Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 1/1 kk. 8-12
  • Ukuthola Ukulondeka Koqobo ENyakatho Ireland

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthola Ukulondeka Koqobo ENyakatho Ireland
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Izihlokwana
  • Umkhuba Omdala
  • Abathuthukisi Bakuqala Bokulondeka Koqobo
  • Okuhlangenwe Nakho Kwanamuhla
  • Ukungathathi-hlangothi Kuletha Isivikelo
  • Ukwakhiwa KwamaHholo OMbuso
  • Ukulondeka Koqobo Akulona Nje Iphupho
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 1/1 kk. 8-12

Ukuthola Ukulondeka Koqobo ENyakatho Ireland

INDAWO ongayibona ngamafasitela asesibhedlela, ekuphakameni okubonisa kahle ngaphezu kwedolobha laseLondonderry engosini esenyakatho-ntshonalanga yeNyakatho Ireland, inhle. Kodwa umhlengi osemusha akabanga nasikhathi sokubuka ubuhle bendalo. Ingqondo yakhe yayikwezinye izinto ezithusa kakhulu. Wayezibonele imiphumela ebuhlungu neyobulwane ebangelwa imibango yezenkolo yezombangazwe ehlupha izwe.

“Kwakuthusa,” washo, “ukubona izinsizwa zishayelwe ukufa. Njengeqembu lezemithi, kwakungasekho ukucabanga ngazo njengamaProthestani noma amaKatolika, kodwa kuphela njengokuphila okudinga ukusindiswa. Kwangenza ngacabanga ngokuqhubekayo, ‘Iyini injongo yakho konke? Kungani uNkulunkulu ekuvumela ukuba kwenzeke?’”

Umkhuba Omdala

Njengomhlengi osemusha, abantu abaningi eNyakatho Ireland bayazi ngezifundo zabo zomlando esikoleni ukuthi lena akuyona inkinga entsha. Kusukela ekhulwini le-12 kuye kwabakhona izimpi zezenkolo nezezombangazwe phakathi kwamaNgisi nama-Ayirishi.

Ngokuhamba kwesikhathi kwaba namaProthestani amaningi engxenyeni esenyakatho yalelizwe. Ekugcineni, ekuqaleni kwalelikhulu izwe lahlukaniswa. Lokhu kwabangela ukuba khona kweRoman Catholic Republic of Ireland enamandla eningizimu nasentshonalanga, nesifundazwe esinamaProthestani amaningi iNyakatho Ireland. Lapha iningi lifisa ukugcina ukuxhumana kwalo okuseduze nayo yonke ingxenye esele yeBritish Isles.

Abathuthukisi Bakuqala Bokulondeka Koqobo

UCharles Taze Russell, umongameli wokuqala weWatch Tower Bible and Tract Society, wavakashela eNyakatho Ireland izikhathi ezine—ngo-1891, 1903, 1908 nango-1911. Ekuvakasheleni kwakhe kokugcina edolobheni laseBelfast i“klasi” noma iqembu, labaFundi beBhayibheli cishe abangama-40 lahlangana naye. Imisebenzi yalo yayithela kancane, kakhulukazi ekuqaleni ezindaweni zamaProthestani. Ekupheleni kweMpi Yezwe II ngo-1945 kwakunoFakazi BakaJehova abayi-120 eNyakatho Ireland.

Omunye wezisebenzi zokuqala zesikhathi esigcwele wayengowesifazane onomzimba omncane, othambile. Ezinsukwini zakuqala abanye balabo ayeshumayela kubo babemsongela ngobudlova. Ngokwesibonelo, owesifazane wamgijimisa ngemfologo yotshani, futhi nendoda yazama ukumbamba ngomphimbo ngemva kokumbiza ngokuthi uDelila.

“Kukho konke akuzange kube kubi,” wachaza muva nje ngaphambi kokuba aqede inkambo yakhe yasemhlabeni. “Sabajwayela njengoba babesimemeza. Uma ukhulekela isivikelo seNkosi iyakunika.” LoFakazi othembekile waba umuntu ojwayelekile njengoba ayehamba yonke iNyakatho Ireland ngebhayisikili lakhe.

