Ukungafuni Ukubuswa UNkulunkulu—Kungani Kungenakuphumelela?
“NGIFUNA ukuzijabulisa.” “Ngikhathele ukutshelwa lokho ekufanele ngikwenze!” “Suka emva kwami!” Izinkulumo ezifana nalezi zingase zibonise umoya wokuzibusa. Ngezinye izikhathi lamazwi angezwakala ephuma ezindebeni zamaKristu.
AmaKristu angonakaliswa kanjani umoya wokuzibusa, ngisho nokungafuni ukubuswa uNkulunkulu? Ngokuvamile kuqala ngokuba nombono ophambene ngezimfuneko zikaJehova uNkulunkulu. (IHubo 73:2, 13, 14) Abheka imithetho kaNkulunkulu njengemigoqo eyimfeketho kunokuyibheka njengevikela injabulo yawo ekuphileni. Ubukhazikhazi nokukhanga kwalelizwe elingamesabi uNkulunkulu kuye kwawayengela ekukholelweni ukuthi alahlekelwa yinjabulo. Kuthiwani ngawe? Unamuphi umuzwa ngokungafuni ukubuswa uNkulunkulu?
Inkinga Endala Kakhulu
Ukungafuni ukubuswa uNkulunkulu akuyona into entsha. Cishe kudala njengomuntu. Umoya wokuzibusa waqala ngoSathane uDeveli. Wayengela owesifazane wokuqala, uEva, ekukholelweni ukuthi wayengajabula kangcono kuphela nje uma ayekhululekile ekuqondiseni koMdali. UEva wakholelwa ukuthi inkambo enjalo yokuzibusa yayizomenza athole okuhlangenwe nakho okuningi okuhle nezinjabulo uNkulunkulu ayemgodlele zona.—Genesise 3:1-5; IsAmbulo 12:9.
Ephuphuthekiswe izifiso zakhe ezintsha zobugovu, uEva wancenga umyeni wakhe ukuba naye ahlanganyele ekuhlubukeni. UAdamu naye wakhetha ukungabuswa uNkulunkulu. Umphumela: Usizi lwathatha indawo yenjabulo. Isono, ihlazo, ukugula, ubuhlungu, nokufa kwalandela, hhayi ngoAdamu noEva kuphela, kodwa futhi nangayo yonke inzalo yabo.—Genesise 3:6, 16-19; Roma 5:12.
EBhayibhelini kulotshwe ukuthi nezingelosi zanquma ukulandela inkambo yokungafuni ukubuswa uNkulunkulu ngokuzifunela injabulo engavunyelwe ‘namadodakazi abantu amahle.’ Ingabe inkambo enjalo yokuzibusa yaletha ukwaneliseka kwangempela? Cha. Kunalokho, yabangela ukuziphatha okubi kakhulu nobudlova obenza uJehova azimisele ukuba abhubhise lelozwe labantu abangamesabi uNkulunkulu. Izingelosi ezizibusayo zaba ngamademoni, lawo manje akhuthaza umoya omubi ofanayo wokuhlubuka phakathi kwesintu.—Genesise 6:1-7, 11; Efesu 2:2; Juda 6-12.
Isidingo Sokuqondisa Kwaphezulu
Amaqiniso angenhla kumelwe asisize ukuba sazise iqiniso eliyisisekelo: Ukuze athole ukuphila okuphumelelayo nokujabulisayo, umuntu kumelwe athembele ekuqondiseni kukaNkulunkulu. Kungalesizathu iBhayibheli lithi: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Indoda yasendulo ehlakaniphile uSolomoni yaqaphela ingozi yokuzibekela izindinganiso zomuntu siqu ngokuphila ngaphandle kokuqondisa kwaphezulu. Wabhala: “Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.”—IzAga 14:12.
Ake sichaze leliphuzu ngezindlela ezimbili. Uma bonke abashayeli bezindiza bengakunaki ukuqondisa okunikezwa ezikhumulweni zezindiza bese behlisa izindiza zabo noma ngasiphi isikhathi noma endaweni abayithandayo, ukuhamba ngendiza bekungaba okulondeke kangakanani? Noma uma iqembu lezisebenzi ezakhayo lilahla amapulani futhi kube yileso naleso sinqume ukuzenzela njengokuthanda kwaso ngengxenye yaso esakhiweni, bekuyophumela ohlotsheni olunjani lwesakhiwo? Siyazi ukuthi izimiso kumelwe zilandelwe uma kumelwe kube khona noma imuphi umphakathi ohlelekile.
Akekho omunye ofaneleka kangcono ukunikeza leziqondiso kunoMdali womuntu, uJehova. Ngenxa yokuba uMdali, uJehova uNkulunkulu, hhayi isidalwa esingumuntu, unelungelo eliphelele lokumisa izimiso izidalwa zakhe ezihlakaniphile okumelwe ziphile ngazo. Uyakwazi ukulinganiselwa kwethu; wazi ngokuqondile ukuthi ukuphi umngcele phakathi kwenjabulo nosizi. (IzEnzo 17:26, 27) Ngase sonke isikhathi, okuhlangenwe nakho kokuphila kufakazela ukuthi indlela kaNkulunkulu ngempela iyasebenza. Iyindlela engcono kakhulu ngathi.
Akudingekile ukuba siqagele ukuthi ziyini izindinganiso zikaJehova; ngomusa uyasitshela eZwini lakhe, iBhayibheli: “Lencwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengalokho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.” (Joshuwa 1:8) Umphostoli uPawulu uchaza indlela izindinganiso zikaNkulunkulu eziphelele ngayo. Wabhala kweyesi-2 Thimothewu 3:16, 17: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.”
UJehova usimema ukuba sihlole izindinganiso zakhe, ‘ukuze sihlolisise okuyintando kaNkulunkulu okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.’ (Roma 12:2) Yebo, ukuze senze lokhu ngokufanelekile, ukulitadishisisa iBhayibheli kudingekile. Kungakhathaliseki ukuthi sisebasha ekutadisheni iBhayibheli noma sesinamashumi eminyaka sitadisha iZwi likaNkulunkulu, umgomo wokuzuza ulwazi oluqondile nokuqondisisa ngentando kaNkulunkulu kubalulekile. Uma sehluleka ukuqeqesha umqondo wethu ngokuwusebenzisa, ngeke silondoloze isiqondiso sikaJehova ngombono okhanyayo.—Heberu 5:14.
Ukungazinaki izindinganiso zikaNkulunkulu kuwukumema inkathazo. Kumane kunezithiyo eziningi umuntu okumelwe abhekane nazo ukuze aphumelele endleleni acabanga ngayo. Okokuqala, umuntu kudingeka alwe namathonya obuqili angaphezu kwawomuntu kaSathane namademoni akhe. (1 Johane 5:19; IsAmbulo 12:12) Bese kuba isimiso sezinto sezwe lonke sabantu esigcwele umoya wokungalaleli nowobugovu obukhulu. (Efesu 2:2; 1 Johane 2:15-17) Futhi, yebo, ukungapheleli kwethu nemicabango yenhliziyo ekhohlisayo kumelwe kulwiwe nakho. (IHubo 51:3-5; Jeremiya 17:9, 10) Ngakho-ke ukuphila ngaphandle kokuqondisa kukaJehova kufana nokugibela emotweni engenalo isondo lokuqondisa.
UJesu Kristu uyisibonelo esihle somuntu owaba nokwazisa ngokuqondisa kwaphezulu. Nakuba ayephelele, wathi ngaye: “INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uyise ekwenza.” (Johane 5:19) UJesu akazange aphilele ukuzijabulisa. Kwesinye isenzakalo wathi. “Angizenzeli lutho ngokwami: lokho uBaba angifundise khona yilokho engikushumayelayo; lowo ongithumile unami, futhi akangishiyanga ngedwa, ngokuba ngenza njalo okumjabulisayo.” (Johane 8:28, 29, The Jerusalem Bible.) Ingabe uyafuna ukuqondiswa indinganiso efanayo uJesu Kristu ayiqaphela?—1 Petru 2:21.
Inzuzo Yokwamukela Ukuqondisa Kwaphezulu
UJehova “uNkulunkulu othokozayo.” (1 Thimothewu 1:11, NW) Akafuni ukusincisha ukwenama okuhle, ukwesasa, noma injabulo. Cabanga kancane ngamazwi abekwe ngokucacile atholakala kwabaseRoma 1:28-32. Imiphumela yokungafuni ukubuswa uNkulunkulu iletha kuphela imiphumela emibi, ngoba lamazwi athi:
“Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele, begcwele konke ukungalungi, nokonakala, nesangabe, nobubi; begcwele umhawu, nokubulala, nokuphikisana, nenkohliso, nobuqili, nokuhleba; beyizinyevuzi, nabazonda uNkulunkulu, nezidlova, nabazidlayo, nabazigabisayo, nabaqambi bokubi, nabangalaleli abazali, nabangenangqondo, nabangathembekile, nabangenaluthando, nabangenasihawu, abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.”
Ngakolunye uhlangothi, labo abakhetha ukulandela izindinganiso zikaNkulunkulu bakhuthazwa ukuba bakhumule umuntu omdala onomoya wokuzibusa futhi esikhundleni sawo bembathe omusha ofana nokaKristu. Umuntu omusha uhlanganisa ukuba nomusa, ukuba nobubele, ukuthethelelana. (Efesu 4:20-32) Futhi ubonisa izithelo zomoya kaNkulunkulu: “uthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba.”—Galathiya 5:22, 23.
Ngemva kokubhekisisa lobubuntu obubili, uluhlobo luni lomuntu wena? Ibuphi phakathi kwabo ongakhetha ukububona kubangane bakho?
Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lifundisa ukuthi esikhathini esiseduze kakhulu bonke abantu abangamesabi uNkulunkulu bayobhujiswa ngesandla sikaNkulunkulu. (2 Petru 3:7; 2 Thesalonika 1:7-9) UJesu Kristu wabikezela ukuthi ngaphambi nje kwalokhu kuhlanzwa kwaphezulu komhlaba, cishe bonke abantu bayobonisa ukungakhathaleli ukulandela izindinganiso zikaNkulunkulu njengabantu bosuku lukaNowa. (Luka 17:26-30) Khona-ke kungokuphuthumayo ukuba sibe nokwazisa okugcwele ngenzuzo yeziqondiso uNkulunkulu azimisile. Ukuze sisinde, lokhu kudingekile kithi namuhla njengoba kwakunjalo ngoNowa osukwini lwakhe.
Ngakho-ke, ukungafuni ukubuswa uNkulunkulu akuyilethi injabulo yangempela; ukwenza intando kaNkulunkulu kuyayiletha. Labo abazithoba ekuqondiseni kukaJehova bayovuzwa ngokuphila okuphakade emhlabeni ogcwaliswe ngabantu abanobuntu obufana nobukaKristu.—IHubo 37:27-29.
[Isithombe ekhasini 5]
Luhlobo luni lwesakhiwo oluyokwakhiwa uma isisebenzi ngasinye silahla amapulani futhi sakha ngokuzithandela?
[Isithombe ekhasini 6]
Unenkululeko yokuhamba, kodwa ukuze ukwenze ngokulondeka kumelwe ushayele imoto yakho kuphela phakathi kwemingcele engokomthetho