Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 4/1 kk. 3-4
  • Yini Ebaluleke Kakhulu Ekuphileni Kwakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Ebaluleke Kakhulu Ekuphileni Kwakho?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umbono Nesimo Esingokoqobo
  • Okuthile Okubaluleke Kakhulu
  • Uthando Olunjani Olusenza Sijabule Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Imuphi Umbono Ohlakaniphile Ngemali?
    I-Phaphama!—2007
  • Ikusasa Elilondekile​—⁠Isifiso Sawo Wonke Umuntu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Yini Engalungile Ngokuthanda Imali?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 4/1 kk. 3-4

Yini Ebaluleke Kakhulu Ekuphileni Kwakho?

WAYEDUME ngokuba yindoda ecebe kakhulu emhlabeni. Imali yakhe yayifinyelela ezinkulungwaneni zezigidi zamaRandi. Abaningi babembabaza njengofinyelele izinga eliphezulu lempumelelo. Kodwa eminyakeni emibili ngaphambi kokuba afe, uJ. Paul Getty wathi: “Imali ayihlangene ngalutho nenjabulo. Mhlawumbe ihlangene nokungajabuli.”

Ekuphishekeleni lokho abaningi abakucabangela njengokubalulekile ekuphileni, lesikhulu sikawoyela esidumile ngokuqinisekile sasiye saphumelela ngezinga elivelele. Kodwa ingabe sezwakala njengendoda eyayithole injabulo ngalokho eyayikusebenzele kanzima kakhulu ukuze ikuthole? Noma ingabe sezwakala njengomuntu oye waqaphela ekugcineni ukuthi lokho ayekusebenzele kanzima kwakungabalulekile kangako?

Umbono Nesimo Esingokoqobo

Yini oyicabangela njengebaluleke kakhulu ekuphileni kwakho? Abanye abantu bangase bathi inkululeko abayazisa kakhulu. Abanye bangase bathi impumelelo ibaluleke kakhulu ekuphileni kwabo. Abanye futhi babeka ukwaneliseka komuntu siqu ngaphambi kwakho konke okunye.

Nakuba bengafuni ukukuvuma, indlela yokuphila yabantu abaningi nezenzo kwembula ukuthi imali nenjabulo yizona zinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni kwabo. Bazimisele kakhulu ukuceba noma bathambekele kakhulu ‘ekuzijabuliseni,’ kangangokuthi abakushayi mkhuba ukungayinaki imikhaya yabo, impilo yabo, nokuphila kwabo okungokomoya ekwenzeni kanjalo. Futhi ngokuthakazelisayo, iBhayibheli labikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina” abantu babezoba “ngabazithandayo, nabathandimali” “nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:1, 2, 4.

Okuthile Okubaluleke Kakhulu

UJesu Kristu, umqambi wobuKristu, waphakamisa umbuzo ocabangisayo. “Ingabe kukhona akutholayo umuntu uma ezuza lonke izwe kodwa alahlekelwe ukuphila kwakhe?” ebuza. (Marku 8:36, Today’s English Version) Cabanga ngalokho. Yini umuntu angakwazi ukuyenza ngaphandle kokuphila? Lutho!—UmShumayeli 9:5, 10.

Kungenzeka usemusha futhi ngalokho unomuzwa wokuthi unesikhathi sokwenza zonke izinto ofuna ukuzenza. Kodwa ingabe ngempela unaso? Izimpi, ubugebengu, izifo, nezingozi ziye zabulala amadoda nabesifazane abangenakubalwa—ngokungazelele nangokuzuma. Kwenzekani kuwo wonke amacebo abo nemigomo?

Kungenzeka unomkhaya noma usumdala ngeminyaka. Ngakho ungase ube nomuzwa wokuthi kumelwe usebenzise sonke isikhathi sakho nomzamo ekwakheni ikusasa elilondekile ngawe nabathandekayo bakho ngaphambi kokuba ucabange ngenye into. Kodwa yini oyicabangela njengelondekile? Njengoba wazi, ukwehla kwamandla emali, ukuncipha komnotho, nokuntuleka komsebenzi kuye kwaqeda imali abaningi abaye bayonga. Iyabashiya bempofu futhi bengenamakhaya. Ngaphandle kwalokho, njengoba izimo emhlabeni zintengantenga kangaka, ikuphi ukuqiniseka okukhona kokuthi izinto ozisebenzela kanzima azinakuphela uma kuvela izehlakalo ezingalindelekile?

Ngakho-ke, ngokungangabazeki uyakubona ukubaluleka kokuhlola imigomo yakho siqu. Ngakho, yini ngempela oyibheka njengebaluleke kakhulu ekuphileni kwakho?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela