Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 3/15 kk. 19-21
  • Bazali, Vikelani Abantabenu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bazali, Vikelani Abantabenu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Intsha Ngaphansi Kokucindezeleka
  • Ungabasiza
  • Umkhaya Oyisibonelo
  • Lokho Ongakwenza
  • Isabelo Esinomvuzo
  • Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Bazali—Qeqeshani Izingane Zenu Ngothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Lingisa UJehova Lapho Uqeqesha Izingane Zakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ukwakha Umkhaya Oqinile Ngokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 3/15 kk. 19-21

Bazali, Vikelani Abantabenu

UMA indodana yakho ikutshela ukuthi icindezelwe abangane bayo besikole ukuba isebenzise imilaliso, ubungenzani? Noma, uma indodakazi yakho ikutshela ukuthi abafana bayayihlupha esikoleni, ubungasabela kanjani?

Ngokuqinisekile ubungenza okuthile ngokushesha, akunjalo? Ubungazama ukuthola amaqiniso futhi ubone ukuthi yini ongayenza ukuze uvikele umntanakho. Unomuzwa wokuthi leyo indlela obungasabela ngayo njengomzali. Kodwa empeleni izinto azenzeki njalo ngaleyondlela. Ngokuvamile, ngesikhathi abazali bezwa ngezinto ezinjalo, kakade kusuke sekuphuzile. Ngokuvame kakhulu, ukusabela okuyikhona kuphela yilokhu: “Lokhu kungenzeka kanjani kumfana wami (noma intombazane yami)?”

Intsha Ngaphansi Kokucindezeleka

Uma ungumzali, ingabe uyalwazi uhlobo lokucindezela abantabakho abangaphansi kwalo? Ingabe uyakuqaphela ababhekana nakho usuku ngalunye? Umphostoli uPetru waxwayisa: “Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.” (1 Petru 5:8) Nakuba uSathane ehlose ukunqoba nokwenza sonke isintu izigqila, abasha nabadala, ngokusobala uyingozi enkulu kwabasha abangenakho okuhlangenwe nakho, kanjalo ebabeka ngaphansi kokucindezela okukhulu.

Cabangela izibonelo ezimbalwa nje. Ngaphansi kwesihloko esithi “Ubugebengu Bezingane Manje Bungama-52% Engqikithini,” iMainichi Daily News yaseJapane ibika ukuthi phakathi kwezelelesi eziyizingane “ubugebengu obenziwa ngabaneminyaka eyi-14 ubudala bungobudlulele kunabo bonke.” EUnited States, izigidi ezingu-3,3 phakathi kwabaneminyaka eyi-14 kuya kweyi-17 ubudala ziyiziphuzi eziyinkinga, oyedwa kwabayisithupha abevé eshumini elinambili usebenzisa imilaliso njalo, futhi cishe abantwana abayingxenye yesigidi bazalwa ngomama abangashadile abevé eshumini elinambili unyaka ngamunye. Iqiniso liwukuthi kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi, abantabakho abavikelekile egagasini lobugebengu bezingane, ubudlova, nokuziphatha okubi okushanela umhlaba.

Ungabasiza

Konke lokhu kugcizelela ukuthi abasha banamuhla bahileleke ekulweni okunzima. Bekuqaphela noma bengakuqapheli, ukuze banqobe badinga usizo lwabantu abavuthiwe, abanokuhlangenwe nakho. Uma ungumzali, ingabe usesimweni sokunikeza usizo olunjalo kubantabakho? Futhi ingabe uzimisele ukwenza umzamo odingekile wokubasiza?

Kuningi okuye kwashiwo futhi kwabhalwa ngokusiza abantwana; akukho kuntuleka kweseluleko ngalendaba. Eqinisweni, uma kukhona inkinga, isekunqumeni ukuthi imuphi umbono umuntu okumelwe awulandele phakathi kweminingi engqubuzanayo. Ngokwesibonelo, enye ingcweti ingase ithi ukushaya kulungile. Enye ithi akumelwe kwenziwe. Noma esinye isazi singase sikutshele ukuthi ungamvuzi umntanakho ngakufezile uma ungafuni onakale. Kodwa esinye sithi ukutusa nokuvuza kubalulekile uma ufuna umntwana olondekile. Akumangalisi ukuthi, ngokwamazwi elungu lezisebenzi zesiBhedlela Sabantwana Abagulayo eToronto, eCanada, esinakho “isizukulwane sabazali cishe abesabayo ukuba abazali.”

Ngokubona isimo esibucayi, nezimo eziningi zokwehluleka, ungase uzibuze ukuthi ngempela kungenzeka yini ukukhulisa abantwana babe abantu abavuthiwe, abalinganiselayo, futhi, ngaphezu kwakho konke, abesaba uNkulunkulu kulolusuku nakulenkathi. Ngaphambi kokuba uvumele umbono wokuthi lokhu ngeke kwenzeke, khumbula ukuthi umphostoli uPawulu wabhala: “Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” (Efesu 6:4) Ngokuqinisekile, uNkulunkulu wayengenakunikeza abazali lomthwalo wemfanelo uma uyinto engenakwenzeka.

Umkhaya Oyisibonelo

UNowa nomkhaya wakhe baphila esikhathini esifana kakhulu nesethu. Ngokombhalo weBhayibheli, ngalesosikhathi “uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo. UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.”—Genesise 6:5, 12.

Ubungazizwa kanjani uma bekungadingeka ukhulise abantabakho ngaphansi kwezimo ezinjalo? Uma siqhathanisa uGenesise 5:32 noGenesise 7:6, siphawula ukuthi amadodana kaNowa wonke azalwa phakathi nesikhathi seminyaka eyikhulu ngaphambi kukaZamcolo. Nokho, eminyakeni eyi-120 ngaphambi kukaZamcolo, kakade izimo zase zizimbi kangangokuthi uJehova uNkulunkulu wathi: “UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, njengokuba eyinyama nje; izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.”—Genesise 6:3.

Naphezu kwezimo ezimbi kanjalo, uNowa nomkakhe bakhulisa amadodana abo amathathu ngokuphumelelayo ukuba abe izinsizwa ezesaba uNkulunkulu. Ngokubambisana nabazali bazo ngokulalela, zasinda kuZamcolo owabhubhisa lesosizukulwane esingamesabi uNkulunkulu.

Sasiyini isihluthulelo sokuphumelela kukaNowa? Umphostoli uPawulu waphefumlelwa ukuba athi, kumaHeberu 11:7: “Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe.” Eqinisweni, uGenesise 6:22 uyasitshela: “UNowa wenze njalo; njengalokho uNkulunkulu emyalile wakwenza.”

Ngokungangabazeki, ukwethembeka kukaNowa nenkuthalo phambi kukaJehova kwakugcizelele ngokuqinile ezingqondweni zamadodana akhe indlela okwakubaluleke ngayo ngawo ukubonisa izimfanelo ezifanayo ekuphileni kwawo. Phakathi nomsebenzi wokwakha umkhumbi, kumelwe ukuba wasebenzisa isikhathi esiningi esebenza futhi ekhuluma nawo, ehlanganyela futhi enza izinto nawo. Futhi, ngokuba “umshumayeli wokulunga,” uNowa kumelwe ukuba wafundisa umkhaya wakhe imithetho kaJehova nezimfuneko. Ngenxa yalokho, umkhaya kaNowa wasinda ekupheleni ‘kwalelozwe lamandulo elingamesabi uNkulunkulu.’—2 Petru 2:5.

Lokho Ongakwenza

Kumelwe kube sobala-ke, ukuthi isibonelo sabazali sifeza indima ebalulekile ekufundiseni nasekuqeqesheni abantwana ngokuphumelelayo. Lapho umhleli wephephandaba ecelwa ukuba asho isithiyo esikhulu kunazo zonke abazali ababhekana nazo ekuqeqesheni abantababo, wamane waphendula: “Yibona.” Abazali abangakwenzi abakushumayelayo benza ngokumelene nezithakazelo zabo nezabantababo. (Qhathanisa namaRoma 2:21-23.) Ukungaguquguquki kulokhu kubalulekile. Ngakho-ke, abazali badinga ukuzibuza: Ngicabanga ukuthi iziphi izinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni? Iyini imigomo yami sinqu?

KuDuteronomi 6:7, abazali bayayalwa: “Ubafundise impela wona [amazwi avela kuJehova] abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.” Lokho kusho ukukhulumisana. Kodwa akukhona konke ukukhuluma okuwukukhulumisana. Umfana oneminyaka eyi-17 ubudala walandisa ukuthi wazama kabili ukukhuluma nonina ngenkinga yemilaliso ayehlangana nayo esikoleni. “Umama wangitshela ukuthi mangihlukane nabayisebenzisayo,” esho. Ingabe lokho kwasiza? Ngokusobala akuzange, ngoba lomfana wazizwa esabanjwe yilokho kucindezela futhi akazange ayazi indlela yokugqashuka kukho.

Lapho abasha bebhekene nezinkinga abangenakuzisingatha, ngokuvamile babalekela kubazali babo kuqala ukuze bathole usizo, futhi lena into enhle. Kodwa ukwethembela okunjalo kungachithwa kalula uma abazali behluleka ukubonisa ukuqonda isimo sabo. Ngisho noma ikhambi elisheshayo lingekho, lapho kuboniswa ukuqonda, indlela yokukhulumisana, igcinwa ivulekile.

Ukuqondisa kungenye imfuneko ekuqeqesheni abantwana. Isaga seBhayibheli sithi: “Uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha, kepha umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.”—IzAga 29:15.

Esikhathini esithile esidlule, uMnyango Wamaphoyisa, eHouston, eTexas, wasakaza incwajana enesihloko esithi “Imithetho eyi-12 yokukhulisa abantwana abangezwa.” Ubuciko bayo obuwumbhinqo bungase buhlekise, kodwa ngamunye ‘walemithetho’ engathi sína uphathelene nokuqondisa noma ukuntuleka kwakho. Nazi izibonelo ezimbalwa:

◻ “Qala ebuncaneni ukunikeza umntwana yonke into ayifunayo. Ngalendlela uyokhula ekholelwa ukuthi izwe limkweleta ukuphila.”

◻ Lapho efunda amazwi amabi, mhleke. Lokhu kuyomenza acabange ukuthi uhlakaniphile. . . . ”

◻ “Ungamniki noma ikuphi ukuqeqesha okungokomoya. Linda aze abe neminyaka engama-21 bese umvumela ukuba ‘azinqumele.’”

◻ “Gwema ukusebenzisa igama elithi ‘iphutha.’ Lingase libangele umuzwa wokuba necala. . . . ”

Abazali abangamaKristu ngokwemvelo bakhathalela ukukhulisa abantababo “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” (Efesu 6:4) Lokhu akwenzeki ngaphandle komzamo omkhulu kakhulu. Kodwa akukho kusetshenziswa kwesikhathi nomzamo okukhulu kakhulu uma umphumela uwukuphila ngawe nangabantabakho.—Duteronomi 6:2

Isabelo Esinomvuzo

“Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo,” kusho umhubi. (IHubo 127:3) Naphezu kokudlula kwesikhathi noshintsho ezindleleni zokuhlalisana, leyonkulumo iseyiqiniso. Ubufakazi bungabonakala kwabasha abaningi enhlanganweni yobuKristu yoFakazi BakaJehova abaye bakhula baba abantu abasha abanomthwalo wemfanelo, abahloniphekayo, nabanamakhono. Bawudumo kubo ngokwabo, kubazali babo, futhi ngaphezu kwakho konke, kuMdali wabo, uJehova uNkulunkulu.

Ungawuvuna umvuzo wokukhulisa abantabakho onemiphumela eyanelisa kanjalo uma uthatha izinyathelo manje zokubaqeqesha, ukubafundisa, nokubavikela.

[Isithombe ekhasini 20]

Iziqondiso ezivumelanayo, ukukhulumisana okuhle, nokuqondisa kothando kuyimfuneko ekuqeqesheni abantabakho

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela