UJehova—UNkulunkulu Ononya Noma Onothando?
“KODWA uNkulunkulu weBhayibheli unguNkulunkulu ononya,” kuphikelela indoda engumJapane. Isithunywa sevangeli esasimi phambi komnyango wayo sazithola siphambi komuntu ojwayelene neZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli.
“Kuthiwani ngokuminzisa kukaNkulunkulu abantu ngoZamcolo?” kuqhubeka lendoda. “Futhi kuthiwani ngokushisa kwakhe iSodoma neGomora, kungasakhulunywa ngokwenza kwakhe ukuba amaIsrayeli aqothule amaKhanani? Ungasho kanjani ukuthi uNkulunkulu akayena ononya? Ngaphandle kwalokho, uNkulunkulu ‘weTestamente Elisha’ uhluke ngokuphelele. UJesu wafundisa ngoNkulunkulu wokuthula nothando.”
Lokhu kuqondwa kukaNkulunkulu “weTestamente Elidala” njengononya nothanda impi kubusa ukucabanga kwabaningi. Ngenxa yalokho, abanye abantu babheka ngisho noNkulunkulu wothando ‘weTestamente Elisha’ njengosolekayo. Umuntu angashukumiseleka kanjani ukuba akhonze uNkulunkulu obonakala enobuntu obuhlukene phakathi?
“Zonke Izindlela Zakhe Zingukulunga”
Nokho, abantu abekho esimweni sokugxeka izenzo zikaNkulunkulu. Ingabe umntwana ukuqonda ngokushesha ukuthi kungani uyise emenza abekezelele ubuhlungu bokukhishwa izinyo? Ngokufanayo, okokuqala singase singaziqondi zonke izenzo zikaNkulunkulu. “Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu,” kusho umhubi. “Nguye osenzileyo, akuthina.”—IHubo 100:3.
Khona-ke, ingabe akubona yini ubuwula ukugijimela esiphethweni sokuthi izenzo zikaNkulunkulu zinonya? “Imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami usho uJehova. Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.” (Isaya 55:8, 9) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lisiqinisekisa ukuthi “zonke izindlela zakhe zingukulunga.” UJehova uchazwa ‘njengoNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala.’ (Duteronomi 32:4) Ngakho-ke ake sibheke ezinye izimo lapho uNkulunkulu eye wakubona kufaneleka ukwehlisela isahlulelo.
UZamcolo
“UJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.” (Genesise 6:5) Lalinjalo izwe langaphambi kukaZamcolo. Yebo, uJehova uNkulunkulu “wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.” (Genesise 6:12) Abanye bangase baphikise ngokuthi uNkulunkulu kwakumelwe abayeke abantu, abavumele benze abakuthandayo. Kodwa kwakusenabantu abaqotho, abaziphethe kahle emhlabeni. Ingabe kwakungenakuba unya ngoNkulunkulu ukuvumela ababi ukuba baqothule umnonjana wokugcina wokuziphatha okuhle osele emhlabeni? Ngakho-ke uNkulunkulu walungiselela uzamcolo wembulunga yonke ukuba ususe ababhubhisa umhlaba.
UNkulunkulu ononya wayengenakulenza ilungiselelo lokusinda komuntu noma isilwane. Nokho uJehova wenza kanjalo. UNkulunkulu ononya wayengenakuxwayisa ngembubhiso ezayo. Nokho wabela uNowa ukuba abe “umshumayeli wokulunga” okungenani iminyaka engama-40 noma engama-50! (2 Petru 2:5) Abantu babengakhetha ukusinda noma ukufa.
ISodoma NeGomora
Lapho izingelosi ezimbili zivakashela iSodoma, abantu ngokushesha bembula isimo sabo esonakele. Amadoda aseSodoma, azungeza indlu kaLoti, “amasha namadala, abantu bonke bephelele. Bambiza uLoti, bathi kuye: Aphi lawamadoda angenisé kuwe ebusuku na? Sikhiphele wona ukuba siwazi.” (Genesise 19:4, 5) Lokhu ‘kwakuwukulandela inyama ngokusebenzisa okungekhona okwemvelo.’—Juda 7, NW; bheka futhi amaRoma 1:26, 27.
UNkulunkulu, “ohlola izinhliziyo,” wabona ukuthi lemizi yayingenakusindiswa. Ukubhujiswa kwayo kwakufanele. (Roma 8:27) Ingani, kwakungenakutholakala ngisho nabantu abayishumi abalungileyo eSodoma! (Genesise 18:32) Ukuziphatha kwabaseSodoma kwakusongela ngempela kuLoti olungileyo nomkhaya wakhe. Ngakho-ke, ukusindisa kukaNkulunkulu uLoti namadodakazi akhe kwakuyisenzo sothando!—Genesise 19:12-26.
Ukubhujiswa KwamaKhanani
UJehova wathembisa uAbrahama ukuthi ekugcineni inzalo yakhe yayiyohlala ezweni laseKhanani. Nokho, phawula ukuthi akukho kubhubhisa okwakuzokwenzeka ngosuku luka-Abrahama. Kungani kwakungekho? “Ngokuba ububi bama-Amori [isizwe samaKhanani esinamandla] abukapheleli,” kusho uJehova. (Genesise 15:16) Iminyaka engama-430 yayiyodlula ngaphambi kokuba ububi balesosizwe bufinyelele isilinganiso esikhulu kangangokuba uMose athi: “Kungobubi balezozizwe [zaseKhanani] uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho.”—Duteronomi 9:5.
Incwadi iArchaeology and the Old Testament ithi: “Unya, inkanuko nokuziphatha okubi okusezinganekwaneni zaseKhanani . . . kumelwe ukuba kwaveza izici ezimbi kakhulu kwabazithandayo futhi kwahlanganisa imikhuba eminingi eyonakalisa kakhulu yangalesosikhathi, njengobufebe obungcwele, ukunikelwa kwabantwana nokukhulekela izinyoka . . . ukuwohloka okukhulu kokuziphatha nokwenkolo.” Nokho, abaseGibeyoni nabahlala kweminye imizi emithathu basindiswa. (Joshuwa 9:17, 18) Ingabe uNkulunkulu ono-nya wayengakuvuniela lokhu?
Ubuntu Obuhlukene Phakathi?
Nokho, abanye baphikelela ngokuthi uNkulunkulu ‘weTestamente Elidala’ washintsha ubuntu ‘eTestamenteni Elisha.’ Bathi ‘izimfundiso zikaJesu zagxila othandweni.’—Mathewu 5:39, 44, 45.
Nokho, ukubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E. kweza njengesahlulelo esivela kuJehova, njengoba noJesu abikezela. (Mathewu 23:37, 38; 24:2) Ngokungaphezulu, abantu abangalungile abanjengoAnaniya, uSafira, noHerode babulawa. UNkulunkulu wayengaguqukile. (IzEnzo 5:1-11; 12:21-23; Malaki 3:6) Futhi izimfundiso zikaJesu ngothando zazingeyona imfundiso entsha. Ngaphambili kakhulu, uMthetho kaMose wawuyalile: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Levitikusi 19:18) Nokho, izimfundiso zikaJesu ngothando lokuzidela, zadlulela ngalé kwalomyalo. (Johane 13:34) Khumbula futhi, ukuthi naye wakhipha izahlulelo ezinamandla kubaholi benkolo abanobuzenzisi. Zifundele sonke isahluko sama-23 sikaMathewu futhi ubone indlela enamandla uJesu alahla ngayo abaholi abanjalo.
Ngakho-ke umbhalo weBhayibheli awubonakalisi uNkulunkulu enonya kodwa unjengobufakazi bothando lwakhe olujulile nolunganqamukiyo ngesintu. Kanjalo sishukunyiselwa ukuba sifunde okwengeziwe ngoJehova nezindlela zakhe zothando. Isihloko sethu esilandelayo singakusiza ukuba wenze khona lokho.
[Izithombe ekhasini 3]
Ingabe uJehova wayelungile ekuletheni uZamcolo, ekubhubhiseni iSodoma neGomora, nasekubhubhiseni amaKhanani?