“Ngagcwala Injabulo”
UBurt uhlala eNgilandi. Waba namasonto ayisithupha eAustralia, evakashele umfowabo uEric nomkakhe abangoFakazi BakaJehova. Engowenkolo ehlukile, uBurt wangabaza lapho umfowabo emmemela emhlanganweni eHholo LoMbuso. Kodwa wamangaliswa umoya ofudumele, wobungane amukelwa ngawo, ngemva kokubuyela kwakhe eNgilandi, wabhalela ibandla lencwadi yokwazisa:
“Kumelwe ngivume ukuthi angiyena uFakazi, ngiyilungu elishisekayo leSonto laseSheshi, ngakho ngangimane nje ngizidonsa ukuba ngihambe noEric noJoan ngiye ekukhulekeleni kwabo kwangeSonto.
“Kwakungadingekile nokuthi ngize ngesabe. Ukwamukelwa engakuthola cishe kulo lonke ibandla kwakungekhona nje okobuzalwane kuphela nokobuqotho kodwa futhi ngagcwala injabulo yokuthi, nakuba ngangiyisihambi ngokuphelele, angamukelwanga, njengesivakashi kodwa njengelungu elamukelekile lebandla.
“Nakuba ngingazange ngiyiqonde ngokugcwele inkonzo yenu nobufakazi, kodwa ngaphuma ekupheleni komhlangano nginomuzwa wokuthi ngizuze kakhulu kokuhlangenwe nakho futhi ngimangaliswa ukuthi kungani uthando nobuqotho lobo obabukhona phakathi nayo yonke inkonzo babungasakazeki kulo lonke lelizwe lethu elinezinkathazo.
Yimina othembekile,
UBurt B.”