Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 1/15 kk. 19-20
  • IBhayibheli—Incwadi Yokufundwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhayibheli—Incwadi Yokufundwa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kumelwe Ulifunde Njalo?
  • Bakhuthazwa Ukuba Balifunde
  • IBhayibheli—Incwadi Okufanele Ifundwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ukuzuza Ekufundeni IBhayibheli Nsuku Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Ukufunda IBhayibheli—Kuyazuzisa Futhi Kumnandi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Indlela Yokufunda Nokukhumbula
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 1/15 kk. 19-20

IBhayibheli—Incwadi Yokufundwa

IBHAYIBHELI liyincwadi esakazwa kakhulu kunazo zonke kuwo wonke umlando. Liyincwadi ehunyushwe kakhulu kunazo zonke, necashunwa kakhulu, nendala kakhulu kunazo zonke. Yebo, futhi liyincwadi eye yasinda ekuphikisweni okunobudlova kakhulu. Ngokudabukisayo nokho, kuyangabazeka ukuthi iBhayibheli liyincwadi efundwa kakhulu kunazo zonke emhlabeni.

Nokho iBhayibheli kumelwe lifundwe. Cabangela amanye amaqiniso ngalo.

Kungani Kumelwe Ulifunde Njalo?

Igama lethu lesiZulu elithi “iBhayibheli” livela egameni lesiGreki elithi bi·bliʹa, elisho “izincwadi ezincane.” Lokho kusikhumbuza ukuthi iBhayibheli lenziwe ngezincwadi eziningi—nakuba ezinye “zingezincane” kangako! Lezi zabhalwa esikhathini esingaphezu kweminyaka eyinkulungwane. Nakuba zabhalwa ngabantu, zaphefumlelwa uMthombo ophakeme. Ngisho nanamuhla, izigidi ziyavuma ukuthi “yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Yebo, ‘lezizincwadi ezincane’ zigcwele imicabango kaJehova uNkulunkulu ngokwakhe. (Isaya 55:9) Akumangalisi ukuthi ziye zahlala isikhathi eside kangaka!

Umkhuba wokufunda imiBhalo njalo ngokuqinisekile uye waba inzuzo ezikhathini ezidlule. Amakhosi akwaIsrayeli kwakumelwe azibhalele amakhophi oMthetho ngesandla, manje oyingxenye ebalulekile yeBhayibheli. Kwakumelwe awufunde nsuku zonke, njengesikhumbuzo sasikhathi sonke sokukhonza ngokuthobeka nokunamathela emiyalweni kaNkulunkulu. (Duteronomi 17:18-20) Ngokuqinisekile, singathola izinzuzo ezifanayo ekufundweni kweBhayibheli okuvamile.

Futhi yeka indlela okubaluleke ngayo ukunakekela isiprofetho seBhayibheli! Ngenxa yokufunda komuntu siqu imiBhalo kukamprofethi uDaniyeli, wakwazi ukubona ukuthi isiprofetho esibalulekile encwadini kaJeremiya sasiseduze nokugcwaliseka.—Daniyeli 9:1, 2; Jeremiya 29:10.

Lapho uJohane uMbhapathizi eshumayela, ‘abantu babebheke’ uMesiya. (Luka 3:15) Lokhu kusikisela ukuthi abaningi phakathi kwabo babejwayelene neziprofetho ezikhuluma ngoKristu ezazilotshwe emiBhalweni. Lokhu kuthakazelisa kakhulu, ngoba izincwadi zazingatholakali kalula ngalezo zinsuku. Amakhophi ezincwadi zeBhayibheli kwakumelwe alotshwe ngesandla ngokucophelela. Ngakho abantu bajwayelana kanjani nazo?

Ezimweni eziningi ngokuzifunda obala. Umfundi uJakobe waphawula: “UMose unabo abashumayelayo emizini yonke kwasezizukulwaneni zasendulo efundwa emasinagogeni amasabatha ngamasabatha.”—IzEnzo 15:21.

