Ukuqondisisa Izindaba
AbeFundisi Noma Ababalekeli Bentela?
INkantolo Ephakeme YaseNew York yathi iSonto okuthiwa iLife Science liye “laphamba iningi lenza amacebo okuthengisa futhi lasebenzisa kabi umthetho ngokunikeza izeluleko ngentela, okwakungalungile, kubantu abakhokha cishe izi-R3 000 ngamunye ukuze bafunde ukugwema intela ngokuba abeFundisi abagcotshiwe besonto” futhi kumelwe libuyisele imali eliyiqoqile. Phezu kwalokho, isonto lahlawuliswa izi-R10 000 ngenxa yokwephula umthetho ovimbelayo wangaphambili. Ngokombiko weNew York Times “isonto laliye laqhuba amakilasi amaningi futhi lathola cishe izigidi ezingama-20 zamaRandi emalini evela kubantu ababa abeFundisi ukuze bagweme ukukhokha intela yeFederal nombuso.”
Abantu ngabanye batshelwa ukuthi bangaqhubeka nomsebenzi wabo wokuziphilisa nokho bangayikhokhi intela ngokuqalisa isonto labo eligunyazwe yiSonto iLife Science. Khona-ke babenganikela amaphesenti angama-50 eholo labo esontweni futhi banciphise kakhulu intela yabo noma benze isifungo sokuba mpofu futhi banikeze lonke iholo labo nempahla esontweni. Khona-ke kwathiwa isonto laliyokhokha zonke izindleko futhi umuntu wayengakhululeka ekukhokheni intela. Inkantolo yasenqaba leso sicelo. “Umthetho,” kusho uDaniel Kurtz ummeli wombuso ehhovisi elikhulu, “uzokhuthaza umbuso ukuba uzingele zonke izinhlangano nabantu abafuna ukungayikhokhi intela becashe ngenkolo.”
AmaKristu eqiniso awanakufuna ukuzigcinela imali ethathwayo okuyinto engavunyelwa ohulumeni bawo (njengabefundisi noma okunye), kodwa njengoba amaRoma 13:7 eyala, ayonikela “intela kofanele intela.” Awayisebenzisi inkonzo yawo njengendlela yokubalekela intela.
Abefundisi Bathatha Uhlangothi
ECentral America “amasonto ngesinye isikhathi ake akhululeka ebudloveni manje afunwa abashokobezi bazo zonke izinhlangano,” kubika umagazini iNewsweek. Ngokwesibonelo, esikhathini esingaphansi kweminyaka emibili abefundisi abaningi baye babulawa eGuatemala. Kungani kwenziwa lobudlova kubefundisi? INewsweek yachaza: “Ngokucabangela, abefundisi bamelwe bashiyele ezombangazwe kwabezombangazwe futhi bagxile ekusindiseni imiphefumulo. . . . Nokho, iqiniso liwukuthi, inani elikhulayo labefundisi—ikakhulukazi amaKatolika—bathatha uhlangothi. Inhlangano Yokukhulula YamaKatolika ezinze eU.S. muva nje izame ukuthumela kwenye indawo abaqondisi besimiso sayo abathathu ngaphandle kweCentral America, ngokusobala ngoba babeye bahileleka kakhulu kwezombangazwe.”
Abefundisi abahileleke kwezombangazwe bathethelela izenzo zabo ngesisekelo sosizi lwabampofu. “Awukwazi ukumane nje ugqolozele iBhayibheli futhi ukhohlwe izinto njengoba zinjalo,” kugomela omunye walabo befundisi. “Phakathi kobudlova obunjalo, ukungathathi-hlangothi kuwukuthatha uhlangothi.” Kodwa isiphi isibonelo esabekwa uJesu Kristu? Kunokuthatha uhlangothi, waveza ukuthi umbuso kaNkulunkulu, hhayi inguquko yezombangazwe, uyikhambi elingokoqobo labantu abacindezelwe. Wayala labo abadinga ukudla, izembatho nendawo yokuhlala: “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.”—Mathewu 6:33.
“Ukusuka Kokubi Kuya Kokubi Kakhulu”
“Ongqingili abasabalekelwa abenzi bamabhayisikobho,” kubika umagazini iTime engxoxweni yenani elikhulayo lamabhayisikobho agxile ebungqingilini. Futhi ubungqingili buboniswa kanjani kulamabhayisikobho? Ixoxa ngento engokoqobo, iTime yathi: “Njengawo wonke amanye amabhayisikobho kulokho okubonakala kusoleka ngokujwayelekile ngokwemibiko ibonisa ubungqingili njengobungebubi futhi nobungebuhle, njengesinye nje isici umuntu okunokwenzeka ahlangabezane naso ekuphileni kwanamuhla.”
Ngakho-ke amabhayisikobho ayaqhubeka engagwemi nje kuphela ukunikeza ukuqondisa kokuziphatha okuhle kodwa edukisela abantu ekucabangeni ukuthi izindlela zokuphila zokuziphatha okubi zingezivamile. IBhayibheli labikezela ukuthi ukuthambekela okunjalo kwakuyophawula “izinsuku zokugcina,” lithi: “Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.”—2 Thimothewu 3:1, 13.