Ingabe Uyisisulu Sokukhohliswa?
Njengoba uJesu enegama, ingabe uYise akanalo?
IZIGIDI eziningi zabantu kuwo wonke umhlaba namuhla zinokungabaza okukhulu ngenkolo. Kodwa kungase kuzimangalise ukwazi ukuthi uNkulunkulu ngokwakhe ziyamenyelisa izinkolo eziningi. Phakathi kwezizathu eziningi zalokhu ukuthi izinkolo ezibizwa ngokuthi ezobuKristu ziye zenza ukukhohlisa okukhulukazi emlandweni. Lokhukukhohlisa kuphathelene nesambulo esiyisisekelo ukwazi uNkulunkulu.
Abantu abaningi emasontweni eLobukholwa bazi uMdali njengo“Nkulunkulu,” “iNkosi,” “uMninimandla onke” noma ngamanye amabizo afanayo. Kodwa ingabe oPhezukonke akanalo igama? Ngaphambi kokukhulula amaIsrayeli ebugqilini baseGibithe, loNkulunkulu onamandla onke wakwazisa ukuthi wayehlose ukuba “igama [lakhe] lishunyayelwe emhlabeni wonke.” (Eksodusi 9:16) Ngakho ngokuqinisekile unegama. Futhi ngokuqinisekile kwakungeyena uNkulunkulu ongenagama obukhona bakhe badala umbukwane omangalisayo eNtabeni yaseSinayi (efanekiswe esembozweni sethu), obenza intaba yazamazama, lapho iMithetho Eyishumi inikezwa ngomprofethi uMose. Phakathi kwezinye izinto, amaIsrayeli ngalesosikhathi atshelwa: “Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho.” (Eksodusi 19:16–20:18) Ingabe umyalo onjalo wawungavela kuNkulunkulu ongenagama?
AmaKristu eqiniso kumelwe alazi leloGama likaNkulunkulu. Yebo, bayalisebenzisa igama leNdodana kaNkulunkulu. Kodwa kuyethukela, uma kwenzeka, ukuba baliphimisele igama likaYise. Kodwa, ngesikhathi uJesu Kristu esemhlabeni wathi emthandazweni kuYise wasezulwini: “Ngibazisile [abafundi bami] igama lakho, ngizakubazisa lona.”—Johane 17:26.
Kusobala ngokwalokho osekushiwo nangokoMthandazo kaJesu Oyisibonelo ukuthi uNkulunkulu ngempela unegama. UJesu waze wafundisa nabalandeli bakhe ukuba bathandazele ukuba igama likaYise osezulwini “lingcweliswe,” noma liphathwe ngobungcwele! (Mathewu 6:9) Khona-ke, kungani lingasetshenziswa emasontweni eLobukholwa? Futhi kungani lelogama lingekho ezinguqulweni eziningi zanamuhla zeBhayibheli?
[Isithombe ekhasini 3]
UBABA
UMNINIMANDLA ONKE
OPHEZUKONKE
INKOSI
UNKULUNKULU