Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 12/1 kk. 3-4
  • Ingabe Ulungile KuNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ulungile KuNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphelelwa Yithemba Osukwini Lwanamuhla
  • AmaSonto Nesono
  • Ukuvuma
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Ukuvuma Izono—Indlela Yomuntu Noma EkaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukuvuma Izono—Ingabe Kunokuthile Okuntulekayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukulunga Phambi KukaNkulunkulu—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 12/1 kk. 3-4

Ingabe Ulungile KuNkulunkulu?

ABANTU abaningi bangase bangayiboni injongo yalowombuzo. Ngokombono wabo, ukuba nomuzwa nje wokuthi ngokwakho ulungile kubaluleke kakhulu. Isisho esithandwayo kulezinsuku esithi ‘Zenzele into yakho.’ Esinye sithi ‘Ungazinyezi.’

Lona akuwona nje umbono wabasha abambalwa abagcwele isimo sokuphila ‘kokungabacabangeli abanye.’ Ngokwesibonelo, eFrance, lapho abantu bakhona abangamaphesenti angama-82 bengamaKatolika abhapathiziwe, ukuhlola okwenziwa ngo-1983 kwembula ukuthi abantu abangamaphesenti amane kuphela abamukela umqondo wesono. EUnited States, eminyakeni eminingi edlule uDr. Karl Menninger, okuthiwa “ungumsunguli wezokwelashwa kwezifo zengqondo eMelika,” wazizwa eshukunyiselwa ukuba alobe incwadi enesihloko esithi Whatever Became of Sin? Waloba kuyo ukuthi: “Njengesizwe, sayeka ngokomthetho ‘ukona’ eminyakeni engamashumi amabili edlule.” Isembozo sencwadi sasithi: “Igama elithi ‘isono’ cishe selinyamalele emagameni olimi lwethu.”

Ngempela, namuhla umqondo wesono usucashe kangangokuthi abantu abaningi, ngisho nalabo abathi bangamaKristu, bangaba nenkinga ekuchazeni ukuthi siyini ngempela isono.

Ukuphelelwa Yithemba Osukwini Lwanamuhla

Nokho, naphezu kwalokhu kuqedwa komqondo wesono, izinto ezihlukahlukene ezenzeka muva nje emhlabeni wonke ziye zathinta ukucabanga kwabantu. Enye yazo iyisibalo esikhulu sokukhishwa kwezisu emazweni amaningi athuthuke kakhulu emhlabeni. Amanye awo, nakuba “ubuKristu” buvelele kuwo, anemithetho eyekelela kakhulu yokukhishwa kwezisu. Lokhu kubulawa okwedlulele kangaka kwemibungu kuye kwaveza ukusabela abantu abaningi abenqaba umqondo wesono okumelwe bakuthole kunzima ukukuchaza.

Ngokwesibonelo, kungani abanye abesifazane abanombono wokuphila obavumelayo ukuba bakhiphe izisu kumelwe bazizwe benecala kamuva, kuze kube sezingeni lokugula ngengqondo? Nokho, “ukuhlola kubonisa ukuthi isibalo esiphakeme sabakhipha izisu siyehluleka ukuzifanelanisa nezimo,” ngisho naseYugoslavia yobukhomanisi. (The New Encyclopædia Britannica) UProfesa Henri Baruk, ilungu leFrench Academy of Medicine, uchaza lenqubo njengebangelwa ukweqiwa “kwesimiso esibalulekile esilotshwe enhliziyweni yabo bonke abantu.” Silotshwe ubani?

Okunye kwamuva okuye kwathinta ukucabanga kwabantu izifo ezandile emhlabeni wonke ezithathelwana ngobulili. IAIDS (Acquired Immune Deficiency Syndrome), nezinga layo eliphakeme labafayo, iye yabangela ukungabaza okungapheli nokuxakeka kubantu abaningi okucatshangelwa ukuthi ubuhlobo bobulili obungenamingcele buye babalethela ukukhululeka ekwesabeni inyoka efile okuyisidala. Ukulahlekelwa okukhulu abaningi abakutholayo ngenxa ‘yenkululeko’ yabo yobulili ibangela abanye babo ukuba bazibuze ukuthi, kakade, ingabe leso akusona isijeziso sabo. Bajeziswe ubani?

Izikhumbuzo ezinjalo zosuku lwanamuhla zokuthi umuntu ngeke azidelele izimiso zokuziphatha ngaphandle kokuthola isijeziso zenza abanye abantu abahlakaniphile balungise imibono yabo yesono nokungathi sína kwaso kuNkulunkulu.

AmaSonto Nesono

“Isono salelikhulu leminyaka siwukulahleka kwawo wonke umqondo wesono.” UPapa Pius XII wakhuluma lawomazwi anamandla emuva lé ngo-1946. Ngokusobala, isimo siye saba sibi ngokwedlulele kusukela lapho. Ebufakazini bakhe bamuva besono nangokusivuma, okuthiwa “Ukubuyisana Nokuphenduka Ezonweni,” uPapa John Paul II wacaphuna lawomazwi kamanduleli wakhe futhi wakwenqaba lokho akubiza ngokuthi ukusibekelwa komqondo wesono emphakathini wanamuhla ongakholwa.

UPapa wabuye wakhumbuza abapristi abangamaKatolika, namaKatolika ewonke, ukuthi ukuvuma izono ndawonye nokuthethelelwa kwazo, njengoba kwenziwa namuhla emasontweni amaningi amaKatolika, akukuhle ngempela. Wabonisa ukuthi ukuvuma izono komuntu ngamunye “kuwukuphela kwendlela evamile nenengqondo” yokugcina isenzo esingcwele sokuphenduka ezonweni. Emfundisweni yamaKatolika ukuphenduka ezonweni kuhlobene nemisebenzi emihle ekubuyiseleni ubudlelwane besoni noNkulunkulu.

Amasonto amaningi obuProthestani ayasiphika isidingo sokuvuma izono ngasese kumpristi. Abambelela ekutheni ukuvuma kuNkulunkulu kwanele ukuze uthethelelwe izono, kodwa abanye bakhetha ukuvunywa okujwayelekile kwezono nokuthethelelwa kwazo okwenziwa ‘eSidlweni SeNkosi.’ AmaProthestani amaningi akholelwa ukuthi ukholo lulodwa ludingekile ukuze ube ngolungile phambi kukaNkulunkulu.

Izimfundiso ezinjalo ezishayisanayo emasontweni azibiza njengawobuKristu endabeni yokuvuma izono, ukuphenduka ezonweni, nokuhlangulwa, noma indlela yokuthola ukuma okuhle phambi kukaNkulunkulu, kushiya abantu abaningi bedidekile. Banomuzwa ongaqondakali wokuthi kufanele ngabe benza okuthile ukuze babe ngabalungile kuNkulunkulu, kodwa abazi ukuthi kumelwe benze kanjani.

Isihloko esilandelayo sizochaza ukuthi kungani kumelwe sibe ngabalungile kuNkulunkulu futhi sizohlola imibono yobuKatolika neyobuProthestani “ngokuhlangulwa.” Ezinye izihloko ezimbili zizochaza lokho iBhayibheli elikufundisayo ngendaba yokuthola ukuma okuhle phambi kukaNkulunkulu, nokuthi lokhu kukuthinta kanjani.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela