Ubusuku BeSikhumbuzo
Usuku lukaNisan 14 luyisikhumbuzo sokukhululwa kwamaIsrayeli eGibithe. Luwusuku lwesikhumbuzo amaJuda ayelulekwe ukuba alukhumbule unyaka ngamunye ngesidlo esikhethekile. Phakathi nalo kwakumelwe achazele izingane indlela igazi lewundlu lePhasika elabhecwa ezinsikeni zomnyango nasekhothameni elavikela ngayo amazibulo endlu kaIsrayeli engelosini kaNkulunkulu ebulalayo.—Eksodusi 12:21-27.
Eminyakeni nje eyi-1 545 kamuva, ngaye futhi uNisan 14, uJesu Kristu wamisela abafundi bakhe abanethemba loMbuso wasezulwini umkhosi omusha owawuzothatha isikhundla sePhasika. Phakathi nomgubho ongenamidati, uJesu wasebenzisa isinkwa esingenamvubelo newayini njengezifanekiselo zokuphila kwakhe kobuntu, ayezokunikela ngenxa yesintu. Umhlatshelo wakhe unamandla asindisayo angaphezu kwalawo ewundlu lePhasika. (Johane 1:29) Lapho emisa isikhumbuzo somhlatshelo wakhe, uJesu wathi: “Yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”—Luka 22:19.
OFakazi BakaJehova bayakumema ukuba ube khona ekugubheni wona kanye lomkhosi obalulekile weSikhumbuzo. Kulonyaka usuku ekhalendeni yethu oluhambelana noNisan 14 uLwesine, April 4, ngemva kokushona kwelanga. Ungaba khona ngalolosuku eHholo LoMbuso eliseduze nekhaya lakho. Buza koFakazi BakaJehova bendawo yakini isikhathi esiqondile.