Namuhla kulula ngabantu ukuba babe nawabo siqu amaBhayibheli, futhi okungenani ezinye ‘zezincwadi ezincane’ zitholakala ngezilimi ezingamaphesenti angama-97 zenani labantu emhlabeni. Kanjalo kuthiwa abaningi abanaso isithakazelo esikhulu ekutholeni lokho iBhayibheli elikushoyo kubo.

Bakhuthazwa Ukuba Balifunde

OFakazi BakaJehova baye bakwenza ingxenye eyinhloko yomsebenzi wabo ukukhuthaza ukufundwa kweBhayibheli njalo. Kwesinye sezakhiwo zabo zokunyathelisa endlunkulu yabo yomhlaba eBrooklyn, New York, kubonakala lamazwi ngamagama agqamile “FUNDA IZWI LIKANKULUNKULU IBHAYIBHELI ELINGCWELE NSUKU ZONKE.”

Emabandleni angaphezu kwezi-46 000 oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, kuneSikole Senkonzo EsingokwaseZulwini samasonto onke. Ukufundwa kwasobala kwengxenye yeBhayibheli ekhethiwe isonto ngalinye kuyingxenye yalesisifundo. Bonke ababa khona banesabelo sesonto ngalinye sokufunda izahluko ezimbalwa zeBhayibheli ngasese emakhaya abo, futhi labo abahambisana nalesimiso ekugcineni balifunda lonke iBhayibheli.

Lokhu kuvumelana nenye yezincwadi zeSikole, Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini, enye yezincwadi ezisetshenziswa kulemfundo. Ithi: “Isimiso sakho luqobo sifanele sihlanganise nesikhathi sokufunda iBhayibheli uqobo lwalo. Kukhona usizo olukhulu ekulifundeni lonke kusukela ekuqaleni ukuya ekugcineni. . . . Nokho umgomo wakho ekufundeni awufanele nanini ube ukuhlanganiswa nje kwendaba, kepha ukuthola umbono wayo ophelele ngenjongo yokukhumbula. Chitha isikhathi uzindla ngalokho elikushoyo.”—Ikhasi 21.

OFakazi BakaJehova banomuzwa wokuthi amaKristu osuku lwanamuhla kumelwe alazi iBhayibheli. Lapho becabanga ngalokhu, baye benza inguqulo yekhulu lama-20 leminyaka yokufundwa kwasobala kweBhayibheli. Baye bafaka ukufundwa kweziningi ‘zalezincwadi ezincane’ zeBhayibheli kumakhasethi. Ngakho-ke labo abanomuzwa wokuthi abanakukwazi ukuba nesikhathi sokuhlala phansi futhi bafunde isikhathi eside manje bangalalela amakhasethi ezincwadi zeBhayibheli lapho besebenza ekhaya, beshayela, noma benza eziningi ezinye izinto. Yebo, lamakhasethi futhi awusizo oluhle lapho sihlala phansi ukuba sifunde iBhayibheli. Kungokuhlangenwe nakho okujabulisayo ukulalela ukufundwa kwemiBhalo lapho ulandela ngokufunda kwelakhe iBhayibheli.

Ngazo zonke izindlela zenze uzuze ngokugcwele ekuqondisweni okungokomoya okulungiselelwe ezincwadini zamaKristu eqiniso ezilungiselelwa uNkulunkulu “ngenceku ethembekileyo neqondayo.” (Mathewu 24:45-47) Kodwa kungani futhi ungakwenzi umkhuba wakho ukufunda iBhayibheli nsuku zonke. Izinzuzo ziyoba zinkulu, njengoba kwaphawulwa emyalweni owanikezwa umholi wakwaIsrayeli uJoshuwa kudala: “Lencwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwé kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.”—Joshuwa 1:8.

[Isithombe ekhasini 20]

Sekuyiminyaka eminingi umbhalo osesakhiweni sokunyathelisa seWatchtower Society e-117 Adams Street, Brooklyn, New York, ukhuthaza abadlulayo ukuba bafunde imiBhalo Engcwele

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela