Ukuqondisisa Izindaba
Izithelo Zenkolo
Umbhishobhi weSonto laseWeseli eNigeria wathi, ukuhweba ngenkolo kuye kwaholela “ekonakaleni, ekuziphatheni okubi nakwezinye izinhlobo lokuziphatha okuxekethile emasontweni ethu.” NgokweDaily Times yaseNigeria, wavuma ukuthi isonto laba nengxenye egagasini lobugebengu emphakathini waseNigeria “ngokufuna nangokwamukela izipho ezigebengwini nasezikhulwini zomphakathi ezonakele.” Wathi futhi ukuziphatha okubi kwabaholi namalungu enkolo kuye kwenza isonto laba “indawo yabenzi bokubi, yokukhohlisa, neyezenzo ezimbi.”
UFemi Abbas, umhlaziyi wezindaba zamaIslam, naye wahlanganisa izinga elandayo lobugebengu nokuthuthekela kwabantu emaqenjini ahweba kakhulu ngenkolo. Ebhala kuyiNational Concord yaseNigeria, waphawula ukuthi abaholi balamaqembu bathola abalandeli babo ngokusebenzisa “ulimi oluhle, ubuqili nekhono lokuphamba abanye,” waphawula futhi ukuthi bamane “bazifihle ngengubo yokholo.”
Izithelo ezimbi kanjalo zilindelekile uma inkolo iqokomisa izinto ezibonakalayo. Zifakazela ukushaya emhloleni kwesiprofetho lweBhayibheli sokuthi “ezinsukwini zokugcina” abantu babezoba “abathanda imali, . . . abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika.” ‘Abayikusivuma isifundiso esiphilileyo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayozibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo.’ Ngakolunye uhlangothi, inkolo yeqiniso ilindeleke ukuba igcizelele izinto ezingokomoya kunezinto ezibonakalayo. Ngaleyondlela iyoshukumisa abantu abakuphila kwabo okuhloniphekayo kubenza babe yizakhamuzi ezingcono kanye nezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile.—2 Thimothewu 3:1-5; 4:3; Mathewu 6:19-21, 33; 7:16-21.
Ukwelapha Izimpawu, Hhayi Isifo
Isihloko seThe New York Times sasithi, “Amantombazane AseBrithani Angathola Iphilisi Ngaphandle Kwemvume.” Lesihloko sembula lokhu: “Ngamavoti ama-3 kwama-2, amajaji omthetho aseHouse of Lords athi abazali abanalo igunya eliphelele ezinganeni zabo futhi umthetho kumelwe uhambisane nezimo zenhlalo eziguqukayo.” Ngenxa yalesinqumo, odokotela baseBrithani sebenamandla angokomthetho ekunikeza amantombazane angaphansi kweminyaka eyi-16 imithi yokuvala inzalo ngaphandle kokubonana nabazali bawo. Lesinqumo sePhalamende laseBrithani senanelwa yiNhlangano Yezisebenzi, iNhlangano Yezokwelapha YaseBrithani kanye nezinhlangano ezihlukahlukene zokuhlelwa kwemindeni.
Kuthiwa injongo yalomthetho ‘iwukunciphisa ukukhulelwa kwentsha okungafunwa nokukhishwa kwezisu.’ Kodwa ukubhekana ngaleyondlela nalenkinga engathi sina futhi ekhulayo akufani yini nokwelapha “izimpawu” kuphela? Akusona yini isenzo sezikhathi zethu ukuthi izishaya-mthetho, zisekelwa odokotela nezinhlangano zezenhlalo ezweni eliziqhenyayo ngamasiko alo obuKristu, kumelwe zivumele umthetho okhuthaza ngomshoshaphansi “umqedazwe” wokuziphatha okubi kwentsha?
Eqinisweni indlela engcono kakhulu yokuvikela intsha engamantombazane ekuboniseni “izimpawu” zokukhulelwa okungafunwa nokukhishwa kwezisu iwukuyifundisa izindinganiso zokuziphatha eziyivikela ekuziphatheni okubi kobulili. IBhayibheli lingumthombo weqiniso wezindinganiso ezinjalo, libeka futhi ukwelashwa ‘kwalomqedazwe’ lapho kumelwe ube khona—kubazali abanecala ngokuziphatha kwezingane zabo.—Efesu 5:5; 6:1-4.
Ukuphila Ngaphambi Kokuzalwa
“Izinzwa zongakazalwa ziqala ukuzibonakalisa ngokushesha kunalokho esasikucabangela ngaphambili; futhi isimo namakhono amahle obuchopho aqala ukwakheka ngokushesha kakhulu kunalokho esasikukholelwa ngaphambili.” Lokho kwalotshwa abalobi bencwajana ethi Life Before Birth, eyakhishwa ngo-1984 yiFederal Minister of Youth, Family and Health eFederal Republic of Germany. Bakhuluma ngokuphila kongakazalwa njengokuwukuphila ‘okusesesimweni sakho esibuthakathaka kakhulu,’ baphawula ukuthi “izibopho zokuqala zengane kubazali bayo zidaleka esizalweni.” Bathi nakuba ngaphambili ososayensi abaningi babekholelwa ukuthi ukuphila kongakazalwa ngaphambi kokuba kube umuntu, kudlula ezigabeni zokuziphendukela kwemvelo, kusuka ekubeni ingqamuzana kube inhlanzi bese kuba uhlobo lwesilwane esikwazi ukuphila emanzini nasezweni, lemfundiso ayisekho ngoba “isayensi isithuthukile.” Bayakwemukela ukuthi ‘akusekho muntu okuphika ngokungathi sina ukuthi ukuphila kongakazalwa akukhona ukuphila komuntu othile. Umuntu akaqali ekuzalweni kwakhe ukuba umuntu.’
Lokhu kuyavumelana nendlela uMdali wokuphila ambheka ngayo ongakazalwa—njengomuntu ophilayo. Ikhuluma noMdali wayo, inceku kaNkulunkulu uDavide yaloba: “Wangaluka esiswini sikamame. Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo . . . Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami [“izingxenye zalo,” NW] zalotshwa encwadini yakho.”—IHubo 139:13, 14, 16.