‘Ningabuyeli Ezintweni Ezilulana Nezingelutho’
“Kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, . . . kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho?”—GALATHIYA 4:9.
1, 2. (a) Umbani waba namuphi umphumela endodeni eyayiyimpumputhe? (b) Yiluphi ushintsho olubalulekile oluye lwenzeka ekuphileni kwakho? (IzEnzo 26:18)
AMAPHEPHANDABA ngoJune 1980 akhuluma ngesehlakalo esimangazayo esihilela uEdwin Robinson, oneminyaka engama-62, lowo ngeminyaka eyisishiyagalolunye ngaphambili owaba impumputhe engozini yemoto. Amaphepha achaza ukuthi phakathi nesiphepho semvula wakhosela ngaphansi kwesihlahla. Umbani washaya isihlahla, wamshaya waquleka. Lapho ephaphama wakwazi ukubona. Ake ucabange ukuthi wazizwa kanjani ngemva kweminyaka engaka eyimpumputhe! Ngempela wayengafuni ukubuyela ebumnyameni.
2 Uma ungufakazi kaJehova weqiniso, ushintsho olumangazayo lwenzekile kuwe. Umphostoli uPetru wabhala ukuthi amaKristu ‘akhethiwe’ aye ‘abizwa ukuba aphume ebumnyameni, angene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.’ (1 Petru 1:1; 2:9) Ukuze ube ufakazi kaJehova kungenzeka uye wayeka izenzo ezingcolile nezingamukeleki lezo ezihlobene nobumnyama. (Roma 13:12, 13; Jobe 24:14-16) Kungani? Kungoba wawufuna ukuphila ekukhanyeni kweqiniso futhi wamukelwe uNkulunkulu.
3. Ukuba ufakazi kaJehova kwenze luphi ushintsho enjongweni yakho yokuphila? (Efesu 2:12)
3 Ngaphambi kokuba ube umKristu weqiniso, ingabe wawunenjongo enenzuzo ekuphileni kwakho? (1 Petru 4:15, 16) Ukuba othile wayengakubuza ngemigomo yakho, ingabe impendulo yakho ibingaphathelana nokuphila okunethezekile, ukuba nomkhaya, ukuzilibazisa okuthile noma ukulungiselela “ubusika” bokuguga? Eqinisweni lezo zinto azizimbi. Nokho ukuphila okunjalo bekungahluka kanjani kokwengwejeje, umzwilili noma esinye isilwane esizalwayo, sikhule, sidle, silale, sizale futhi ekugcineni sife? (UmShumayeli 3:18-20; Jakobe 4:14; Juda 10) Nokho, ngemva kokuba usuye waba umKristu weqiniso, ukuphila kwakho kunenjongo; imigomo yakho igxile ekukhonzeni uMdali.—UmShumayeli 12:13.
4. Yimuphi umphumela ulwazi lweBhayibheli oluye lwaba nawo kuwe? (IHubo 36:9; IzAga 6:23)
4 Umehluko phakathi kokuba khona kwakho ekukhanyeni nokuthi wake waba sebumnyameni usobala ngokukhethekile elwazini nasekuqondeni kwakho. Ngaphambili wawungazi ukuthi kungani ububi bukhona, kungani izinto ezisizungezile ziqhubeka ziba zimbi, siyini isimo sabafileyo noma ikusasa eliseduze lisiphatheleni. Manje unokuqonda okusekelwe eBhayibhelini kwalezozindaba. Yeka ukuthi ayiqiniso kanjani amazwi omphostoli uPawulu: “[UJehova] wakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu”!—2 Korinte 4:6.
Akubona Bonke Abahlala Ekukhanyeni
5. Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi akubona bonke abahlala ekukhanyeni?
5 Akubona bonke abaye baba abakhulekeli beqiniso bakaJehova abaye bahlala benjalo. Isidalwa esinamandla esingumoya sahlubuka futhi saba uSathane. UAdamu noEva bashiya ukukhanya. Ngenxa yezenzo ezinjalo ngezidalwa eziphelele, akumangalisi ukuthi abanye abantu abangaphelele, njengoba sinjalo, baye babuyela emuva nabo. AmaIsrayeli aphuma ebugqilini baseGibhithe, nokho ngaphambi kokuba afinyelele Ezweni LesiThembiso aqala ukukhonona ngokufisela, ‘Sikhumbula izinhlanzi esazidla eGibhithe, namakukamba, namakhabe, namaliki, nohanyanisi, nesweli!’ (Numeri 11:5) Nakuba ayejabulela ukukhanya nenkululeko, ayefisela ubumnyama baseGibhithe nesweli.
6. Kungani kumelwe sikhathazeke ngabantu abashiya ukukhanya?
6 AmaKristu, ngokufanayo, abhekene nengozi yokushiya ukukhanya. UPawulu waxwayisa ukuthi amadoda ayezakuvuka ebandleni futhi ahunge abafundi. (IzEnzo 20:29, 30) Lokhu kwenzeka ngisho ngesikhathi elapha emhlabeni. (Filipi 3:18; 2 Thimothewu 2:16-18) Ngokuqondile, ingabe uyabazi abathile esikhathini sethu, labo ngandlela-thile abaye bahlubuka? Ingabe lokhu kungenzeka nakithi?
7. Isiphi isiluleko uPawulu asinika abaseGalathiya maqondana nalokhu?
7 AmaKristu ambalwa namuhla angakhetha ngokuzithandela ubumnyama kunokhanya. Ngakho hlobo luni lwezinto ezingayenga umzalwane noma udade (noma imuphi wethu) ukuba ahlubuke? Ukuqapha okuthile kuyanikezwa kulokho uPawulu akubhala kumaGalathiya 4:9: “Kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe-yizigqila zazo na?”
8. Kungani leso siluleko sasidingeka, futhi sasebenza kanjani eMthethweni?
8 Ngokusobala amanye amaKristu angamaJuda ayegcizelela ukuba kwakumelwe abuyele ekugcineni uMthetho kaMose, noma okungenani izingxenye zawo. Kodwa, uPawulu, wabhala ukuthi abakhulekeli beqiniso babekhululiwe eMthethweni. (Galathiya 5:1-6) Ngenxa yokuthi uMthetho wawungeke uveze ukulunga, ngaleyongqondo wawululana, kwakumelwe umelelwe “ithemba elingcono” noma ilungiselelo. (Heberu 7:18, 19) Khona-ke kungashiwo ukuthi labo ababuyela ekugcineni uMthetho ‘babuyela ezifundisweni ezilulana’ futhi ‘beba yizigqila zazo futhi.’
9, 10. Isixwayiso nge‘zinto ezilulana nezingelutho’ sasingasebenza kanjani (a) ezimfundisweni zamaGreki? (b) eMthethweni kaMose?
9 Kwakufanelekile futhi ukuxwayisa ngokubuyela ‘ezintweni zobungane.’ Amazwi esiGreki ashiwo lapha anombono wohlu lokulandelana kwamaletha abekwe ohlwini, kanjalo abonisa indlela elula. Ngokuqinisekile izimfundiso zobuqaba ezazivamile ngaleso sikhathi ‘zazingezobungane zingelutho.’ Nakuba amaGreki ayeqhosha ngemibono yawo, lena yayisekelwe emicabangweni yobuntu, imicabango edukile nezinganekwane. Kodwa ngisho nokubuyela eMthethweni kaMose kwakuwuku‘buyela ezintweni ezilulana nezingelutho.’ Kanjani?
10 Nakuba uMthetho wawunomsuka ongokwasezulwini, okuningi kwawo kwakuphathelene nezici zokuphila kobuntu, njengetabernakele ne“zimiso zenyama ezibekiweyo.” Nokho, ukukhonza komKristu okugxile ezintweni zomoya kwakufanekiselwa yileyo ‘mifanekiso yoqobo.’ (Heberu 9:6-10, 23) Ngakho kungani amaKristu kumelwe abuyele kulezo zinto ezingelutho? Uma bewutadisha izibalo kwaze kwaba sezingeni lokuba ube umpetha ku-algebra noma icalculus, ingabe ubungabuyela ekubaleni ngeminwe noma izinzwani?—Qhathanisa nowe-2 Petru 2:20-22
Izinto Ezilulana Nezingelutho Namuhla
11. AbaseGalathiya 4:9 bangasetshenziswa kuyiphi ingozi namuhla?
11 Ngokunokwenzeka, bambalwa kithi abazizwa besengozini yokubuyela ‘ezintweni ezilulana nezingelutho’ zemibono yamaGreki noma zoMthetho. Nokho leso seluleko sabekwa eBhayibhelini ngokwenzuzo yethu. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukubuyela kulokho u-1 Johane 2:16 akubiza ngokuthi “inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo nokuzigabisa ngalokhukuphila.”
