Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 8/15 kk. 9-13
  • Abantu Abazinikele BaseSpain Benza “Okungenakwenzeka”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abantu Abazinikele BaseSpain Benza “Okungenakwenzeka”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Izihlokwana
  • Abazalwane Babezosabela Kanjani?
  • Izinselele Ezintsha Okumelwe Zihlangatshezwe
  • “Okungenakwenzeka” Kwafinyelelwa
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 8/15 kk. 9-13

Abantu Abazinikele BaseSpain Benza “Okungenakwenzeka”

OFAKAZI BAKAJEHOVA bebeshumayela eSpain kusukela ngo-1919. Khona-ke ngo-1936 kwagqashuka impi phakathi kwamaqembu alelizwe futhi umsebenzi wabo wacishe wamiswa ngokuphelele. Iziphathimandla zathatha ihhovisi legatsha elincane leWatch Tower Society eMadrid futhi zadla imishini yokunyathelisa. Amaphayona akwamanye amazwe, noma abashumayeli besikhathi esigcwele, kwadingeka ukuba babaleke kulelizwe ukuze bangaboshwa. Ngentwasahlobo ka-1939 uJenene Franco wayeseyinqobile impi futhi kwamiswa umbuso wobushiqela weqembu lamaKatolika. Inhlangano yenkolo okuyiyona kuphela eyayivunyelwe ukusebenza ngokomthetho nangokusobala kwakuyiSonto lamaRoma Katolika. Esimweni esinjalo, ingabe oFakazi BakaJehova babeyophinde balugxobe?

Emaqenjini angawodwa oFakazi baseSpain emuva lapho, ukululama kwabonakala kuyinto engenakwenzeka. Kodwa ngo-1970, ngemuva kweminyaka engama-34 yomsebenzi womshoshaphansi, oFakazi BakaJehova ekugcineni banikezwa ukuqashelwa okungokomthetho eSpain. Ngemva kokuhlola okufushane, bathola isakhiwo esincane eBarcelona esasiyokhonza njengehhovisi eliyinhloko nekhaya leBethel lamalungu endlunkulu yabo. Lowomkhaya wokuqala waseBethel waqalisa ngamalungu ayi-12 kuphela nje. Ngo-1972, lapho isakhiwo esilungisiwe sesinikezelwa uN. H. Knorr (umongameli weWatch Tower Society ngalesosikhathi), kwakunesilinganiso soFakazi BakaJehova abayizi-15 668 ababeshumayela inyanga ngayinye eSpain. Eminyakeni emine kamuva lelonani laphindeka kabili laba ngaphezu kwezi-36 000! Izakhiwo zeBethel eBarcelona kakade zase zizincane kakhulu ngokwezidingo ezazikhona. Kodwa yayiyotholakala kuphi indawo enkulu efanele?

Enye inkinga yayiyimithetho yokudatshulwa kwezwe. Ngokuvamile, izwe lihlukaniselwa ukusetshenziswa ngokwemisebenzi noma ngokwendawo yokuhlala. Okwakudingeka kwakuyindawo eyayizosetshenziselwa izinjongo ezimbili, njengoba amalungu omkhaya waseBethel asebenza efektri, emashabhu nasemahhovisini ayehlala futhi esakhiweni esifanayo. Kwakhishwa isaziso esizweni sonke sokufuna indawo efanelekayo okungakhiwa kuyo noma isakhiwo kakade esesikhona esasingafanelekela ukwanda kwesikhathi esizayo. Kwedlula izinyanga neminyaka ngaphandle kwempumelelo engokoqobo.

Ngo-1980 indlela yavuleka ekugcineni. Isakhiwo esikhulu sefektri enezinhlangothi ezinhlanu satholakala endaweni engamakhilomitha angama-24 ukusuka eMadrid, emnceleni wedolobhana laseAjalvir. Isakhiwo cishe ukuba sasisisha shá futhi sasicishe ukuphela, futhi iziphathimandla zendawo zazizimisele ukuvumela ukusetshenziswa kwalendawo ngezinjongo ezimbili. Kodwa kwakunenkinga eyodwa enkulu—imali.

Abazalwane Babezosabela Kanjani?

Ngaphezu kweminyaka engama-30 iWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, eU.S.A., yayijabulela ukusekela ngezimali umsebenzi wokushumayela eSpain ngaphandle kwanoma iyiphi imbuyiselo. Kodwa ngenxa yezindleko ezinkulu, ezibangelwa ukwanda endlunkulu yaseBrooklyn ngalesosikhathi, kwakungenakwenzeka ngeNhlangano ukuba ikhokhele izakhiwo ezintsha zeBethel eSpain. Ukuze iSpain ibe nesakhiwo esisha segatsha, oFakazi baseSpain kwakudingeka basisekele bona ngokwezimali. Lena kwakuyinselele entsha enkulu kakhulu kunanoma iziphi ezinye okuke kwabhekwana nazo ensimini yaseSpain. Eqinisweni, kwabonakala kungenakwenzeka ukuba abazalwane baseSpain, abamaholo abo amancane ngokulinganiselwe, banganikela izimali ezanele ukuhlanganisa izindleko zalomsebenzi osongozwayo.

Kodwa ungase ukhumbule okwenziwa lapho amaIsrayeli osuku lukaMose enelungelo lokwakha itabernakele lokukhulekela uJehova. UMose wayethe kumaIsrayeli: “Thabathani phakathi kwenu umnikelo ube-ngokaJehova; bonke abanenhliziyo ethandayo mabawulethe, ube-ngumnikelo kaJehova.” Ngokuzithandela banikela ngegolide, isiliva, amatshe ayigugu nezinye izinto. (Eksodusi 35:5-9) Ngokufanayo, inkinga yabekwa ngokuqondile emabandleni angama-751 eSpain. Isidingo sachazwa ngokufanayo emihlanganweni yesigodi ka-1980 kulo lonke lelizwe. Kwaba yini ukusabela?

Ngasekupheleni kwemihlangano, abantu babeshaya uhele ukuze banikele ngamagugu abo, izindandatho zegolide nezesiliva namabhengela, ukuze lezizinto zithengiswe kutholakale imali yokukhokhela isakhiwo esisha. Emhlanganweni owawuseSan Sebastián ezweni laseBasque, udade osekhulile wanikela ngebhengela lakhe legolide elisindayo. Uma ebuzwa ukuthi wayeqiniseka yini ngokuthi wayefuna ukunikela into eyigugu kangaka, waphendula: “Mzalwane, liyokhokhela imali enhle kakhulu ngeBethel entsha kunanoma bekungaba njalo uma lisesihlakaleni sami!”

Umbhangqwana osemusha wanikela ngemali yawo owawuhlelele ukuyisebenzisa ohambweni lwawo lweholide langemva kokushada. Udade osekhulile waletha imfumba yemali engamaphepha eyayiswakeme ayeyigqibe ngaphansi endlini ekhaya lakhe iminyaka eminingi.

Njengoba amasonto ayedlula, abesilisa nabesifazane, abancane nabadala, abacebile nabampofu, banikela ngenhliziyo evumayo ukuze iSpain ibe nezakhiwo ezintsha ezidingekayo zeBethel. Ngisho namaphayona akhethekile, athola kuphela imadlana elinganiselwe ngenyanga, enza iminikelo. Ngokwesibonelo, omunye umbhangqwana wadela uhambo lokuya eUnited States futhi wanikela ngemali yawo yethikithi. Abantwana nabo bathumela iminikelo yabo ehhovisini legatsha. Omunye oneminyaka eyishumi ubudala wathi: “Ngiyizibulo kubantwana abahlanu, futhi siye sezwa ukusikisela ngokuthumela imali yeBethel entsha. Sithanda ukunikela esiye sakulondoloza ebhokisini lethu lemali. Nakuba kuyimali encane, sikholelwa ukuthi iyosiza ekuthengeni okuthile.”

Intsha futhi yayizihlela ngezindlela ezihlukene ukuze ithole imali engayithumela eNhlanganweni. Abanye babenza onodoli abancane futhi babathengise. Omunye wayebutha imvithi yamapulangwe asahwayo endaweni yokubazela bese eyithengisa. Omunye osemusha owayelondoloza imali ukuze athenge isiginci wanikela ngaleyomali esakhiweni seBethel.

Izinselele Ezintsha Okumelwe Zihlangatshezwe

Abazalwane baseSpain basabela kahle kangangokuba okwakubonakala kungenakwenzeka kwaba okoqobo. Isakhiwo sefektri sathengwa ngo-October 1980. Kodwa kwakusenezinselele ezintsha okwakumelwe zihlangatshezwe. Isakhiwo esasingaqedwanga manje sasidinga ukulungiswa futhi siqedwe. Kwakudingeka ukuba kwakhiwe indawo yokuhlala ehlukile. Kwadingeka iqembu lokwakha elizinikele ngokuzithandela. Izingcweti zazidingeka emsebenzini wokudweba, wobunjiniyela, wokwakha, kagesi nowamapayipi. Ekuqaleni, konke lokhu kwabonakala kuyinto engenakwenzeka. Kodwa kwakuyinselele efanayo naleyo uMose abhekana nayo phakathi nokwakhiwa kwetabernakele. Ngakho kwaphuma lesisimemo sezisebenzi zokuzithandela: “Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo mabeze, bakwenze konke uJehova akuyalileyo.” (Eksodusi 35:10) Manje izingcweti zazidingeka ekwakhiweni kweBethel, futhi kwakukhishwa isimemo esifanayo sezisebenzi zokuzithandela.

Elinye iphayona elikhethekile, elingunjiniyela, labizwa kanye nomkalo nomntwana, lakhonza iminyaka eminingana. Umzalwane waseMadrid oyisazi sokwakha esaziwayo naye futhi wanikela ngolwazi lwakhe ekuqondiseni isimo esiphakeme sokwakha. Ingcweti yokwakha eBarcelona engesiye uFakazi yezwa ngalomsebenzi omkhulu futhi yashukumiseleka ukuba izosiza ngekhono layo izimpelasonto eziningana. Nokho, ngokwesilinganiso zazimbalwa izingcweti ezinjalo ezazitholakala koFakazi BakaJehova eSpain. Kodwa izingcweti ezazivela ngaphandle kwaseSpain zeza zazosiza. Kweza abazalwane ababevela emazweni amaningi—eGreece, eJalimane, eSweden, eGreat Britain naseUnited States, uma sibala abambalwa nje.

Nokho, kwakungadingeki kuphela izingcweti ezinezinhliziyo zokuzinikela kodwa kwakudingeka futhi namakhulu ezisebenzi zokuzithandela ezizohlala esakhiweni nezizoza isikhashana ukuze zinakekele umsebenzi omningi wezandla, kanye nomsebenzi wasendlini—ukupheka, ukuwasha nokuhlanza. Basabela kanjani oFakazi? Ngokufanayo namaIsrayeli lawo asabela ngezinhliziyo ezivumayo.—Eksodusi 35:20-35.

Phakathi neminyaka emithathu eyayidingeka ukuze kuqedwe isakhiwo, izinkulungwane zoFakazi ezivela kulo lonke elaseSpain zazinikela ngokuzithandela ukuze zizosiza eAjalvir isikhathi esigcwele noma ngezimpelasonto nangamaholide. Futhi usizo lwabo oluhle nesibonelo kwanikeza ubufakazi. Kanjani? Phakathi nesikhathi sezinyanga eziyishumi, abanikazi bokuqala befektri baqhubeka nemboni yabo ezingxenyeni ezimbili zesakhiwo lapho oFakazi besebenza kulezi ezinye izingxenye. Abanikazi bokuqala bahlatshwa umxhwele intshiseko nokuziphatha kwabazalwane kangangokuba benza isimiso senkampane sokuthi ngesikhathi esizayo noma iziphi izisebenzi abayoziqasha kuyoba oFakazi—futhi baye banamathela kuso!

“Okungenakwenzeka” Kwafinyelelwa

Ekwindla ka-1982 kwamiswa usuku lokuqedwa kwezakhiwo zeBethel entsha—uOctober 9, 1983. Njengoba izinyanga zazidlula ngokushesha, lokhu kwabonakala kuwumsebenzi owesabekayo. Kwakungenye into ukwenza isakhiwo esikhulu nezingxenye zendawo yokuhlala kubukeke njengesakhiwo seBethel, kodwa ukuqedela izinkulungwane zemininingwane kwakungenye indaba. Ekugcineni ngobusuku bangoMgqibelo, ngo-October 8, izisebenzi zokuzithandela zazisasebenza ekuphothuleni udonga lwezimabuli nesilingi enezibuko endlini yokwamukela izihambi. Kodwa, ekuseni ngo-October 9—usuku lokunikezela—lapho, esiqongweni segquma esingaphezu kwendawo evamile yaseCastilian enemibala yayo esagolide, kwakumi isakhiwo seBethel esasimhlophe ngokukhazimulayo futhi sinokumpunga endaweni enotshani obuluhlaza nezimbali ezimibalabala.

Amakhulu ezivakashi ezafika zivela eSpain nakwamanye amazwe zamangala. Ubani owayengakholelwa ukuthi inhlangano eyacishe yaqedwa nyá futhi eyayiqhutshwa ngomshoshaphansi kwaze kwaba ngo-1970 yayingaba nendlunkulu enhle kanjena ngeminyaka eyi-13 kuphela nje kamuva! Ngokungangabazeki, uJehova wayeligcwalisile izwi lakhe ngomprofethi uIsaya: “Omncane uyakuba-yinkulungwane, ophansi abe-yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”—Isaya 60:22.

Isimiso saqala ngesiqalo esihle ngokuhlangenwe nakho namazwi avela kwabadala ababeye baphila ngezikhathi zovivinyo lwango-1930 nasezithunyweni zevangeli ezazikhonze ngaphambili eSpain. Ngokulandelayo uF. W. Franz, umongameli weWatch Tower Society, wanikela inkulumo yokunikezela nokubusisa. Lenkulumo yalalelisiswa hhayi nje abangama-956 ababekhona eBethel entsha kodwa nabangaphezu kwezi-62 000 abengeziwe ezinkundleni ezihlukene eziyi-12 ezazihlanganiswe ngocingo kulo lonke lelizwe. Ngeminikelo yabo nangomsebenzi wokuzithandela, iningi lababekhona laliye lanikela kulesisakhiwo esihle kakhulu seBethel entsha. Phakathi neminyaka yokuzikhandla, babewaqaphela ngempela amazwi eNkosi ehlakaniphile uSolomoni: “Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo.” (IHubo 127:1) Ngesibusiso sikaJehova babephakathi kwabanhliziyo ezizinikele ababenze konke kwaba nokwenzeka.

[Isithombe ekhasini 10]

Isithombe esithathwe ngaphezulu seBethel yaseSpain

[Isithombe ekhasini 11]

I“Phaphama!” yokuqala yesiPanishi ephume emshinini wokunyathelisa i-M.A.N.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela