Ukuqondisisa Izindaba
ISonto Elithulile LaseArgentina
“Isonto elingcoliswe igazi laseArgentina,” kusho isihloko seNational Catholic Reporter yangoApril 12, 1985. Ngokumangalisayo, izamakhamizi ezilinganiselwa ezi-10 000 kuya ezi-30 000 zathunjwa futhi zabulawa ngaphandle kokubekwa icala ngaphansi kukahulumeni wezempi wesikhathi esidlule waseArgentina. Nokho izingqapheli zithi iziinkulungwane zokuphila okungenecala ngabe zalondolozwa uma iSonto lamaKatolika lalenqabile. Kunalokho, umbiko uthi, “iSonto laseArgentina—ngaphandle kwabambalwa abangamaqhawe—lazishaya elizithulele kuyo yonke iminyaka eyisikhombisa yokuthunjwa,” eyaphela lapho uhulumeni ongesiye owezempi ethatha amandla okubusa ngo-1983. Okubi ngokungaphezulu, amanye amalungu abefundisi abambisana nohulumeni wezempi.
Kungani isonto lalithule? Ngokwengxenye, kungoba lalisaba ukuphindiselwa. Kodwa iphephandaba lisho esinye isizathu: “Ababhishobhi nabo bamukela amasosha njengomthombo wamandla.” Anikezwa amalungelo amaningi. Umbiko uyaphetha: “Okuhlangenwe nakho kweArgentina kufana ncimishí nesenzo sesonto lamaKatolika eJalimane yamaNazi, futhi kuphakamisa umbuzo wokuthi amandla abaluleke ngokungaphezulu yini esontweni kunokubaluleka okukhulu kweVangeli kokuba ufakazi weqiniso.”
Lokhu kubonisa ubulima benkolo bokufuna ukuthandwa imibuso yezombangazwe. Kungaholela ekulahleni izimiso. Ngokuthakazelisayo, incwadi yesAmbulo igxeka ukuxhumana kweSonto noMbuso lapho ichaza umbuso wezwe wenkolo yamanga njengesifebe “afeba naso amakhosi omhlaba.” (IsAmbulo 17:2) Akumangalisi ukuthi uJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bangabi ‘yingxenye yezwe.’−Johane 15:19, NW.
“Ukwehluleka Ukuzondla”
“Akunakwenzeka ukuba uhambe eAfrika namuhla ngaphandle kokuba ubone izithombe eziningi zamasosha,” kusho iBulletin of the Atomic Scientists. Kodwa ukusetshenziswa kwemali kanye namasosha ukuze kusekelwe amabutho ezempi kuholela endlaleni, ikakhulukazi lapho impi igqashuka. IBulletin inikeza ezinye izibonelo: “ETopiya, eChad, eMozambique, eAngola, eSudan naseUganda ukuvukela umbuso okungathi sína futhi ngokuvamile okuthatha isikhathi eside, izimpi, noma imibango yasemngceleni kuye konakalisa isisekelo sezomnotho, kwabhubhisa izivuno, futhi kwagxilisa ukuhlupheka komuntu.” Umbiko uthi: “Esifundazweni esinezinkinga ezimbi njengalezi, kuhlanganise nokwehluleka ngokuyisisekelo ukuzondla, ukusetshenziswa kwesamba semali kanye namabutho amakhulu ngenjongo yezimpi kuyadabukisa.”
Kudabukisa ngempela! Ngokufanelekile, incwadi yesAmbulo ibonisa lezizimo ngokomfanekiso. Ichaza umgibeli wehhashi ophethe inkemba ogibele ehhashini elibomvu, ‘owaphiwa ukususa ukuthula emhlabeni’ ngempi. Khona-ke, ngokushesha ngemva kwalo, kulandela ihhashi elimnyama elinomgibeli walo omemezela impi. (IsAmbulo 6:3-6) Inhlanganisela yempi nendlala eAfrika ingesinye isibonelo salokhu kugcwaliseka kwesiprofetho osukwini lwethu.—Bheka futhi uMathewu 24:6-8.
“Ukuphila Okuyisicefe”
“Umbono ovamile wosozimali betamasa osebeni lolwandle lwaseSt Tropez, bethamele emaqeleni aseAspen, beshayela amaCadillac abo noma amaRolls-Royce beya emijahweni noma bezibhema nje ugwayi wabo ophambili, ukude kakhulu nokuba ngokoqobo.” Kusho iThe Guardian Weekly embikweni wayo wokuhlola kwamuva okwenziwa uDr Thomas Stanley waseYunivesithi yasedolobheni laseGeorgia. “Usozimali osesilinganisweni waseMelika uphila ukuphila okuyisicefe.” Kungani? Ngoba usebenza amahora amade kunawabanye abantu—ngokuvamile amahora angama-75 ngesonto. “Abantu abaningi abacebile bedolobha bamane nje bangosomabhizinisi abancane abaphila ukuphila okuyisicefe, futhi okunzima.” Bagcina imali yomhlala-phansi. Kodwa ngenxa yezimiso zabo zomsebenzi eziwohlozayo, abaningi bafa ngaphambi kokuthola umhlala-phansi. Abantu abanjalo banesikhathi esincane sezinjabulo zokuphila.
Ngokuphambene, indoda ehlakaniphile yezikhathi zasendulo yatusa: “Abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.” (UmShumayeli 3:12, 13) Esikhundleni sokuphila ukuphila okuyisicefe, umsebenzi womuntu kumelwe ube ngowanelisayo, omenza akwazi ukujabulela izinto ezinhle, ezingenamicikilisho ezilungiselelwa uNkulunkulu. Khona-ke, ngokuhlakanipha, amaKristu eqiniso ayakubalekela ukuphishekela ingcebo okuyize. Ayazi ukuthi ukwaneliseka kwangempela kuza ‘ngokuzibekela ingcebo ezulwini, hhayi emhlabeni.’—Mathewu 6:19, 20.