Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 4/1 kk. 10-16
  • “Ukuqhuma” KoMbuso EJaphane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ukuqhuma” KoMbuso EJaphane
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Izakhiwo Ezintsha Zegatsha
  • Ukunikezelwa Kwegatsha Elisha
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 4/1 kk. 10-16

“Ukuqhuma” KoMbuso EJaphane

“Ngokushesha okukhulu ukukhanya okuthusayo kwabaneka futhi kwabenyezela kusilingi wekamelwana lami lasejele. . . . Khona-ke ngezwa ukuduma okukhulu okwesabekayo njengokungathi zonke izintaba zaziwa ngesikhathi esisodwa. Ngokushesha lelikamelwana lambozwa ubumnyama obusabekayo. Ngashutheka ikhanda lami ngaphansi kukamatilasi oseduze kwami, ukuze ngibalekele lokho okwakubonakala kuyisintshongo esimnyama.”

Ibhomu yeathomu yayisanda kuqhuma eHiroshima, eJaphane, ngoAugust 6, 1945. Umuntu owaphila waze wachaza lokho okuhlangenwe nakho wayeboshiwe ngenxa yenkambo yakhe yokugcina ubuqotho njengomunye woFakazi BakaJehova.

Idlanzana loFakazi lalikhuthele eJaphane ngaphambi naphakathi nempi yezwe yesibili. Eminyakeni emine ngemva kwempi, kwafika izithunywa zevangeli zaseSikoleni saseGileyadi. Ngokushesha zathintana noFakazi abambalwa ababebekezelele ngokwethembeka izinto ezazixhaphazelisa isisu zempi. Kanjalo, futhi, imiqumbe yeqiniso lombuso yaqala ukuqhakaza ngokukhanyayo ezweni.

Ngo-1949 kwakunabantu abathathu. bendawo, kanye nezithunywa, ababika umsebenzi wokushumayela. Eminyakeni eyishumi nane eyalandela isakhiwo sezingodo esinezitezi ezimbili eTokyo sasebenza njengehhovisi legatsha. Khona-ke, ngoDecember 1962, lesisakhiwo sadilizwa futhi kwakhiwa isakhiwo segatsha esisha esinezitezi eziyisikhombisa. Ngesikhathi sokunikezelwa kwaso ngoNovember 1963 inani labamemezeli bombuso lase lidlule izi-3 000 eJaphane.

Ukwanda okuhle kwaqhubeka, kudala isidingo sezakhiwo ezinkulu zokunyathelisa izincwadi zeBhayibheli. Ngakho eminyakeni engafikile eshumini kamuva, ngo-1972, ifektri enkulu entsha yokunyathelisa nenkimbinkimbi yeBethel yaqedwa eNumazu, amakhilomitha ayi-120 eningizimuntshonalanga yeTokyo. Ngalesisikhathi inani labadumisi bombuso lase likhule laba ngaphezu kwezi-14 000. Nokho, ngeminyaka engaphezu kwemihlanu kuphela inani labamemezeli cishe laphindwa kathathu, laba ngaphezu kwezi-41 000. Ngenxa yalokhu kwanda okumangalisayo lezizakhiwo ezakhiwa kabusha eNumazu zase zizincane kakhulu, ngisho nakuba zazandiswe ngokushesha ngemva kokwakhiwa kokuqala. Ngakho-ke ngasekupheleni kwawo-1970 umsebenzi wokwandiswa omusha wagunyazwa iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova.

Kodwa yini eye yabangela ukwanda okushesha kanje? Inani lezikhonzi zesikhathi esigcwele (amaphayona) eJaphane ngokuqinisekile liyisici esibalulekile. Eminyakeni yamuva oyedwa kwabathathu balabo ababehlanganyela emsebenzini wokushumayela ubenjengesikhonzi sesikhathi esigcwele (iphayona)!

Izakhiwo Ezintsha Zegatsha

KwakungoJanuary 1979 lapho umsebenzi uqala ezakhiweni ezintsha zegatsha. Amahektare ayi-7 endawo ayethengelwe lezizakhiwo ezintsha ngokuphelele e-Ebina eJaphane. Ukwakha sekuphelile manje, futhi ifektri yokunyathelisa entsha, amahhovisi, iHholo LoMbuso, ikhaya laseBethel, isenezelo seBethel, igalaji nendawo yokubazela kuphindwe kathathu ngobukhulu kunesakhiwo saseNumazu!

Izivakashi ezakhiweni ngokuvamile ziyamangala ukubona ukuthi yonke lemisebenzi yokukhiqiza izincwadi, amaBhayibheli nomagazini ifezwa ngaphansi kophahla olulodwa. EJaphane ukunyathelisa nokuhlanganisa izincwadi ngokuvamile kusingathwa yizinkampane ezincane, eziningi zazo ezingenkulu kunendlu engaphambili yomninikhaya. Ngakho ungabona ukuthi siyini isizathu sokuba lokho izivakashi ezikubona lapha kuzimangalise.

Ezinye izivakashi zimangala ngisho nangaphezulu ukuzwa ukuthi izisebenzi zasefektri nasemahhovisi zihlala phakathi kulezizakhiwo. Zihlala ngokunethezeka ezakhiweni ezincikene ezibizwa ngokuthi ikhaya laseBethel. Nakuba lelikhaya lingahlalisa abantu abangaphezu kwezi-350, okwamanje kunamalungu omkhaya waseBethel angama-200. Ngakho-ke kunezindlu eziningi zokwanda okwengeziwe.

Efektri inqubo yokusebenzisa amacomputer ngobuchwepheshe bamanje isiyasetshenziswa ukuze kukhiqizwe amakhasi ephototypeset. Khona-ke abe esethatha isithombe futhi ifilimu isetshenziselwa ukwenza amapuleti okunyathelisa kuoffset. Kanjalo konke ukusetshenziswa komthofi sekuyekiwe. Izimiso zamacomputer ezenze kwaphumelela ukuthatha indawo yendlela yokunyathelisa ngomthofu zaklanywa oFakazi BakaJehova. Futhi, yebo, lawa aye afanelaniswa nezidingo eziqondile zezincwadi zeWatch Tower. Njengoba kwakuthatha amahora amaningi ukuhlanganisa iphepha elilodwa lencwadi entsha ngendlela yomthofi, indlela yamacomputer ikwenza lokhu ngemizuzu kuphela.

Cishe eminyakeni emibili edlule umshini onyathelisayo wemibala emine oyioffset wangeniswa esikhundleni somshini onyathelisa ngomthofi. Phakathi nezinyanga eziyisishiyagalombili, ama-oda kamagazini akhuphuka ngamaphesenti angama-33. Umshini weoffset ukhiqiza omagazini INqabayokulinda nePhaphama! abangaphezu kwezigidi ezimbili inyanga ngayinye. Ngaphandle kwalokho, unyathelisa izincwadi ezingaphezu kwezi-200 000 namaBhayibheli nyanga zonke, namapheshana nezinye izinto ezikhethekile. Muva nje, nokho, umshini wesibili onyathelisa ngemibala emine wafakwa ukuze usingathe isidingo esikhulayo sezincwadi zeBhayibheli.

AmaBhayibheli nezincwadi agoqwa emshinini wokuhlanganisa endaweni yesimanje ukuze ahlanganiswe. Ngenxa yokuba sesinendawo yethu siqu yokuhlanganisa izincwadi leminyaka emibili edlule iye yaba isibusiso ngempela. Besijwayele ukuthola iyearbook of Jehovah’s Witnesses ngesiJaphane ivela eBrooklyn, ngezinye izikhathi ngoFebruary noma ngoMarch. Kodwa kusukela sesiyikhiqiza lapha, iYearbook isiyatholakala koFakazi baseJaphane ngaphambi kokuqala konyaka. Ikakhulukazi kuye kwaba yilungelo ukunyathelisa nokuhlanganisa iNew World Translation of the Holy Scriptures ephelele ngesiJaphane lapha eJaphane.

Ukunikezelwa Kwegatsha Elisha

Yeka injabulo okwakuyiyo ngoMay 15 odlule ukuba khona ekunikezelweni kwalezizakhiwo ezintsha zegatsha eseziphelile! Kwakunezivakashi ezingaphezu kwe-1 675 ezazimenyelwe lesisimiso esikhethekile esasiqhutshwa lapha egatsheni. UFred Franz noLloyd Barry, bobabili abangamalungu eNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, babesuka eBrooklyn, eNew York beze kulomkhosi.

UMzalwane uBarry wayengomunye wezithunywa zevangeli ezafika eJaphane ngo-1949, futhi wakhonza lapha kwaze kwaba ngo-1975 lapho esemenyelwa ukuba yilungu leNdikimba Ebusayo. Njengesici esiqhamile sesimiso sokunikezela, uBarry waxoxa nabayishumi nane ayephothule nabo bekilasi leshumi nanye lesikole saseGileyadi. Yeka ukuthi kwakukhuthaza kanjani ukuzwa kulabo asebebadala, omunye nomunye wabo eseneminyaka engaphezu kwamashumi amathathu enkonzweni yezithunywa eJaphane!

Kwakuyinjabulo eyengeziwe ngalezizithunywa ukuhlangana kulomkhosi okhethekile nabantu ababebasizile ngolwazi lwezinjongo zikaNkulunkulu emashumini eminyaka ngaphambili. Njengoba umkaMzalwane uBarry, uMelba, achaza: “Osukwini lwami lokuqala lokushumayela eJaphane, kwenye yezindlu zokuqala engazihambela, ngakhuluma nomuntu manje okhona kulesimiso sokunikezela.” Lomuntu uye wakhonza ngokwethembeka emsebenzini wokushumayela iminyaka engaphezu kwamashumi amathathu.

Ngaphezu kweminyaka engamashumi amathathu edlule omunye wezithunywa zevangeli wafunda noIsamu Sugiura, manje oyilungu lekomiti yegatsha eJaphane. USugiura wethula isikhulumi esiyinhloko kulolosuku, uMzalwane uFred Franz, umongameli weWatch Tower Bible and Tract Society. Esesondela esiphethweni senkulumo yakhe yokunikezela, uFranz wabuza: “Nifuna ukwenzani ngalezizakhiwo?” UToshio Honma, umqondisi wegatsha laseJaphane, waphawula ukuthi mazinikezelwe kuJehova uNkulunkulu ukuba zikhonze izinjongo zakhe. Lelizwi lananelwa futhi zonke izilaleli ngobunye zashaya ihlombe.

Ngosuku olulandelayo umhlangano okhethekile wawuseOimachi Race Track eTokyo. Wadluliselwa ngezingcingo kweminye imizi engamashumi amabili yaseJaphane. Nakuba inani eliphakeme labadumisi bombuso abayizi-68 593 liye lafinyelelwa eJaphane phakathi noApril kwakunengqikithi yabantu ababakhona abayizi-113 633 abezwa lesimiso esikhethekile ngeSonto, ngoMay 16. Ithemba lokwanda okwengeziwe liboniswa futhi inani lababa khona eSikhumbuzweni ngonyaka odlule eJaphane—abantu abayizi-173 344, ukwanda kwabangama-28 522 ngaphezu kwabangonyaka ongaphambili.

Nakuba ukuphela ithemba okukhulu nokubhujiswa okukhulu kwenzeka ngokuqhuma kwebhomu yeathomu eHiroshima ngo-1945, injabulo nethemba kuye kwahambisana nokuqhuma okuyiqiniso kokumenyezelwa kombuso kulo lonke elaseJaphane. Uma kuyintando kaJehova, kuwumthandazo wethu wentshiseko ukuba izinkulungwane eziningi ngokwengeziwe zifinyelelwe futhi zilethwe elungiselelweni lakhe ukuze zithole ukuphila okuphakade ngoJesu Kristu.

[Imidwebo ekhasini 11]

(Ukuze ubone ukuthi kumi kanjani, bheka encwadini)

I-Ebina yanikezelwa ngoMay 15, 1982

Izakhiwo zegatsha nendawo engamahektare ayi-7 ezakhiwe kuyo

Ikhaya LaseBethel

Ihholo LoMbuso

Ihhovisi

Ifektri

Indlu Yokubazela

Igalaji

Isenezelo SeBethel

[Umdwebo]

Ukuqhathanisa izakhiwo zegatsha laseJaphane nendawo ezungezile

INumazu 1972-1981

ITokyo 1963-1972

ITokyo 1949-1962

[Igrafu esekhasini 13]

(Ukuze ubone ukuthi kumi kanjani, bheka encwadini)

Ukwanda okuqhumayo kwabamemezeli bombuso eJaphane

UNYAKA INANI LABAMEMEZELI

APRIL

1982 68,593

1981 60,267

1979 48,078

1974 22,612

1969 6,861

1959 1,272

1949 9

[Isithombe ekhasini 10, 11]

Umfanekiso wezakhiwo ezintsha zegatsha e-Ebina. Izakhiwo ezinkulu ezingenhla ziyikhaya laseBethel namahhovisi, nengxenye yefektri ngakwesokudla

[Isithombe ekhasini 12]

Ukubheka ingemuva lekhaya laseBethel

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela