IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Imikhuleko Enjani UNkulunkulu Ayizwayo?
UNGASIBONA lesimo sokukhuleka kukaJesu ensimini yaseGetsemane. Amadoda alele eduze nalapho abaphostoli bakhe uPetru, uJakobe noJohane. UJesu uyazi, ngokwesiprofetho seBhayibheli, ukuthi uzobulawa nezelelesi. Nokho uyakhuleka: “Baba, uma uthanda, susa lesisitsha [intando kaNkulunkulu ngoJesu ukuba athwale ihlazo futhi afe] kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.”—Luka 22:42; Isaya 53:12.
Lobo kwakuwubusuku obunzima kakhulu ngoJesu. IBhayibheli lithi: “Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela; izithukuthuku zakhe zaba-njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.” (Luka 22:44) Ingabe imikhuleko kaJesu yaphendulwa?
Akungabazeki ukuthi umphostoli uPawulu wayekhumbula lokhu lapho ebhala: “Owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.”—Heberu 5:7.
Yebo, uNkulunkulu wayizwa imikhuleko kaJesu. Phawula isizathu esinikeziwe: “Ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.” UJesu wayenokwesaba okuhle noma uvalo lokujabhisa uNkulunkulu. Wathi, “Ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye.” (Johane 8:29) Yebo, uJesu wayemthanda uBaba wakhe wasezulwini, futhi ngaso sonke isikhathi wenza intando yakhe. Kunjengoba iBhayibheli lisho, “Uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.”—1 Johane 5:14.
UNkulunkulu wayiphendula kanjani imikhuleko kaJesu? Nokho, akazange asuse uJesu kulesosimo. UJesu waboshwa, waphathwa njengesilelesi esidelelekile futhi wabulawa kabuhlungu. Kodwa bheka umfanekiso. Ubonisa ukuthi uJesu waqiniswa kanjani ukuze abhekane nesimo. Lapho ekhuleka, iBhayibheli lithi, “kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.”—Luka 22:43; 1 Korinte 10:13.
Singafunda isifundo esibalulekile kulomlando weBhayibheli. Yilesi: Uma sifuna ukuba uNkulunkulu ezwe imikhuleko yethu, kumelwe senze intando yakhe; kumelwe silalele imithetho yakhe. IBhayibheli likusho ngokucacile: “Nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.” (1 Johane 3:22) Lokhu kusho ukuthi kumelwe sisebenzele kulokho esikukhulekelayo. Sidinga ukubonisa uNkulunkulu ngezenzo zethu ukuthi ngempela sizimisele ngalokho esikushoyo. Ingabe siyakwenza?