Ukuqondisisa Izindaba
Abanolaka Olukhulu Bazifaka Engozini Yesifo Senhliziyo
“Intukuthelo esiyikhiphela kwabanye kubonakala igunguluza ibuye ishaye thina ezicutshini zenhliziyo,” kwasho umagazini wamuva iAmerican Health. “Enqubweni yokuphila kwethu, ulaka esilukhiphela ezeni, ekuminyaneni kwezimoto emgwaqweni nasemigqeni yamathikithi, ‘nequngo lokubulala’ elisuka kakhulu futhi ngobuthutha, cishe kwenzeka ezisulwini ebesingazihlosile—eziyithi ngokwethu.” Lomphumela wokuba nolaka olungathibeki nobumpi okunawo kumuntu ubonakala njengembangela eyinhloko eholela esifweni semithambo yenhliziyo, ngokwesazi sezifo zenhliziyo saseSan Francisco, uRay H. Rosenman, MD. Yena nabanye abacwaningi abathathu bathola ulaka njengesinye isici esivamile esitholakala kuzo zonke izici ezibulalayo ezihlobene nezifo zenhliziyo.
Futhi, isihloko siphawula ukuthi ukubamba imizwa yomuntu kungaba ngokubaluleke njengokuvimbela izifo zenhliziyo ngokuvivinya umzimba nokudla ngesimiso esithile. Ngakho-ke, ubufakazi obandayo obuvela kwabezokwelapha buyanqwabelana ekusekeleni isisho sezAga: “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama.”—IzAga 14:30.
Kuthiwani ngomqondo wokuthi ukulukhiphela ngaphandle ulaka kuyimpilo? “Akukho sizathu sokuthi ukulukhiphela ngaphandle ulaka kunciphisa imiphumela yalo egulisayo kunokuthi ukulufihla kuhlambulula ulaka,” kuphawula isihloko. Futhi, ‘intukuthelo, ulaka nomsindo,’ izimpawu zabanolaka olukhulu, akukhona nje ukuthi zimbi empilweni yomuntu kodwa, ngokubaluleke ngokwengeziwe, azinandawo kumaKristu eqiniso.—Efesu 4:31.