Ubudlova!—Buyingozi Esondela Kuwe
Lapho ubhekene nesibhamu esiphethwe isigebengu esibonakala sethukile, awudingi muntu ukuba akuqinisekise ukuthi ubudlova obandayo banamuhla buyingozi esondela ngempela KUWE! Inhliziyo yakho ishaya ngamandla! Umjuluko wokwethuka uyazehlela! Ukhungathekile, uyamangala nje ukuthi kazi uyosinda yini kulesisimo. Lowombhobho wesibhamu othusayo noshaqisayo awuthembisi musa—ngokufanayo nokugqolozela okungenabungani komdubuli oyisigebengu! Ngendlela enamandla, eqhaqhazelisayo usuyakubona okushiwo izibalo zokwenyuka kobudlova.
AKUKUJABULISI yini ukuthi umane nje ufunda ngaso lesenzakalo esichazwe ngenhla? Yebo, kuthenjwa ukuthi awunakuhlangabezana nento enjalo, futhi, ngokuqinisekile akukuhle ukuhlala ngokwesaba into enjalo. Ngesikhathi esifanayo, kuyoba isibindi sobuwula ukungakunaki okwenzekayo.
Njengomuntu ofundile ungase uvume kalula ukuthi siphila ezikhathini zobudlova. Kodwa, ungase ungabi nandaba neze ngakho uma nje wena ungabhekene nesibhamu. Kodwa amashwa okubhekana nesenzo sobudlova akufanele anganakwa.a Manje emigwaqweni nakwezinye izindawo zikawonk’ uwonke emazweni amaningi kuhlale kukhona ingozi yokudlwengulwa nokugetshengwa. Isiyaluyalu kwezombangazwe nakwezemisebenzi singase siphumele ebudloveni. Futhi kukhona ukubhikisha okusabekayo (nakuba mhlawumbe kungokwenjongo enhle) nokucekela phansi okukhulu kwangamabomu—ubushokobezi obuzumayo.
Kodwa akukhona lokho kuphela. Ekhaya, ubudlova obudlangile phakathi kwamalungu omkhaya ngempela buyakukhanyela. Iphephandaba ‘iToronto Star, ngaphansi kwesihloko “Ukwanda Kobudlova,” libika ukuthi eCanada “amakhosikazi angaba izi-490 000 ashaywa kanzima unyaka ngamunye.” Futhi eUnited States minyaka yonke izigidi ezimbili kuya kweziyisithupha zamakhosikazi ziyashaywa futhi ingxenye yesigidi yezakhamizi esezikhulile ziphathwa kabi yizihlobo zazo. Kulelozwe elifanayo, Inhlangano Yesizwe ephathelene nokuphathwa kabi nokunganakwa kwezingane iphawula ukuthi “inani eliqondile lezingane eziphathwa kabi nezinganakwa minyaka yonke lingaba okungenani yi-1 000 000.” Ngakho, kulezinsuku, “kungenzeka kalula ukuba ubulawe, ulinyazwe noma uhlaselwe ngokuqondile emzini wakho ngothile enihlobene naye, kunanoma ubani enakhelene naye,” kusho isazi sezenhlalo.
Uma unezela kokungenhla izinga elikhulayo lobudlova elibangelwa izibukeli nabadlali ngokufanayo emidlalweni, nokuphakanyiswa kwabo okukhulu ezinhlelweni zeTV, emabhayisikobho nasemakhasethini evideo, kanye nobudlova obudala bempi nobokugumbuqelwa kwemibuso, uyaxakeka ukuthi ngempela izwe seliyahlanya yini. Kuphakamisa imibuzo: Kungani izikhathi zethu zinobudlova obungaka? Ingabe kwakulokhu kunjena ngaso sonke isikhathi? Noma, ingabe kukhona isibonakaliso esikhethekile kwesikubonayo? Futhi ingabe ikhona indlela yokububalekela ngokuphelele ubuhlanya balenkathi yobudlova?
Isihloko esilandelayo siklanyelwe ukuphendula lemibuzo futhi sibhekisele kokuthile okungcono. Sithemba ukuthi sizokusiza ukuba uthole umbono oqondile nonokulinganisela ngalengozi ekhulayo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukusikisela okuhle ngalokho ongakwenza ukuze ugweme imiphumela ebuhlungu ebangelwa ukwanda kobugebengu obunobudlova ungakuthola kuPhaphama! ka-April 8, 1980, amakhasi 5-10.