Qondisa Abasha Enhlanganweni KaNkulunkulu
“Nithande abazalwane.”—1 PETRU 2:17.
1, 2. Yiziphi izinto ngaphandle kwemfundiso abafundisi abangamaKristu abazifundisayo?
UMSEBENZI wofundisayo uwukunikeza amaqiniso. Kodwa umfundisi omuhle wenza okwengeziwe kunalokho. Uveza izinzuzo, asize umfundi ukuba abone ukubaluleka kwalokho akufundayo futhi ambonise indlela angakusebenzisa ngayo kahle kakhulu. Lokhu kunjalo ngokukhethekile ngomfundisi ongumKristu. Kuyiqiniso, kumelwe anikeze “iqiniso likaNkulunkulu.” (Roma 1:25) Kodwa lokho kuhilela okungaphezu nje kolwazi lwemfundiso. IBhayibheli likhuthaza ukufundisa ukwesaba uJehova kanye nezimfanelo zobuhle nezokuhlakanipha.—IHubo 34:11; 119:66.
2 UJesu waphawula ezinye izindaba okumelwe zifundiswe: “Nenze izizwe zonke abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.” (Mathewu 28:19, 20) ‘Konke oyalwe ngakho’ kuhlanganisa ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela womhlaba wonke owaprofethelwa usuku lwethu. (Mathewu 24:14) Futhi kunokunye okumelwe sikudlulisele kwesibafundela iBhayibheli. Yikuphi lokho? Ukuze uthole impendulo, cabangela inkonzo yomphostoli uPawulu futhi uphawule okuthile okwakuvelele ekufundiseni kwakhe.
UPawulu Njengomhleli
3. UPawulu waqhuba kanjani lapho efundisa abasanda kuthakazela eKorinte?
3 Phakathi nokuvakashela kwakhe kokuqala eKorinte, umphostoli uPawulu wathola abaningi abezwayo, naphezu kokuphikisa komphakathi wamaJuda. Nokho, uPawulu akazange afundise laba abathakazela kabusha ngokomuntu ngamunye nje. Siyafunda: “Wasuka lapho [esinagogeni lamaJuda], weza endlini yomuntu ogama lakhe linguThithiyu Justu, okhonza uNkulunkulu; indlu yakhe yayiseceleni kwesinagoge.” (IzEnzo 18:7) Leyondlu yaba yindawo yabafundi abasha yokuhlangana nokukhulekela ndawonye. Ngokushesha uPawulu wabahlela baba yibandla.—1 Korinte 1:2.
4. Yini eyavela ngokushesha e-Efesu ngemva kokuba uPawulu eqalise ukufundisa khona?
4 Kamuva uPawulu waqhubekela e-Efesu lapho kwenzeka okuthile okufanayo. Wafundisa abantu abathakazelayo ngabanye, ‘ezindlini ngezindlu.’ (IzEnzo 20:20) Kodwa futhi ngokushesha wenza amalungiselelo okuba abafundi abasha bakwazi ukuhlangana ndawonye. “Waqembula abafundi [kubaJuda], washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu.” (IzEnzo 19:9) Ngokushesha leliqembu lamaKristu, nalo lahlelwa laba yibandla elinabadala abamisiwe.—IzEnzo 20:17, 18.
5. Yini abafundisi abangamaKristu bangaphambili abayenza ngabasha ngokushesha ngangokunokwenzeka?
5 Ngokukhanyayo, lapho abasha bamukela iqiniso ekhulwini lokuqala leminyaka, babengashiywa bebodwa. Babeqoqwa babe amabandla. Laba bajabula ngokwamukela isikhuthazo esivela endikimbeni ebusayo yangalesosikhathi. Abazalwane abavuthiwe, njengoPawulu noBarnaba, basebenzisa isikhathi esiningi befundisa kulamabandla ayesanda kumiswa, futhi “beshumayela izwi leNkosi kanye nabanye abaningi.” (IzEnzo 15:30-35) Kungani kwakunjalo? Kungani abasha babengashiywa bebodwa ukuba bancike konembeza babo abasanda kuqeqeshwa ukuba babahole ekwenzeni okulungileyo?
Kungani Kwamiswa Amabandla?
6. Kungani amaKristu akuqala ahlelwa aba amabandla?
6 Kunezizathu eziningi, ezinye zazo sizoziphawula lapha. Okokuqala, lapho umuntu eba umKristu, wayeyeka ukuba nokuningi akuhlanganyela nezwe elimzungezile. (Johane 17:14, 15) Uma eshiywa yedwa, ngokwakhe, lokho kwakungabangela isizungu esikhulu. Nokho, uma ehlanganyela namaKristu akanye naye ebandleni eliseduze, ayeyomqinisa ukuba alondoloze ukwehluka kwakhe. Ngaphezu kwalokho, uJesu wathi abalandeli bakhe babeyoba “munye.” (Johane 17:11) Lobobunye babubonakala ngokukhethekile emabandleni. UJesu futhi wathi: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” (Johane 13:35) Ukuze amaKristu abonise loluthando ngendlela yokuba lusebenze njengophawu kwabangaphandle, kwakumelwe abe yimigwamanda. Leyomigwamanda kwakungamabandla obuKristu asendaweni, lapho amaKristu ayeqaphela inhlala-kahle engokomoya nengokwenyama yomunye nomunye. (Filipi 2:4) Ngokwesibonelo, usizo lwabafelokazi uPawulu akhuluma ngalo kuThimothewu ngokusobala lwahlelwa ngamabandla.—1 Thimothewu 5:3-10.
7. (a) Kuyini ukubaluleka kwamazwi kaPawulu kumaHeberu 10:24, 25? (b) Yayiyini indima yamabandla obuKristu ekhulu lokuqala leminyaka emsebenzini wokushumayela?
7 Ngakho-ke, amazwi kaPawulu ayeyisikhuthazo esiqondile sokusekela ibandla lendawo lapho ethi: “Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.” (Heberu 10:24, 25) Ngaphandle kwalokho, ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso okwafezwa ngendlela evelele kangaka ekhulwini lokuqala leminyaka ngokusobala kwenziwa ngendlela ehlelekile ngamabandla. (Roma 10:11-15) Kanjalo, umoya ongcwele waqondisa abadala ebandleni laseAntiyokiya ukuba bathume uPawulu noBarnaba njengezithunywa zevangeli emasimini angabelwe, futhi uPawulu wamukela igunya labadala bebandla laseJerusalema ukuba bamnikeze iziqondiso zokuthi kukuphi lapho kumelwe ashumayele khona.—IzEnzo 13:1-3; Galathiya 2:8-10.
Amabandla Anamuhla
8, 9. Ziyini ezinye izizathu zokuba nathi, namuhla siqondise abathakazelayo bethu ebandleni eliseduze?
8 Yini thina namuhla esingayifunda kulesisizinda esingokomlando? Ukuthi nathi, kumelwe siqondise abathakazela kabusha ebandleni lobuKristu eliseduze. Namuhla, njengasosukwini lukaPawulu, ubuKristu abuyona inkolo yonkom’ idla yodwa. “Ozehlukanisayo ufuna esakhe isifiso,” kuxwaysa incwadi yezAga. (IzAga 18:1) Ngakolunye uhlangothi, “ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha.” (IzAga 13:20) Abasha badinga ukusekelwa okungokomoya nokungokomzwelo okunikezwa yibandla lobuKristu. Badinga ukuzwa uthando lwamaKristu abakanye nawo, inkonzo yabadala nobunye obujabulisayo obenza ukuba umKristu kube okuhlangenwe nakho okujabulisayo nokuyingqayizivele.—IHubo 133:1.
9 Nanamuhla futhi, ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke kuqhutshwa ngendlela ehlelekile ikakhulukazi ngamabandla obuKristu asezindaweni ezihlukahlukene. (Mathewu 24:14) Ngakho-ke, lapho sifundisa abasha ngesibopho sabo sokuhlanganyela kulowomsebenzi, kumelwe sibaqondise ebandleni elisendaweni yakubo futhi sibabonise indlela yokubambisana nalo.
Ubuzalwane Bezizwe Zonke
10. Yisho eminye imibhalo ebonisa ubunye bezizwe zonke bamaKristu ekhulu lokuqala.
10 Nokho, umphostoli uPawulu abasha akabatshelanga nje kuphela ngebandla lasendaweni yakubo. Wathi kwabase-Efesu: “Munye umzimba, munye umoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu.” (Efesu 4:4) “Umzimba” wawumunye kuphela emhlabeni wonke, hhayi amabandla amaningi asakazeke ezindaweni ezihlukahlukene azibusayo. UJesu futhi wayebhekisela emalungwini aphilayo ‘alomzimba’ emhlabeni lapho ekhuluma ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo,’ egunyazwe ukunikeza ukudla “kwabendlu.” (Mathewu 24:45-47) AmaKristu ngamanye emhlabeni wonke kwakuyodingeka aqaphele igunya ‘lalenceku’ ukuze ‘iwanike’ ukudla. Lokhu kwakuyophumela ebuzalwaneni bamaKristu bezizwe zonke.
11. (a) UPetru wayibiza ngokuthini lenhlangano yamaKristu yezizwe zonke? (b) Yiliphi ilungiselelo elalondoloza ubunye bemfundiso bamaKristu ekhulu lokuqala? UPawulu wakubonisa kanjani ukuqaphela kwakhe lelilungiselelo?
11 Kungakho umphostoli uPetru akhuluma ngawo wonke amaKristu osuku lwakhe ‘njengabazalwane.’ (1 Petru 2:17) ‘Babengabazalwane’ bezizwe zonke (IsiGreki, adelphotesʹ, “ubuzalwane”). Abasha baba yingxenye, hhayi nje yebandla lakubo, kodwa yabo bonke lobuzalwane bezizwe zonke. Amabandla ayethintana. (Kolose 4:15, 16) Lapho kwakunemibuzo engokwemfundiso, amaKristu awazange azenzele izinqumo. Ngempendulo enegunya, abheka kubadala bebandla laseJerusalema ababekhonza njengendikimba ebusayo yomhlaba yangalezozinsuku. (IzEnzo 15:2, 6-22) UPawulu ngokwakhe waliqaphela igunya elingokwemfundiso laleyondikimba. Nakuba ayethole iqiniso ngesambulo esikhethekile kuJesu Kristu, nokho, waya eJerusalema futhi wabachazela izindaba ezinhle ayezishumayela, ‘funa mhlawumbe kungaba ngukuthi wayegijimela ize, noma wayegijimele ize.’—Galathiya 1:11, 12; 2:1, 2, 7-10.
12. Yimiphi eminye imikhuba eyahlanganisa “abazalwane” ndawonye?
12 Ukuze kulondolozwe ubunye bokucabanga nesenzo ‘sabazalwane’ bonke, izikhonzi ezijikelezayo, njengoThimothewu, uThithu noEphafrodithu, zathunyelwa ukuba zibahambele futhi zibakhe, futhi izincwadi ezinjengezikaPawulu, uPetru, uJakobe, uJohane noJuda zajikeleza phakathi kwabo. Ngenxa yokuthi ubuzalwane obunjalo babukhona, amaKristu ayecebe kangcono kwamanye amazwe ezwa ngesidingo sabazalwane bawo eJudiya phakathi nesikhathi sobunzima lapho, futhi uPawulu wakwazi—ngamabandla—ukulungiselela ukuyiswa kosizo kwabadingayo. (1 Korinte 16:1-4) AmaKristu ngamanye futhi ayekhuthazwa lapho ezwa imibiko yokubekezela nokholo ‘lwabazalwane bawo bonke abasezweni.’—1 Petru 5:9.
Yethula Abasha ‘Kubazalwane’ Bonke
13. Yikuphi ukufana okukhona phakathi ‘kwabazalwane’ emhlabeni wonke ekhulwini lokuqala nanamuhla?
13 Ingabe bakhona “abazalwane” abafanayo namuhla? Ngempela bakhona. “Inceku ethembekileyo neqondayo” isekhona futhi isenomthwalo wemfanelo ‘wokondla’ “abendlu.” (Mathewu 24:45-47) Njengasosukwini lukaPawulu, iNdikimba Ebusayo imelela ‘lenceku’ futhi iqondisa umsebenzi womhlaba wonke wokushumayela “izindaba ezinhle.” Ubunye bezizwe zonke buyaqiniswa namuhla, futhi, ngezincwadi ezibhalelwa amabandla nezincwadi ezinyathelisiwe ezivela kuleNdikimba Ebusayo, kanye nangabafundisi abavuthiwe abakhonza emabandleni. Ngakho-ke, lapho umuntu efunda iqiniso, ufunda ukuba yingxenye yebandla lakuleyondawo futhi azizwe eyingxenye ‘yabazalwane abasezweni’ emhlabeni wonke. Kungumthwalo wemfanelo womfundisi ongumKristu ukuba asize lowo amfundela iBhayibheli ukuba enze lokhu. Angakwenza kanjani lokho?
Ukusiza Abanye Ukuba Bathande Bonke “Abazalwane”
14. Yiziphi izindlela oye wazithola ziphumelela ekutsheleni obafundela iBhayibheli ngebandla elisendaweni yakini nangenhlangano yezizwe zonke yabantu bakaNkulunkulu?
14 Umfundisi ongumKristu angatshela amfundelayo ngebandla ‘nangobuzalwane’ bezizwe zonke, khona-ke futhi angambonisa bona. Angamtshela kanjani? Nazi ezinye izindlela abafundisi abanokuhlangenwe nakho abaye bazithola ziphumelela: Zinike isikhathi ngaphambi noma ngemva kwesifundo seBhayibheli sokuba uxoxe ngebandla nokubaluleka kwalo ngokomBhalo, kanye ‘nenceku ethembekile neqondayo’ nokuthi isikhonza kanjani namuhla. Chaza iHholo LoMbuso nemihlangano. Khuluma ngezinto ezithakazelisayo oye wazifunda phakathi nemihlangano. Emithandazweni yakho ngaphambi nangemva kwesifundo, thinta ibandla lakini kanye nobuzalwane bezizwe zonke.
15. Yiziphi ezinye izindlela ezinhle kakhulu zokubonisa abathakazelayo ibandla elisendaweni yakini nenhlangano yezizwe zonke?
15 Kodwa angazibonisa kanjani lezizinto? Nazi ezinye izindlela eziye zabonakala ziphumelela: Ngokushesha ngangokunokwenzeka, mema amanye amalungu ebandla ukuba aye nawe esifundweni ukuze lomfundi aqale ukuba nabangane abasha ngokushesha ngangokunokwenzeka. Kubalulekile ukuba abone ngokushesha ukuthi noma angalahlekelwa abangane esimisweni esidala sezinto kuyoba nabangaphezu kwalokho kwabasha ajwayelene nabo ‘kubazalwane abasezweni.’ (1 Petru 5:9; Mathewu 19:27-29) Yisebenzise ngokugcwele incwajana ethi Jehovah’s Witnesses in the Twentieth Century. Lena ichaza inhlangano yanamuhla yezizwe zonke yoFakazi BakaJehova futhi inemifanekiso emihle yemihlangano emikhulu, isibonelo seHholo LoMbuso, umhlangano oqhubekayo, umsebenzi wokushumayela, nokunye. Iyonikeza umfundi umqondo wobungako ‘babazalwane abasezweni.’ Ngokufanayo, isahluko 23 sencwadi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, sinikeza incazelo yemifanekiso enemibala yenhlangano kaNkulunkulu namuhla.
16. (a) Yini okumelwe siyenze ngokushesha ngangokunokwenzeka ngabafundi bethu beBhayibheli? Ngasiphi isizathu esingokomBhalo? (b) Singazuza kanjani ekuhambeleni kombonisi wesifunda noma wesigodi ukuze sisize esibafundela iBhayibheli ukuba babe yingxenye yabantu bakaNkulunkulu?
16 Khumbula futhi, ukuthi uPawulu wahlela imihlangano e-Efesu cishe ngokushesha nje uma ethola isithakazelo. (IzEnzo 19:9, 10) Watshela ibandla laseKorinte ukuthi lapho “ongakholwayo” noma ongafundile engena emhlanganweni wobuKristu ohlelwe kahle, “okufihliweyo kwenhliziyo yakhe kuyadalulwa; njalo uyakuwa ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, aqinise athi: Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.” (1 Korinte 14:24, 25) Ngokufanayo namuhla, uma umfundi eshesha ukuhlanganyela nebandla uyoshesha ngokufanayo futhi ukubona ukuthi iqiniso likuphi ngempela. Ngalesizathu, abafundisi abangamaKristu bamema ababafundelayo ukuba beze emihlanganweni yebandla nasemihlanganweni emikhulu ngokushesha ngangokunokwenzeka. Uma kudingekile, bayeka okwabo ukuze balande umuntu othakazelayo baye naye emihlanganweni. Uma ibandla lakubo lihanjelwe “uThithu” noma “uEphafrodithu” wanamuhla, umbonisi wesifunda noma wesigodi, bayaqiniseka ukuthi abamfundela iBhayibheli bayamethula kuyena nomkakhe, mhlawumbe bameme lezivakashi ukuba zihlanganyele esifundweni seBhayibheli sasikhathi sonke.
17. Ngakho-ke, iyini ingxenye ebalulekile yomsebenzi wethu wokufundisa nokwenza abafundi? (Mathewu 28:19, 20) Lokho kubazuzisa kanjani esibafundelayo?
17 Inhlangano kaJehova yomhlaba wonke yabagcotshiwe ‘iyinsika nesisekelo seqiniso.’ (1 Thimothewu 3:15) Ukuze abathakazela kabusha bazuze ‘kulesosisekelo,’ kumelwe bazihlanganise namakhulu ezinkulungwane zabamnene abathutheleka ukuba bahlanganyele nalaba abagcotshiwe. (Zakariya 8:23) Namuhla laba abamnene benza ubuzalwane bezizwe zonke bezigidi ezingaphezu kwezimbili nengxenye, futhi ukwamukela iqiniso kuhlanganisa ukuhlanganyela nalobo buzalwane bezizwe zonke. Lapho abathakazela kabusha beba yingxenye yabo, bajabulela konke ukusekela nesivikelo okusinikezayo. Bajabulela uthando lobuzalwane lwamanye amaKristu futhi banethuba lokubonisa uthando lwabo ngokufanayo. (Heberu 13:1) Lokhu futhi kusho ukuthi baba yingxenye yesixuku sezizwe zonke esingenakubalwa esiyosinda osizini olukhulu oluzayo sidlulele ebuphakadeni benjabulo yobudlelwane ndawonye. (IsAmbulo 7:9-17) Ngakho-ke lapho ufundisa imfundiso kobafundela iBhayibheli, ungakhohlwa ukubaqondisa nokubafundisa ukuba babe nothando ‘ngabazalwane’ bonke abasezweni.—1 Petru 2:17.
Uyakhumbula?
□ Yini uPawulu ayenza ngesithakazelo esatholakala kabusha e-Efesu naseKorinte?
□ UPawulu wabazuzisa kanjani abasha?
□ Ngaphandle kokufundisa izimfundiso, yini okumelwe siqaphele ukuyazisa esibafundela iBhayibheli?
□ Yiziphi ezinye izindlela eziwusizo zokwenza lokhu?
[Izithombe ekhasini 14, 15]
Abasha bamukelwa ngokufudumele phakathi ‘kwabazalwane’