Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 10/15 kk. 24-26
  • Indlela Engibhekana Ngayo Nobumpofu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Engibhekana Ngayo Nobumpofu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwazi Umsebenzi Nokonga
  • Umthombo Omkhulu Wosizo
  • 2 | Vikela Imali Nezinto Onazo
    I-Phaphama!—2022
  • Ukukhulisa Izingane Eziyisishiyagalombili Ngezindlela ZikaJehova Kwakuyinselele Kodwa Kujabulisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ubumpofu—Ukuthola Ikhambi Laphakade
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ukusondela KuNkulunkulu Kwangisiza Ukuba Ngiphumelele
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 10/15 kk. 24-26

Indlela Engibhekana Ngayo Nobumpofu

INGABE ungumfelokazi? Nami nginguye. Mhlawumbe njengami, washiywa nabantwana ukuba ubanakekele futhi ungenalutho olukungenisela imali. Umyeni wami washona ngo-1973, wangishiya namadodana amathathu, eneminyaka engama-20, 16 nene-14. Ukufa kwakhe kwakungokuthusayo futhi kwakuwukulahlekelwa okukhulu ekuphileni kwami. Khona-ke, ngokushesha ngemva kokufa kwakhe, kwaba nesinye isishayo—amadodana ami amabili, endala nencane anquma ukushiya ikhaya. Ngani? Make ngichaze.

Sinomyeni wami sasingamaHindu, futhi sasikhulise abantwana bethu ukuba nabo bakhonze njengamaHindu. Nokho, eminyakeni eyishumi ngaphambi kokushona komyeni wami, oFakazi BakaJehova base bethintene nami ngomsebenzi wabo ohlelekile wokushumayela. Isigijimi sabo seBhayibheli sosindiso ngoMbuso kaNkulunkulu sangikhanga. Ngemva kwezinyanga ezithile zengxoxo eshubile yeBhayibheli nokutadisha, nganeliseka ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu weqiniso nokuthi uJesu Kristu wayenguMsindisi wesintu omiswe uNkulunkulu. (IHubo 83:18; IzEnzo 4:12) Ngakho, naphezu kokumelana nezifiso zomkhaya wami nokubhekana nokusola komyeni wami obala, ngaba ufakazi kaJehova ongumKristu futhi ngabhapathizwa.

Emphakathini wamaHindu, ubuKristu buyisihlamba esingenakuthethelelwa, leso umyeni wami ayengenakusibekezelela. Waphikisa ukukhulekela kwami kobuKristu kwaze kwaba sekufeni kwakhe. Womabili amadodana ami endala nencane alandela intando kayise futhi alandela indlela yokuphila yamaHindu. Athatha ukufa kukayise njengethuba lokushiya ikhaya futhi kanjalo abalekele isihlamba sokuba nomama ongumKristu. Nokho, ngiye ngakwazi ukubonisa indodana yami yesibili, uJayasimman, ubuqiniso nokuba nengqondo kweBhayibheli nelikuqukethe okungokusindisa ukuphila. Manje ngase ngisele noJayasimman kuphela. Sasizobhekana kanjani nobumpofu esase sikubo?

Ukwazi Umsebenzi Nokonga

Ngemva kwezimo zokuqala ezangishaqisa kakhulu nangokuqaphela ukuthi umnakekeli wami wayengasekho, kwadingeka ngihlale phansi futhi ngihlele isimo sami. Kwakungekho sabelo sombuso noma amalungiselelo kahulumeni ngokulondeka kwenhlala-kahle engangingakuthola. Kwakumelwe ngiziqhwandele. Eqinisweni, umfelokazi emphakathini wakithi ubelokhu ebhekwa njengesigaba esiphansi kakhulu ezigabeni zezenhlala-kahle. Isabelo sakhe sasisibi kakhulu kangangokuba umfelokazi wayekhetha ukuziphonsa phezu kwengcwaba lendoda yakhe ukuba afe.

