Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 10/1 k. 3
  • Kwenzekani Ekuphileni Komkhaya?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kwenzekani Ekuphileni Komkhaya?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘lzikhathi Zethu Ezinzima’—Uthinteka Kanjani Umkhaya Wakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ukufundisa Okuwusizo Kwezikhathi Zethu Ezinzima
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Zibonakala Ngani “Izinsuku Zokugcina,” Noma “Isikhathi Sokuphela”?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe Ikhona Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya?
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 10/1 k. 3

Kwenzekani Ekuphileni Komkhaya?

“NGICELA ningisize. Umyeni wami ungiphatha kabi futhi angisakwazi ukukubekezelela. Akekho engingaphendukela kuye. Ngingedwa ngaphandle kwendodana yami enonyaka owodwa. Umyeni wami uyisidlwangudlwangu futhi izingalo zami ngezinye izikhathi ziba mnyama ngenxa yezibhakela zakhe. Wangingqimuza ekhaleni emasontweni amabili adlule futhi ngopha kakhulu ekhaleni. Khona-ke lapho silele ngobunye ubusuku waqala ukungiklinya futhi kwaze kwaba yilapho ngiquleka lapho aqaphela khona ayekwenzile. Kwaphela izinsuku kunzima ngami ukugwinya. . . .

“Umyeni wami uyathetha futhi aphule izinto endlini futhi ethuse umntwana. Ngemva kokuba umyeni wami engilahle phansi ngobunye ubusuku, umntwana wadazuluka wamemeza ngokwethuka futhi ngangilimele, ngethuke kakhulu ukuba ngingenza noma yini. . . . Ngiye ngamtshela ukuthi ngifuna idivosi. Manje angilokothi ngithi ngifuna ukuhamba funa aqale futhi ngesaba ukuthi ukuphila kwami noma kwendodana yami kusengozini.”—Kucashunwe encwadini Scream Quietly or the Neighbours Will Hear, nguErin Prizzey.

Ingabe yisehlakalo esisodwa? Phinde! EUnited States iyodwa kulinganiselwa ukuthi unyaka ngamunye abafazi abayisigidi nezi-800 000 bashaywa abayeni babo, okungukuthi, bayakhahlelwa, bashaywe ngesibhakela nangokuthile, basongelwe noma bahlaselwe ngommese noma isibhamu. Hlanganisa kulokhu izimo zokoniwa ngokobulili nokunganakwa kwabantwana ngokomzwelo, ukuphathwa kabi kwabazali nomkhulu, futhi isimo siba ngisho esidabukisa kakhulu. Kungakho kunalombuzo: Kwenzekani ekuphileni komkhaya?

Unesizathu sokuthinteka. Ungase ubuze, ‘Kungani mina? Ngingakuqinisekisa ukuthi lezozinto azenzeki emkhayeni wami!’ Noma kunjalo, izinkinga ezinjalo zemikhaya kumelwe zikuthakazelise. Ngani? Ngenxa yokuthi iBhayibheli laprotetha kudala ukuthi ukuvama kweziphazamiso ezinjalo zemikhaya kwakuyoba ingxenye yobufakazi obukhanyayo bokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” zalesisimiso sezinto somhlaba wonke.a Phawula lokho umphostoli uPawulu akubikezela: “Yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, . . . nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenalutando.”—2 Thimothewu 3:1-3.

Ingabe amazwi kaPawulu ngempela ayagcwaliseka namuhla? Zisezingeni elingakanani nje izingxabano ezinjalo zemikhaya? Ingabe zisekela ukugcwaliseka kwesiprofetho sikaPawulu esibonisa ukuthi ngempela siphila “ezinsukwini zokugcina”?

[Umbhalo waphansi]

a Kumelwe kuphawulwe ukuthi iziprofetho zeBhayibheli ngokuphathelene ‘nezinsuku zokugcina’ zihlanganisa isibonakaliso esihlangene. Okungukuthi, lapho zonke izinto ezabikezelwa zenzeka esizukulwaneni esisodwa, kwakuyoba ubufakazi bokuthi siphila esikhathini sokuphela. Kuloluchungechunge lwezihloko, sizogxila esicini esisodwa seziprofetho, okungukuthi, umphumela wezethu ‘izikhathi ezinzima’ emikhayeni.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela