Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 10/1 kk. 9-14
  • Isizathu Sokuba Singabi Ingxenye Yalelizwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isizathu Sokuba Singabi Ingxenye Yalelizwe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • AmaKristu Awanakuba Onkom’ Idla Yodwa
  • Isizathu ‘Sokungabi Ngowezwe’
  • Gwema Ukuthanda Izwe
  • “Izwe Liyadlula”
  • Abayosinda Kumelwe ‘Bangabi Yingxenye Yezwe’
    Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
  • ‘Ungalisebenzisi Lelizwe Kakhulu’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • AmaKristu Angathathi Hlangothi Ezinsukwini Zokugcina
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ukhetha Izwe LikaSathane, Noma Isimiso Esisha SikaNkulunkulu?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 10/1 kk. 9-14

Isizathu Sokuba Singabi Ingxenye Yalelizwe

“Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.”—JOHANE 17:16.

1. Hlobo luni lokuphathwa uJesu athi abalandeli bakhe bangalulindela?

UJESU KRISTU wenqatshwa, wazondwa futhi washushiswa yilelizwe. Ngakho yini abalandeli bakhe ababengayilindela? Wabatshela: “Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu. Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda. Khumbulani izwi enganitshela lona mina lokuthi: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma begciné izwi lami, nelenu bayakuligcina.”—Johane 15:18-20.

2. (a) Liyini “izwe” abalandeli bakaJesu abahluke kakhulu kulo? (b) Esikhundleni sokususa abafundi bakaKristu ezweni, yini uJehova abenzela yona?

2 Yebo, abalandeli bakaJesu beqiniso behluke kakhulu kulelizwe—umphakathi wesintu esinesono ohlukanisiwe noNkulunkulu. Lokhu kunjalo kangangokuthi abafundi bakaKristu bayazondwa futhi bashushiswe yilelizwe. Kodwa ngokungabi ngabezwe, abalandeli bakaJesu banamathela esibonelweni sakhe esihle kakhulu, futhi uJehova uNkulunkulu uyabanakekela ngokuvumelana nomthandazo kaKristu: “Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.”—Johane 17:15-17.

3. Ngokuqondene nalelizwe, imiphi imibuzo edinga izimpendulo?

3 Kusho ukuthini ‘ukungabi yingxenye yezwe’? Ingabe kubonisa ukuthi abalandeli bakaJesu kumelwe bagweme konke ukuthintana nabangewona amaKristu?

AmaKristu Awanakuba Onkom’ Idla Yodwa

4. Yimuphi umsebenzi uJesu awabela abalandeli bakhe, enza kungabi nakwenzeka ngabo ukuba babe ngonkom’ idla yodwa?

4 Ngokuqinisekile, uJesu akazange alindele abalandeli bakhe ukuba bazehlukanise ngokwemiphakathi ezikhethayo yenkolo. Kunalokho, wabanikeza umsebenzi ohlanganisa imbulunga yonke ukuba bawenze, ethi: “Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube-sekugcineni komhlaba.” (IzEnzo 1:8) Wabayala futhi: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.” (Mathewu 28:19, 20) Yebo, nakuba “izizwe zonke” zaziyoba abafundi ngaleyondlela, kwakungenakulindelwa ukuba bonke abantu balezozizwe ngokwazo bamukele izimfundiso zikaJesu Kristu.

5. Iziphi izindlela ezigunyazwe ngokomBhalo abantu abaphendulelwa ngazo ebuKristwini?

5 Kodwa abanye bangase bathi: ‘Ingabe aziphendulelwanga yini zonke izizwe ebuKristwini? Futhi ingabe azihlanganisi lokho okubizwa ngokuthi eLobukholwa?’ Nokho, ababusi abathile baye banquma inkolo yezikhonzi zabo futhi abazange bangabaze ukuphoqelela leso sinqumo ngezindlela ezinonya nezobuqaba. Ngokungaphezulu, ukwesaba ukuhlushwa esihogweni somlilo okuyinganekwane kuye kwaba yisici esinamandla salokho abathi ukuphendukela ebuKristwini bokuzisholo. (Qhathanisa nomShumayeli 9:5, 10.) Kodwa yeka ukuthi kuphambene kangakanani lokhu nokuwukuphela kwendlela egunyazwe ngokomBhalo yokusakaza ukholo lobuKristu beqiniso! Lowomsebenzi osemqoka kumelwe wenziwe ngokufakaza ngenkuthalo, ngokufundisa nangokwenza abafundi. Izindela nezindelakazi ezihlala zodwa azinakuwufeza lomsebenzi noma zigcine umyalo kaKristu ‘wokwenza ukukhanya kwazo kukhanye phambi kwabantu.’ (Mathewu 5:14-16) Futhi “ukuphendulwa” ngenkani akuhlangene nalutho nokufakaza, ukushumayela nokufundisa okusiza abantu abanhliziyo ziqotho bazo zonke izizwe ukuba bazinikezele ngobuqotho obuphelele kuJehova uNkulunkulu.

Isizathu ‘Sokungabi Ngowezwe’

6. Njengoba kulotshwe kuJohane 13:35, kungani kungase kuthiwe oFakazi BakaJehova bayafanelana nencazelo kaJesu yabalandeli bakhe?

6 Igama elithi “umKristu” ngokuvamile liye labonakala liyigama lokukhohlisa. Yeka izenzo zokuhaha, zokuqhwaga, zokubulala empini nokucindezelwa kwabantu abaningi okwenziwa abantu nezizwe ezithi zingamaKristu! Kodwa yeka indlela okuhluke ngayo kubalandeli bakaKristu beqiniso! “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami,” kusho uJesu, “uma nithandana.” (Johane 13:35) Ngempela, bakhona abantu abafanelana naleyoncazelo namuhla—oFakazi BakaJehova. Uthando phakathi kwabo alusho ukuncintisana okunonya, ukucunulana, ukwenza izinzuzo zobugovu ngabanye. Kunalokho, lusho ukukhuluma ngokuvumelana, ukungabi nokwehlukana, ‘kodwa ukupheleliswa emqondweni munye nasekuboneni kunye.’ (1 Korinte 1:10; 13:4-8) OFakazi BakaJehova baye bafunda ukucabanga kukaNkulunkulu noKristu futhi baqondiswa yikho. (Roma 12:1, 2; 1 Korinte 2:16) Ingxenye ebaluleke kakhulu yalokho kucabanga iwukuthi amaKristu kumelwe ‘angabi awezwe.’—Qhathanisa noJakobe 1:27.

7. Amazwi kaPawulu kuzEnzo 17:30, 31 abonisa kanjani ukuthi akufanelekile ngamaKristu ukuba abe yingxenye yalelizwe?

7 Kunezizathu ezinhle kakhulu ngabalandeli bakaJesu ukuba ‘bangabi ngabalelizwe.’ Eminyakeni engaba izi-4 000, iningi lesintu ‘belingenathemba futhi lingenaNkulunkulu ezweni.’ (Efesu 2:12) Kodwa isikhathi eside sokwehlukana noJehova ngenxa yesono somuntu asinakuqhubeka ngokungenasiphelo. Emakhulwini eminyaka ayishumi nesishiyagalolunye edlule, umphostoli uPawulu wathi uNkulunkulu “usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,” ngoba “umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho,” uJesu Kristu. UPawulu wanezela ukuthi uNkulunkulu ‘uye wanika ithemba ngokumvusa [uJesu] kwabafileyo.’ (IzEnzo 17:30, 31) Lokhu kuyisiboniso esiqinisekile sokuthi lelizwe elingalungile, kuhlanganise neLobukholwa elihlubukayo, liyokwahlulelwa, lilahlwe futhi lisuswe phakade. Khona-ke, yeka ukuthi akufaneleki kanjani ngabathi bangamaKristu ukuba babe yingxenye yalelizwe!

8. Imuphi umsebenzi obonisa ukuthi “ukuphela” kuseduze, kanjalo unikeza esinye isizathu ngabantu bakaJehova sokuba ‘bangabi yingxenye yezwe’?

8 Sekudlule iminyaka engaphezu kwe-1 900 uJesu avuswa, futhi ngokungangabazeki ukwehliswa kwesahlulelo saphezulu kweLobukholwa elihlubukayo nakulo lonke izwe likaSathane kuseduze kakhulu. (2 Petru 3:10; 1 Johane 5:19) Singakafiki lesosikhathi, oFakazi BakaJehova bamemezela isigijimi sikaNkulunkulu emhlabeni kabanzi futhi “izikhathi zokuhlunyelelwa” zijatshulelwa yilabo besintu abaphendukile futhi abanokwazisa. (IzEnzo 3:19-21) Ngokuvumelana namazwi kaJesu angokwesiprofetho osuku lwethu, ofakazi bakaJehova abangaphezu kwezi-2 650 000 manje bashumayela “lelivangeli lombuso” emazweni angama-205. Lapho lomsebenzi usuphumele ‘ebufakazini kuzo zonke izizwe’ ngezinga uNkulunkulu athanda ngalo, ‘ukuphela kuyofika.’ (Mathewu 24:14) Khona-ke, njengoba ukuphela kwalesisimiso esibi kuseduze kangaka, kunesizathu esihle ngabantu bakaJehova ukuba ‘bangabi abezwe.’

9. (a) Njengoba izwe likaSathane selizophela, kumelwe sizibheke kanjani izithakazelo nezimfuneko zoMbuso? (b) Imiphi imibuzo manje okudingeka siyicabangele?

9 Njengoba izwe likaSathane selizophela, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuqiniseka ukuthi ngempela sifuna uMbuso kaNkulunkulu kuqala! (Mathewu 6:33) Kungakhathaliseki ubudala bethu, imfundo noma isikhundla ekuphileni, “sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu.” (Roma 14:10) Ngakho-ke, ingabe siye sahlangabezana nezimfuneko zoMbuso ekuphileni kwethu? Noma, eqinisweni sisazama ukuhambisana nalelizwe elizonda amaKristu eqiniso? Ingabe sisenezifiso namathemba ezwe? Ingabe silingisa izindlela zalelizwe eziphambene nemibhalo? Ingabe sidumisa izithixo zalo? Khumbula ukuthi ‘ubuhlobo nezwe buwubutha noNkulunkulu.’ (Jakobe 4:4) Ngakho-ke, ukuze sigweme ukuba izitha zikaNkulunkulu, singakugwema kanjani ukonakaliswa yizwe? Yiziphi ezinye zezinto ezisezweni okumelwe sizigweme?

Gwema Ukuthanda Izwe

10. U-1 Johane 2:15, 16 ukhuluma ngaziphi izinto ezintathu kulelizwe abantu bakaJehova okumelwe bangazithandi?

10 Umphostoli uJohane wabhala: “Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye, ngokuba konke okusezweni inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.” (1 Johane 2:15, 16) Lapha uJohane wabonisa izinto ezintathu eziyisisekelo kulelizwe abantu bakaJehova okumelwe bangazithandi.

11. Kungani amaKristu kumelwe angahlulwa “inkanuko yenyama”?

11 “Inkanuko yenyama” ingasiholela ezenzweni eziningi ezilimazayo nezibulalayo ezivamile kulelizwe elibi elingaphansi kokuphatha kukaSathane. Phakathi kwalezi “imisebenzi” yenyama enesono—“ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo.” Asikwazi ukungasinaki isixwayiso sikamphostoli uPawulu sokuthi “abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu,” singalindeli ukujeziswa. (Galathiya 5:19-21) Ngempela, labo abenza “imisebenzi yenyama” bengaphenduki bayingxenye yalelizwe futhi abanakuhlanganyela eMbusweni othenjisiwe oyolwela igama likaJehova futhi uguqule umhlaba ube yipharadesi. (Luka 23:43) Ngokukhanyayo-ke, amaKristu akumelwe ahlulwe “inkanuko yenyama.”