Esinye isisebenzi sakuqala sikhuluma ngesikhathi lapho sona nomngane waso kwakucatshangwa ukuthi bangamaProthestani lapho beshumayela endaweni yamaKatolika aqinile. Bahlaselwa ngethala lamatshe nokunye okujikijelwayo. Bengena emotweni yabo, ngokushesha bajika futhi babuyela emuva ezansi nomgwaqo owawunendawo eyodwa kuphela yokuphuma, bezama ukuthola indlela yokuphuma esixukwini. Njengoba imoto yayidlula, isixuku saphohloza ifasitela lemoto futhi sashaya imoto ngezinsimbi. Nokho, ngaphandle kokwethuka, akukho ukulimala okukhulu okwatholakala.

Ngenxa yezibonelo ezinhle ezinjalo zakuqala zokuzimisela, manje kukhona abantu abangama-788 abahlanganyela emsebenzini wokusiza abanye ukuba babone ikhambi leBhayibheli ekungalondekini okuye kwabangela izinhliziyo ezibuhlungu kwabaningi eNyakatho Ireland. Kwenzekani phakathi kwamabandla angama-30 namaqembu amancane oFakazi BakaJehova lapha?

Okuhlangenwe Nakho Kwanamuhla

Ngo-1979 uthisha osemusha wezomlando, ezazi kahle izinhlekelele ezidlule, wabona isiboniselo seNqabayokulinda ekhaya lomngane wakhe. Ehlatshwe umxhwele yilokho akufunda, wathola izincwadi ezengeziwe. “Ngenxa yokuba ngingumfundi onomdlandla, ngentshiseko ngazifunda ngokunakekela,” wachaza, “ngaso sonke isikhathi ngangihlatshwa umxhwele ngokwengeziwe indlela izinto ezazihlanganiswa ngayo futhi, okubaluleke kakhulu, zazenza umqondo omuhle.”

Nokho, umkhaya walensizwa ongamaProthestani awuzange wazise lokho eyayikufunda futhi wayihlasela ngezincwadi ezimelene noFakazi. “Ngabuyiselwa emuva ukuphikiswa engangihlangana nakho,” yasho, “kwaze kwaba yilapho ngifunda uMathewu 10:36, othi ‘nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe.’ Ngakho izincwadi, nezinkulumo zazo ezisontiwe, ezimbi, zazinomphumela ohlukile. Zazisebenza nje ukunganelisa ukuthi oFakazi BakaJehova baneqiniso.”

Ngaleso sikhathi, lensizwa yaganwa futhi nesifiso sayo sasiwukuba umkayo azise lokho eyayikufunda. Yachaza: “Ngelinye iSonto, ngemva kokubakhona komunye umhlangano okhuthaza ngokukhethekile, ngathandaza ngayo yonke inhliziyo yami kuJehova. Ekhaya, ngamangala ukuthola umkami efunda iBhayibheli lakhe iKing James Version. Ngaqala ukumtshela ngalokho engangikufunde eHholweni LoMbuso futhi ngamangala lapho elalela ngokunaka. Khona-ke wangimangaza ngisho nakakhulu ngokuthi athi angathanda ukuya emihlanganweni nami. Ngathola ukuthi ngalolosuku, lapho efunda iBhayibheli lakhe okokuqala kusukela sashada, kwakungathi iHubo 83:18 laliqondiswe kuye: “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJEHOVA; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” Lokhu kuye kwaqalisa isithakazelo sakhe.

Lombhangqwana omusha manje uyizikhonzi ezizinikezele nezibhapathiziwe zikaJehova, uno“kuzimisela okujulile kokuthi akekho ozosiphanga umklomelo wenjabulo yeqiniso manje nokuphila okuphakade emhlabeni ohlanziwe.”

Nakuba kudala kwakungamaProthestani ayesabela kakhulu emaqinisweni eBhayibheli, lokhu akusenjalo. Kusukela ekuqaleni kwezinkinga zamanje kuye kwabalula kakhulu ukufakaza ezindaweni zamaRoma Katolika. Abanye balabo okuye kwakhulunywa nabo abake bahileleka ngentshiseko emibangweni yalapha.

Ngokwesibonelo, ubudlova babungesiyo into entsha kumantombazane amabili omndeni owodwa asanda kweva eminyakeni engama-20. Njengabantwana, abona umfana ebulawa amasosha ngesibhamu. Umkhaya wawo waphoqelelwa iqembu lempi labasha abangamaProthestani ukuba ushiye ikhaya lawo. Kwesinye isehlakalo ibhomu labekwa efasiteleni lekhaya lawo. Njengabasha, bazama ukulungisa lokho ababecabanga ukuthi kwakungalungile kwezombangazwe nezenhlalo.

Enye yamantombazane yahlanganyela nenhlangano yamaphekulazikhuni. Lapho ineminyaka eyi-16 ubudala yaboshwa amasonto amathathu ngokuphatha ngokungemthetho ivolovolo. Omabili amantombazane ahlanganyela ekubhikisheni esekela izinhlangano zamaphekulazikhuni. Egqoke izingubo zokulala, njalo ayema emabhaleni kawonke wonke ukuba akhongozele imali yeziboshwa zeRepublic ezazifuna izikhundla zezombangazwe.

Ngesikhathi esifanele, nokho, njengoba amantombazane ayeqaphela inzondo ezinhliziyweni zabanye ababehlangene nawo, avuleka umqondo. Ngo-1979 kwafika umuntu ekhaya lawo ukuba ahlanganyele nawo ulwazi lweBhayibheli. Njengoba ayelalela ngokunaka ayeqaphelisisa. Ukuthi uhulumeni olungile uzoletha ukulondeka koqobo kwakubonakala kungenakwenzeka. Kodwa kancane kancane aqala ukwazisa ukuthi ngamalungiselelo oMbuso kaNkulunkulu ukulondeka okunjalo kweqiniso kwakuyoba okoqobo.—Mathewu 6:9, 10; Isaya 9:6, 7; Daniyeli 2:44.

Kwakunzima kakhulu ngamantombazane ukukholelwa ukuthi kwakungaba khona othile edolobheni elinjengeBelfast ongathathi-hlangothi maqondana nezimo zezombangazwe. Nokho njengoba ayehlanganyela noFakazi BakaJehova abona ubunye boqobo nokuthembela kweqiniso eMbusweni kaNkulunkulu okukhona phakathi kwamaKristu eqiniso. “Ayikho inkulumo yezombangazwe eHholo LoMbuso,” aphawula. Amantombazane athuthuka ngokushesha, ethatha ukuma okuqinile ngenxa yoMbuso kaNkulunkulu naphezu kokuphikiswa okunamandla.

Ukungathathi-hlangothi Kuletha Isivikelo

Isikhonzi esisha sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova sasihambela abanye abantu abathakazelayo edolobheni elincane laseNewry eduze nomngcele oseningizimu phakathi kweRepublic yaseIreland neNyakatho Ireland. Lapha kwakunokusekelwa okuqinile kwamaqembu amaphekulazikhuni.

Ngokushesha kwaqhamuka imoto eduze naso. Omunye owayesemotweni, ephethe isibhamu ngesandla, wangitshela ukuba ngingene phambili emotweni. “Ngaqale ngacabanga ukuthi ngangizodutshulwa,” kwaphawula uFakazi osemusha. “babecabanga ukuthi ngiyisosha elifake izimpahla ezivamile. Nokho, ngayiswa endlini futhi ngakhiyelwa endlwaneni yamalahle ngemuva. Ngemva kwesikhathi eside, ngayiswa endlini ngivalwe amehlo.

“Lapho ngezwa abantu behlola isikhwama sami futhi bekhuluma ngemibhalo engangiyenzile maqondana nabantu engangibavakashele. Bangibuza ukuthi ngingubani nokuthi ngangenzani kulendawo. Ngokuphindiwe ngabatshela ukuthi, njengomunye woFakazi BakaJehova, ngangisiza abantu ukuba baqonde iBhayibheli, nokuthi labo engangibahambele babethanda ukufunda omagazini bethu.

“Omunye walabantu waphuma ekamelweni, ethi: ‘Gcina lesosibhamu umkhombe ngaso futhi uma ethi nyaka nje udubule ikhanda lakhe!’ Akudingeki nokuba ngisho, ngathula ngathi du futhi ngaqhubeka ngithandaza kuJehova. Ngemva kwesikhathi esithile umuntu wokuqala wabuya futhi watshela abanye ukuba ngikhululwe. Kungenzeka wathola othile owayefakazela lokho engangikusho. Ngilokhu ngikhonjwe ngesibhamu, ngaholelwa emotweni futhi ngakhululwa eduze namaphakathi edolobha.”

Kuye kwabakhona okuhlangenwe nakho okufanayo okuningana lapho ukungathathi-hlangothi koFakazi BakaJehova kuye kwasebenza njengesivikelo soqobo. Lokhu kungathathi-hlangothi ezindabeni zezombangazwe kuye kwenza ukuba bakwazi ukuba bahlanganyele emsebenzini wabo wokufundisa ngeBhayibheli kunoma iyiphi indawo kuso sonke isifundazwe.

Ukwakhiwa KwamaHholo OMbuso

Amabandla lapha ngokuvamile mancane ngenani, awamaningi anabantu abangaphezu kwama-60 kuya kuma-70. Nokho, abamemezeli boMbuso bazinikele ngenhliziyo yonke futhi bakhuthele emsebenzini wabo. Obunye ubufakazi obuhle balokhu buye baba ukwakhiwa kwamaHholo oMbuso amaningi. Ngokwesibonelo, eBelfast nasendaweni engamakhilomitha angama-32 ukusuka edolobheni, amabandla ayisishiyagalolunye aye akha amaHholo oMbuso awo.

Umsebenzi onjalo wokwakha awuzange ungabi nokuphikiswa nobunzima. Ilungu elidala lasebandleni laseLondonderry laphawula: “Ngikhumbula ukuthi abanye ebandleni babevame ukuthi, ‘Ngeke sibe nendawo okungeyethu.’ Uma nje bebesaphila namuhla bebezobona ukuthi umoya kaJehova unathi eHholweni LoMbuso lethu elisha.”

Ngisho namanye amaqembu amancane athola izindawo zawo zokuhlanganyela, njengebandla lase-Enniskillen, elalinabamemezeli abayi-14 kuphela. Iminyaka eminingi babeqasha indawo yokuhlanganyela, kodwa khona-ke babona ukuthi babedinga ihholo elingelabo. Nakuba babenemali elinganiselwe, baqhubekela phambili benokholo oluphelele emandleni kaJehova awanikezayo.

Ibandla lathola isakhiwo esasakhiwe ngokuhlanganisa amacala, lasitholela indawo enhle futhi lathola ukuthi izinkinga zaziphela. Njengoba amanye amabandla ayezwa ngesidingo salo, aletha iminikelo. Ilungu elidala ebandleni laphawula: “Lolusizo oluvela kwabanye lwasenza thina base-Enniskillen ukuba sizizwe ngempela siyingxenye yobuzalwane bezwe lonke.”

Ukulondeka Koqobo Akulona Nje Iphupho

Naphezu kwezinkinga eziqhubekayo nobuhlungu obuhlala bukhona nokwahlukana kulelizwe, abantu abengeziwe bathola ukulondeka koqobo njengoba befunda ngamalungiselelo kaJehova okuqondisa izinto. Kungenzeka uye wamangala, ngokwesibonelo, ngomhlengi osemusha oye waba ufakazi wezinto ezinjalo ezithusayo.

Lapho ababili boFakazi BakaJehova abangamaNgisi befika kuye, isimo sakhe sokuqala sasiwukuthi: “Abantu bakwelinye izwe akumelwe beze futhi basifundise inkolo eIreland.” Kodwa isimo sakhe sashintsha lapho ebona ukuthi konke ababekusho ngokuqinile kwakusekelwe eBhayibhelini. Lensizwa manje ikhonza njengenceku ekhonzayo ebandleni. Yona, nabanye abaningi abafana nayo, manje banethemba eliqinile lokuthi manje siphila esikhathini lapho uJehova ezogcwalisa izithembiso zakhe ezinhle ukuba aphelise zonke izimo eziletha usizi nobuhlungu futhi uyoqiniseka ngokuthi ngesikhathi esifanele, izimo zePharadesi zimiswe kuwo wonke umhlaba.—IHubo 37:9-11, 29.

[Amabalazwe/Isithombe ekhasini 9]

(Ukuze ubone ukuthi kumi kanjani, bheka encwadini)

NORTHERN IRELAND

LONDONDERRY

BELFAST

Newry

Enniskillen

[Ibalazwe]

IRELAND

GREAT BRITAIN

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela