Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe amaHeberu 1:6 abhekisela ekuzeni kwesibili kukaJesu?
Nakuba ezinye izinguqulo zeBhayibhell zihumusha lelivesi ngendlela elifihlayo leliqiniso, kunesizathu esihle sokuqonda lelivesi njengelibhekisela ekuzeni kwesibili kukaJesu.
KumaHeberu isahluko 1 umphostoli uPawulu udonsela ukunakekela ebukhulwini bukaJesu ngaphezu kwezingelosi. Maqondana nalokhu amavesi 5 no-6 aqukethe izingcaphuno ezintathu zemiBhalo yesiHeberu, uPawulu ayisebenzisa kuJesu. Njengoba ufunda amaHeberu 1:5, 6, phawula ikakhulukazi izindawo okuvela kuzo amagama “futhi,” “nokuthi”:
“Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi: UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele, na? nokuthi: Ngiyakuba-nguYise kuyona, yona ibe-yiNdodana kimina, na? Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi: Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”—Heberu 1:5, 6.
Kuvesi 5 uPawulu waqala ngokucaphuna lokho uNkulunkulu akusho kumaHubo 2:7. Khona-ke uPawulu wabhala u“nokuthi” ngaphambi kokunikeza ingcaphuno yesibili (2 Samuweli 7:14) futhi eyisebenzisa kuMesiya, uJesu. Kodwa manje cabangela uvesi 6, lapho igama “futhi” (ngesiGreki, palin) Uvela khona futhi.
Ingabe u“futhi” wasetshenziswa kuvesi 6 ukuze nje uqalise ingcaphuno yesithathu ochungechungeni? Ngokwesibonelo, umuntu angase abhale, ‘UJohane wathintana naye ngencwadi. Futhi ngocingo. Futhi ngetelegraph.’ Ingabe yilokho uPawulu ayekwenza Heb 1 evesini 6 lapho esebenzisa u“futhi” futhi ecaphuna amaHubo 97:7 kuyiSeptuagint Version yesiGreki!
Abanye abahumushi beBhayibheli baye bahumusha amaHeberu 1:6 ngalendlela. Ngokwesibonelo, iThe Jerusalem Bible ifundeka kanje: “Futhi, lapho eletha Izibulo ezweni.” Ezinye izinguqulo ziNhumusha ngokufanayo, ngisho nakuba ukwenza kanjalo kusho ukususa u“futhi” endleleni yakhe efanele, ngoba ngesiGreki esiqondile kufundeka kanje: “Noma kunini uyoletha futhi Izibulo.”
Eqaphela isici sokwakheka kolimi, uDr. C. B. Moll uthi: “Ukusetshenziswa kwe-Epistle yethu akusivumeli ukuba sishintshe upalin [“futhi”] futhi simenze isiqalo sengcaphuno . . . Ulimi lubhekisela ekuzeni kwesibili—kodwa esikhathini esizayo—kweZibulo emhlabeni.” Ngokufanayo, encwadini yakhe iThe Epistle to the Hebrews, uDr. B. F. Westcott uphawula ukuthi u“futhi” uwodwa ngokufanele njengohlanganisa okumlandelayo. Ubuye aphawule futhi ukuthi uPawulu wayeseke [kuvesi 2] wakhuluma ngokuza kokuqala kukaJesu njengomuntu. Ngakho uDr. Westcott uthi “kwakunesizathu esihle sokuba [kuvesi 6] umbhali akhombe phambili ngokukhethekile Ekubuyeni kulokho umsebenzi kaMesiya wawuzofezwa kukho.”
Ngakho-ke, amaHeberu 1:6 amelwe aqondwe njengabhekisela esikhathini lapho uJesu okhazinyulisiwe ebuya noma enikeza ukunakekela okukhethekile ezweni lesintu. Yileyondlela lelivesi elihunyushwe ngayo kuNew World Translation nakuAmerican Standard Version, nakwezinye izinguqulo kaR. Young no-J. B. Rotherham. Inguqulo kaDr. Edgar J. Goodspeed ikhanyisa ngokwengeziwe ekuboniseni ukuthi lelivesi libhekisela ekubuyeni kukaKristu. Ihumusha amaHeberu 1:6 kanje: “Kodwa ngesikhathi lapho eyobuyisela iNdodana yakhe eyizibulo ezweni uthi, ‘Nazo zonke izingelosi zikaNkulunkulu mazikhothame phambi kwayo.’”