Ukuthola Injabulo Ezweni Eligcwele Inkathazo
“THOKOZANI eNkosini njalo-njalo,” kwasho umphostoli uPawulu. “Ngiyaphinda ngithi: Thokozani!” (Filipi 4:4) Kodwa ngabaningi, injabulo enjalo ibonakala ibaphunyuka. Abanye bayabuza ukuthi ‘Ungajabula kanjani lapho kudingeka ukuba ubhekane nobumpofu, ukuswelakala komsebenzi, ukusebenza nabantu abangenamthetho, ithonya lokuziphatha okubi, noma ukucindezeleka esikoleni?’
Bekungenakuba okufanelekile ngoNkulunkulu ukuba alindele abantu bakhe ukuba babe sesimweni senjabulo enganqamukiyo. UNkulunkulu ngokwakhe waphefumlela uPawulu ukuba abikezele ukuthi lezi kuyakuba “izikhathi ezinzima.” (2 Thimothewu 3:1-5) Nokho, iBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi ngisho ezimweni ezinzima kakhulu, umuntu angaba naso okungenani isilinganiso esithile senjabulo. UJesu, ngokwesibonelo, “wathwala isiphambano” futhi ‘waphikwa yizoni.’ Eqinisweni kwakungajabulisi ukubethelwa kabuhlungu esigxotsheni noma ukuklolodelwa izixuku. UPawulu waze wakhuluma ngobuhlungu uKristu abuzwa njengobabubukhulu kakhulu kangangokuthi kwakudingeka ukuba anxuse kuNkulunkulu ‘ngokudazuluka okukhulu nezinyembezi.’ Naphezu kwalokho uJesu wakwazi ukubekezelela konke lokhu ‘ngenxa yentokozo ayeyibekelwe.’—Heberu 12:2, 3; 5:7.
AmaKristu akuqala ngokufanayo “akhuthazela empini enkulu yezinhlupheko, kokunye ngokuba ngumbukwane ngezinhlamba nangezimbandezeko.” Nokho, uPawulu uthi, ‘bavuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yabo.’ (Heberu 10:32-34) Kodwa lokhu kwakungenzeka kanjani?
Injabulo—Ivela Ngaphandle Noma Ngaphakathi?
Injabulo ayiyona into yangaphandle. Imfanelo yenhliziyo. (Qhathanisa nezAga 17:22.) Iqiniso, izinto zangaphandle njengomkhaya, abangane—ngisho nokudla okumnandi—ngokwesilinganiso esithile kungaletha umuzwa wenjabulo. (IzEnzo 14:16, 17) Phela, ukulangazelela nje okuthile okuhle kungaletha injabulo! (Qhathanisa nezAga 10:28.) Nokho, injabulo umuntu ayithola ezimweni ezingaphandle noma ezintweni ezibonakalayo ingase ibe mfushane.
Ngakolunye uhlangothi, izimo ezingaphandle ngezinye izikhathi zibonakala zisephuca injabulo. Ngokwesibonelo, insizwa egama layo nguJim yabonisa indlela umsebenzi wayo wokuziphilisa owayithinta ngayo: “Ngawuzonda umsebenzi wami . . . ngangingakucabangi ukusebenzisa ukuphila kwami ukuze nje ngithuthukise inkampane eyayingabonakalisi ngempela ukunginaka njengomuntu. Futhi, abaningi abantu engangisebenza nabo kwakungabantu abaqambelana amanga, abangathembekile.” Ukuzama ukuzenzela injabulo ngandlela-thile nakho kwahluleka. UJim uthi: “Ngiye ngahileleka emilalisweni yalo lonke uhlobo kusukela ngineminyaka eyishumi. Kodwa ngaphenduka umuntu osangene kakhulu. Impilo engangiyiphila yayingigulisa: Ukuphuza, ukusebenzisa imilaliso, nokuya emaphathini. Ukuphila kwakungasho lutho futhi kungenanjongo. Ngazibuza, ‘Ngingakutholaphi okuthile okungcono?’”
Okuhlangenwe nakho kukaJim ngokuqondene nalokhu kusikhumbuza lokho kweNkosi uSolomoni. Nayo, futhi, yazibonela ubuze bokuzama ukuthola injabulo ngokuzitika:
“Ngase ngithi mina enhliziyweni yami: Woza, ngizakukulinga ngentokozo; mawubone okuhle nje. Kepha nalokho kwakuyize. Ngathi ngokuhleka: Ngubuhlanya; nangentokozo: Yenzani na? Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini, inhliziyo ingihole nokho inokuhlakanipha, nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo. Ngazenzela imisebenzi emikhulu, ngazakhela izindlu, ngazitshalela izivini, ngazenzela izivande namahlathi . . . konke amehlo ami akufisayo angikugodlanga kuwo. . . . Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya.”—UmShumayeli 2:1-5, 10, 11.
Ingabe ikhona indlela yokuphila engelona ize, leyo eletha injabulo ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima kakhulu?
Umthombo Wenjabulo Yoqobo
UNehemiya wathi, “injabulo kaJehova iyinqaba yenu.” (Nehemiya 8:10) Yebo, injabulo ivela kuNkulunkulu uSomandla, ngokwesibonelo, unguMdali wazo zonke izinto ezingase zilethe injabulo yeqiniso. IBhayibheli lithi, “amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe.” (1 IziKronike 16:27) Ngakho-ke, indlela yoqobo yokuzuza injabulo, iwukuba nobungane, ubuhlobo, noMdali ngokwakhe njengalobo uAbrahama abujabulela! (Jakobe 2:23) Ingabe ubungane obunjalo bungayiletha injabulo? Cabangela lokho okwashiwo umhubi: “Ubuhlobo bakho [obukaNkulunkulu] bungcono kunokuphila.” (IHubo 63:3, The Bible in Living English) Singakadluli lapho makuphawulwe ukuthi uJim emva kwesikhathi waba nokwazisa ngalamaqiniso. Namuhla ungumKristu othokozayo.
Ubuhlobo noNkulunkulu bungayiletha kanjani injabulo? Esinye isizathu ukuthi, uNkulunkulu “ungumvuzi walabo abamfunayo.” (Heberu 11:6) Ekukhonzeni uNkulunkulu, umuntu akumelwe esabe ukuthi imizamo yakhe iyize noma ukuthi kayinakwa. Imisebenzana emincane yokuzidela uyazisa ngokujulile. (Qhathanisa noMarku 12:41-44.) Futhi lapho uJehova ebusisa abangane bakhe abathembekile, isibusiso sakhe “siyacebisa; akenezeli usizi kuso.” (IzAga 10:22) Eqinisweni, abathandi bakaNkulunkulu babheke phambili ekujabuleleni umvuzo wokuphila phakade oHlelweni lwakhe Olusha lapho ‘okukhona kulo ukulunga.’ (2 Petru 3:13) Ithemba elinjalo lingumthombo wangempela wenjabulo yamaKristu!
Enye into yokucatshangelwa iwukuthi ‘ukujabula’ kuyisithelo somoya kaNkulunkulu. Phela uNkulunkulu ubapha ngomusa abangane bakhe umoya wakhe lapho bewucela. (Galathiya 5:22; Luka 11:13) Uyini umphumela? Umhubi wathi, “Babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova!”—IHubo 144:15.
Ukugcina Injabulo Yethu
Nokho, ngisho namaKristu agcotshiwe osukwini lukaPawulu ayezizwa edangele ngezinye izikhathi. (1 Thesalonika 5:14) Futhi namuhla ukucindezeleka nezinkinga zokuphila zidala ngisho ubunzima obungaphezulu. Kodwa njengoba ukujabula kuyimfanelo ehlala ekujuleni kwenhliziyo yomuntu, lokhu kucindezeleka akudingeki ukuba kukubangele ulahlekelwe injabulo yakho. Cabangela, ngokwesibonelo, uJesu Kristu. Ngaphambili siye sabona ukuthi ‘ngentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano.’ (Heberu 12:2) Nakuba ukubethelwa ngokusobala kwabe kungokuhlangenwe nakho okubi kakhulu, ubuhlobo bukaJesu noYise babunamandla kakhulu kangangokuba babungenakumvumela ukuba agxilise imicabango yakhe ekuhluphekeni kwakhe. Umcabango owawubusa engqondweni kaJesu ngokusobala wabe ‘uyintokozo ayibekelweyo’: ilungelo lokubonakalisa igama likaJehova, ithemba lokukhulula sonke isintu esonweni, udumo lokukhonza njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu! Ngisho nalapho esebunzimeni obukhulu, uJesu wayengazindla ngalezizinto futhi abe nemizwa yenjabulo enkulu!
