Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 8/15 kk. 8-9
  • Uhambo Lokuya EJerusalema

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uhambo Lokuya EJerusalema
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhambo Oluphindaphindiwe Lokuya EJerusalema
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Umndeni Wakubo KaJesu Uthatha Uhambo Oluya EJerusalema
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Osemncane
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJesu Omncane Ethempelini
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 8/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Uhambo Lokuya EJerusalema

INTWASAHLOBO isifikile. Futhi sekuyisikhathi ngomkhaya kaJosefa, kanye nabangane nezihlobo, ukuba uthathe uhambo lwawo lwaminyaka yonke lokuya eJerusalema ukuba uyogubha iPhasika. Njengoba uhamba cishe uhambo lwamakhilomitha ayi-105, kunenjabulo evamile. UJesu manje useneminyaka eyi-12 ubudala, futhi ubheke phambili ngesithakazelo esikhethekile kulomkhosi.

KuJesu nasemkhayeni wakubo, iPhasika akuyona indaba yosuku olulodwa. Bahlalela futhi ezinye izinsuku ezilandelayo eziyisikhombisa zoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, abawubheka njengengxenye yenkathi yePhasika. Khona-ke uhambo lwabo selulonke ukusuka ekhaya eNazaretha, kuhlanganise nokuhlala kwabo eJerusalema, luthatha cishe amasonto amabili. Kodwa kulonyaka, ngenxa yokuthile okuthinta uJesu, luthatha isikhathi esijana.

Inkinga ibonakala lapho sebebuya eJerusalema. UJosefa noMariya bacabanga ukuthi uJesu useqenjini lezihlobo nabangane abahamba nabo. Nokho akabonakali lapho bema ebusuku ukuba balale, futhi bayamfuna phakathi kwalabo abahamba nabo. Akatholakali ndawo. Khona-ke uJosefa noMariya bahamba yonke indlela bebuyela eJerusalema beyomfuna.

Bamfuna usuku lonke kodwa abamtholi. Nangosuku lwesibili abamtholi. Ekugcineni, ngosuku lwesithathu, baya ethempelini. Lapho, kwelinye lamahholo alo, babona uJesu ehlezi phakathi kwabafundisi abangamaJuda, ebalalele futhi ebuza imibuzo.

‘Mntanami, ukwenzeleni lokhu okunjena kithi?’ Kubuza uMariya. ‘Mina noyihlo bese sikhathazeke kakhulu, sihamba sikufuna yonke indawo!’

UJesu kuyammangalisa ukuthi bebengazi lapho bengamthola khona. ‘Beningifunelani?’ uyabuza. ‘Beningazi yini ukuthi kumelwe ngibe lapha endlini kaBaba?’

UJesu akaqondi ukuthi kungani abazali bakhe bengakwazi lokhu. Ngenxa yalokho, uJesu ubuyela ekhaya nabazali bakhe futhi uyaqhubeka ebathobela. Uyaqhubeka ekhula ngokuhlakanipha nangokomzimba futhi ethandeka kuNkulunkulu nakubantu. Yebo, kusukela ebuntwaneni, uJesu ubeka isibonelo esihle hhayi kuphela ekufuneni izithakazelo ezingokomoya kodwa futhi nasekuboniseni inhlonipho kubazali bakhe. Luka 2:40-52; 22:7.

◆ Yiluphi uhambo lwasentwasahlobo uJesu ayelwenza njalo nomkhaya wakubo, futhi lwaluthatha isikhathi eside kangakanani?

◆ Kwenzekani phakathi nohambo lapho uJesu ayeneminyaka eyi-12 ubudala?

◆ Isiphi isibonelo uJesu asibekela intsha namuhla?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela