“Lencwadi”—INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Incwadi evela eBelize, eCentral America, iyabika: “Kwenye indawo, iOtoxha, umfana osemncane wagijimela kithina, wahlola kwesinye sezikhwama zethu, wafaka isandla futhi wadonsa akubiza ngokuthi ‘LENCWADI.’ Ngemva kokuqiniseka ukuthi kwakuyiyo LENCWADI (INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli), wakhipha isikhwama esincane semali esigcwele imali ewuhlweza. Kwase kuphele izinyanga ebeka imali elindele ngesithakazelo olunye usuku onyakeni lapho oFakazi BakaJehova bevakashela indawo yakubo.
Lencwadi iyaqhubeka: “Omunye wemibukwane ethakazelisa kakhulu ezingqondweni zethu kwakuyilapho owesilisa okunguyena kuphela okhuluma isiNgisi kulendawo ehlezi phansi endaweni engcolile yecabildo (indlu yomphakathi yezihambi) futhi ehumusha incwadi Yezindaba ZeBhayibheli ngesiKekchhi lapho amanye amadoda ehleli emzungezile, engenisa elinye nelinye izwi futhi ngokucophelelela ehlola imifanekiso emihle.”
Sinomuzwa wokuthi, nawe, uyokujabulela ukwamukela INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Iqukethe izindaba zeBhayibheli eziyi-116 ezinikeza umfundi umqondo walokho iBhayibheli elikuqukethe. Lencwadi ibhalwe ngokugqamile futhi inezithombe ezingaphezu kwe-125, eziningi zazo zinemibala emihle. Yamukela lencwadi eyinzuzo enamakhasi angama-256 ngokugcwalisa futhi upose lelipheshana elilandelayo.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi angama-256, INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, ngithumela ama-R3 ngayo.