Umtapo Ocebile Wokwazisa
Yileyondlela abafundi beNqabayokulinda nePhaphama! ababheka ngayo labomagazini.
Ibhala ikhulumela yona nomkhaya wayo, indoda yasePhilippines yabonga iWatch Tower Bible and Tract Society ngokuyithumelela kwayo omagazini, yathi:
“Kumagazini wenu ngamunye, kunomcebo wokwaziswa. Abanikezi nje kuphela umqondo ngezindaba zenkolo kodwa futhi bahlanganisa ingxenye enkulu yezindaba ezithinta isayensi, ezokwelapha, umlando, uhulumeni, nolimi. Kubonakala sengathi umagazini ngamunye unezihloko ezithakazelisa ngokukhethekile kithi.
“Kumelwe futhi ngiphawule ukuthi sinomqulu womagazini besikhathi esidlule beNqabayokulinda nePhaphama! Manje sesinemiqulu enjalo emine ebekwe emashalofini omtapo wethu wezincwadi. Inikeza imithombo emihle yezindaba, futhi sihlala siya kuyo njalo ukuze sithole iseluleko esiwusizo nesikhuthazo.”
Ungathunyelelwa ekhaya lakho INqabayokulinda nePhaphama! Thumela kuphela u-R9,75 futhi uyobathola bobabili labomagazini (omagazini abathathu ngenyanga) unyaka owodwa.
Sizani ningithumelele isikhokhelo sonyaka somagazini INqabayokulinda nePhaphama! Ngifaka u-R9,75 ngomagazini abangama-36.