Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 8/15 k. 32
  • Yenza “Isimangaliso”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yenza “Isimangaliso”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 8/15 k. 32

Yenza “Isimangaliso”

Owesifazane oneminyaka engama-29 ubudala wabhala: “Anginabo abantwana kodwa udadewethu unamadodana amabili amancane. Njengoba engakholelwa kuNkulunkulu, angizange ngicabange ukuthi angayithatha INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, kodwa wayithatha ngokungayijabuleli. Ngake ngazama ukumbonisa ngokuba khona kukaNkulunkulu kodwa akusizanga lutho. Emasontweni ambalwa ngemva kokuba ngimnikeze incwadi Izindaba ZeBhayibheli wangishayela ucingo futhi wathi uyifunde yonke.”

Waba yini umphumela? “Manje uyazithatha izincwadi zethu zeBhayibheli,” kubika udadewabo. “Lencwadi enhle yenze lesimangaliso kangangokuba manje nginethemba elikhulu lokuthi ngolunye usuku uyomthanda uBaba wethu osezulwini kanye nami.”

INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli iye yasiza izigidi zabantu ukuba zifinyelele ekuqondeni kangcono iZwi likaNkulunkulu. Inezindaba zeBhayibheli eziyi-116 ezinikeza umfundi umqondo walokho iBhayibheli elikuqukethe. Lencwadi ibhalwe ngamagama agqamile futhi inezithombe ezingaphezu kwe-125, iningi lazo zingemibala emihle. Ungazitholela lencwadi ebalulekile enamakhasi angama-256 ngokugcwalisa nangokuthumela ikhuphoni elingezansi.

Ngicela ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile, INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, engithumela u-R3.00 wayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela