“Uma Nikweleta Izintela, Khokhani Izintela”
“KULELIZWE akukho okuqiniseke njengokufa nokukhokha izintela.” Sasho kanjalo isikhulu saseMelika sezokuphathwa kwezwe sekhulu le-18 leminyaka nomsunguli uBenjamin Franklin. Amazwi aso, avame ukucashunwa njalo, awabonisi ukungagwemeki kwezintela nje kuphela kodwa nokwesaba ezikubangelayo. Kubantu abaningi kungcono ukufa kunokukhokha izintela.
Nakuba ukukhokha izintela kungase kungathandeki, lesi isibopho umKristu oqotho asithatha ngokungathi sína. Umphostoli uPawulu wabhalela ibandla lamaKristu eRoma: “Nikani wonke umuntu lokho enimkweleta khona: Uma nikweleta izintela, khokhani izintela; uma kuyinkokhiso, inkokhiso; uma kuyinhlonipho, inhlonipho; uma kuwudumo, udumo.” (Roma 13:7, New International Version) Futhi uJesu Kristu wayebhekisela ngokukhethekile ezinteleni lapho ethi: “Nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”—Marku 12:14, 17.
UJehova uvumele “amandla ombuso” kahulumeni ukuba abe khona futhi ulindele ukuba izinceku zakhe zizithobe ngokulinganiselwe kuwona. Khona-ke, kungani uNkulunkulu egcizelela ukuba abakhulekeli bakhe bakhokhe izintela? UPawulu unikeza izizathu ezintathu eziyisisekelo: (1) ‘ulaka lwamandla ombuso’ ekujeziseni abephula umthetho; (2) unembeza womKristu, ongeke ube ohlanzekile uma ekhohlisa ezinteleni zakhe; (3) isidingo sokukhokhela ‘lezizikhonzi’ ngenxa yokunikeza izinkonzo ezithile nokulondoloza izinga elithile lokuhleleka. (Roma 13:1-7) Abaningi bangase bangakuthandi ukukhokha izintela. Nakuba kunjalo, abanakukuthanda ngokuqinisekile ukuhlala ezweni elingenawo amaphoyisa noma ukuvikelwa emlilweni, lapho imigwaqo ingalungiswa khona, kungekho zikole zomphakathi, nesimiso sokuhamba kweposi. Ijaji laseMelika u-Oliver Wendell Holmes wake wathi: “Izintela ziyilokho esikukhokhela umphakathi ophucuzekile.”
Ukukhokhwa kwezintela akuyona into entsha ezincekwini zikaNkulunkulu. Izakhamuzi zakwa-Israyeli wasendulo zazikhokha uhlobo oluthile lwezintela ukuze zisekele amakhosi azo, futhi abanye balabobabusi babethwalisa abantu kanzima ngezintela ezingafanelekile. AmaJuda ayekhokha futhi izintela emibusweni yakwamanye amazwe ayengaphansi kwayo, njengeGibithe, iPheresiya, neRoma. Ngakho amaKristu angosuku lukaPawulu ayekwazi kahle lokho uPawulu ayekhuluma ngakho lapho ekhuluma ngokukhokha izintela. Ayazi ukuthi kungakhathaliseki ukuthi izintela zazifanelekile noma cha, nokuthi kungakhathaliseki ukuthi uhulumeni uyisebenzisa kanjani lemali, kwakumelwe akhokhe noma iyiphi intela ayeyikweleta. Lokhu kuyasebenza nakumaKristu namuhla. Nokho, iziphi izimiso ezingasinika isiqondiso lapho sikhokha izintela kulezizikhathi ezinzima?