12. Chaza ukuthi amanye amaKristu angahlulwa kanjani ingozi eshiwo ku-1 Johane 2:16.
12 Abanye bacabanga ukuthi “ukuzigabisa ngalokhukuphila” kusho ukugabisa ngegama lomthungi wengubo noma izinto eziyigugu kakhulu ezidulayo, njengokufaka izindandatho ezine noma ezinhlanu ngesikhathi esisodwa. (Jakobe 2:2, 3) Futhi kungenzeka, ngoba iBhayibheli lixwayisa ngokunaka ukugqoka njengoku“faka igolide.” (1 Petru 3:3) Kodwa “ukuzigabisa ngalokhukuphila” kungenziwa ngezinye izindlela. UmKristu angahawukela indlela yokuphila kwabantu abangenathemba abaphilela izinto ezibonakalayo. Kwamanye amazwe abantu balwela ukuba bathole bese begabisa ngalokho okuwukunethezeka kuleyondawo, njengethelevishini yemibala noma imoto encane. Kwezinye izindawo abantu bayaqhosha noma bathambekela ekumangaliseni abanye ngetape recorder yethelevishini entsha noma imoto edulayo. Ingabe umKristu, ‘oshiye konke walandela uKristu,’ angaba nesithakazelo sokugabisa ngezinto ezinjalo? Singazibuza: Ingabe izinto ezibonakalayo zidla isikhathi sami esiningi nemicabango kunalapho ‘ngizwa izwi, ngilamukela ngokuthokoza’ futhi ngilisebenzisa ekuphileni kwami?—Mathewu 19:16-27; 13:20-22.
13. (a) Isiluleko sikaPawulu singasebenza kanjani ngisho nasendabeni yendlu? (b) Yini umKristu okumelwe ayiqaphele maqondana nokuthuthela ekhayeni elikhulu? (Funda uLuka 12:16-21.)
13 Noma umKristu angabuyela ezintweni ezingelutho ngenxa yendlu. Kwezinye izindawo amakhaya angaqashwa abiza kakhulu. Ngakho, abantu abaningi bezwe bangathenga indlu ngenxa yokubonakala kwayo, ngisho noma kungasho ukucindezeleka ngokwezimali ngabo. Noma abantu bezinto ezibonakalayo abangenawo umkhaya okhulayo ukuba bawuhlalise bangasuka endlini elingene baye kwenkudlwana, futhi kamuva baye kwenkulu kakhulu nenhle. (Bheka uLuka 17:28.) Ngakho, uma umKristu ecabanga ngokuthenga indlu noma ukuya kwenkulu kumelwe ahlole izisusa zakhe nemiphumela engaba nokwenzeka ohlangothini lwakhe olungokomoya ukuze ‘angabuyeli ezintweni ezingelutho’ ngenxa yesisusa esibi. Ngokuqinisekile kumelwe simelane nanoma ikuphi ukulingwa kokufisela ukuceba lokho okungahawukisa ngenxa ‘yokuphila’ kwethu. (1 Johane 2:16) Ngaphandle kokwahlulela abanye ezindabeni ezinjena, ngabanye masibeke inkonzo kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwethu. Yeka ukuthi singajabula kanjani ukubona amaningi amaKristu avuthiwe, lawo izimo noma ngandlela-thile eziwavumelayo, enciphisa amahora awo okusebenza ukuze enze isikhathi sokuphayona kwesikhathi esigcwele, eqinisweni into engelula!—Mathewu 6:31-34; 7:1-3; 9:36-38.
14. Maqondana nokuvelela, omunye anga‘buyela’ kanjani emuva?
14 Ukuvelela kulesimiso kungenye into umKristu anga‘buyela ngayo emuva.’ Yiqiniso kufanele ukufuna ukuba abanye basicabangele kahle; abadala abangamaKristu ‘kumelwe futhi ukuba babe-nobufakazi obuhle kwabangaphandle.’ (1 Thimothewu 3:7) Nokho, iZwi likaNkulunkulu liyeluleka, ukuba ‘singacabangi ukuthi sibakhulu kunalokho okufanele sikucabange.’ (Roma 12:3) Ukugcizelela kwezwe kokuba othile kungenza kube nzima ngabambalwa ukuba baqhubeke befuna ukuzithoba kobuKristu nokuma okuhle noNkulunkulu.
15. Kunini lapho lokhu kungaba inkinga kwabasha noma kubazali?
15 Abasha ngokuvamile babhekana nalokhu, ngoba othisha nabafundi babakhuthaza ukuba babe ngabavelele kwezemidlalo, ezinhlanganweni zabafundi noma amaqembu. Bangabhekana futhi nokucindezeleka ngokuya ekholiji ukuze bathole umsebenzi ovelele. Abanye abazali baye bengeza ekucindezelekeni ngenxa yesifiso sabo sokuvelela ngalokho okufezwa umntwana. Kungenzeka uke wezwa abazali basho izinto ezinjengokuthi, ‘Angifuni indodana yami ibe isisebenzi esivamile kukho konke ukuphila kwayo.’—Qhathanisa noMarku 6:3.
16. Kungani ukuvelela kungaba ingozi ngamadoda angamaKristu? Chaza.
16 Amadoda amaningi aye alingelwa ukuba afune ukuvelela emsebenzini. Uma bekubhekwana nezisusa zangaphakathi, indoda ingabona ukuthi ifuna ukuba induna ngenxa nje yodumo oluhilelekile. Kungenzeka yini ukuthi amanye amaKristu, alondekile ngokwezimali futhi anganciphisa amahora awo okusebenza (noma ayeke) futhi aphayone, aye alingeka ukuba aqhubeke emisebenzini lapho evelele khona noma enethonya? Yeka isibonelo esihle uPawulu asibeka! Wayenesikhundla nethonya esimisweni samaJuda, ngokufanayo nokulondeka ngokwezimali. Kodwa walahlekelwa yikho konke ukuze ‘azuze uKristu futhi afunyanwe emunye naye.’ Eqaphela lokhu njengendlela yokuthola ukuvunyelwa okunenzuzo ehlala njalo, uPawulu akazange abheke emuva ezintweni ezilulana, nezingelutho.—Filipi 3:4-11.
17. Iyiphi ingozi yoku‘buyela’ emuva evezwa ukuzilibazisa?
17 Abambalwa bangaphika ukuthi okuningi ukuzilibazisa kwanamuhla ‘kulula futhi akulutho.’ Kumelwe kube nokukhetha. Nokho ngisho nasekuzilibaziseni okungaphuli izimiso zikaNkulunkulu ngokusobala, ukuqapha kuyadingeka ngenxa yesikhathi nemali ehilelekile. Imidlalo eminingi, ehamba ngogesi neminye, ingadla isikhathi esiningi nemali. Uwedwa noma njengomkhaya, hlala phansi ubale ngokoqobo isikhathi nemali okuchithayo ekuzilibaziseni ngesilinganiso sesonto noma inyanga. Ngokwenza kanjalo, hlanganisa isikhathi sethelevishini. Lokho kuyinkinga ekhulayo ngoba abahleli baveza uchungechunge lwemidlalo—ngisho imifanekiso eqanjiwe, ezomlando nezinhlelo zemidlalo emikhulu—ukuze isibukeli sidonselwe emuva ngokuphindaphindiwe. Ngokukhanyayo, amaKristu kumelwe asebenzele ukuqondisa ukuthi asisebenzisa kanjani isikhathi sawo esilinganiselwe nemali ukuze angabuyiselwa ezintweni ezilulana nezingelutho.—Efesu 2:2, 3.
18. Iyiphi indlela etusekayo amaKristu amaningi aye ayilandela?
18 Lokhu akusho ukuthi abantu abaningi bakaNkulunkulu babuyela emuva ezintweni ezinjalo. Kukhona izinkulungwane, amakhulu ezinkulungwane, yebo izigidi zofakazi bakaJehova abazinikezele abanamathela ekukhulekeni kweqiniso, futhi abaningi baye benza kanjalo iminyaka eminingi. Kungenzeka wazi abaningi babo—amaKristu angachazwa ngamazwi anjengakaPawulu: “Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, siniphatha emikhulekweni yethu, . . . nani nabangabalingisi . . . beNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele, naze naba-yisibonelo kubo bonke abakholwayo.” (1 Thesalonika 1:2, 6, 7) Ngamunye wethu kumelwe abe njalo futhi azimisele ukuba ‘angabuyeli emuva ezintweni ezilulana nezingelutho.’ Futhi asikho isizathu sokuba sibuyele emuva.
Funani Imicebo Engokomoya
19, 20. Iziphi izinto ezinamandla nezicebile ubuKristu beqiniso obuye bakulethela zona?
19 UbuKristu beqiniso businika izinto eziningi ezinamandla nezicebile. Okubalulekile ukuze sithole izibusiso eziningi ukuba nolwazi lwemiBhalo. Ngisho nabafundi bezwe bayavuma ukuthi iBhayibheli liqukethe izincwadi zokuhleleka okuphakeme kakhulu. Nokho siyazi ukuthi iBhayibheli lingaphezu kwalokho; liyi‘Zwi likaNkulunkuli, elona lisebenza kwabakholwayo.’ (1 Thesalonika 2:13) Yebo, siyazi ukuthi linamandla okushintsha ukuphila, okunikeza ithemba eliqinisekile nawokusibonisa lokho ikusasa elisiphathele khona. Ngokulifunda singathola izigijimi ezinikezwe uMdali futhi singazi lokho iNdodana yakhe eyakusho neyakwenza.—Johane 21:24, 25.
20 Ngosizo lwabantu bakaNkulunkulu, uye wafunda ngoJehova eBhayibhelini futhi ungavuma: “Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!” (Roma 11:33) Naphezu kolwazi, une“sibonelo samazwi aphilayo.” (2 Thimothewu 1:13) Abantu abaningi baye balifunda iBhayibheli iminyaka eminingi kodwa balokhu bengaliqondi. Nokho, wena, uyaqonda ngokwesisekelo lokho elikushoyo. Ungakhuluma ngokuqonda nokuqiniseka okudlula ngisho okwezazi.—IzEnzo 4:13.
21, 22. Yiziphi ezinye izinto ezicebile oye wazithola ngenxa yokuba ufakazi kaJehova?
21 Futhi unabangane bohlobo olungcono. Oh, abazalwane bakho nodade kungenzeka abaphelele futhi babangela ukucasuka ngezikhathi ezithile. Nokho, kukho konke, kuyisibusiso ngempela ukuba phakathi kwabantu abathanda uNkulunkulu, abalwela ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli futhi abazama ‘ukwenza okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa,’ kuhlanganise nawe. (Galathiya 6:10) Muva nje isazi sezokunakekelwa kwezingane esibhedlela iMt. Sinai eNew York City sakhuluma ngokuhlangenwe nakho kwaso siqu. Satshela isikhonzi esasivakashile esinguFakazi kaJehova: ‘Noma yini lokho enikwenzayo, qhubekani nikwenza. Nishintsha uhlobo olumangalisayo lwabantu. Sonke esiye sathintana nabo siphawula indlela abahluke ngayo, indlela abazothe futhi abajabulisa ngayo. Ngakho, sizani, noma yini eniyenza yo, qhubekani niyenza.’ Yilolo uhlobo lwabangane onalo.
22 Enye into ecebile, enamandla ongajabula ukuba nayo ithemba lakho elisekelwe eBhayibhelini, noma kungaba ukungafi emazulwini noma ukuphila phakade ePharadesi emhlabeni. Yimuphi umuntu ohlakaniphile ongakushiya lokho? Ekugcineni, ungabhekeli phansi isabelo somsebenzi manje onawo ovela kuJehova nalowo aye wakuhlomisela wona ngamandla aye akunikeza wona. (2 Korinte 10:4; Filipi 4:13) Ukwenza abafundi kufuna umzamo, yebo, kodwa futhi kuveza ukweneliseka okujulile nenjabulo, ngoba kusiza abanye endleleni eyisa ekuphileni. Lomsebenzi ungagcwalisa ingqondo yakho nenhliziyo.
23. NgokwabaseGalathiya 4:9, yini okumelwe uzimisele ukuyenza?
23 Khona-ke, kusobala ngokuphelele ukuthi ubuKristu boqobo businika izinto eziningi ezinamandla nezicebile. Masicabange futhi sazise lokho esinakho futhi sizimisele ukuba ‘singabuyeli ezintweni ngokuvamile ezilulana nezingelutho noma sibe yizigqila zazo futhi.’
Ingabe Uyakhumbula?
□ Kungayiphi indlela abaseGalathiya babesengozini yoku‘buyela ezimfundisweni ezilulana nezingelutho’?
□ Singa‘buyela’ kanjani emuva maqondana nokulandelayo
Izinto ezibonakalayo?
Ikhaya?
Ukuvelela?
Ukuzilibazisa?
□ Kungayiphi indlela ubuKristu obuye bakunika ngayo izinto ezinamandla nezicebile?
[Isithombe ekhasini 18]
Imibhanqwana eminingi, ngokuqaphela ‘ukuzigabisa ngalokhukuphila kwayo,’ iye yasizwa ukuba ikhulise imisebenzi yobuKristu
[Isithombe ekhasini 20]
Isikhathi esingakanani nemali wena ngokwakho okuchitha ekuzilibaziseni?