Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Inyoka yakhuluma kanjani noEva ekumlingeni kwayo ensimini yase-Edene?
UGenesise 3:1 uthi: “Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: Ningadli emithini yasensimini, na?”
Kuye kwacatshangelwa izindlela ezihlukahlukene ngendlela inyoka eyakhuluma ngayo noEva, kuhlanganise nokuthi yenza kanjalo ngolimi lokushukuma komzimba. Ngokwesibonelo, umfundisi oyiNgisi uJoseph Benson wathi: “Asitshelwa ngendlela eyakhuluma ngayo kuye: kodwa kubonakala kunokwenzeka ukuthi kwakungezimpawu zohlobo oluthile. Ngempela, abanye baye bacabangela ukuthi ukuhlakanipha nenkulumo kwakuyizimfanelo ezaziwayo zezinyoka ngalesosikhathi, nokuthi, khona-ke, uEva akazange amangale ngokucabanga nokukhuluma kwayo, abacabanga ukuthi ukuba kwakungenjalo wayeyomangala: kodwa akukho siqinisekiso salokhu.”a
Kuye kwacatshangelwa ukuthi khona kanye ukuba khona kwenyoka nezenzo zayo kwakungadlulisela isigijimi. Yebo, kwakungekhona ezilwaneni, kodwa kumuntu (uAdamu), lapho uNkulunkulu athi: “Ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.” (Genesise 2:17) Nalapha, ukuba inyoka—eyaziwa ‘njengenobuqili’ kakhulu—yayisemthini, uEva wayengaphetha ngokuthi umuthi wawungenakuba nengozi kangako. Inyoka yayingenza ngisho nokushukuma kokukhohlisa okwakuyobonakala kubonisa ukuthi ukuhlangana kwayo nomuthi kwakuyilethele izinzuzo.
Nokho ukunyakaza nje komzimba akukulandisi konke esikufunda kuGenesise 3:1-5, njengokuthi inyoka yabonisa ukuthi uEva wayeyoba njengoNkulunkulu futhi akwazi ukunquma phakathi kokuhle nokubi. Ngokungaphezulu, umlando ophefumlelwe ubonisa ukuthi inyoka “yathi kowesifazane.” Ngokusobala, uEva waphendula ngenkulumo. Khona-ke, ‘inyoka yasho kowesifazane’ okuthile okwengeziwe. Uma, njengoba uJoseph Benson enza, sibambelela ekutheni inyoka yakhuluma ngezimpawu noma ngokushukuma nje bekungaholela embonweni wokuthi uEva wasabela ngendlela efanayo, ephendula ngokushukuma komzimba.
Nokho, umphostoli uPawulu wabhekisela kulesisenzakalo futhi waxwayisa amaKristu aseKorinte, “nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa uEva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa.” Leyongozi yayivela ‘kubaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo.’ Ngokuqinisekile usongo ‘abaphostoli abaqhamileyo kakhulu’ abalunikeza lwalungaphezu kolwalwenziwa ngokushukuma nangokubonakala; lwaluhlanganisa ukukhuluma kwabo, amazwi abo obuqili ayekhulunywa ukuze kudukiswe abanye.—2 Korinte 11:3, 5, 13.
Nokho, inyoka engokoqobo yayingenayo imisipha yephimbo eyayingakhuluma inkulumo, akunjalo? Akukho lutho olusikisela kanjalo. Kodwa futhi yayingayidingi. Lapho uJehova ekhuluma noBileyamu ngembongolo, lokho kwakungasho ukuthi imbongolo yayinomphimbo wezwi oyinkimbinkimbi ofana nalowo owawusemphinjeni kaBileyamu ongumuntu. Siyafunda: “UJehova wavula umlomo wembongolo, yathi kuBileyamu . . . ” UBileyamu wawuphendula umbuzo wesilwane, ebangela ukukhulumela okwengeziwe kwalesilwane sona ngokwaso esasingakwazi ukukhuluma inkulumo yomuntu. (Numeri 22:26-31) Kulesosenzakalo, uJehova wavula amehlo kaBileyamu wabona kukhona ingelosi, umoya ongaphezu komuntu. Ngakho lapho ‘imbongolo eyisimungulu ikhuluma ngezwi lomuntu,’ imbangela namandla esenzo kwakuvela emandleni omoya.—2 Petru 2:16.
Khona-ke, ingabe uJehova wasebenzisa uhlobo oluyisimangaliso lokuveza izwi komunye umthombo? Mhlawumbe, kodwa ngeke siqinise ngendlela ethe ngqó eyasetshenziswa. UJohane 8:44 nesAmbulo 12:9 ubonisa ukuthi umuntu owayengemva kwenyoka engokoqobo e-Edene kwakuyilowo ‘othiwa uMhlebi noSathane.’ Naye, ngokufanayo, ungumoya ongaphezu komuntu, kodwa omubi.—Qhathanisa no-1 Samuweli 28:7, 8, 15-19.
Ngokomphumela, ngisho nakuba ukushukuma okungokoqobo kwenyoka kwakuhloswe ukuqinisa isigijimi sayo kuEva, ngokusobala inkulumo engokoqobo—amazwi azwakalayo uEva ayengawezwa futhi asabele kuwo—ayehilelekile. Futhi lokhu kwashoshozelwa umkhohlisi omkhulu, uSathane, ‘oziguqula ingelosi yokukhanya.’—2 Korinte 11:14.
[Umbhalo waphansi]
a Ngo-1907, uC. T. Russell wabhala: “Ukuthi yakhuluma ngezwi elizwakalayo noma ngezenzo zayo kuphela ngeke sazi—kodwa kungenzeka impela kube ilokhu kokugcina, njengoba ngezinye izikhathi sisho, ‘Izenzo zikhuluma kakhulu kunamazwi.’”