Kodwa sinekhaya lethu siqu elizothile elinamakamelo amathathu khona lapha eMadras, eNdiya. Ngakho okungenani sinophahla phezu kwamakhanda ethu. Nganquma ukuqashisa ngelinye lamakamelo futhi ngokushesha ngaba nemadlana encane engena nyanga zonke ama-60 “rupees” (cishe ama-R7, S.A.). Futhi nginomshini wezinyawo wokuthunga; ngakho-ke ngaqala ukwenza izingubo zabesifazane, ikakhulukazi amapitikoti agqokwa ngabesifazane ngaphansi kwezingubo zabo ezithandelwayo. Ngokuhamba kwesikhathi ngathola abambalwa abathenga njalo futhi ngandisa imali yami isiyonke engena ngenyanga yaba ama”rupees” ayi-144 (cishe ama-R16, S.A.).

Nakuba kunjalo, kwakumelwe siphile ngokuvamile. Ikhaya lami lalinogesi futhi linamanzi, kodwa sasingenayo impahla yasendlini. Kodwa lokho kwakungeyona inkinga; izigidi zabantu bakithi ziphila ngaphandle kwempahla yasendlini. Sikujwayele ukulala kumatilasi ongenalo uhlonze owendlalwe phansi. Uma nje phansi kuhlanzekile, sithola kumnandi ukuhlala phansi siphambanise imilenze sidle ukudla kwethu. Ngisebenzisa isitofu sikaphalafini ekuphekeni, futhi lokho akuyona inkinga njengoba futhi kungcono kakhulu kunokusebenzisa izinkuni eziko. Sidlani?

SinoJayasimman sinokudla okumnandi impela. Ekudleni kwasekuseni sinokudla esikuthandayo esikubiza ngokuthi i-idli. Leli ikhekhe elincane likafulawa welayisi elixutshwe nemidumba egayiwe, laphekwa ngesitimu futhi lidliwa noshatini, oyinhlanganisela kakhukhunathi ogayiwe, imifino nezinongo. Lapha eNdiya, ama-idli amabili noma amathathu, ubhanana nenkomishi yekhofi kucatshangelwa njengokudla kwasekuseni okuqatha impela.

Ukudla kwethu kwasemini nokwakusihlwa kuhlanganisa ilayisi nokhali, ukudla kwethu okufanele. Ukuze ngonge ngivamise ukulungiselela ukhali wemifino, ngenza izinhlobonhlobo ngokusebenzisa izinhlobo ezihlukene zemifino usuku ngalunye.

Esikhathini esithile, ukuze ngibhekane nezinkinga zezimali, ngashintsha elinye lamakamelo ekhaya lethu ukuba libe yindlu encane yokudlela. Ngivuka ekuseni ngehora lesine njalo, ngilungiselele i-idli, ushatini nekhofi, futhi ngilungiselele ukudla kwasekuseni kwabathengi abeza njalo. Ngokuthunga kwasekhaya okuncane nangokupheka kuhlanganise nemali engena ngabaqashi bekamelo, siyakwazi ukuthola okulingene izidingo zethu zansuku zonke. Nokho, kunokuthile ngaphezu kombono olinganiselwe nokonga okuye kwaba usizo olukhulu kimi ekubhekaneni nobumpofu.

Umthombo Omkhulu Wosizo

Kuwusizo engiye ngaluthola eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. IBhayibheli lingisize ngayiphi indlela ukuba ngibhekane nobumpofu? Nokho, ngokwesibonelo, linesibonelo esihle samadoda nabesifazane abathembekile ezikhathini zeBhayibheli, njengenzalamizi uJobe, ngesinye isikhathi, owabekezelela ukuphila okubuswezi nokudunyazwa nezinhlupheko. Ukucabanga ngezibonelo ezinjalo kuye kwangiqinisa ekulingweni kwami.—Jobe 1:13-19; 2:7-9; 21:7.

Khona-ke futhi, ukholo engiye ngaluthola eBhayibhelini luye lwangikhuthaza kakhulu. Nakuba ngiphila njengompofu, angicasuki noma ngizwe umunyu. Iqiniso leBhayibheli lingigcwalisa ngombono oqondile. Ngiye ngafunda ukuthi uma ngibeka izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwami futhi ngizimisele ukusebenza ngithole imali ngendlela eqotho, uJehova uNkulunkulu uyonginikeza izidingo zokuphila, njengoba noJesu aqinisekisa: “Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: Siyakudlani? noma: Siyakuphuzani? noma: Siyakwembathani na? Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.” (Mathewu 6:31-33) Yeka ukubonga enginakho ngokuthi lokhu kuye kwaba okuhlangenwe nakho kwami siqu!

Ukholo lwami ezithembisweni ezinjalo zeBhayibheli luye lwangisiza ukuba nganeliseke ngenginakho ekuphileni, futhi ngivamise ukuzindla ngombhalo onjengo-1 Thimothewu 6:8, othi: “Kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.”

Iqiniso leBhayibheli liye langisiza ngezinye izindlela futhi. Lapho ngisengumHindu ngihlala emphakathini wamaHindu, ngangijwayele ukuphila ngesilinganiso esikhulu sokuvikeleka nesikhoselo sendoda yami. Kanjalo ngaba nesimo sokungajwayelani nabanye nokuba nokwesaba ukuba neningi. Nokho, manje, lokho engiye ngakufunda eBhayibhelini kuye kwangishukumisela ukuba ngivakashele abantu futhi ngihlale nabo emakhaya abo futhi ngibatshele ngezinjongo zikaNkulunkulu, kuhlanganise nesithembiso sakhe sokumisa uHlelo Olusha lokulunga lapho ubumpofu buyobe sebuphelile. (IHubo 72:12-14) Ngibonga ukuhlakanipha kwaphezulu okuqukethwe eBhayibhelini nalolushintsho olumangalisayo esimilweni sami. Njengoba iHubo 19:7 lisho: “Umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo; ukufakaza kukaJehova kuqinisile, kuhlakaniphisa oyisiwula.”

Ngokwazisa, ngiye ngahlela ukuphila kwami njengoba manje ngingumshumayeli wesikhathi esigcwele wesigijimi soMbuso kaNkulunkulu. Kusho ukuthi angisenaso isikhathi sokuqhuba ibhizinisi lendlu encane yokudlela. Kodwa manje ngiqashise ngamakamelo ami amabili ngengqikithi yama“rupees” ayi-120 ngenyanga (cishe ama-R13, S.A.), futhi ngiyaqhubeka ngithunga uma ngithola isikhathi. UJayasimman naye uthola imadlana encane inyanga ngayinye ngemisebenzana emincane ehlukahlukene, futhi ngokuzithandela unikela amaphesenti angama-75 emali yomholo wakhe ezindlekweni zokuphila. Sisingatha izidingo zethu zokuphila nezindleko ngemali esiyitholayo inyanga ngayinye. Lokhu kungilungele ukuba ngichithe isikhathi nsuku zonke ngivakashela abantu emakhaya abo, ngiduduza abalilayo njengoba nami ngiduduzwe yiZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli.—Mathewu 5:4; 2 Korinte 1:3, 4.

Oh, kuye kwaba nezikhathi lapho ngiye ngabhekana nezinkinga zezimali—izindleko ezivumbuka zingalindelwe—futhi ngangazi ukuthi ngizokwenza kanjani. Kodwa ngiye ngabona ukuthi uJehova ngandlela-thile uyalungiselela. Kwakunezenzakalo ngesikhathi esifanele ezangisiza ukuba ngikwazi ukubhekana nalesosimo. Mhlawumbe enye imali yayifika ngeposi ivela kwenye yamadodana ami, angangikhohliwe ngokuphelele. Noma ngithole i-oda ebengingalilindele lengubo yabesifazane. Ngakho, nakuba eminyakeni edlule ngiye ngaswela ngezinye izikhathi, ngokuzimisela kwami ukuzikhandla nokuba namasu okusebenzisa impahla encane engiye ngakwazi ukuba nayo, angizange neze ngishiywe obishini.—Inikelwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela