Umyeni Wakhe Wammangalisa
Lapho osebenza ngezingcingo eTexas enikeza asebenza nabo incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, ebabonisa imifanekiso emihle nokwaziswa okubalulekile, bathatha ingqikithi yezincwadi ezingama-50. Uchaza lokho okwenzeka lapho omunye wesifazane ethi wayeyothanda ukuba neyakhe.
“Ngiyaxolisa ngokuthi ngiye ngakucela ukuba ungiphathele leyoncwadi,” kwasho owesifazane.
“Ngani?” ngabuza.
Waphendula, “Bengingazi ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova, futhi umyeni wami uyanizonda.”
Ngaphendula, “Oh, ngiyaxolisa uma ezizwa ngaleyondlela.” Kodwa ngiphawula akuthi yayimhlabe umxhwele ngempela lencwadi, ngathi: “Siza uyithathe uye nayo ekhaya futhi umbonise yona, kuyothi-ke uma engayithandi ungibuyisele yona.”
“Wathi, “Kulungile”
“Ngobusuku obulandelayo ngahlangana naye, futhi wathi, “JoAnn, ngijabula kakhulu. Ngiye ngaya nencwadi ekhaya futhi ngayibeka ekhabetheni lasekhishini. Ngahamba ngayothenga ukudla esitolo. Lapho ngibuya, umyeni wami wayehleli phansi nezingane ebafundela lencwadi. Wangibuza ukuthi ngangiyithathephi lencwadi, futhi ngamtshela ukuthi koFakazi BakaJehova. Wathi, “Uyazi, yincwadi enhle ngempela. Ake ubheke zonke lezithombe, futhi ekugcineni kwekhasi ibonisa lapho ungathola khona ukwaziswa eBhayibhelini.”
Sinomuzwa wokuthi nawe, futhi, uyoyijabulela lencwadi enemifanekiso emihle, ebhalwe ngokugqamile. Izindaba zayo zeBhayibheli eziyi-116 zinikeza umfundi umbono walokho iBhayibheli elikhuluma ngakho. Lezindaba zivezwe ngendlela izenzakalo ezenzeka ngayo emlandweni. Uyoyithola iwusizo kakhulu ekufundeni isikhathi izinto ezenzeka ngaso emlandweni, ngokuhlobene nezinye izigigaba. Zitholele lencwadi ewusizo enamakhasi angama-256 ngokugcwalisa nokuthumela lesiqeshana.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, ngayo ngifaka u-R3,50.