Izimiso Ezinhlanu Eziqondisayo
Yiba ohlelekile. Sikhonza futhi silingisa uJehova ‘ongesiye uNkulunkulu wesiyaluyalu kepha ongowokuthula.’ (1 Korinte 14:33; Efesu 5:1) Ukuba ohlelekile kubaluleke kakhulu lapho kuziwa ekukhokheni izintela. Ingabe amarekhodi akho aphelele, anembile, futhi ahlelekile? Ngokuvamile, isimiso esibizayo sokugcinwa kwamafayili asidingekile. Ungase ube nefayili okubhalwe kulona esembozweni uhlobo ngalunye lwerekhodi olufayiliwe (njengamarisidi awuhlu abonisa izimali osuzikhokhile). Kungase kube okwanele ukuziqoqela ndawonye lezizinto emafayilini amakhulu unyaka ngamunye. Emazweni amaningi amafayili anjalo kudingeka agcinwe iminyaka eminingi ukuze atholakale lapho uhulumeni enquma ukuhlola amarekhodi esikhathi esidlule. Ngakho ungalahli lutho kuze kube yilapho usuqiniseka ukuthi ayisadingeki.
Thembeka. UPawulu wabhala: “Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba [ngokwethembeka, NW] ezintweni zonke.” (Heberu 13:18) Isifiso esisuka enhliziyweni sokwethembeka kufanele siqondise zonke izinqumo esizenzayo lapho sikhokha izintela. Okokuqala, cabanga ngezintela okumelwe zikhokhwe ngemali ethathwa emholweni okumelwe ubikwe kuhulumeni. Emazweni amaningi, iholo elengeziwe—elitholakala ngemadlana yokubongwa, ngokwenza imisebenzi ehlukahlukene, ukuthengisa—kufanele likhokhelwe intela ngokushesha lapho lidlula inani elimisiwe. UmKristu ‘ononembeza omuhle’ uyofuna ukuthola ukuthi yini ehilelekile enteleni yeholo endaweni ahlala kuyo futhi uyokhokha intela efanele.
Okwesibili, kunendaba yokuncozulwa kwemali. Ngokuvamile ohulumeni bayabavumela abakhokha izintela ukuba bancozule imali ethile emalini yabo yentela. Kulelizwe elingathembekile, abantu abaningi abayiboni ingozi yokuba “nobuqili” lapho bencozula leyomali. Kubikwa ukuthi enye indoda e-United States yathengela umkayo ijazi loboya elibizayo, yase ilibeka ebhizinisini layo usuku olulodwa ukuze ikwazi ukuncozula imali yalo njengemali “yomhlobiso” wasemsebenzini! Enye futhi indoda yabiza izindleko zomshado wendodakazi yayo njengemali okufanele incozulwe emalini yebhizinisi. Enye futhi yazama ukuncozula izindleko zokuhamba nomkayo izinyanga eziningi beya eMpumalanga Ekude, nakuba eqinisweni umkayo ayelapho ngenjongo yokungcebeleka. Zimane zibonakala zingapheli izindaba ezinjalo. Kalula nje, ukubiza okuthile ngokuthi kuwukuncozulwa kwemali yebhizinisi lapho kungekhona ngempela kuwuhlobo lwamanga—okuthile uNkulunkulu wethu, uJehova, akwenyanya ngokuphelele.—IzAga 6:16-19.
Qaphela. UJesu wanxusa abalandeli bakhe ukuba ‘baqaphe njengezinyoka, babe msulwa njengamajuba.’ (Mathewu 10:16, qhathanisa ne-NW.) Lesoseluleko singasebenza kahle emikhubeni yethu yokukhokha izintela. Ikakhulukazi emazweni athuthukile, abantu abaningi ngokwengeziwe kulezizinsuku bakhokhela imboni eyenza umsebenzi wokugcinwa kwamabhuku noma ochwepheshe abathile ukuze babahlolele ubungako bezintela okumelwe bazikhokhe. Ngemva kwalokho bamane nje basayine amafomu bese bethumela isheke. Lesi bekungaba isikhathi esikahle sokulandela isixwayiso esilotshwe kuzAga 14:15: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.”
Abantu abaningi abakhokha izintela baye bahlangabezana nezinkinga nohulumeni ngoba ‘bakholwa ngamazwi onke’ ezisebenzi ezithile zokugcinwa kwamabhuku ezingathembekile noma olungisa izintela okufanele zikhokhwe ongenakho okuhlangenwe nakho. Yeka ukuthi kungcono kanjani ukuba oqondileyo! Qaphela izinyathelo zakho ngokufunda ngokucophelela noma iyiphi incwadi engokomthetho ngaphambi kokuyisayina. Uma umbhalo othile, okuthile okucishiwe, noma ukuncozulwa kwemali kukuxaka, mabakuchazele—ngokuphindaphindiwe uma kudingekile—kuze kube yilapho sewenelisekile ukuthi lendaba inokwethenjelwa futhi ingokomthetho. Kuyavunywa, emazweni amaningi imithetho yentela iye yaba yinkimbinkimbi ngokweqile, kodwa ngezinga okungenzeka ngayo, kuyinkambo yokuhlakanipha ukuqonda noma yini oyisayinayo. Kwezinye izimo, ungase uthole ukuthi umKristu okanye naye ojwayelene nemithetho yentela angakunikeza ukuqonda okuthile. Omunye umdala ongumKristu onakekela izindaba zezintela njengommeli wathi ngamafuphi: “Uma lowo okwenzela umsebenzi wokugcinwa kwamabhuku esikisela okuthile okuzwakala kungakholeki, khona-ke cishe akuthembekile!”
Thwala umthwalo wemfanelo. “Yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo,” kubhala umphostoli uPawulu. (Galathiya 6:5) Lapho kuziwa ekukhokheni izintela, umKristu ngamunye kumelwe athwale umthwalo wakhe wemfanelo wokwethembeka nokwenza ngokuvumelana nomthetho. Lena akuyona indaba abadala bebandla abanganikeza kuyo umhlambi abawunakekelayo ukuqondisa. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 1:24.) Abazihileli ezindabeni zezintela ngaphandle kwalapho ukwenziwa kobubi obungathi sína, mhlawumbe obuyihlazo emphakathini, kufika ekunakekeleni kwabo. Ngokuvamile, lapha yilapho umKristu ngamunye enomthwalo wemfanelo khona wokusebenzisa unembeza wakhe oqeqeshwe kahle ukuze asebenzise izimiso ezingokomBhalo. (Heberu 5:14) Lokhu kuhlanganisa ukuqaphela ukuthi ukusayina incwadi engokomthetho yentela—kungakhathaliseki ukuthi ubani oyilungiselele—kungase kube inkulumo engokomthetho ethi uyifundile lencwadi engokomthetho futhi ukholelwa ukuthi lokho ekuqukethe kuyiqiniso.a
Yiba ongasoleki. Ababonisi abangamaKristu kumelwe babe ‘abangasoleki’ ukuze bafanelekele isikhundla sabo. Ngokufanayo, lonke ibandla kufanele libe elingasoleki phambi kukaNkulunkulu. (1 Thimothewu 3:2; qhathanisa neyabase-Efesu 5:27.) Ngakho-ke balwela ukulondoloza idumela elihle emphakathini, ngisho nalapho kuziwa ekukhokheni izintela. UJesu Kristu ngokwakhe wabeka isibonelo kulokhu. Umfundi wakhe uPetru wabuzwa ukuthi uJesu wayeyikhokha yini intela yethempeli, imali encane eyizinhlamvu zesiliva ezimbili. Empeleni, uJesu wayekhululekile ekukhokheni lentela, njengoba ithempeli laliyindlu kaYise futhi akukho nkosi ebiza intela endodaneni yayo. UJesu washo okufanayo; kodwa wayikhokha intela. Eqinisweni, wenza ngisho nesimangaliso ukuze athole imali eyayidingeka! Kungani akhokha intela ayekhululeke ngokufanelekile kuyo? Njengoba uJesu ngokwakhe asho, “ukuba singabakhubekisi.”—Mathewu 17:24-27.b
Londoloza Idumela Elidumisa UNkulunkulu
Ngokufanayo oFakazi BakaJehova namuhla bayaqikelela ukuba bangabakhubekisi abanye. Khona-ke, akumangalisi ukuthi njengeqembu, bajabulela ukuba nedumela elihle emhlabeni wonke lokuba izakhamuzi ezithembekile, ezikhokha izintela. Ngokwesibonelo, iphephandaba laseSpain i-El Diario Vasco lakhuluma ngokubalekela ukukhokha izintela okusakazekile eSpain, kodwa laphawula: “Ukuphela kwabantu abahlukile oFakazi BakaJehova. Lapho bethenga noma bethengisa, imali [yempahla] abayibizayo iyiqiniso ngokuphelele.” Ngokufanayo, iphephandaba lase-United States i-San Francisco Examiner laphawula eminyakeni ethile edlule: “[OFakazi BakaJehova] ungababheka njengezakhamuzi eziyisibonelo. Bazikhokha ngobuqotho izintela, banakekele abagulayo, balwe nokungafundi.”
Akekho umKristu weqiniso ongafuna ukwenza noma yini engonakalisa lelidumela elihle eliye lazuzwa kanzima. Uma kumelwe ukhethe, ubungazifaka yini engozini yokuba waziwe njengomkhohlisi ekukhokheni intela ukuze nje wonge imali ethile? Cha. Ngokuqinisekile ungamane ulahlekelwe yimali kunokuba ungcolise igama lakho elihle futhi wenze izimfanelo zakho ngisho nokukhulekela kwakho uJehova kube sesimweni esibi.
Eqinisweni, ukulondoloza idumela elihle njengomuntu olungile, othembekile kungabizela ukulahlekelwa imali ngezinye izikhathi. Njengoba isazi sefilosofi sasendulo esingumGreki uPlato saphawula emakhulwini eminyaka angaba ngu-24 adlule: “Lapho kunentela yeholo khona, umuntu olungile uyokhokha okwengeziwe futhi ongalungile akhokhe okungaphansi emalini elinganayo yeholo.” Wayenganezela nokuthi umuntu olungile akazisoli ngokudela imali ukuze abe olungile. Ukuba nedumela elihle kanjalo nakho kukufanele ukulahlekelwa okunjalo. Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi kumaKristu. Idumela lawo elihle liyigugu kuwona ngoba lidumisa uYise wasezulwini futhi lingasiza ekudonseleni abanye endleleni yawo yokuphila nakuNkulunkulu wawo, uJehova.—IzAga 11:30; 1 Petru 3:1.
Nokho, okubaluleke nangaphezulu amaKristu eqiniso ayabazisa ubuhlobo bawo siqu noJehova. UNkulunkulu ubona konke akwenzayo, futhi afisa ukumjabulisa. (Heberu 4:13) Ngakho-ke, ayakwenqaba ukulingelwa ukuzama ukukhohlisa uhulumeni. Ayaqaphela ukuthi uNkulunkulu ujabulela ukuziphatha kokwethembeka, okuqotho. (IHubo 15:1-3) Futhi njengoba efuna ukwenza inhliziyo kaJehova ithokoze, akhokha zonke izintela azikweletayo.—IzAga 27:11; Roma 13:7.
[Imibhalo yaphansi]
a Lokhu kungawalethela inselele amaKristu agcwalisa amafomu entela ayihlanganyela nomngane womshado ongakholwa. Umfazi ongumKristu uyokwenza umzamo oqotho wokulinganisela isimiso sobunhloko nesidingo sokulalela imithetho kaKesari yentela. Nokho, kufanele ayazi imiphumela engokomthetho yokusayina ngamabomu incwadi engokomthetho engamanga.—Qhathanisa neyabaseRoma 13:1; 1 Korinte 11:3.
b Ngokuthakazelisayo, iVangeli likaMathewu kuphela elilandisa ngalesisenzakalo ekuphileni kukaJesu kwasemhlabeni. Njengoba naye ngokwakhe ayengumthelisi, akungabazeki ukuthi uMathewu wahlabeka umxhwele ngesimo sengqondo sikaJesu kulendaba.