AmaKristu akuqala ngokufanayo ayengalubekezelela ushushiso, ngisho ‘nokuvuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yabo,’ hhayi ngoba babezuza injabulo ethile yokoniwa kulokho kuhlupheka, kodwa ngenxa yokuthi izingqondo zabo zazigxiliswe ekutheni kungani babefanele ukubekezelela lezizinto. Babengajabula “ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelogama [likaNkulunkulu].” Babengajabula ngenxa ‘yethemba lokuphila okuphakade’ elibekwe phambi kwabo.—IzEnzo 5:41; Thithu 1:2.
Namuhla singahlala sinakho futhi ukujabula, ngisho nalapho sibhekene nezinkinga ezingathi sína. Kunokuba sizifihle futhi sicabange ngezinkinga zethu, singazama ukuba sizikhumbuze ngezibusiso zokuba nobuhlobo noJehova nangokusekela kwabafowethu nodadewethu abanothando. Ngokuvamile lokhu kwanele ukuba kwenze ukuhlupheka kwethu kungabonakali. UJesu wafanekisa lendaba ngalendlela: “Owesifazane, nxa esebeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe; kepha nxa esembelethile umntwana, akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni.”—Johane 16:21.
Ebandleni lobuKristu namuhla kunezibonelo ezinhle zabaningi abavumela injabulo isibekele izinkinga zabo. Owesifazane ongumKristu ogama lakhe nguEvelyn, ngokwesibonelo, uye waphathwa izifo ezihlukahlukene, kuhlanganise nekhensa. Uhamba kanzima futhi ngokuvamile ubonakala ephethwe izinhlungu. Nokho uba khona njalo emihlanganweni futhi ngokuvamile ubuso bakhe buhlala bumamatheka. Imfihlo yenjabulo yakhe? Uyathanda ukuthi, “Ngincika kuJehova.” Yebo, kunokucabanga kakhulu ngosizi lwakhe, wenza umzamo wokugxilisa umzamo wakhe ezizathwini anazo zokuba ajabule. Lokhu kumnikeza amandla okuba abhekane nokugula kwakhe.
Ngempela, singalahlekelwa kalula injabulo yethu. Abanye bagxila esifisweni sezinto ezibonakalayo noma sokuzijabulisa. Badebesela imihlangano yobuKristu, isifundo somuntu siqu, nenkonzo yasensimini. Kunokuzuza injabulo ekuphileni kwakhe, lowo ofisa imicebo ebonakalayo ‘uzigwaza ngeminjunju eminingi.’—1 Thimothewu 6:10.
Ukuphishekela ‘imisebenzi yobugovu yenyama’ kungenye indlela yokuqeda injabulo yomuntu. Ubufebe, ukungcola, noma amanyala kungase kulethe injabulo yesikhashana, kodwa kumelene ngokuphelele nomoya kaNkulunkulu, oletha injabulo. (Galathiya 5:19-23) Lowo ozitika ezintweni ezimbi uzifaka engozini yokuzehlukanisa noMthombo wenjabulo—uJehova!
Ngakho-ke, yeka ukuthi kuhle kangakanani, ngomKristu ukuba alwele ukuvikela injabulo yakhe. Uma, ngesizathu esithile, uzifumana untula injabulo, bona ukuthi yini ongayenza ukuze uyizuze futhi. Mhlawumbe kunesidingo ngasengxenyeni yakho sokuqhubeka utadisha futhi uzindla ngeBhayibheli. Kuphela kungokuqhubeka sizikhumbuza ngethemba lethu ukuthi ‘singathokoza ethembeni’ elingaphambili, ngisho nalapho sihlangabezana nobunzima. (Roma 12:12) Noma mhlawumbe kunesidingo sokuba nengxenye enkulu ekushumayeleni ‘ivangeli lombuso.’ (Mathewu 24:14) “Ukupha” ngalendlela cishe ngokungenakuvinjelwa kuletha isilinganiso esikhulu senjabulo!—IzEnzo 13:48, 52; 20:35.
Izwe lethu eligcwele izinkinga liyoqhubeka lisidalela ubunzima. Kodwa ngokusondela eduze kuMngane wethu wasezulwini, singabambelela enjabulweni yethu futhi singene eSimisweni Esisha sikaNkulunkulu lapho zonke izithiyo zokujabula ziyosuswa phakade!—IsAmbulo 21:3, 4.