Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe uSamuweli wayengumprofethi? Bengicabanga kanjalo, kodwa ngokufunda amaHeberu 11:32 eBhayibhelini lami kubonakala ukuthi kungenzeka wayengesiye.
Yebo, uSamuweli wayengumprofethi futhi engumahluleli. Indlela amaHeberu 11:32 afundeka ngayo kwamanye amaBhayibheli ingase idide kuleliphuzu, kodwa lelivesi lingahunyushwa ngendlela yokuba liqondakale.
Lapho uSamuweli esengumfana uJehova waqala ukumsebenzisa ukuba adlulise imithetho, futhi wonke uIsrayeli waqala ukumqaphela uSamuweli njengomprofethi. (1 Samuweli 3:1-21) Inkosi uSawule yaphendukela kuSamuweli ukuze ithole ukwaziswa umprofethi ayengakunikeza. (1 Samuweli 9:6, 9; 28:11, 15) Lapho “iviyo labaprofethi beprofetha, uSamuweli [waye]mi engumholi wabo.” (1 Samuweli 19:20) Naphezu komsebenzi wakhe wokuprofetha, uSamuweli wahlulela abantu.—1 Samuweli 7:15-17; 12:6, 7.
Nokho, ukuba kukaSamuweli umprofethi, kungase kungatshazwe ngoba ezinguqulweni eziningi uhide lwabantu bokholo abakumaHeberu 11:32 lufundeka kanje: “Isikhathi kambe sizakungishiya, uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi.” Lokhu kungase kuqondwe njengokusho ukuthi uSamuweli wayehlukaniswa kubaprofethi, njengoDavide nabahluleli oGideyoni, oBaraki, oSamsoni noJefta.
Nokho, ezinye izinguqulo zifaka elithi “nabanye” kumaHeberu 11:32. I“The Living Bible” ifundeka kanje, “. . . uJefta noDavide noSamuweli nabo bonke abanye abaprofethi.” Kwenye indawo emiBhalweni YamaKristu YesiGreki sithola isibonelo lapho elithi “abanye” lifakwe ngokufanele ukuze kucace indaba. Ngokwesibonelo, ngokweBhayibheli lesiZulu, kuLuka 21:29, uJesu wathi: “Bhekani umkhiwane nemithi yonke.” Lokhu akucacisi kahle, ngoba umkhiwane ungumuthi nawo. Ngakho amazwi kaJesu angahunyushwa ngesiZulu ngalendlela: “Bhekani umkhiwane nayo yonke eminye imithi.”—Bheka i“New World Translation; Today’s English Version; New English Bible;” qhathanisa noLuka 13:4.
Ngakho-ke i“New World Translation” ihumusha amaHeberu 11:32; ngendlela ekhanyayo futhi evumelana nemiBhalo yesiHeberu: “Ngokuba isikhathi sizakungishiya uma ngiqhubeka ngilandisa ngoGideyoni, uBaraki, uSamsoni, uJefta, uDavide kanye noSamuweli nabanye abaprofethi.”