Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 6/15 k. 30
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyothembeka Njengo-Eliya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Wathola Induduzo KuNkulunkulu Wakhe
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wathola Induduzo KuNkulunkulu Wakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Uke Uzizwe Unesizungu Futhi Wesaba?
    Fundisa Izingane Zakho
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 6/15 k. 30

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Kungani amanye amaJuda acabanga ukuthi uJohane uMbhapathizi wayenguEliya, njengoba kushiwo kuJohane 1:21?

Ngaphambi kokubhapathizwa kukaJesu, abanye abapristi namaLevi beza eBethabara ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane ayebhapathiza khona, futhi bambuza ukuthi wayenguKristu yini. Lapho uJohane ethi wayengesiye, bambuza: “Uyini pho? UnguEliya na?”—Johane 1:19-28.

Kungani lawomaJuda acabanga ukuthi uJohane wayengase abe ngumprofethi ongumHeberu uEliya, owayesafa emakhulwini ayisishiyagalolunye eminyaka ngaphambili? Kwakungenxa yesiprofetho esasishiwo cishe phakathi kwesikhathi sikaEliya nokuqala kwenkonzo kaJohane. Umprofethi kaNkulunkulu uMalaki wayebikezele: “Bhekani, ngiyakuthuma kini uEliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.” (Malaki 4:5) Ngokusobala amanye amaJuda aqonda lokhu njengokusho ukubuya okungokwenyama kukaEliya, mhlawumbe ngokuba uNkulunkulu amvuse. Khona-ke uJohane wabonakala egqoke ingubo yoboya nebhande lesikhumba elifana nelengubo kaEliya. (Mathewu 3:4; 2 AmaKhosi 1:8) Futhi uJohane wayekhuluma ngokungafihli ekumemezeleni isigijimi sikaNkulunkulu esibizela ukuphenduka, njengoEliya. Ngakho-ke bambuza uJohane ukuthi wayenguEliya yini.

UJohane waphendula, “Angisiye.” Qha, wayengeyena umprofethi ongumHeberu ongokoqobo uEliya, owayesalele kwabafile. Eqinisweni, ingelosi yayitshele uZakariya (owaba nguyise kaJohane) ukuthi uJohane wayeyokhonza ‘ngomoya namandla kaEliya,’ ukuba abuyisele amaJuda kuJehova. (Luka 1:17) UJohane wayengenakuba nguEliya; kodwa wayeyokwenza umsebenzi ofana nowafezwa umprofethi uEliya owayesafa kudala.

Ngokuvumelana nalokhu, uJesu kamuva wathi, ecabanga ngoJohane: “UEliya sewafika; abamazanga nokho.” (Mathewu 17:12) Wayesho ukuthi uJohane wayesigcwalisile isiprofetho sikaMalaki 4:5. Wayeyilungisile indlela phambi kukaMesiya. Kodwa, iningi lamaJuda alizange limamukele uJohane njengogcwalisa leyondima. Futhi kulotshiwe kuJohane 10:41: “UJohane nempela akenzanga-sibonakaliso nasinye,” kodwa umprofethi wokuqala uEliya wenza izibonakaliso noma izimangaliso eziyisishiyagalombili.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela