Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 6/1 kk. 3-4
  • Ingabe Ungakwamukela Ukuphila EPharadesi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ungakwamukela Ukuphila EPharadesi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umuntu Ulangazelela IPharadesi
  • Ingabe Ungayamukela Ibhonasi Eyiminyaka Engama-500?
  • Liyoba Khona Ngempela Yini Ipharadesi Emhlabeni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Likuphi Ipharadesi Okukhulunywa Ngalo EBhayibhelini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ingabe IBhayibheli Lithembisa IPharadesi Lasemhlabeni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Wadalelwa Ukuba Uphile EPharadesi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 6/1 kk. 3-4

Ingabe Ungakwamukela Ukuphila EPharadesi?

IPHARADESI! Lisikiselani leligama kuwe? Into engokoqobo noma iphupho? Ingabe lingaba khona emhlabeni, noma kunjengoba abaningi abazibiza ngokuthi bangamaKristu, amaJuda namaMoslem bekholelwa ukuthi limane nje liyisibonakaliso sesimo esibusisekile ngemva kokufa?

Iqiniso liwukuthi uJesu Kristu wakhuluma ngePharadesi. Eselelesini esasiphanyekwe eduze kwakhe, wathi: “Ngiqinisile ngithi kuwe namuhla, uyokuba nami ePharadesi.” (Luka 23:43, NW) Ngakho kubalulekile ngathi ukuba sazi amaqiniso ngePharadesi.

IPharadesi, ngokuvamile lihlotshaniswa nensimu yase-Edeni eseBhayibhelini, libhekwa ngabaningi njengenganekwane kunokuba lihlobane nendawo engokoqobo emhlabeni. Yini wena oyikholelwayo? Ingabe yake yaba khona ingxenye ethile yomhlaba eAsia Minor eyayilungiselelwe ngokukhethekile ukuhlala umuntu, njengoba incwadi yeBhayibheli kaGenesise ibonisa?

Ngokuthakazelisayo, umlando weBhayibheli ngensimu eyipharadesi e-Edeni awuqali ngendlela engaqondakali yokuthi, “Kwake kwaba khona ezweni elikude . . .” Kunalokho, incwadi yeBhayibheli esifunda kuyo nge-Edeni ikhuluma ngezikhathi eziqondile futhi ibeka izisekelo zezikhathi zezehlakalo nezozalo ezingatholakala kulo iBhayibheli. (Luka 3:23-38; bheka futhi incwadi yolwazi lweBhayibheli iAid to Bible Understanding, amakhasi 333-348.) IBhayibheli futhi libonisa indawo eqondile “e-Edeni ngasempumalanga,” nomfula ‘owavela e-Edeni’ owaba izimbaxa ezine. Emibili yayo namuhla ibizwa ngokuthi iEwufrathe neTigris. Lokhu mhlawumbe kungabeka iEdeni endaweni manje eyizintaba enyakatho namathafa aseMesopotamia, eningizimu neChibi iVan empumalanga neTurkey.—Genesise 2:7-17.

Umlando weBhayibheli ubonisa ukuthi umuntu wokuqala, uAdamu, wabekwa ensimini noma endaweni eyipaki futhi ezungezwe yikho konke akudingayo ukuze aphile. Kwakunenala yezitshalo “nazo zonke izihlahla ezifiselekayo emehlweni omuntu nezilungele ukudliwa.” Ukuze izinhlobo ezingaka zemithi zibe khona, ngokusobala kwakungeyona insimu encane noma ipaki.

Umuntu Ulangazelela IPharadesi

Ezikhathini zanamuhla umuntu uye wenza amasimu namapaki emadolobheni amaningi amakhulu noma eduze nawo. Kungani? Kungoba umuntu ohlala edolobheni ngaso sonke isikhathi ulangazelela ukuqabula umoya wakhe ngokuthintana kabusha nendalo. Futhi sisabela kanjani ngezinye izikhathi uma sihamba epaki elihle noma ensimini, ikakhulu uma izimbali nezihlahla kuqhakazile? Siyababaza, “Yeka ipharadesi!” Yeka ukuthi singakuthanda kangakanani ukuba sikwazi ukuhlala endaweni enjalo enjengepharadesi! Yebo, kuwukulangazelela kwemvelo lokho okubuyela ngempela emuva esiqalweni somuntu epaki eliyipharadesi lase-Edeni.

Yilelo themba kanye uJesu alisho eselelesini esasifa eceleni kwakhe lapho ethi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe namuhla, uyokuba nami ePharadesi.” (Luka 23:43) Lapha uJesu wayengathembisi iselelesi noma umphefumulo waso ocatshangelwa njengongafi ukuthi sasiyokuya ezulwini. Wayesithembisa ukuphila phakade emhlabeni ePharadesi ngaphansi kokubusa koMbuso wakhe. Usabela kanjani kuleso sithembiso?—Mathewu 6:9, 10; Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.

Ingabe Ungayamukela Ibhonasi Eyiminyaka Engama-500?

Ngokuthakazelisayo, umagazini iPsychology Today muva nje wanikeza abafundi bawo umbuzo ohlobene nalona: “Uma othile engakunikeza iphilisi elingakwenza ukuba uphile iminyaka engama-500, ingabe ubungalamukela?” Yiqiniso, akuzange kushiwo lutho ngokuba nempilo ephelele noma ngesimo sePharadesi. Kodwa kwaba njani ukusabela? Abangaphezu kwamaphesenti angama-50 bathi babengalithatha iphilisi. Abaningi bathi babefuna “ukufeza okuningi, ukwenza okwengeziwe, noma ukujabulela ukuphila ngokwengeziwe.” Enye indoda yakubeka kalula nje, “Ngiyakuthanda ukuphila.” Abanye abesifazane bachaza ukuthi “ukuphila kuyajabulisa; kunokuningi kokwenziwa kodwa asikho isikhathi esanele sokukwenza.” Uzizwa kanjani ngokuphila? Ingabe uyakuthanda ukuphila? Kodwa kuthiwani uma bewungathola ukuphila okuphakade ezimweni zePharadesi nempilo ephelele, kungeyona ibhonasi yeminyaka engama-500? IBhayibheli likunikeza lona kanye lelothemba.—Johane 17:3; IHubo 37:11, 29; Isaya 33:24.

Ngakolunye uhlangothi, ekuhloleni okufanayo, abanye bazwakalisa ukwenqaba kwabo ibhonasi. Ngani? “Abanye bakholelwa ukuthi ukuphila kubangela isithukuthezi.” OFakazi BakaJehova ngezinye izikhathi bahlangabezana nokuphikiswa okufanayo lapho bechaza ukuthi injongo kaNkulunkulu iwukunika isintu esilalelayo ukuphila okuphakade ezimweni zePharadesi emhlabeni. Abanye baphikisa ngokuthi, “Yini esiyoyenza uma sesiphila phakade ePharadesi? Ukuphila ngeke kube nokuphambana, ngeke kube nezinselele. Kuyobangela isithukuthezi!”

Ingabe ngempela kunjalo? Ingabe ukuphila phakade ePharadesi emhlabeni kuyobangela isithukuthezi? Isihloko esilandelayo sizoyiphendula lemibuzo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela