ‘siphonse imithwalo yethu kuJehova.’ (IHubo 55:22)—4/1, ikhasi 25.