Ukuqondisisa Izindaba
Ukubikezela Ikusasa
“Ikusasa ngokuqinisekile akulona elivamile!” kusho uhla lomhleli kuCompressed Air Magazine yamuva. Lwalubhekisela ezibikezelweni ezenziwa kusukela ngawo-1930 kuya ko-1950, lapho “izazi zangalesosikhathi ezazinokukholelwa okuyize ngempela kuhulumeni nasesayensini, futhi zabikezela ukusungulwa cishe kwendlela enhle kakhulu yokuphila ngaphambi konyaka ka-2000.” Uhla lomhleli luthi “eminingi yalemibono emihle ayizange neze ibe ngokoqobo.” Ngani? Kwakucatshangelwa ukuthi emva kweMpi Yezwe II “zonke . . . izinkinga sase sizishiye ngemuva,” futhi, ngokwamukelekile, “kwenziwa intuthuko emangalisayo yolwazi lwezemisebenzi.” Nokho iminyaka eyalandela impi yaletha “izinkathazo eziphindaphindiwe esintwini, kwezombangazwe, kwezenhlalo nakwezezimali.” Manje, lomagazini uthi, “sesinokuhlakanipha okungcono, futhi asisabheki uhulumeni nolwazi lwezemisebenzi njengekhambi lazo zonke izinkathazo.”
Okunjalo “ukukholelwa okuyize” empumelelweni yomuntu kuye kwagwenywa abafundi beBhayibheli abaqotho abaye bathatha iseluleko esithi: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.” (IHubo 146:3) Ngokusekelwe eziprofethweni zeBhayibheli ezingaphuthiyo, labafundi beBhayibheli bamemezela ukuthi izimo zaleminyaka zizoqhubeka ziba zimbi, kuze kube yilapho uNkulunkulu engenela khona futhi ebeka esikhundleni sakho konke ukubusa komuntu uMbuso wakhe.—Daniyeli 2:44; Mathewu 24:6-8, 14.
Nakuba zibhekene nezinkathazo ezingokwenhlalo ezifanayo ezizizungezile, izinceku zikaNkulunkulu azinakho “ukungabaza ngezimo” lokho okushiwo umbhali. Kunalokho, zilandela iseluleko sikaJesu: “Lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.”—Luka 21:28.
Kusenendawo Yabengeziwe
Inani labantu abakhileyo emhlabeni, muva nje elilinganiselwa ezigidini zezigidi ezine nengxenye, lilindeleke ukuba likhule libe izigidi zezigidi eziyisithupha ngonyaka ka-2000, futhi lifinyelele ngisho nezigidi zezigidi eziyishumi nengxenye ngonyaka ka-2110. “Ingabe abantu abayizigidi zezigidi ezine nengxenye baningi? Baningi kakhulu? Ingabe izigidi zezigidi eziyi-10 ngeke zibe nendawo noma ingabe umhlaba ungakwazi ukuzondla?” kubuza uHans W. Jürgens, uprofesa wesayensi yezenhlalo neyenani labantu abakhileyo eYunivesithi yaseKiel, eFederal Republic yaseJalimane. Ebhala kumagazini iGeo, uphawula ukuthi umhlaba usenenkulu “indawo yeziningi ezengeziwe izigidi ngezigidi zabantu,” lezo ezingaphila kahle uma ushintsho oluhambisanayo ekuphileni nasezimweni ezingokomnotho lungase lwenziwe. Uthi, ubuzwe, buvimbile. “Uma nje sisavumela futhi sisathuthukisa ukuzigqaja ngobuzwe—futhi nenhlangano Yezizwe Ezihlangene ngephutha isafeza ingxenye enkulu kulokhu—kuyoba nzima ukuba sisebenzise umhlaba wethu ngokugcwele, lokho ngokomthetho, okunokwenzeka.”
Khona-ke, umuntu akudingekile ukuba amangale, ngokuthi umhlaba ungase ukwazi ukondla inani elikhulu labantu, labo ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanelekile, abayokhululwa ethuneni lesintu elivamile. (Johane 5:28, 29; IsAmbulo 20:12, 13) Bayobuyiselwa, hhayi emhlabeni ohlukaniswe ubugovu, izithakazelo zobuzwe, kodwa kulowo onokulunga, onokuthula, futhi oyokwazi ukukhiqiza inala yokudla kwabo bonke.—IHubo 72:7, 8, 16.
“Indawo Engayikhathaleli Inkolo”
Abantu abasemidlalweni yaseshashalazini yethelevishini babhekene “nezinkinga ezifanayo nokukhetha lokho abantu abavamile abazihambela emigwaqweni ababhekene nakho usuku ngalunye.” Kusho umbhali wezincwadi uBenjamin J. Stein, ebhala ngaphansi kwesihloko esingenhla kuThe Wall Street Journal. “Kodwa esinye sezici eziyinhloko ekwenzeni izinqumo ezingokoqobo esintuleka ngempela kuthelevishini: inkolo.” Nakuba okuthile okuphathelene nenkolo kungase kube khona kumabhayisikobho, uMnu. Stein uthi, “ngezikhathi eziyinhloko okubukelwa ngazo ithelevishini, ayiveli neze inkolo. Noma nini lapho kuvela khona inkinga edinga isinqumo esihle—leyo eyaye ibe khona cishe esithombeni ngasinye—ukusabela okuvelayo kusekelwa olwazini oluthile olucatshangelwayo lwalokho okuhle nokubi, iseluleko somngane, iseluleko esikhunjulwayo, noma, cishe ikakhulukazi, kuxhomeka ezimweni.”
Abazali ikakhulukazi kumelwe basiqaphele isimo lapho “kungekho muntu . . . oxoxa ngisho ngenkolo njengewumqondisi ekuphileni kwakhe,” njengoba uMnu. Stein ephawula. Imiqondo yezingane ithonyeka kalula futhi zithambekela ekulingiseni izenzo nemibono yabantu abadumile ezibabukelayo. Ngokuqinisekile kuyoba inkambo enokuhlakanipha ukubhekisisa ngokunakekela lokho okubukelwa kuthelevishini. Okubaluleke ngisho ngokwengeziwe, abazali benza kahle ngokuqeqesha abantwana babo ukuba basebenzise iBhayibheli njengomqondisi wabo. Abantwana kudingeka ukuba bakhuliswe “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi [uJehova].”—Efesu 6:4; Filipi 4:8.