Amatekisi Ezinsuku ZikaJuly, 1983
1 UJehova wenzile konke kube-nomgomo wakho.—IzAga 16:4. wZU 1/15/83 5-7
2 Makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.—Math. 5:16. wZU 3/15/83 15, 16
3 Ngokuba njengalokhu kuAdamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bayakuphiliswa. Kodwa yilowo ngesigaba sakhe.—1 Kor. 15:22, 23. wZU 4/1/83 5, 6
4 Abangamesabi uNkulunkulu, bephendukezela umusa kaNkulunkulu wethu ube-ngamanyala.—Juda 4. wZU 2/1/83 14, 16
5 O, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.—Jer. 1:6. wZU 4/15/83 9, 10a
6 Benezelwa kakhulu abakholwa yiNkosi, abaningi nabesilisa nabesifazane.—IzE. 5:14. wZU 5/15/82 1-3a
7 Niyakuwafundisa abantwana benu, ukhulume ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.—Dut. 11:19. wZU 8/1/82 4
8 Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.—Joh. 8:32. wZU 3/15/83 13, 14
9 Injabulo kaJehova iyinqaba yenu.—Neh. 8:10. wZU 8/15/82 6, 7a
10 Kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube-yinsindiso.—2 Thim. 3:15. wZU 4/15/83 5-8a
11 Bangamafu angenamanzi, aqhutshwa yimimoya; bayimithi yasebusika engenazithelo, efé kabili, isishuliwe.—Juda 12. wZU 2/15/83 9, 12, 13
12 Okhokho bethu, . . . bonke babhapathizwa kuMose efwini naselwandle.—1 Kor. 10:1, 2. wZU 4/15/82 16, 17a
13 Abafileyo ababesele kabaphila yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane.—IsAm. 20:5. wZU 9/15/82 11-13
14 Mawufike umbuso wakho.—Math. 6:10. wZU 10/15/82 10, 12
15 Khona abamesaba uJehova bakhuluma omunye komunye; . . . kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.—Mal. 3:16. wZU 11/1/82 11, 12a
16 Ngajabula lapho bethi kimi: Masiye endlini kaJehova.—IHu. 122:1. wZU 3/15/83 20-22
17 Ngakubeka umprofethi ezizweni.—Jer. 1:5. wZU 4/1/83 7, 8a
18 Namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: Aba, Baba!—Roma 8:15. wZU 4/1/82 10, 11
19 Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.—Joh. 8:31, 32. wZU 4/15/83 14-16a
20 INkosi iyakufika . . . ukuze yahlulele . . . ijezise bonke . . . ngazo zonke izinto ezishaqisayo lezo izoni ezingamesabi uNkulunkulu ezizikhulumile ngaye.—Juda 14, 15, “NW.” wZU 2/15/83 16, 19
21 Nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.—Math. 28:20. wZU 11/15/82 9, 10a
22 Omiyo eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa-lutho, angenza akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakugcina indodakazi yakhe iyintombi, wenza kahle.—1 Kor. 7:37. wZU 12/1/82 9, 10a
23 Onhliziyo yakhe yenamile unedili njalo.—IzAga 15:15. wZU 3/15/83 23, 24
24 Babe-ngabaqondileyo, abamhlophe, . . . ukuba izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.—Thithu 2:5. wZU 1/15/83 9-11a
25 Lalelani abaniholayo, nibathobele.—Heb. 13:17. wZU 1/1/83 20
26 INkosi, . . . yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga.—Juda 5. wZU 2/1/83 3, 5a
27 NeWundlu liyakuwanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi.—IsAm. 17:14. wZU 3/1/83 14, 15a
28 Njengokuba nikwenzile komunye walababafowethu abancane, nikwenzile nakimi.—Math. 25:40. wZU 4/1/83 11a
29 Sisuthise ngomusa wakho, kusesekuseni, ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke.—IHu. 90:14. wZU 3/15/83 1-3a
30 Ukuze nibe-mhlophe nabangakhubekisiyo kuze kube-lusuku lukaKristu.—Fil. 1:10. wZU 5/15/82 10, 11, 9
31 Butha abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, . . . ukuba bezwe, bafunde.—Dut. 31:12. wZU 8/1/82 16