Imfundo Enhle Kakhulu
KUYE kwathiwa ngokufunda omagazmi INqabayokulinda nePhaphama!, kuhlanganise nezinye izincwadi zoFakazi BakaJehova, umuntu uyothola imfundo ebalulekile nebanzi, eminyakeni eminingi. Ngokwesibonelo, omunye woFakazi BakaJehova wabhala incwadi elandelayo:
“Ngayeka isikole ebangeni lesi-9 cishe eminyakeni engamashumi amabili edlule. Angikaze ngibe sesikoleni kusukela ngalesosikhathi. Bengimelwe, ngazo zonke izindlela, ukuba ngibuthuntu ngengqondo. Ngenxa yezimo zezimali—kwadingeka ukuba ngiyosebenza isikhathi esigcwele ukuze ngondle umkhaya wami—ngakuthola kudingekile ukuba ngibuyele esikoleni ukuze ngithole isitifiketi sesikole esiphakeme. Nganginezinsuku ezimbili ngingene esikoleni futhi uthisha wanquma ukuba angihlole ngokufana nalokho engizohlolwa ngakho ukuze ngithole isitifiketi sami. Ukuhlolwa kwakuhlanganisa izifundo ezinjengesayensi, ezomthetho, izifundo zezenhlalo nokuqonda okufundayo. Ngatshela uthisha ukuthi angifuni ukuhlolwa ngoba ngangazi ukuthi ngeke ngenze kahle. Kodwa wangiphoqelela.
“Umphumela waba ukuthi ngazuza amamaki aphakeme. Amamaki ayedingeka ukuze ngithole isitifiketi ayengama-35, okungamamaki akahle. Ngathola amamaki angama-55, noma amamaki ezinga labasekholiji iminyaka emine. Kungani ngikhuluma ngalokhu? Kungoba umthombo oyinhloko wokufunda kwami eminyakeni yokugcina eyisishiyagalombili uye waba izincwadi zoFakazi BakaJehova. Ngingumfundi wazo oshisekayo futhi ngenza nokucwaninga okukhudlwana.
“Ekuhlolweni kwami, ngaqaphela ukuthi eziningi zezimpendulo zazitholakala ezihlokweni zamuva zezincwadi zethu. Ngokwesibonelo, kusayensi kwakukhona imibuzo nge-fluorocarbons, indaba okuye kwakhulunywa ngayo kuPhaphama! Kwakufana nangemibuzo emaqondana nesayensi, ezomthetho nezinye izifundo, kuhlanganise izindaba zezenzakalo zamuva. Izenzakalo ezinjalo ziye zahlanganiswa engxenyeni ethi ‘Ukubuka Okwezwe’ kuPhaphama! Futhi, ukuqonda kwami engikufundayo kwakukuhle ngokukhethekile. Lokhu kungenxa yokuthi ngifunda kakhulu, okuyinto edingekile ukuze ufunde izincwadi eziningi zoFakazi BakaJehova.
“Udumo luya kuJehova uNkulunkulu ngokufundisa abantu bakhe ngazo zonke izindlela. Ngisalokhu ngimangele ngemiphumela yokuhlolwa, futhi kungakho kufanele ngihlanganyele lokhu okuhlangenwe nakho nani. Kumelwe nazi ukuthi omagazini bethu nezincwadi zethu kuyigugu kangakanani ngempela, futhi nomsebenzi eniwenzayo ukuze zikhiqizwe ngempela uyasizuzisa ngazo zonke izindlela. Ngibonga nina kanye noJehova ngokunginika imfundo engingazange ngiqaphele ukuthi nginayo kwaze kwaba ilapho ihlolwa. Iye yangenza ukuba ngizethembe, okuyilokho engangikudinga lapho umthwalo wezimali uzoba semahlombe ami.”
Ingabe uyafuna ukukhula ngokwazi, ukuthola imfundo ngisho eyinzuzo enkulu kunengatholakala kunoma iliphi ikholiji? Ungenza kanjalo ngokufunda njalo lomagazini nomngane wawo, iPhaphama! Akukhona kuphela ukuthi lamaphephandaba azokusiza ukuba wazi izenzakalo zezwe kodwa azokusiza ngokufanayo ukuba ubone ukuthi lezizenzakalo zizigcwalisa kanjani iziprofetho zeBhayibheli maqondana nesikhathi sokuphela kwalesisimiso sezinto. Yebo, ukufunda njalo lezincwadi akuyikuthuthukisa ulwazi lwakho ngezinto ezenzekayo kuphela kodwa futhi kuzokunika ulwazi oluzokwenza ukuba uphile phakade esimisweni esisha sikaNkulunkulu sokulunga.—Johane 17:3; 2 Petru 3:13.