Isetshenziswa Njengencwadi Yokufundisa
Imibiko evela ezindaweni eziningi ilokhu itheleka ngendlela “INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli” esetshenziswa ngayo njengencwadi yokufundisa ezikoleni. Omunye umama eItaly uyabhala:
“Indodana yami eneminyaka eyi-8, uEmanuele, wathatha incwadi yakhe waya nayo esikoleni eyobonisa uthisha. Wathinteka kakhulu ngokuphakathi futhi wathi: ‘Ngizoyigcina lencwadi.’ Ngalolosuku ekuseni wafundela iklasi indaba yezinhlupho eziyishumi futhi abantwana bahleka amaxoxo angena emakhaya abantu futhi bawuthanda umfanekiso. Khona-ke, njengomsebenzi wokwenziwa ekhaya, iklasi kwafuneka libhale kafushane incazelo yalokho okufundiwe.
“Mina noEmanuele samangala kakhulu ngoba lothisha ungumKatolika oshisekayo futhi uyabaphikisa oFakazi BakaJehova. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva wabonisa umpristi oza esikoleni ezofundisa ezenkolo incwadi, ebuza ukuthi angaqhubeka yini eyifundela abantwana njengoba inyatheliswe oFakazi BakaJehova. Ngemva kokuphenya incwadi, umpristi wathi yinhle kakhulu futhi ibafanele abantwana. Watshela uthisha ukuthi angaqhubeka eyisebenzisa ezifundweni zakhe. Ngakho-ke, cishe nsuku zonke uthisha ufundela abantwana indaba abe esethi babhale ngayo noma baxoxe ngayo.”
“INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli” iqukethe izindaba eziyi-116 zeBhayibheli ezinikeza umfundi umqondo walokho iBhayibheli elikuqukethe. Incwadi ibhalwe ngokugqamile futhi inemifanekiso emikhulu engaphezu kwe-125, iningi layo linemibalabala. Ungazitholela lencwadi ebalulekile enamakhasi angama-256 ngokugcwalisa nokuthumela ikhuphoni eliseceleni.
Sizani ningithumelele, incwadi enoqwembe oluqinile INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, ngifaka u-R3,00.