12. (a) Iyini “inkanuko yamehlo,” futhi ingasithinta kanjani isimo somuntu ngokomoya? (b) Ngokuqondene “nenkanuko yamehlo,” yini okungaba kuhle ukuba sizibuze yona?

12 “Inkanuko yamehlo” ingesinye sezici zalabo abayingxenye yalelizwe. Njengoba beqongelela umcebo nezimpahla, ababonakali baneliseka. Ingani, ngisho nabaningi abaye balilalela iqiniso leBhayibheli elisakazwa oFakazi BakaJehova ekugcineni bavumela “inkanuko yamehlo” abathuthuki ngokomoya. Isifiso sabo sezingubo ezintsha, izimoto, izindlu, izimpahla zasendlmi nezinye izinto eziningi ezijabulisa iso siba ngamandla, kangangokuba, njengoba uJesu asho, “ukukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto kungena kuliminyanise izwi, libe-ngelingatheliyo.” (Marku 4:18, 19) Ngokuthakazelisayo, uSathane wayenga uEva ngokumbangela ukuba afisele okuthile okwakwenqatshelwe ayengakubona ngamehlo akhe. Nokho, wehluleka ngokuphelele emizamweni yakhe yokuyenga uJesu ukuba one ngokuba afisele izinto ezibonwa ngamehlo. (Genesise 3:1-6; Luka 4:5-8) Kodwa kuthiwani ngawe? Ingabe ulandela isibonelo sikaJesu esiqotho? Noma ukwanelisa “inkanuko yamehlo” kuye kwathatha isikhathi sakho, ukunaka namandla kangangokuba izithakazelo zoMbuso azisanakwa? Uma ukukhathalela izinto ezingokomoya kuhlehlela emuva, thatha isinyathelo sokulungisa lesosimo ngokushesha!

13. Njengoba kuboniswe uPawulu nezinye izaga, “inkanuko yamehlo” yokuhaha ingaholela kuphi?

13 “Inkanuko yamehlo” ahahayo ingaholela ekungathembekini, emoneni, nasemhawini nakwezinye izono ezingenza ungamukelwa uNkulunkulu. Njengoba uPawulu asho, “abahahayo” baphakathi kwalabo ‘abangayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.’ (1 Korinte 6:9, 10) Ngokufanelekile, nezaga ezihlakaniphile ziyaxwayisa: “Umuntu othembekileyo uyakuvama izibusiso, kepha oshesha ukuceba akayikuyekwa. Umuntu oneso elibi ushesha ukuba athole imfuyo; akazi ukuthi ukuswela kuyakumehlela.” (IzAga 28:20, 22) Ngisho nakuba ubumpofu bungase bungabehleli ngokushesha abanye abantu abahahayo, abanomona, bayokufa bengenakho ukuvunyelwa uNkulunkulu noma bafinyelele esiphethweni esidabukisayo ekupheleni kwalesisimiso sezinto.—Mathewu 24:3; Luka 12:13-21.

14. (a) “Ukuzigabisa ngalokhukuphila” kungazibonakalisa kanjani? (b) Yini ewumsuka ‘wokuzigabisa,’ ukuqhosha nokufuna isikhundla okunjalo? (c) Kungani kumelwe sigweme isilingo sokugabisa ngempahla yethu nezinzuzo esizifiselayo?

14 “Ukuzigabisa ngalokhukuphila” nakho kumelwe kugwenywe izinceku zikaJehova. Yeka ukuthi kungaba okulinga kanjani ukugabisa ngezimpahla ezidulayo! Isifiso esinjalo esibi ngokuvamile asiholeli kuphela ekuzameni ukulingana nabanye, kodwa futhi ekuzameni ukubadlula ngokwezinto ezibonakalayo. Okufana nalokhu kuwukuqhosha ngalokho umuntu acabanga ukuthi uye wakufinyelela. Ngethemba lokuzuza isikhundla noma isithunzi, angase ahlakulele ubuhlobo nokusekelwa abantu abadumile. Kodwa labo abavumela ukuba basetshenziswe ngalendlela bayiziwula, futhi umuntu onesifiso esingafanelekile ekugcineni angase abe njengabantu “abangamesabi uNkulunkulu” bosuku lukaJuda ‘abamilomo yabo yakhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.’ (Juda 4, 16) Umsuka wakho konke lokhu kufuna isikhundla nokuzigabisa uwukuziqhenya okunesono. (IzAga 8:13; 16:18; 21:4) Ngokuqinisekile-ke, kumelwe simelane nokulinga kokugabisa ngezimpahla zethu nangezinto esizitholayo. Lesisaga siyafaneleka lapha: “Ukudla izinyosi eziningi akukuhle, nokuzifunela udumo kakusilo udumo.” (IzAga 25:27) Futhi njengoba abantu abaningi behamba endleleni ebanzi eyisa ekubhujisweni, yeka ukuthi afaneleke kangakanani amazwi kaJesu, “Maye kinina, nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani”!—Luka 6:26.

“Izwe Liyadlula”

15. (a) Umphostoli uJohane usinikeza siphi isizathu esiyisisekelo ‘sokungabi yingxenye yezwe’? (b) AmaKristu aqotho kumelwe ayibhekise kuphi imizamo yawo eyinhloko?

15 UJohane usinikeza isizathu esiyisisekelo ‘sokungabi yingxenye yezwe’ uma enezela: “Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.” (1 Johane 2:17) “Izwe,” umphakathi wabantu ongalungile, liseduze nokuphela kwalo “osizini olukhulu” olusondela ngokushesha. (Mathewu 24:21) Phakathi naleyonkathi konke okusele kwezombangazwe, ezentengiselwano inkolo yamanga yalelizwe kuyobhujiswa. Ngakho-ke, ofakazi bakaJehova beqiniso banganikela kanjani ngaso sonke isikhathi sabo, amandla nomcebo kulelizwe elizobhujiswa ngokushesha? Kunalokho, amaKristu aqotho ayobhekisa imizamo yawo emikhulu ekuqhubekiseni izithakazelo zoMbuso nasezintweni eziyohlala phakade. Ngokungaphezulu, ngokwethembeka okunjalo nangokholo abantu bakaJehova ‘bayolinqoba izwe’ lomphakathi wesintu ongalungile, njengoba noJesu alinqoba. (Johane 16:33) Yebo, futhi bayosinda lapho lelizwe lidlula ngokubhujiswa kwaphezulu, njengoba noNowa nomkhaya wakhe basinda kuZamcolo.—2 Petru 2:5.

16. Imiphi imibuzo okusadingeka siyicabangele?

16 Njengoba lelizwe liyadlula, khona-ke amaKristu kumelwe akubheke kanjani ukuhileleka ezindabeni zalo zezenhlalo? Isiphi isimo okumelwe abe naso maqondana nemfundo, ezamabhizinisi nezokuzijabulisa? Imibuzo enjengalena kudingeka ukuba siyicabangele ngokunakekela.

Ubungathini?

□ Liyini izwe abalandeli bakaJesu beqiniso abangesiyo ingxenye yalo?

□ Abafundi bakaKristu abanakuba onkom’ idla yodwa ngenxa yamuphi umsebenzi abawabelwe?

□ Iziphi ezinye zezizathu zokuba oFakazi BakaJehova ‘bangabi yingxenye yezwe’?

□ Ukuze balandele iseluleko esiku-1 Johane 2:15-17, iziphi izinto ezintathu eziyinhloko ezweni abantu bakaJehova okumelwe bangazithandi?

[Isithombe ekhasini 10]

Nakuba oFakazi BakaJehova ‘bengesibo abezwe,’ bamatasa ekusizeni abantu bazo zonke izizwe ngokomoya

[Isithombe ekhasini 12]

Uma ‘singesibo abezwe,’ asiyikuhlulwa yizifiso zenyama nezamehlo noma sizigabise ngezinto zethu zokuphila

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela