Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 3/15 k. 9
  • Ukuqondisisa Izindaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqondisisa Izindaba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imfundo Yobulili—Ingabe Iyaphumelela?
  • ‘OFakazi Baqinisile Ngegazi’
  • Ukukhulekela Okungokwesiko Kuyavikelwa
  • Ukusindisa Ukuphila Ngegazi—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Igazi
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Inhlonipho Yokwesaba UNkulunkulu Ngegazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Isipho Sokuphila Noma Uju Lokufa?
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 3/15 k. 9

Ukuqondisisa Izindaba

Imfundo Yobulili—Ingabe Iyaphumelela?

Abaningi bacabanga ukuthi imfundo yobulili ezikoleni zikawonk’ uwonke ingase “ivimbele ukukhulelwa ngaphambi komshado, inciphise isifo sokubhajwa, futhi mhlawumbe inciphise ngisho nenani lamadivosi,” kuphawula uDennis L. Cuddy, Ph.D., eGreensboro, eNyakatho Carolina, kuyi“News & Record.” Nokho, uCuddy ubika ukuthi, imfundo yobulili iye yaba nombhalo omubi emazweni aye ayenza umthetho wesizwe.

Ukhuluma ngezibalo ezibonisa ukuthi iminyaka yokuqala eyisikhombisa yemfundo yobulili ephoqelelwe ezikoleni zaseDenmark yahambisana nokwanda kokudlwengula okungamaphesenti angama-300. Kwaba nokwanda okukhulu futhi kwesifo sokubhajwa—amaphesenti angama-250 kwabaphakathi kweminyaka eyi-16 nengama-20 ubudala, namaphesenti angama-400 kwabaneminyaka eyi-15 noma ngaphansi. Futhi ngemva kweminyaka engama-29 yemfundo yobulili ephoqelelwe eSweden, lelozwe linezinga eliphakeme lesifo sokubhajwa emhlabeni wonke, kugomela uCuddy. Wabonisa futhi ukuthi emuva ngo-1969 iphesenti eli-1,1 kuphela labafundi baseUnited States ababethola imfundo yobulili, futhi izinga lokubhajwa laliphansi kakhulu ngaleso sikhathi kunango-1981 lapho ababhalisela lemfundo bafinyelela amaphesenti ayi-16,8. Uprofesa Diane Ravitch weColumbia University’s Teachers College ngokungafihli lutho wathi: “Kungaba nzima ukubona ukuthi intsha ingaba nengxenye yonyaka wonke ifunda indlela yokukwenza kahle, ukuthi kumnandi kanjani uma ukwenza, nokuthi kungokuhlangenwe nakho okubaluleke kangakanani, ngaphandle kokufuna ukukuzama ngokushesha ngangokunokwenzeka.”

UMdali wezitho zomuntu zokuzala wanika abazali umthwalo wemfanelo wokufundisa abantwana babo ngalokhu nangezinye izinto. KuIsrayeli wasendulo, uNkulunkulu wawatshela ukuba afundise abantwana bawo “lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.”—Duteronomi 6:7; 11:18-21.

‘OFakazi Baqinisile Ngegazi’

Unyaka ngamunye amalitha ayizi-150 000 egazi ayasetshenziswa ezibhedlela zaseltaly, ngokwesiGungu seZempilo. UDr. Cesare Buresta, ongudokotela ohlinzayo omkhulu esibhedlela saseRipatransone eAscoli Piceno, eItaly, wabonisa ukuthi “kuya kuba nzima ngokwengeziwe ukuthola abanikelayo, futhi kukhona ukuthengiswa okungcolile nokuyihlazo kwegazi labantu ezibhedlela, futhi ngaphezu kwalokho, kunengozi yehepatitis noma ukuhluleka kokuzivikela komzimba ngenxa yeRh.”

Kodwa uDr. Buresta wathi futhi: “Into emangalisayo ukuthi . . . oFakazi BakaJehova benqaba igazi labanye abantu ngenxa yokunqatshelwa iBhayibheli, okusho ukuthi bamelene nokumpontshelwa.” Nokho, ngemva kokuba iqembu lakhe lodokotela bokuhlinza lisebenzise igazi lokuzenzela ezigulini ezintathu nemiphumela emihle, uDr. Buresta waphetha ngokuthi: “Manje kubonakala sengathi isayensi ithi [oFakazi] baqinisile.”

OFakazi BakaJehova kuphela nje balandela umyalo weBhayibheli: “Niyeke . . . negazi.” (IzEnzo 15:29) Ukuzimisela kwabo ukulandela ukuqondisa kweBhayibheli okuqondile kulendaba kubavikela ezingozini ezithile zempilo. Kodwa ukujabulisa uNkulunkulu kuwukukhathalela kwabo okuyinhloko, futhi baqaphela iseluleko esikuzAga 3:5, 6: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.”

Ukukhulekela Okungokwesiko Kuyavikelwa

Ephephandabeni lamuva i“U.S. Catholic,” umhleli omkhulu uRobert E. Burns wabhala: “Singene ngokujulile njengoba sinjalo ezweni elibonakala liyinkimbinkimbi ngokungapheli nezithiyo ezididayo, ukucabanga ngendlela yethu eya ekuphileni okuhle kungaba okunzima ngokwesabekayo . . . Futhi yilapho izithombe zenkolo namachibi amanzi angcwele nenqwaba yezinye izinto ‘zamasiko’ kungena khona.”

Ohlwini lwakhe, umhleli uBurns wayezwakalisa isixwayiso ngokukhulekela okungenawo “amasiko athandekayo emizweleni yethu kanye nasekuqondeni kwezingqondo zethu.” Unomuzwa wokuthi amasiko nezibonakaliso “mhlawumbe kuyizindlela ezingenakuyekwa” “zokubhekisa imicabango yethu kuNkulunkulu.”

UBurns nabanye abaholi bamaKatolika bangase babe nomuzwa wokuthi inqwaba yezinye izinto “ezingamasiko” zingaba usizo ekukhulekeleni uNkulunkulu. Kodwa phawula lokho uJesu Kristu akusho ‘ngohlobo lomkhulekeli uBaba alufunayo.’ Kowesifazane owayecabanga ukuthi ukukhuleka entabeni ethile kwakudingekile, uJesu wathi: “UNkulunkulu ungumoya, abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.” Ukukhuleka “ngomoya” ngokusobala kuyakuchitha ukusetshenziswa kosizo lokubonwayo, njengoba futhi kuboniswa umphostoli uPawulu, owathi amaKristu kumelwe ahambe ‘ngokukholwa, angahambi ngokubona.’—Johane 4:23, 24, “NW;” 2 Korinte 5:7.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela