‘UNkulunkulu Uyakhulisa’
Umlimi angase atshale imbewu, anisele futhi ayihlakulele, kodwa kumelwe alindele ngokubekezela ukuba uNkulunkulu ayikhulise ize ivuthwe. Kungokufanayo nangezikhonzi ezingamaKristu. Njengoba umphostoli uPawulu asho: “Mina ngatshala, uApholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.” (1 Korinte 3:6) Nakuba singase simemezele ‘izindaba ezinhle’ futhi sifundise iZwi likaNkulunkulu kubantu abathakazelayo, uNkulunkulu owenza ukuba “imbewu,” noma izwi elitshaliwe, lifinyelele ukukhula okugcwele kobuKristu, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa.—Mathewu 24:14; Luka 8:11-15.
“Ngo-1953 ngaqalisa isifundo seBhayibheli noMable nomama wakhe. Sasinezifundo ezintathu. Kodwa umyeni kaMable wayephikisa kangangokuba wathengisa indlu futhi wathutha nomkhaya. Wayenothando olukhulu ngeBhayibheli kangangokuba ngangilokhu ngizibuza ukuthi kazi kwakwenzekani kuye.
“Ngenyanga edlule ngithole lencwadi, eyangisiza ukuba ngibone ukuthi uJehova owenza ukuba ‘imbewu’ ikhule.
‘Virginia Othandekayo,
‘Size saba ngodade ekugcineni ngemva kwayo yonke leminyaka. Ngethemba ukuthi awucabanganga ukuthi ngase ngiliyeke unomphela iqiniso. Kwangithatha nje leyominyaka futhi ekugcineni kwaba nomoya kaJehova ukuba ngiqine ngokwanele ukuba ngithathe ukuma kwami.
‘Ngiye ngacabanga njalo “ngembewu” owayitshala eminyakeni eminingi edlule, futhi bengifuna nje ukukwazisa ukuthi ekugcineni ngiphumelele.’”